Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uhulumeni OnguMbuso KaNkulunkulu—Uyasebenza Namuhla

Uhulumeni OnguMbuso KaNkulunkulu—Uyasebenza Namuhla

Uhulumeni OnguMbuso KaNkulunkulu—Uyasebenza Namuhla

“Kungenzeka kanjani ukuba amazwe amaningi kangaka avumelane, ebe enamasiko angefani kangaka asemazingeni entuthuko ahlukahlukene kangaka? Kuye kwathiwa ukuhlasela okuvela kwenye iplanethi yikho kuphela okuyo-kwenza uhlanga lwesintu lube nobunye.”—Iphephandaba lase-Australia, i-Age.

UKUHLASELA okuvela kwenye iplanethi? Ukuthi lokho bekungazenza yini izizwe zomhlaba zibe nobunye, asazi, kodwa isiprofetho seBhayibheli siyakhuluma ngenhlekelele ezayo ezobangela ukuba izizwe zomhlaba zihlangane ndawonye. Futhi ngempela leyo nhlekelele iyobangelwa amandla angaphandle komhlaba.

INkosi uDavide yakwa-Israyeli wasendulo yaprofetha ngalesi simo sezwe. Iphefumulelwe uNkulunkulu yabhala: “Amakhosi omhlaba ayama nezikhulu eziphakeme zibuthene ndawonye ngobunye ngokumelene noJehova nogcotshiweyo wakhe, bethi: ‘Masigqabule izibopho zabo sizilahle kude nathi izintambo zabo!’” (IHubo 2:2, 3; IzEnzo 4:25, 26) Phawula ukuthi ababusi bezwe babezobuthana ndawonye bamelane noJehova, uMdali wendawo yonke, nogcotshiweyo wakhe, noma iNkosi yakhe emisiwe, uJesu Kristu. Kwakuzokwenzeka kanjani lokho?

Ngokokubala kweBhayibheli izikhathi nangokweziprofetho ezigcwalisekile, ngonyaka ka-1914 uMbuso kaNkulunkulu wamiswa emazulwini, uJesu Kristu eyiNkosi yawo. * Ngaleso sikhathi izizwe zomhlaba zazinomqondo owodwa. Kunokuba zizithobe ebukhosini balo Mbuso kaNkulunkulu owawusanda kuzalwa, zazisembangweni wegunya lokubusa—iMpi Enkulu, noma iMpi YeZwe I.

Uyibheka kanjani uJehova uNkulunkulu le ndlela ababusi ábenza ngayo? “Yena kanye ohlezi emazulwini uyohleka; uJehova uyobahleka usulu. Ngaleso sikhathi uyokhuluma nabo ngentukuthelo yakhe nangokucasuka kwakhe okuvuthayo uyobaphazamisa.” UJehova uyobe esetshela iNdodana yakhe, iNkosi egcotshiwe yoMbuso: “Cela kimi, ukuba ngikunike izizwe zibe yifa lakho nemikhawulo yomhlaba ibe yimpahla yakho. Uyozaphula ngentonga yensimbi, uziphahlaze zibe izicucu njengokungathi isitsha sombumbi.”—IHubo 2:4, 5, 8, 9.

Lokhu kuchotshozwa kokugcina kwezizwe eziphikisayo ngentonga yensimbi kuyokwenzeka e-Armagedoni, noma eHar–Magedoni. Incwadi yokugcina yeBhayibheli, isAmbulo, ichaza lesi senzakalo esingumvuthwandaba ngokuthi ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke,’ lapho ‘amakhosi omhlaba wonke owakhiwe’ ebuthelwa khona ndawonye. (IsAmbulo 16:14, 16) Ziqondiswa amademoni, ekugcineni izizwe zomhlaba ziyoba nomgomo owodwa—ukulwa noNkulunkulu uMninimandla onke.

Sisondela ngokushesha isikhathi lapho abantu beyobuthana ndawonye ukuze balwe nobukhosi bukaNkulunkulu. Okuxakayo ukuthi “ubunye” babo ngeke bubasize ngalutho. Kunalokho, leso senzo sabo siyoba isandulela sokuthula kwaso sonke isintu osekuyisikhathi eside kulindelwe. Kanjani? Kuleyo mpi yokugcina, uMbuso kaNkulunkulu “uyochoboza uqede yonke le mibuso [yezwe], wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” (Daniyeli 2:44) UMbuso kaNkulunkulu, hhayi noma iyiphi inhlangano yabantu, uyoba uhulumeni oyogcwalisa isifiso sabantu sokuthula kwezwe lonke.

Umphathi Oyinhloko Wohulumeni OnguMbuso

Lowo nguMbuso abantu abaningi abaqotho abebelokhu bewuthandazela, bethi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) UMbuso kaNkulunkulu awusona isimo senhliziyo, kunalokho unguhulumeni ongokoqobo osufeze izinto ezinhle kusukela wamiswa ezulwini ngo-1914. Make sicabangele izici eziyinhloko ezibonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyabusa ngempela namuhla.

Okokuqala, unesigungu sabaphathi esinamandla futhi esiqeqeshiwe esenganyelwe iNkosi emisiwe, uJesu Kristu. Ngo-33 C.E., uJehova uNkulunkulu wenza uJesu Kristu waba iNhloko yebandla lobuKristu. (Efesu 1:22) Kusukela ngaleso sikhathi, uJesu ubelokhu esebenzisa ubunhloko bakhe, ebonisa ikhono lakhe lokuphatha. Ngokwesibonelo, ngekhulu lokuqala lapho kuba nendlala enkulu eJudiya, ngokushesha ibandla lobuKristu lathatha isinyathelo sokusiza amalungu alo. Kwahlelwa usizo, futhi uBarnaba noSawule bathunywa besuka e-Antiyokiya nalolo sizo.—IzEnzo 11:27-30.

Manje singalindela ngisho nokwengeziwe kuJesu Kristu, njengoba usubusa lo hulumeni onguMbuso. Noma nini lapho kwenzeka izinhlekele—ukuzamazama komhlaba, indlala, izikhukhula, izivunguvungu, iziphepho noma ukuqhuma kwentaba-mlilo—ibandla lobuKristu loFakazi BakaJehova libasiza ngokushesha abakholwa nabo nabanye kulezo zindawo ezithintekile. Ngokwesibonelo, lapho kuba nokuzamazama komhlaba okwadala umonakalo omkhulu e-El Salvador ngo-January nango-February 2001, kuzo zonke izingxenye zezwe kwahlelwa umsebenzi wokusiza, futhi amaqembu oFakazi BakaJehova avela eCanada, eGautemala, nase-United States asiza. Ngesikhathi esifushane nje kwakhiwa izindawo zabo zokukhulekela ezintathu nemizi engaphezu kuka-500.

Izikhonzi Zikahulumeni OnguMbuso KaNkulunkulu

Selokhu wamiswa ngo-1914, uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini ubuqoqa futhi uhlela izikhonzi zawo ezivela ezizweni zonke emhlabeni. Lokhu ukugcwaliseka kwesiprofetho esimangalisayo esabhalwa u-Isaya: “Engxenyeni yokugcina yezinsuku intaba yendlu kaJehova [ukukhulekela kweqiniso okuphakeme] iyomiswa iqine ibe ngaphezu kwesiqongo sezintaba, . . . zonke izizwe ziyogobhozela kuyo.” Lesi siprofetho sibonisa ukuthi “izizwe eziningi” zaziyokhuphukela kuleyo ntaba zamukele imiyalo nemithetho kaJehova.—Isaya 2:2, 3.

Umphumela walokhu ube ukwakhiwa kwenhlangano ephawulekayo yanamuhla—abazalwane bezizwe zonke abangamaKristu angaphezu kuka-6 000 000 emazweni angaphezu kuka-230 emhlabeni wonke. Emihlanganweni yezizwe yoFakazi BakaJehova, ngokuvamile izibukeli zimangazwa ukubona uthando, ukuthula nobunye phakathi kwezixuku zabantu, okuye kwanqoba imigoqo yobuzwe, amasiko nezilimi. (IzEnzo 10:34, 35) Awuvumi yini ukuthi ukuze uhulumeni ukwazi ukuhlanganisa ndawonye ngokuthula nangokuzwana amakhulukhulu ezinhlanga, kumelwe ube ophumelelayo, ozinzile—futhi ongokoqobo?

UMbuso KaNkulunkulu Nemfundo

Bonke ohulumeni banezimfuneko okulindeleke ukuba izakhamuzi zabo zihlangabezane nazo, futhi wonke umuntu ofuna ukuphila ngaphansi kwalowo hulumeni kumelwe ahlangabezane nalezo zimfuneko. Ngokufanayo, uMbuso kaNkulunkulu unezimfuneko okufanelwe zigcinwe yiwo wonke umuntu ofuna ukufanelekela ukuba yisikhonzi sawo. Nokho, ngokuqinisekile ukwenza abantu abaningi kangaka abanezizinda ezahlukahlukene bamukele futhi bagcine izindinganiso ezifanayo kungumsebenzi omkhulu kakhulu. Lesi, esinye isici esifakazela ukuba ngokoqobo koMbuso kaNkulunkulu—isimiso sawo sokufundisa esiphumelelayo esifinyelela futhi siguqule hhayi kuphela ingqondo kodwa nenhliziyo.

Lo hulumeni onguMbuso uwufeza kanjani lo msebenzi oyinselele kangaka? Ngendlela yabaphostoli yokufakaza ‘endlini ngendlu’ nokufundisa umuntu ngamunye iZwi likaNkulunkulu. (IzEnzo 5:42; 20:20) Iphumelela kangakani le ndlela yokufundisa? UJacques Johnson, umpristi ongumKatolika, wabhala ephephandabeni laseCanada eliphuma masonto onke ngemizamo yakhe yokuyekisa owesifazane othile ukufunda noFakazi BakaJehova. “Ngangidideke ngempela; futhi ngaqaphela ukuthi angiphumeleli kule mpi,” esho. “Ngaqala ukuqaphela ukuthi ngezinyanga ezimbalwa laba besifazane abangoFakazi BakaJehova babakhe ubuhlobo nalo mama owayengaphumi endlini. Bakha ubuhlobo naye ngokumsiza, ngokuba umngane wakhe, bakha izibopho eziqinile enhliziyweni. Ngokushesha waba ilungu elishisekayo lenkolo yabo futhi kwakungekho engangingakwenza ukuze ngikuvimbele lokho.” Njengoba nje inhliziyo yalona owayengumKatolika yashukunyiswa isigijimi seBhayibheli esifundiswa oFakazi BakaJehova nawukuziphatha kwabo kobuKristu, kungokufanayo nangezigidi zezinhliziyo zabanye abantu emhlabeni wonke.

Le mfundo—imfundo yoMbuso—isekelwe eBhayibhelini, ifundisa izindinganiso zalo eziphakeme zokuziphatha. Ifundisa abantu ukuba bathandane futhi bahloniphane kungakhathaliseki ukuthi bavela kuphi. (Johane 13:34, 35) Ibuye isize abantu ukuba balalele lesi siyalo: “Yekani ukulolongwa nifane nalesi simiso sezinto, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” (Roma 12:2) Ngokushiya indlela yazo yokuphila yangesikhathi esidlule futhi ngenjabulo zenze ngokuvumelana nemithetho nezimiso zalo hulumeni onguMbuso, manje izigidi ziye zathola ukuthula nenjabulo futhi zinethemba eliqhakazile lekusasa.—Kolose 3:9-11.

Ithuluzi eliyinhloko lokufinyelela lobu bunye bomhlaba wonke yilo magazini, INqabayokulinda. Ngezindlela zokuhumusha ezihlelekile nangamathuluzi okunyathelisa ngezilimi eziningi, izihloko eziyinhloko ze-Nqabayokulinda zinyatheliswa kanye kanye ngezilimi ezingu-135, futhi abafundi bawo abangaphezu kwamaphesenti angu-95 emhlabeni wonke bangazifunda ngolimi lwabo ngesikhathi esifanayo.

Umbhali ongumMormon wenza uhlu lwemikhankaso yezithunywa zevangeli ephumelela kunayo yonke kuleyo engeyona eyesonto lakhe. Wabala INqabayokulinda ne-Phaphama!, ekhishwa oFakazi BakaJehova, njengomagazini abakahle kunabo bonke bokushumayela ivangeli, wathi: “Akekho ongabeka INqabayokulinda nePhaphama! icala lokuthi babangela ukungabi nandaba—kunalokho, bakha umuzwa wokuphaphama engingakaze ngiwuthole ezincwadini zezinye izinkolo. Okuqukethwe INqabayokulinda nePhaphama! kuyaqabula njengoba kusekelwe emaqinisweni, kucwaningwe kahle, kuphathelene nezinto ezenzekayo.”

Kunobufakazi obuningi bokuthi uMbuso kaNkulunkulu usebenza ngokugcwele. Ngenjabulo nangomdlandla oFakazi BakaJehova bazisa omakhelwane babo “lezi zindaba ezinhle zombuso,” bebamema ukuba babe izikhonzi zawo. (Mathewu 24:14) Ingabe lesi simemo siyakukhanga? Ungajabulela izibusiso eziza ngokuzihlanganisa nalabo abafundiswa ngezindinganiso zoMbuso futhi abazama ukuphila ngazo. Okuhle nakakhulu, ungajabulela ithemba lokuphila ngaphansi kokubusa koMbuso ezweni elisha elithenjisiwe lapho ‘kuyohlala khona ukulunga.’—2 Petru 3:13.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 5 Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe, bheka isahluko 10, esithi “UMbuso kaNkulunkulu Uyabusa,” esisemakhasini 90-7 encwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okuphakade, ekhishwa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 4, 5]

Ngo-1914 izizwe zazisempini yezwe

[Izithombe ekhasini 6]

Umsebenzi wokunikeza usizo ngokuzithandela uwubufakazi bothando lobuKristu

[Isithombe ekhasini 7]

OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bazuza esimisweni esifanayo semfundo