Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuhlakulela Umbono OnjengokaKristu Ngobukhulu

Ukuhlakulela Umbono OnjengokaKristu Ngobukhulu

Ukuhlakulela Umbono OnjengokaKristu Ngobukhulu

“Noma ubani ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu kumelwe abe yisikhonzi senu.”—MATHEWU 20:26.

1. Uyini umbono wezwe ngobukhulu?

EDUZE komuzi waseGibithe lasendulo iThebes (oyiKarnak namuhla), osebangeni elingamakhilomitha angaba ngu-500 eningizimu yeCairo, kumi isithombe sikaFaro Amenhotep III esingamamitha angu-18 ubude. Umuntu ngeke asibuke lesi sizemazema sesithombe angazizwa emncanyana. Lesi sithombe esiyisikhumbuzo, ngokungangabazeki esenzelwa ukuhlonipha lo mbusi, siwuphawu lombono wezwe ngobukhulu—ukuzenza ubonakale umkhulu futhi ubaluleke kakhulu ngangokunokwenzeka, wenze abanye bazizwe bengelutho.

2. Yisiphi isibonelo uJesu asibekela abalandeli bakhe, futhi imiphi imibuzo okudingeka sizibuze yona?

2 Qhathanisa lo mbono ngobukhulu nalowo owafundiswa uJesu Kristu. Yize ‘ayeyiNkosi noMfundisi’ wabalandeli bakhe, uJesu wabafundisa ukuthi ubukhulu butholakala ngokukhonza abanye. Ngosuku lokugcina ephila emhlabeni, uJesu wayibonisa ngesenzo incazelo yalokho ayekufundisile ngokugeza izinyawo zabafundi bakhe. Yeka isenzo sokuthobeka! (Johane 13:4, 5, 14) Ukukhonza noma ukukhonzwa—yikuphi okuthanda kakhulu wena? Ingabe isibonelo sikaKristu siyasiphemba kuwe isifiso sokuthobeka njengaye? Uma kunjalo, masihlole umbono kaKristu ngobukhulu siwuqhathanise nombono ovamile ezweni.

Gwema Umbono Wezwe Ngobukhulu

3. Yiziphi izibonelo zeBhayibheli ezibonisa umphumela odabukisayo otholwa yilabo abahahela ukukhazinyuliswa abantu?

3 Ziningi izibonelo zeBhayibheli ezibonisa ukuthi umbono wezwe ngobukhulu awubuyiseli. Cabanga ngoHamani owayenesikhundla esiphakeme, eqavile egcekeni lesigodlo sasePheresiya ngesikhathi sika-Esteri noMoridekayi. Ukuhahela kukaHamani inkazimulo kwaholela ekuhlazisweni kwakhe nasekufeni. (Esteri 3:5; 6:10-12; 7:9, 10) Uthini ngoNebukhadinezari owayezithwele, owashaywa ngomsangano lapho umbuso wakhe usukhule waba mkhulu? Umbono wakhe osontekile ngobukhulu wavezwa yila mazwi: “Akulona yini leli iBhabhiloni Elikhulu, mina ngokwami engilakhele indlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami futhi engilakhele isithunzi sobukhulu bami obubabazekayo?” (Daniyeli 4:30) Bese kuba noHerode Agripha I owayeqhosha, owamukela inkazimulo engamfanele esikhundleni sokukhazimulisa uNkulunkulu. “Wadliwa izibungu wafa.” (IzEnzo 12:21-23) Ukuhluleka ukuqonda umbono kaJehova ngobukhulu kwenza wonke la madoda alahlekelwa izikhundla zawo ngendlela eyihlazo.

4. Umoya wezwe wokuqhosha uvela kubani?

4 Kuyafaneleka ukuba sifune ukuphila ngendlela ezosilethela udumo nenhlonipho. Nokho, uDeveli usizakala ngaso lesi sifiso ngokukhuthaza umoya wokuqhosha, obonisa isifiso anaso sokuba mkhulu. (Mathewu 4:8, 9) Ungalokothi ulibale ukuthi ‘ungunkulunkulu walesi simiso sezinto,’ futhi uzimisele ukusakaza ukucabanga kwakhe lapha emhlabeni. (2 Korinte 4:4; Efesu 2:2; IsAmbulo 12:9) Njengoba ewazi umsuka wokucabanga okunjalo, amaKristu ayawugwema umbono wezwe ngobukhulu.

5. Ingabe izinto umuntu azifezayo, ukuqashelwa, nengcebo kuyisiqinisekiso sokwaneliseka okuhlala njalo? Chaza.

5 Omunye umbono uDeveli awukhuthazayo owokuthi ukuba negama ezweni, ukudunyiswa abantu, nokuba umzimb’ ukhal’ imali kuyophumela ekuphileni okujabulisayo ngokuzenzakalelayo. Kuyiqiniso yini lokho? Ingabe izinto umuntu azifezayo, ukuqashelwa, nengcebo kuyisiqinisekiso sokuphila okugcwele ukwaneliseka? IBhayibheli lisixwayisa ngokuba singaluthwa ukucabanga okunjalo. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Mina ngokwami ngiwubonile wonke umsebenzi onzima nabo bonke ubungoti emsebenzini, ukuthi kusho ukubangisana komunye nomunye; lokhu nakho kuyize nokulwela ukufica umoya.” (UmShumayeli 4:4) Abantu abaningi abaye bazinikela ekutheni bavelele emhlabeni bangakufakazela ukuba yiqiniso kwaleso seluleko seBhayibheli esiphefumlelwe. Esinye sezibonelo esomuntu owasiza ekuklameni, ekwakheni, nasekuhloleni umkhumbi-mkhathi owayisa abantu enyangeni. Wacabanga: “Ngangiye ngasebenza kanzima futhi ngaba ungoti omkhulu emsebenzini wami. Kodwa akungisizanga ngalutho, noma akuzange kunginikeze injabulo ehlala njalo nokuthula kwengqondo.” * Umbono wezwe ngobukhulu, kungakhathaliseki ukuthi kusemkhakheni wezamabhizinisi, wezemidlalo, noma wezokuzijabulisa, awusona isiqinisekiso sokwaneliseka okuhlala njalo.

Ubukhulu Butholakala Ngezenzo Ezishukunyiswa Uthando

6. Yini ebonisa ukuthi uJakobe noJohane babenombono oyiphutha ngobukhulu?

6 Isenzakalo esenzeka ekuphileni kukaJesu sembula lokho okushiwo ubukhulu bangempela. UJesu nabafundi bakhe babelibangise eJerusalema ePhasikeni lika-33 C.E. Endleleni, ababili kubazala bakaJesu, uJakobe noJohane, baveza umbono oyiphutha ngobukhulu. Bekhulunyelwa unina, bacela lokhu kuJesu: ‘Khipha izwi lokuba sihlale ngakwesokunene sakho nangakwesobunxele sakho, embusweni wakho.’ (Mathewu 20:21) AmaJuda ayekubheka njengolukhulu udumo ukuhlala kwesokunene noma kwesobunxele. (1 AmaKhosi 2:19) Ngenxa yokufuna ukuvelela, uJakobe noJohane bazama ukuzitholela izindawo eziphakeme ukuzedlula zonke. Babefuna zibize bona lezi zikhundla. UJesu wayekwazi ababekucabanga futhi wabamba lelo thuba walungisa umbono wabo oyiphutha ngobukhulu.

7. UJesu wayichaza kanjani indlela yokuthola ubukhulu bangempela bobuKristu?

7 UJesu wayazi ukuthi kuleli zwe eliqhoshayo, umuntu obhekwa njengomkhulu yilowo olawula abanye, osho kanye nje, abantu benze konke akufunayo. Kodwa kubalandeli bakaJesu, yizenzo zokuthobeka ezinquma ubukhulu. UJesu wathi: “Noma ubani ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu kumelwe abe yisikhonzi senu, futhi noma ubani ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu kumelwe abe yinceku yenu.”—Mathewu 20:26, 27.

8. Kusho ukuthini ukuba isikhonzi, futhi imiphi imibuzo esingase sizibuze yona?

8 Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “isikhonzi” eBhayibhelini libhekisela kumuntu oqhubeka ezama ngazo zonke izindlela ukwenzela abanye izinto. UJesu wayefundisa abafundi bakhe isifundo esibalulekile: Ukuthuma abantu ngokhahlo akumenzi umuntu abe mkhulu; ukukhonza abanye ushukunyiswa uthando yikona okwenza umuntu abe mkhulu. Zibuze: ‘Ngangiyokwenzenjani ukube nganginguJakobe noma uJohane? Ingabe ngangiyolibona iphuzu lokuthi ubukhulu beqiniso butholakala ngokukhonza abanye ushukunyiswa uthando?’—1 Korinte 13:3.

9. Yisiphi isibonelo uJesu asibeka endleleni aphatha ngayo abanye?

9 UJesu wabonisa abafundi bakhe ukuthi indinganiso yezwe yobukhulu ayiyona eyobukhulu obunjengobukaKristu. Akazange aziphakamise kulabo ayebakhonza noma abenze bazizwe bengelutho. Zonke izinhlobo zabantu—amadoda, omame, izingane, abanothile, abampofu, abanegunya kanye nezoni ezazaziwa—zazizizwa zikhululekile uma zinaye. (Marku 10:13-16; Luka 7:37-50) Ngokuvamile abantu abanasikhathi sabantu abanokushiyeka okuthile. UJesu yena wayehlukile. Nakuba abafundi bakhe ngezinye izikhathi babephahluka futhi bahilizisane, wabafundisa ngesineke, ebabonisa ukuthi uthobeke ngempela futhi umnene.—Zakariya 9:9; Mathewu 11:29; Luka 22:24-27.

10. Isiyonke inkambo yokuphila kukaJesu yakubonisa kanjani ukukhonza abanye ngaphandle kobugovu?

10 Isibonelo sale Ndodana kaNkulunkulu eyinhloko sokungazicabangeli yona sabonisa loko ubukhulu obuyiko ngempela. UJesu akezelanga ukuzokhonzwa emhlabeni kodwa ukuzokhonza abanye, elaphe ‘izifo ezihlukahlukene’ futhi akhulule abantu emademonini. Nakuba ayekhathala futhi adinge isikhathi sokuphumula, ngaso sonke isikhathi wayebeka izithakazelo zabanye ngaphambi kwezakhe, enze konke angakwenza ukuze abaduduze. (Marku 1:32-34; 6:30-34; Johane 11:11, 17, 33) Uthando lwakhe lwamshukumisela ekubeni asize abantu ngokomoya, ahambe amabanga amade emigwaqweni ewubhuqu eyoshumayela izindaba ezinhle zoMbuso. (Marku 1:38, 39) Akungatshazwa, uJesu wayekubheka njengento engathí sina ukukhonza abanye.

Lingisa Ukuthobeka KukaKristu

11. Yiziphi izimfanelo ezibhekwayo kubazalwane abamiselwa ukukhonza njengababonisi ebandleni?

11 Ngasekupheleni kweminyaka yawo-1800, umoya ofanele ababonisi abangamaKristu okudingeka bawuhlakulele waqokonyiswa ngenkathi kukhethwa amadoda ayezoba abameleli abajikelezayo bakhonze izidingo zabantu bakaNkulunkulu. Ngokwe-Zion’s Watch Tower ka-September 1, 1894, kwakufunwa amadoda “amnene—ukuze angakhukhumali . . . , athobekile engqondweni angafuni ukushumayela ngawo ngokwawo, kodwa ngoKristu—angaqhakambisi ulwazi lwawo, kodwa iZwi lakhe ngamagama alula nangomfutho.” Ngokusobala, amaKristu eqiniso akufanele nanini afune imithwalo yemfanelo ngenjongo yokwanelisa izifiso zawo zokuvelela noma ukuze athole igama, amandla, negunya phezu kwabanye. Umbonisi othobekile uyakhumbula ukuthi imithwalo yakhe yemfanelo ‘iwumsebenzi omuhle,’ ayisona isikhundla esiphezulu sokuba azikhazimulise yena. (1 Thimothewu 3:1, 2) Bonke abadala nezinceku ezikhonzayo kufanele benze okusemandleni abo ukuba bakhonze abanye ngokuthobeka futhi bahole enkonzweni engcwele, babekele abanye isibonelo esihle sokusilingisa.—1 Korinte 9:19; Galathiya 5:13; 2 Thimothewu 4:5.

12. Imiphi imibuzo abangazibuza yona labo abazama ukufinyelela amalungelo ebandleni?

12 Noma imuphi umzalwane ozama ukufinyelela amalungelo kungase kudingeke azibuze: ‘Ingabe ngiyawacinga amathuba okukhonza abanye noma nginendawana yokuthanda ukukhonzwa? Ingabe ngizimisele ukwenza imisebenzi ewusizo kodwa engekho emehlweni abantu?’ Ngokwesibonelo, insizwa ingase ithande ukunikeza izinkulumo ebandleni lobuKristu kodwa ibe mathintanyawo ukusiza asebekhulile. Ingase ikujabulele ukuzibandakanya namadoda anemithwalo yemfanelo ebandleni kodwa inqene ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela. Leyo nsizwa iyobe yenza kahle ngokuzibuza: ‘Ingabe nginaka kakhulu izici zenkonzo kaNkulunkulu ezizongenza ngiqashelwe futhi nginconywe? Ingabe ngifuna ukugqama?’ Uma sizifunela inkazimulo asilingisi neze uKristu.—Johane 5:41.

13. (a) Isibonelo sombonisi sokuthobeka singabathinta kanjani abanye? (b) Kungani kungathiwa akuyona indaba yokuthi umKristu uyathanda yini noma akathandi ukuthobeka, noma ukuthobeka engqondweni?

13 Lapho sisebenza kanzima ukuze silingise ukuthobeka kukaKristu, siyoshukumiseleka ukuba sikhonze abanye. Cabanga ngesibonelo sombonisi wamagatsha owayehlola indlela elisebenza ngayo elinye lamahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova. Naphezu kokuba matasa kwakhe kanye nemisebenzi esindayo ayenayo, lo mbonisi wama wasiza umzalwane oseyibhungu owayeshikiliswa umshini ohlanganisa amakhasi ezincwajana. “Angizange ngikholwe!” kusho leli bhungu. “Wangitshela ukuthi ngesikhathi eseyinsizwa ekhonza eBethel wayesebenze ngohlobo olufanayo lomshini, futhi wayekhumbula ukuthi kwakunzima kanjani ukuwulungisa. Kwaphela isikhathi esijana nje impela esebenza nami kulo mshini yize kwakuneziningi ezinye izinto ezibalulekile okwakumelwe azenze. Kwangihlaba umxhwele ngempela lokho.” Lowo mzalwane, manje osengumbonisi kwelinye lamahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova, usasikhumbula leso senzo sokuthobeka. Sengathi singelokothe nanini sizizwe siphakeme kakhulu ukuba senze izinto eziphansi noma sibaluleke kakhulu ukuba senze imisebenzi enganakekile. Kunalokho, kufanele sigqoke ‘ukuthobeka kwengqondo.’ Akuyona indaba yokuthi uyathanda noma awuthandi. Kuyingxenye ‘yobuntu obusha’ umKristu okumelwe abugqoke.—Filipi 2:3; Kolose 3:10, 12; Roma 12:16.

Indlela Yokuba Nombono OnjengokaKristu Ngobukhulu

14. Ukuzindla ngobuhlobo bethu noNkulunkulu nabantu esiphila nabo kungasisiza kanjani ukuba sihlakulele umbono ofanele ngobukhulu?

14 Singawuthola kanjani umbono ofanele ngobukhulu? Enye indlela ingokuzindla ngobuhlobo bethu noJehova uNkulunkulu. Ubukhulu bakhe, amandla, nokuhlakanipha kwakhe kumphakamisela kude lé nabantu abangelutho. (Isaya 40:22) Ukuzindla ngobuhlobo bethu nabantu esiphila nabo nako kuyasisiza ukuba sihlakulele ukuthobeka kwengqondo. Ngokwesibonelo, singase sibedlule abanye ezicini ezithile, kodwa nabo bangase benze ezibukwayo emikhakheni yokuphila ebaluleke ngisho nakakhulu, noma abafowethu abangamaKristu bangase babe nezimfanelo esingenazo thina. Empeleni nje, abaningi abayigugu emehlweni kaNkulunkulu abavelele ngoba bamnene futhi bathobekile.—IzAga 3:34; Jakobe 4:6.

15. Ubuqotho babantu bakaNkulunkulu bubonisa kanjani ukuthi akukho muntu onesizathu sokuzizwa ephakeme kunabanye?

15 Okwehlela oFakazi BakaJehova ngenkathi bevivinywa ngenxa yokholo lwabo kulikhanyisa kahle leli phuzu. Ezikhathini eziningi, yilabo izwe elingababheka njengabavamile abaye bagcina ubuqotho babo kuNkulunkulu ngaphansi kovivinyo oluvuthayo. Ukuzindla ngezibonelo ezinjalo kungasisiza kusigcine sithobekile futhi kusifundise ukuba ‘singazicabangi sibakhulu kunalokho okudingeke ukuba sikucabange.’—Roma 12:3. *

16. Bonke ebandleni bangabuhlakulela kanjani ubukhulu belingisa isibonelo esabekwa uJesu?

16 Wonke amaKristu, amancane namadala, kufanele afune ukuhlakulela umbono onjengokaKristu ngobukhulu. Miningi imisebenzi okumelwe yenziwe ebandleni. Ungalokothi ucasuke uma ucelwa ukuba wenze izinto ezingase zibonakale ziphansi. (1 Samuweli 25:41; 2 AmaKhosi 3:11) Bazali, niyazikhuthaza na izingane zenu ezincane nesezikhulile ukuba zisenze ngentokozo noma isiphi isabelo ezinikwa sona, kungaba seHholo LoMbuso, enkundleni yomhlangano omncane noma omkhulu? Ziyanibona yini nina nenza imisebenzi ephansi? Omunye umzalwane, manje okhonza endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova, usikhumbula kahle isibonelo sabazali bakhe. Wathi: “Indlela ababewenza ngayo umsebenzi wokuhlanza iHholo LoMbuso noma inkundla yomhlangano omkhulu yangitshela ukuthi babewubheka njengobalulekile. Babevame ukuvolontiyela ukwenza imisebenzi eyayizozuzisa ibandla noma abazalwane, kungakhathaliseki ukuthi yayingase ibonakale ideleleke kangakanani. Leso simo sengqondo singisizile ekwamukeleni noma isiphi isabelo somsebenzi ngenhliziyo emhlophe lapha eBethel.”

17. Abesifazane abathobekile bangaba isibusiso ngaziphi izindlela ebandleni?

17 Ngokuphathelene nokubeka izithakazelo zabanye ngaphambi kwezakho, sinesibonelo esihle kakhulu sika-Esteri, owaba indlovukazi yoMbuso WasePheresiya ngekhulu lesihlanu B.C.E. Nakuba ayehlala esigodlweni, wayezimisele ukubeka ukuphila kwakhe engozini ngenxa yabantu bakaNkulunkulu, enza ngokuvumelana nentando yaKhe. (Esteri 1:5, 6; 4:14-16) Kungakhathaliseki ukuthi bami kanjani ngokwezimali, abesifazane abangamaKristu namuhla babonisa umoya onjengoka-Esteri ngokukhuthaza abacindezelekile, ukuvakashela abagulayo, ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela, nokubambisana nabadala. Yeka isibusiso abayiso odade abanjalo ebandleni!

Izibusiso Zokubonisa Ubukhulu ObunjengobukaKristu

18. Iziphi izinzuzo ezitholakala ngokubonisa ubukhulu obunjengobukaKristu?

18 Ziningi izibusiso ozitholayo uma uhlale unombono onjengokaKristu ngobukhulu. Ukukhonza abanye ngaphandle kobugovu kukunikeza intokozo wena kanye nabo. (IzEnzo 20:35) Lapho uzikhandla ngokuzithandela nangokuzimisela ngenxa yabafowenu, wenza bakuthande. (IzEnzo 20:37) Okubaluleke ngokwengeziwe, uJehova ubheka okwenzayo ukuze uthuthukise inhlalakahle yamanye amaKristu njengomhlatshelo ojabulisayo oya kuye.—Filipi 2:17.

19. Yini okufanele sizimisele ukuyenza ngokuphathelene nombono onjengokaKristu ngobukhulu?

19 Ngamunye wethu kudingeka ahlolisise inhliziyo yakhe, azibuze: ‘Ingabe ngizogcina ngokukhuluma nje ngokuhlakulela umbono onjengokaKristu ngobukhulu, noma ngizosebenza ngenkuthalo ukuze ngiwuhlakulele?’ Isobala indlela uJehova azizwa ngayo ngabazidlayo. (IzAga 16:5; 1 Petru 5:5) Kwangathi izenzo zethu zingabonisa ukuthi kuyasijabulisa ukubonisa ukuthi sinombono onjengokaKristu ngobukhulu, kungaba sebandleni lobuKristu, ekuphileni komkhaya wethu, noma ekusebenzelaneni kwethu kwansuku zonke nabantu esiphila nabo—zonke izinto sizenzele inkazimulo nodumo lukaNkulunkulu.—1 Korinte 10:31.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 5 Bheka INqabayokulinda ka-October 15, 1982, amakhasi 3-7, “Ukufuna Impumelelo.”

^ par. 15 Ukuze uthole izibonelo, bheka INcwadi Yonyaka Ka-1992 (yesiNgisi), amakhasi 181-2 ne-Nqabayokulinda ka-September 1, 1993, amakhasi 27-31.

Ungachaza?

• Kungani kufanele sigweme umbono wezwe ngobukhulu?

• UJesu wathi yini enquma ubukhulu?

• Ababonisi bangakulingisa kanjani ukuthobeka kukaKristu?

• Yini engasisiza ukuba sihlakulele umbono onjengokaKristu ngobukhulu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi ekhasini 17]

Ubani Onombono OnjengokaKristu Ngobukhulu?

Umuntu ofuna ukukhonzwa noma ozimisele ukukhonza?

Umuntu othanda ukubukwa noma oyamukelayo imisebenzi ephansi?

Umuntu oziphakamisa yena noma ophakamisa abanye?

[Isithombe ekhasini 14]

Isizemazema sesithombe sikaFaro Amenhotep III

[Isithombe ekhasini 15]

Uyazi ukuthi wawiswa yini uHamani?

[Izithombe ekhasini 16]

Ingabe uyawacinga amathuba okukhonza abanye?