Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yini Eyenza Ukuphila Kube Nenjongo Yangempela?

Yini Eyenza Ukuphila Kube Nenjongo Yangempela?

Yini Eyenza Ukuphila Kube Nenjongo Yangempela?

LAPHO uJesse, umfundi wasesikoleni esiphakeme oneminyaka engu-17 ubudala, ebuzwa ngenjongo yokuphila, waphendula, “Jabula kakhulu ngezinga ongakwazi ngalo, uma nje usaphila.” USuzie wayenombono ohlukile. Wathi: “Empeleni mina ngikholelwa ukuthi nguwe ngokwakho owenza ukuphila kwakho kube nenjongo.”

Wake wazibuza yini ngenjongo yokuphila? Ingabe ikhona injongo ngesintu sisonke? Noma ingabe uSuzie uqinisile—ukuthi ngokuyinhloko ngumuntu ngamunye owenza ukuphila kwakhe kube nenjongo? Kungakhathaliseki ukuthi umphakathi wethu uthuthuka kangakanani kwezobuchwepheshe, kukhona okuthile ngaphakathi kithi okubonakala kulangazelela ukuthola injongo yokuphila. Njengoba siqhubeka siphila, iningi lethu liye lifinyelele izinga lapho lizibuza khona ukuthi, ‘Kungani silapha?’

Isayensi yanamuhla iye yashikashikana nalowo mbuzo. Yaphuma nayiphi impendulo? “Ukuphila akunanjongo yangempela enqubweni yokuziphendukela kwemvelo,” kusho uDavid P. Barash, uprofesa emkhakheni wezokusebenza kwengqondo yomuntu nasemkhakheni wesayensi yempilo yezilwane. Izazi zezinto eziphilayo ezikholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo zona zithi izinto eziphilayo zinenjongo eyodwa vó: ukuba ziqhubeke ziphila, futhi zizalane. Ngakho, uProfesa Barash usikisela lokhu: “Kulo mhlaba omkhulukazi ongenanjongo futhi ongabakhathaleli abantu, kuwumthwalo wethu thina bantu ukuba senze ukuphila kwethu kube nenjongo ngezinqumo esizenzela zona ngokuzithandela.”

UMthombo Wenjongo Yokuphila

Ingabe yileyo nje kuphela injongo yokuphila—ukuba ngamunye wethu enze lokho akuthandayo? Kunokuba lisiyeke sizulazule singazi lapho siya khona kulowo mhlaba ongenanjongo, iBhayibheli lakwembula kudala ukuthi saba khona lapha ngenjongo. Asibanga khona ngengozi ethile eyenzeka emhlabeni. Sitshelwa ukuthi uMdali wathatha iminyaka elungisa umhlaba ukuze abantu bahlale kuwo. Akukho okwenzeka ngengozi. Waqikelela ukuthi konke akwenzayo ‘kuhle kakhulu.’ (Genesise 1:31; Isaya 45:18) Kungani? Kungoba uNkulunkulu wayenenjongo ngabantu.

Noma kunjalo, kuyathakazelisa ukuthi uNkulunkulu akazange anqume kusengaphambili ikusasa lomuntu ngamunye ngokuba angenele yena siqu noma ngokuba asebenzise okuthile umuntu azalwa nakho. Nakuba ufuzo lusithonya ngandlela-thile, yithi thina bantu ngokuyinhloko abalawula izenzo zethu. Sonke sinelungelo lokuzikhethela indlela esifuna ukuphila ngayo.

Nakuba kukithi ukuba sizikhethele ukuthi sifuna ukwenzani ngokuphila kwethu, kungaba yiphutha ukumkhiphela ngaphandle uMdali kulokho esinquma ukukwenza. Empeleni, abantu abaningi baye bathola ukuthi injongo yangempela yokuphila ihlobene kakhulu nokuba nobuhlobo noNkulunkulu. Ukuhlobana okubalulekile phakathi kukaNkulunkulu nenjongo yethu yokuphila kubonakala kakhulu egameni lakhe, elithi Jehova, ngokwezwi nezwi elisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.” (Eksodusi 6:3; IHubo 83:18) Kusho ukuthi ukugcwalisa ngokuqhubekayo konke akuthembisayo nokuthi uyakufeza ngaso sonke isikhathi afuna ukukwenza. (Eksodusi 3:14; Isaya 55:10, 11) Ake ucabange ngalokho. Igama elithi Jehova liyisiqinisekiso kithi sonke sokuthi uyena onguMthombo okuyiwonawona futhi waphakade wenjongo yangempela yokuphila.

Ukuqaphela ukuba khona koMdali nje kukodwa kunethonya elikhulu endleleni umuntu abheka ngayo ukuphila. ULinet, oneminyaka engu-19 ubudala, uthi: “Ukubona zonke izinto ezinhle ezadalwa nguJehova nenjongo azidalela yona kungenza ngibone ukuthi nami ngadalwa ngenjongo.” U-Amber uyanezela: “Njalo lapho abantu bekhuluma ngoNkulunkulu ongaziwa, ngiyaye ngijabule ngoba mina ngiyamazi. Ubufakazi bokuthi uJehova ukhona bubonakala ezintweni azenzile.” (Roma 1:20) Nokho, ukuqaphela ukuthi uMdali ukhona kanye nokuhlakulela ubuhlobo obunenjongo naye kuyizinto ezimbili ezihlukene ngokuphelele.

Ubungane NoNkulunkulu

Nalapha futhi, iBhayibheli lingasiza. Izahluko zalo zokuqala zinikeza ubufakazi obusobala bokuthi uJehova uNkulunkulu unguBaba onothando. Ngokwesibonelo, akazange adale u-Adamu no-Eva wayesebashiya kanjalo engasabatshelanga ukuthi ungubani. Kunalokho, wayexhumana nabo njalo. Akazange amane abashiye e-Edene ukuba bazibonele ukuthi bazophila kanjani emhlabeni kuyilapho yena ephishekela ezinye izinto azithandayo. Kunalokho, wabanikeza iziqondiso eziqondile maqondana nendlela engcono yokuphila. Wababela umsebenzi owanelisayo, wabahlelela nokuba bafundiswe ngokuqhubekayo. (Genesise 1:26-30; 2:7-9) Akukona yini lokho obungakulindela kumzali okhaliphile nonothando? Manje, ake ucabange ukuthi kusho ukuthini lokho. UDenielle uthi: “Ukwazi ukuthi uJehova wadala umhlaba nokuthi thina wasidala sinekhono lokujabulela indalo yakhe kungenza ngibone ukuthi ufuna sijabule.”

Ngaphezu kwalokho, njenganoma yimuphi ubaba onothando, uJehova ufuna ukuba ngayinye yazo zonke izingane zakhe ibe nobuhlobo naye. Ngokuqondene nalokhu, izEnzo 17:27 ziyasiqinisekisa: ‘Akakude kulowo nalowo kithi.’ Kwenza mahluko muni loko? U-Amber uthi: “Ukwazi uJehova kuye kwangiqinisekisa ukuthi akunakwenzeka nanini ngizizwe ngingedwa ngokuphelele. Kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, ngaso sonke isikhathi nginothile engingaya kuye ukuze ngithole usizo.” Ngaphezu kwalokho, njengoba uya umazi uJehova, uyothola ukuthi unomusa nobulungisa, uthole nokuthi muhle. Ungathembela kuye. UJeff uthi: “Lapho uJehova eba ngumngane wami oseduze, ngaqonda ukuthi akekho omunye okulungele kangcono ukungisiza lapho ngidinga usizo.”

Okudabukisayo ukuthi kuye kwashiwo izinto eziningi ezimbi ngoJehova. Kuye kwathiwa nguye obangele okuningi kokuhlupheka kwesintu nezinkinga ezibangelwa abaholi benkolo abangenasimilo. Uye wasulelwa nangamanye amacala ezenzo zonya ezimbi kunazo zonke emlandweni wesintu. Kodwa uDuteronomi 32:4, 5 uyachaza: “Zonke izindlela zakhe ziwubulungisa. . . . Baye benza ngendlela eyonakele bona; ababona abantwana bakhe, isici singesabo.” Ngakho-ke, sinesibopho sokuzihlolela thina ngokwethu amaqiniso.—Duteronomi 30:19, 20.

Injongo KaNkulunkulu Iyagcwaliseka

Nokho, kungakhathaliseki ukuthi sifika kusiphi isinqumo, akukho okuyovimba uNkulunkulu ukuba ayifeze ngokugcwele injongo yakhe ngomhlaba nangesintu. Kube kufanele ngoba unguMdali. Khona-ke, iyini leyo njongo? UJesu Kristu wayekhuluma ngayo eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni lapho ethi: “Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.” Kamuva, waveza kumphostoli wakhe uJohane ukuthi uNkulunkulu uzimisele ‘ukuchitha abachitha umhlaba.’ (Mathewu 5:5; IsAmbulo 11:18) Ngenxa yokuthi uJesu wayenoNkulunkulu ngenkathi yokudala, uyazi ukuthi kwakuyinjongo kaNkulunkulu kusukela ekuqaleni ukuba umkhaya wesintu ophelele uhlale emhlabeni phakade epharadesi. (Genesise 1:26, 27; Johane 1:1-3) Ngaphezu kwalokho uNkulunkulu akashintshi. (Malaki 3:6) UNkulunkulu usithembisa athi: “Impela njengoba nje ngicabangile, kumelwe kwenzeke kanjalo; nanjengoba nje nginqumile, yilokho okuyogcwaliseka.”—Isaya 14:24.

Esikhathini sethu, uJehova useqalile kakade ukwakha umphakathi onobunye osekelwe othandweni ngoNkulunkulu nomakhelwane, hhayi ebugovwini nasekuzikhathaleleni komuntu siqu okuvame kakhulu kangaka kulo mhlaba wethu wanamuhla. (Johane 13:35; Efesu 4:15, 16; Filipi 2:1-4) Ngumphakathi wabantu abahlangene ngokuzithandela, abathanda intuthuko futhi abashisekela umsebenzi wabo—ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ozayo ngaphambi kokuba lesi simiso sezinto siphele. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Emazweni angaphezu kuka-230, laba bazalwane abangamaKristu angaphezu kwezigidi eziyisithupha abavela ezizweni zonke kakade sebekhulekela uNkulunkulu ndawonye ngothando nangobunye.

Yenza Ukuphila Kwakho Kube Nenjongo

Uma uthungatha okuthile okuyokwenza ukuphila kwakho kube nenjongo ethé xaxa, sicela ukukwazisa ukuthi uJehova uNkulunkulu uyakumema ukuba uzihlanganise manje nabantu bakhe—“isizwe [sakhe] esilungile.” (Isaya 26:2) Nokho, kungenzeka ukuthi uyazibuza, ‘Kuphilwa kanjani kulo mphakathi wamaKristu? Ngiyafuna ngempela yini ukuba yingxenye yawo?’ Lalela ukuthi abanye abantu abasebasha bathini ngawo:

UQuentin: “Ibandla liyisivikelo sami ezweni. Ukuqaphela ukuthi uJehova uyingxenye yokuphila kwami kuyangisiza ngibone ukuthi ukhona nokuthi ufuna ngijabule.”

UJeff: “Ibandla liyindawo engcono kunazo zonke engingathola kuyo isikhuthazo. Abazalwane nodade bahlala bekulungele ukungisekela nokungincoma. Empeleni ngibabheka njengomndeni wakithi.”

ULinet: “Ayinakuqhathaniswa nalutho injabulo yokubona umuntu amukela iqiniso leBhayibheli, enza isinqumo sokukhonza uJehova. Lokhu kungilethela ukwaneliseka okukhulu ekuphileni kwami.”

UCody: “Ukuphila kwami bekuyoba yize ngaphandle kukaJehova. Bengiyofana nabanye abaningi ngihamba ngizulazula ngisuka kokunye ngiya kokunye ngizama ukuthola injabulo kodwa futhi ngingayitholi. Kunalokho, uJehova uye wanginika ilungelo elihle kakhulu lokuba nobuhlobo naye, okwenza ukuphila kwami kube nenjongo.”

Kunganjani uzihlolele ngokwakho? Uyothola ukuthi ngokusondela kuMdali wakho, uJehova uNkulunkulu, uyothola injongo yangempela ekuphileni.

[Izithombe ekhasini 31]

Ukuba nobuhlobo noNkulunkulu kwenza ukuphila kwethu kube nenjongo

[Umthombo Wesithombe ekhasini 29]

NASA photo