Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Hlalani Nilindile”

“Hlalani Nilindile”

“Hlalani Nilindile”

EZIKHATHINI zamandulo, abagcinisango babekhonza emasangweni omuzi nawethempeli, futhi ngezinye izikhathi, emasangweni ezindlu zabantu. Ngaphandle kokuqiniseka ukuthi amasango avaliwe ebusuku, abagcinisango babekhonza nanjengabalindi. Lesi kwakuyisabelo esinzima kakhulu, ngoba ukulondeka komuzi kwakuxhomeke kubo; kwakumelwe bahlabe umkhosi baxwayise abantu lapho bebona ingozi ezayo.

UJesu Kristu wayewazi kahle umsebenzi wabagcinisango, ababebizwa nangokuthi abalindisango. Ngesinye isikhathi, wafanisa abafundi bakhe nabalindisango wayesebakhuthaza ukuba bahlale belindile maqondana nesiphelo sesimiso sezinto samaJuda. Wathi: “Hlalani nibhekile, nihlale niphapheme, ngoba anazi ukuthi sinini isikhathi esimisiwe. Kunjengomuntu owashiya indlu yakhe waya kude, . . . wayala umlindisango ukuba ahlale elindile. Ngakho-ke hlalani nilindile, ngoba anazi ukuthi inkosi yendlu iyobuya nini.”—Marku 13:33-35.

Ngokufanayo, sekuphele iminyaka engaphezu kwengu-125 manje lo magazini, INqabayokulinda, unikeza abantu isikhuthazo sikaJesu sokuba ‘bahlale belindile.’ Kanjani? Njengoba kulotshiwe ekhasini 2 lalo magazini, ‘Uqaphela izenzakalo zezwe njengoba lezi zigcwalisa isiprofetho seBhayibheli. Ududuza bonke abantu ngezindaba ezinhle zokuthi uMbuso kaNkulunkulu ngokushesha uzobhubhisa labo abacindezela abanye abantu nokuthi uzoguqula umhlaba ube yipharadesi.’ Njengoba kunyatheliswa amakhophi angaphezu kuka-26 000 000 ngezilimi ezingu-150 emhlabeni wonke, INqabayokulinda iwumagazini wenkolo osakazwa kakhulu kunabo bonke emhlabeni. Besebenzisa wona, oFakazi BakaJehova, njengabagcinisango bamandulo, banxusa abantu kuyo yonke indawo ukuba ‘bahlale belindile’ ngokomoya ngoba sekuseduze ukuba iNkosi, uJesu Kristu, ibuye izokhipha isahlulelo kulesi simiso sezinto samanje.—Marku 13:26, 37.