Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Wenza Okulungile Ngaso Sonke Isikhathi

UJehova Wenza Okulungile Ngaso Sonke Isikhathi

UJehova Wenza Okulungile Ngaso Sonke Isikhathi

“UJehova ulungile kuzo zonke izindlela zakhe.”—IHUBO 145:17.

1. Uzizwa kanjani uma umuntu efinyelela iziphetho okungezona ngawe, futhi sifundo sini esingasifunda entweni enjalo?

 KWAKE kwenzeka yini umuntu othile wafinyelela iziphetho okungezona ngawe, mhlawumbe wangabaza izenzo zakho noma izisusa zakho, engawazi wonke amaqiniso? Uma kunjalo, cishe waphatheka kabi—futhi kufanele. Kulokhu singafunda isifundo esibalulekile: Kuwukuhlakanipha ukugwema ukufinyelela eziphethweni ngokuxhamazela uma singawazi wonke amaqiniso.

2, 3. Abanye bazizwa kanjani ngezindaba ezilandiswa yiBhayibheli ezingenayo imininingwane eyanele ukuze kuphenduleke yonke imibuzo, nokho iBhayibheli lisitshelani ngoJehova?

2 Kuhle ukusikhumbula lesi sifundo uma kuziwa ekufinyeleleni iziphetho ngoJehova uNkulunkulu. Ngani? Ngoba kukhona izindaba ezilandiswa yiBhayibheli ezingaqale zikudide. Lezi zindaba—mhlawumbe eziphathelene nezenzo zabanye babakhulekeli bakaNkulunkulu noma izahlulelo zakhe esikhathini esidlule—zingase zingabi nemininingwane eyanele ukuze kuphenduleke yonke imibuzo yethu. Okudabukisayo ukuthi abanye ziyabacasula izindaba ezinjalo, baze bangabaze ngisho nokuthi uNkulunkulu ulungile futhi unobulungisa. Kodwa iBhayibheli lisitshela ukuthi “uJehova ulungile kuzo zonke izindlela zakhe.” (IHubo 145:17) IZwi lakhe lisiqinisekisa nangokuthi “akenzi ngokukhohlakala.” (Jobe 34:12; IHubo 37:28) Cabanga-ke ukuthi kumelwe ukuba uzizwa kanjani uma abanye befinyelela iziphetho okungezona ngaye!

3 Ake sicabangele izizathu ezinhlanu zokuthi kungani kufanele samukele izahlulelo zikaJehova. Khona-ke, sicabanga ngalezo zizathu, sizohlola izindaba ezimbili ezilandiswa yiBhayibheli abanye abangase bakuthole kunzima ukuziqonda.

Kungani Kufanele Samukele Izahlulelo ZikaJehova?

4. Kungani kufanele sithobeke uma sicabangela izenzo zikaNkulunkulu? Fanekisa.

4 Okokuqala, ngenxa yokuthi uJehova uwazi wonke amaqiniso endaba kanti thina asiwazi, kufanele sithobeke lapho sicabangela izenzo zikaNkulunkulu. Singafanekisa kanje: Ake sithi umahluleli onedumela elihle lokwenza izinqumo ezingenzeleli ukhiphe isigwebo ecaleni elithile enkantolo. Ubungathini uma othile ongawazi wonke amaqiniso noma ongayiqondi ngempela imithetho ehilelekile egxeka isinqumo salo mahluleli? Kungaba ubuwula ukuba umuntu ahlulele indaba angayazi ngokugcwele. (IzAga 18:13) Kuwubuwula kakhulu kangakanani-ke ukuba abantu nje bagxeke “uMahluleli womhlaba wonke”!—Genesise 18:25.

5. Yini okungafanele siyikhohlwe lapho sifunda izindaba ezilandiswa yiBhayibheli ngezahlulelo zikaNkulunkulu kubantu abathile?

5 Isizathu sesibili sokuba samukele izahlulelo zikaNkulunkulu ukuthi, ngokungafani nabantu, uNkulunkulu ukwazi ukufunda izinhliziyo. (1 Samuweli 16:7) IZwi lakhe lithi: “Mina, Jehova, ngiphenya inhliziyo, ngihlola izinso, yebo ukuze nginike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe, ngokwezithelo zezenzo zakhe.” (Jeremiya 17:10) Ngakho uma sifunda izindaba ezilandiswa yiBhayibheli ngezahlulelo zikaNkulunkulu kubantu abathile, masingakhohlwa ukuthi amehlo akhe akwaziyo ukubona konke ahlola imicabango, izisusa nezinhloso ezicashile ezingabhalwanga eZwini lakhe.—1 IziKronike 28:9.

6, 7. (a) UJehova ubonise kanjani ukuthi unamathela ezindinganisweni zakhe zokulunga nobulungisa ngisho noma kungadingeka alahlekelwe kakhulu ngokwenza kanjalo? (b) Yini okufanele siyikhumbule uma sifunda okuthile eBhayibhelini okusenza singabaze ukuthi uNkulunkulu wénza ngendlela yobulungisa noma yokulunga?

6 Phawula isizathu sesithathu sokuba samukele izahlulelo zikaJehova: Unamathela ezindinganisweni zakhe zokulunga ngisho noma kungadingeka alahlekelwe kakhulu ngokwenza kanjalo. Cabanga ngalesi sibonelo: Ngokunikela ngeNdodana yakhe njengesihlengo sokukhulula isintu esilalelayo esonweni nasekufeni, uJehova wenza ngokuvumelana nezindinganiso zakhe zobulungisa nokulunga. (Roma 5:18, 19) Kodwa, kumelwe ukuthi ukubona iNdodana yakhe ethandekayo ihlupheka futhi ifa esigxotsheni sokuhlushwa kwamzwisa ubuhlungu obukhulu kakhulu uJehova. Kusitshelani lokhu ngoNkulunkulu? Mayelana ‘nesihlengo esakhokhwa uKristu Jesu,’ iBhayibheli lithi: “Lokhu kwakungenjongo yokuba [uNkulunkulu] abonise ukulunga kwakhe siqu.” (Roma 3:24-26) Okunye ukuhunyushwa kweyabaseRoma 3:25 kufundeka kanje: “Lokhu kwabonisa ukuthi uNkulunkulu wenza okulungile ngaso sonke isikhathi.” (New Century Version) Yebo, izinga uJehova ayezimisele ukuzidela ngalo ukuze alungiselele isihlengo libonisa ukuthi ukwazisa kakhulu “okulungile.”

7 Ngakho, uma sifunda okuthile eBhayibhelini okusenza singabaze ukuthi uNkulunkulu wénza ubulungisa noma ukulunga, nakhu okufanele sikukhumbule: Ngenxa yokuthembeka kwakhe ezindinganisweni zakhe zokulunga nobulungisa, uJehova akazange agodle ngisho neNdodana yakhe ukuze ingakuzwa ukufa okubuhlungu. Ingabe angazephula lezo zindinganiso kwezinye izinto? Iqiniso liwukuthi, uJehova akalokothi aphule izindinganiso zakhe zokulunga nobulungisa. Ngakho sinezizathu ezanele zokuqiniseka ukuthi wenza okulungile ngaso sonke isikhathi.—Jobe 37:23.

8. Kungani kungaba ukungqubuzana ukuba abantu bacabange ukuthi ubulungisa nokulunga kungantuleka ngandlela-thile kuJehova?

8 Cabangela isizathu sesine sokuba samukele izahlulelo zikaJehova: UJehova wenza umuntu ngomfanekiso waKhe. (Genesise 1:27) Ngakho abantu banikwa izimfanelo ezinjengezikaNkulunkulu, kuhlanganise nomuzwa wobulungisa nokulunga. Kungaba ukungqubuzana uma umuzwa wethu wobulungisa nokulunga ungasenza sicabange ukuthi zona lezo zimfanelo ziyantuleka ngandlela-thile kuJehova. Uma sikhathazwa indaba ethile eBhayibhelini, kudingeka sikhumbule ukuthi ngenxa yesono esasithola ngefa, umuzwa wethu wobulungisa nokulunga awuphelele. UJehova uNkulunkulu, esidalwe ngomfanekiso wakhe, uphelele ngobulungisa nangokulunga. (Duteronomi 32:4) Kungaba okungenangqondo ngisho nokucabanga nje ukuthi abantu bangaba nobulungisa nokulunga ngaphezu kukaNkulunkulu!—Roma 3:4, 5; 9:14.

9, 10. Kungani uJehova engabophekile ukuba achazele abantu ukuthi kungani enze ngendlela ethile?

9 Isizathu sesihlanu sokuba samukele izahlulelo zikaJehova ukuthi “ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” (IHubo 83:18) Ngenxa yalokho akabophekile ukuba achazele abantu ukuthi kungani enze ngendlela enze ngayo. UnguMbumbi Omkhulu, thina sifana nobumba olubunjwe lwaba izitsha, angenza akuthandayo ngalo. (Roma 9:19-21) Singobani thina—ubumba nje esandleni sakhe—ukuthi singangabaza izinqumo noma izenzo zakhe? Lapho inzalamizi uJobe ingakuqondi ukusebenzelana kukaNkulunkulu nabantu, uJehova wayilungisa, ebuza: “Ngempela, uyobenza bube yize yini ubulungisa bami? Uyothi mina ngimubi ukuze wena ube ongenaphutha?” Eqaphela ukuthi wayekhulume ngokungaqondi, kamuva uJobe waphenduka. (Jobe 40:8; 42:6) Sengathi singeze nanini senza iphutha lokusola uNkulunkulu!

10 Kusobala ukuthi sinezizathu ezizwakalayo zokukholelwa ukuthi uJehova wenza okulungile ngaso sonke isikhathi. Sinalesi sisekelo sokuqonda izindlela zikaJehova, make sihlole izindaba ezimbili ezilandiswa yiBhayibheli abanye abangazithola zidida. Eyokuqala iphathelene nezenzo zomunye wabakhulekeli bakaNkulunkulu, enye iphathelene nokukhipha kukaNkulunkulu isahlulelo.

Kungani ULoti Anikela Ngamadodakazi Akhe Esixukwini Esithukuthele?

11, 12. (a) Landisa ngokwenzeka lapho uNkulunkulu ethumela eSodoma izingelosi ezimbili ezazisemizimbeni yenyama. (b) Le ndaba ibangele miphi imibuzo ezingqondweni zabanye abantu?

11 KuGenesise isahluko 19, sithola indaba yalokho okwenzeka lapho uNkulunkulu ethumela eSodoma izingelosi ezimbili ezazisemizimbeni yenyama. ULoti wazicindezela lezi zivakashi ukuba zihlale emzini wakhe. Nokho, ngalobo busuku amadoda omuzi azungeza umuzi wakhe afuna ukuba lezi zivakashi zikhishelwe kuwo azinukubeze. ULoti wazama ukubonisana nesixuku, kwanhlanga zimuka nomoya. Efuna ukuvikela izivakashi zakhe, uLoti wathi: “Sizani, bafowethu, ningenzi kabi. Ngiyanicela, bhekani nginamadodakazi amabili angakaze alale nendoda. Ngiyanicela, ngivumeleni ngiwakhiphele kini. Khona-ke yenzani kuwo ngokwalokho okuhle emehlweni enu. Kuphela ningenzi lutho kula madoda, ngoba yingakho engene ngaphansi kophahla lwami.” Isixuku asifunanga nokuzwa, sacishe saphula nomnyango. Ekugcineni, izivakashi eziyizingelosi zasishaya ngobumpumputhe leso sixuku esihlanyayo.—Genesise 19:1-11.

12 Kuyaqondakala ukuthi le ndaba ibangele imibuzo ezingqondweni zabanye. Bayazibuza: ‘ULoti wayengafuna kanjani ukuvikela izivakashi zakhe ngokunikela ngamadodakazi akhe esixukwini esihlanyiswa inkanuko? Wayengenzi yini ngendlela engafanele, yobugwala?’ Uma sicabanga ngale ndaba, kungani uNkulunkulu ayengaphefumulela uPetru ukuba abize uLoti ngokuthi ‘umuntu olungileyo’? Ingabe uNkulunkulu wayekuvumela lokhu okwakwenziwa uLoti? (2 Petru 2:7, 8) Make sicabangisise ngale ndaba ukuze singafinyeleli iziphetho eziyiphutha.

13, 14. (a) Yini okufanele iphawulwe ngendaba yeBhayibheli mayelana nezenzo zikaLoti? (b) Yini ebonisa ukuthi uLoti akenzanga ubugwala?

13 Okokuqala kufanele kuphawulwe ukuthi iBhayibheli limane nje libika okwenzeka, kunokuba livune noma ligxeke izenzo zikaLoti. IBhayibheli futhi alisitsheli ukuthi uLoti wayecabangani ukuze enze ngendlela enza ngayo noma ukuthi yini eyayimshukumisa. Uma esebuya ‘ngovuko lwabalungile,’ mhlawumbe uyosambulela imininingwane.—IzEnzo 24:15.

14 ULoti wayengelona neze igwala. Wayesesimweni esinzima. Ngokuba athi izivakashi ‘zazingene ngaphansi kophahla’ lwakhe, uLoti wayebonisa ukuthi uzizwa ephoqekile ukuba azivikele. Kodwa lokho kwakungeke kube lula. Isazi-mlando esingumJuda uJosephus sibika ukuthi abantu baseSodoma “babengenabo ubulungisa kwabanye abantu, bengenanhlonipho ngoNkulunkulu . . . Babezizonda izihambi, futhi bezinukubeza bona ngokwabo ngemikhuba yobungqingili.” Noma kunjalo, uLoti akazange asesabe leso sixuku esinenzondo. Kunalokho, waphuma wabonisana nalawo madoda athukuthele. Waze “wawuvala umnyango ngemva kwakhe.”—Genesise 19:6.

15. Kungani kungathiwa kungenzeka ukuthi uLoti wenza ngokuqhutshwa ukholo?

15 Abanye bangase babuze, ‘Noma kunjalo, uLoti wayenikelelani ngamadodakazi akhe esixukwini?’ Kunokuthatha ngokuthi izisusa zakhe zazizimbi, kungani ungacabangeli okungenzeka kwakuyizisusa zakhe? Okokuqala, kungenzeka ukuthi wenza ngokuqhutshwa ukholo. Kanjani? Akungabazeki ukuthi uLoti wayazi kahle ukuthi uJehova wayemvikele kanjani uSara, umka-Abrahama, umfowabo kayise. Khumbula ukuthi ngenxa yokuthi uSara wayemuhle kakhulu, u-Abrahama wamcela ukuba athi ungumfowabo, funa abanye bambulale ukuze bamthathe. * Ngemva kwalokho, uSara wathathwa wayiswa endlini kaFaro. Nokho, uJehova wangenela, wamvimba uFaro ukuba angamthinti uSara. (Genesise 12:11-20) Kungenzeka ukuthi uLoti wayenokholo lokuthi amadodakazi akhe ayezovikelwa ngendlela efanayo. Kuyaphawuleka ukuthi nangempela uJehova wangenela ngezingelosi zakhe, zavikeleka lezo zintombi.

16, 17. (a) Kungenzeka ukuthi uLoti wayezama ukuwadida kanjani amadoda aseSodoma? (b) Kungakhathaliseki ukuthi uLoti wayecabangani, yini esingaqiniseka ngayo?

16 Cabangela okunye okungenzeka kwakuyisisusa sakhe. Kungenzeka futhi ukuthi uLoti wayezama ukuwakhungathekisa noma ukuwadida la madoda. Kungenzeka wayekholelwa ukuthi lesi sixuku sasingeke siwakhanukele amadodakazi akhe ngoba abantu baseSodoma babenenkanuko yobungqingili. (Jude 7) Ngaphezu kwalokho, amadodakazi akhe ayethenjiswe umshado amadoda asemzini, ngakho kungenzeka ukuthi kuleso sixuku kwakukhona izihlobo zabakhwenyana bakhe, abangane babo, noma ozakwabo kwezohwebo. (Genesise 19:14) Kungenzeka ukuthi uLoti wayethemba ukuthi ngenxa yalobo buhlobo, amanye kulawo madoda ayekuleso sixuku ayezowakhulumela amadodakazi akhe. Isixuku esihlukene phakathi kanjalo sasingeke sibe ingozi kangako. *

17 Noma ngabe yini uLoti ayeyicabanga noma iyisisusa sakhe, singaqiniseka ngalokhu: Njengoba uJehova enza okulungile ngaso sonke isikhathi, kumelwe ukuthi wayenesizathu esihle sokubheka uLoti ‘njengomuntu olungileyo.’ Uma ucabangela izenzo zesixuku esihlanyayo sabantu baseSodoma, kungaba khona yini ukungabaza ukuthi uJehova kwakufanele azahlulele izakhamuzi ezonakele zalowo muzi?—Genesise 19:23-25.

Kungani UJehova Abulala U-Uza?

18. (a) Kwenzekani lapho uDavide ezama ukuletha uMphongolo eJerusalema? (b) Ibangela miphi imibuzo le ndaba?

18 Enye indaba engase idide kwabanye iphathelene nomzamo kaDavide wokuletha umphongolo wesivumelwano eJerusalema. UMphongolo wabekwa enqoleni, eyayiholwa u-Uza nomfowabo. IBhayibheli lithi: “Kancane kancane bafika ngasesibuyeni sikaNakoni, manje u-Uza welulela isandla sakhe emphongolweni kaNkulunkulu weqiniso wawubamba, ngoba izinkabi zacishe zawugumbuqela. Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu weqiniso wambulala khona lapho ngenxa yalesi senzo sokungabi nanhlonipho, kangangokuba wafela khona lapho eduze komphongolo kaNkulunkulu weqiniso.” Ezinyangeni ezithile kamuva, umzamo wesibili waba impumelelo lapho uMphongolo uthuthwa ngendlela eyayiyalezwe uNkulunkulu, utshethwe amaLevi angamaKohati. (2 Samuweli 6:6, 7; Numeri 4:15; 7:9; 1 IziKronike 15:1-14) Abanye bangase babuze: ‘Kungani uJehova athatha isinyathelo esiqine kangaka? U-Uza wayemane nje ezama ukuwukusindisa uMphongolo.’ Kuhle sibheke imininingwane ezosisiza, kunokuba sifinyelele iziphetho eziyiphutha.

19. Kungani kungenakwenzeka ukuba uJehova enze ukungalungi?

19 Kudingeka sikhumbule ukuthi akunakwenzeka ukuba uJehova enze ukungalungi. (Jobe 34:10) Ukwenza kwakhe kanjalo kungaba ukungabi naluthando, kanti siyazi ngokutadisha kwethu iBhayibheli lilonke ukuthi “uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Ngaphandle kwalokho, imiBhalo isitshela ukuthi “ukulunga nokwahlulela kuyindawo emisiwe yesihlalo [sikaNkulunkulu] sobukhosi.” (IHubo 89:14) Kungenzeka kanjani-ke ukuba uJehova enze ukungalungi? Uma engenza kanjalo, uyobe ubhidliza sona kanye isisekelo sobukhosi bakhe.

20. Kungaziphi izizathu u-Uza kwakufanele azazi izimiso eziphathelene noMphongolo?

20 Khumbula ukuthi u-Uza kwakufanele ukuthi wayewazi uMthetho. UMphongolo wawumelela ukuba khona kukaJehova. UMthetho wawusho ngokucacile ukuthi akumelwe uthintwe abantu abangagunyaziwe, uxwayisa ngokucacile ngokuthi abawephulayo lo mthetho babeyojeziswa ngokufa. (Numeri 4:18-20; 7:89) Ngakho, ukuthuthwa kwalelo bhokisi elingcwele kwakungeyona indaba yokuthathwa kalula. Kusobala ukuthi u-Uza wayengumLevi (nakuba ayengeyena umpristi), ngakho kumelwe ukuba wayewazi uMthetho. Ngaphandle kwalokho, eminyakeni ethile ngaphambili uMphongolo wawuthuthelwe endlini kayise ukuba ugcinwe khona. (1 Samuweli 6:20–7:1) Wahlala lapho iminyaka engaba ngu-70, kwaze kwaba ilapho uDavide ewuthutha. Ngakho kumelwe ukuthi kusukela ebuntwaneni, u-Uza wayeyazi imithetho ephathelene noMphongolo.

21. Endabeni ka-Uza, kungani kubalulekile ukukhumbula ukuthi uJehova ubona izisusa zenhliziyo?

21 Njengoba kushiwo ngaphambili, uJehova uyakwazi ukufunda izinhliziyo. Njengoba iZwi lakhe libiza isenzo sika-Uza ngokuthi “isenzo sokungabi nanhlonipho,” kungenzeka ukuthi uJehova wabona isisusa esithile sobugovu esingavezwanga ngokucacile endabeni. Ingabe mhlawumbe u-Uza wayengumuntu ogabadelayo, ojwayele ukweqa imingcele emisiwe? (IzAga 11:2) Ingabe ukuhamba phambi kwabantu ehola uMphongolo umkhaya wakubo owawuwugcine ngasese kwamenza wazizwa ebalulekile? (IzAga 8:13) Ingabe u-Uza wayenokholo oluncane kangangokuthi wayecabanga ukuthi isandla sikaJehova sifushane, ngeke sikwazi ukubamba leli bhokisi elingcwele elifanekisela ukuba khona kwakhe? Noma ngabe ikuphi, singaqiniseka ukuthi uJehova wenza into efanele. Kungenzeka ukuthi wabona okuthile enhliziyweni ka-Uza okwamenza wakhipha isahlulelo esisheshayo.—IzAga 21:2.

Izizathu Ezizwakalayo Zokuqiniseka

22. Ukuhlakanipha kukaJehova kubonakala kanjani ekutheni ngezinye izikhathi iZwi lakhe aliyinikezi imininingwane ethile?

22 Ukuhlakanipha kukaJehova okungenakuqhathaniswa kubonakala ngokuthi ngezinye izikhathi iZwi lakhe aliyinikezi imininingwane ethile. Ngaleyo ndlela uJehova usinika ithuba lokubonisa ukuthi siyamethemba. Kulokhu esesikucabangele, akucacile yini ukuthi sinezizathu ezizwakalayo zokwamukela izahlulelo zikaJehova? Yebo, uma sitadisha iZwi likaNkulunkulu ngenhliziyo eqotho nangengqondo evulekile, sifunda okuningi ngoJehova okusenza siqiniseke ukuthi ngaso sonke isikhathi wenza ngobulungisa nangokulunga. Ngakho, uma indaba ethile elandiswa yiBhayibheli ibangela imibuzo esihlulekayo ukuthola izimpendulo zayo ngokushesha, masiqiniseke ngokugcwele ukuthi uJehova wénza okulungile.

23. Yini esingaqiniseka ngayo ngokuqondene nezenzo uJehova asazozenza?

23 Singaqiniseka ngendlela efanayo ngezenzo uJehova asazozenza. Ngakho, singaqiniseka ukuthi uma esefika ezokhipha isahlulelo ngosizi olukhulu olusondelayo, ngeke ‘akhukhule olungile kanye nomubi.’ (Genesise 18:23) Uthando lwakhe lokulunga nobulungisa alusoze lwamvumela ukuba enze kanjalo. Singaqiniseka ngokuphelele futhi ukuthi ezweni elisha elizayo, uyokwanelisa zonke izidingo zethu ngendlela engcono kakhulu.—IHubo 145:16.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 15 Ukwesaba kuka-Abrahama kwakufanele, ngoba enye i-papyrus yasendulo ilandisa ngoFaro owathuma amadoda ahlomile ukuba abambe owesifazane othile omuhle abulale umyeni wakhe.

^ par. 16 Ukuze uthole okunye ukuphawula, bheka INqabayokulinda ka-July 1, 1980, ikhasi 31.

Uyakhumbula?

• Kungaziphi izizathu kufanele samukele izahlulelo zikaJehova?

• Yini engasisiza sigweme ukufinyelela iziphetho eziyiphutha ngokunikela kukaLoti ngamadodakazi akhe esixukwini esithukuthele?

• Imaphi amaqiniso angasisiza siqonde ukuthi kungani uJehova abulala u-Uza?

• Yini esingaqiniseka ngayo ngokuqondene nezenzo uJehova asazozenza?

[Imibuzo Yesifundo]