Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuphila—Kuyigugu Noma Kuyize?

Ukuphila—Kuyigugu Noma Kuyize?

Ukuphila—Kuyigugu Noma Kuyize?

“Njengoba umuntu enziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, ukumbulala kuwukubhubhisa into eyigugu futhi engcwele kunazo zonke emhlabeni.”—I-Plain Man’s Guide to Ethics kaWilliam Barclay.

‘INTO eyigugu kunazo zonke emhlabeni.’ Ingabe unalowo mbono ngokuphila? Izenzo zabantu abaningi zibonisa ngokusobala ukuthi abavumelani nalo mbhali. Izigidi zabantu ziye zabulawa ngonya abantu abanobudlova abaphishekela imigomo yobugovu ngaphandle kokucabangela inhlalakahle yabanye.—UmShumayeli 8:9.

Kuyize Futhi Kungaqedwa

IMpi YeZwe I iyisibonelo esihle salokhu. Ngokuphindaphindiwe phakathi naleyo mpi eyesabekayo “kwenziwa umhlatshelo ngabantu kungadingekile,” kusho isazi-mlando u-A. J. P. Taylor. Befuna ukuvelela nodumo, abaholi bezempi basebenzisa amasosha njengokungathi ayizinto eziyize futhi ezingaqedwa ngokuphelele. Empini yaseVerdun eFrance, kwafa abantu abangaphezu kwengxenye yesigidi. UTaylor wabhala: “Kwakungekho mklomelo [onokubaluleka kwezempi] owawuyozuzwa noma owawuyolahleka, kodwa kwakumelwe nje kubulawe abantu bese kuzuzwa udumo.”—The First World War.

Umbono onjalo wokungakuhloniphi ukuphila usathé chithi saka. Isazi uKevin Bales siveza ukuthi ezikhathini zanamuhla “ukwanda kwabantu okungalawuleki kuye kwaphoqa abantu abayizigidi abampofu nabangavikelekile ukuba bayofuna umsebenzi.” Kukho konke ukuphila kwabo bashikashikela ukuba nje baqhubeke bephila kulesi simiso sezentengiselwano esicindezelayo lapho “ukuphila kubhekwa khona njengokuyize.” UBales uthi labo abaxhaphazayo babaphatha njengezigqila—“amathuluzi angasetshenziselwa ukwenza imali abese eyalahlwa.”—Disposable People.

‘Ukulwela Ukufica Umoya’

Kunezinye izizathu eziningi ezenza izigidi zabantu zizizwe zingelutho ngokuphelele futhi ziphelelwe ithemba—ukuthi akekho onendaba ngempela ukuthi ziyaphila noma ziyafa. Ngaphandle kwempi nokungabi nabulungisa, kukhona isomiso, indlala, izifo, ukushonelwa nezinye izinto ezingenakubalwa okuhlupha sonke isintu, kwenze abantu bazibuze ukuthi basaphilelani nje.—UmShumayeli 1:8, 14.

Yiqiniso, akuwona wonke umuntu obhekana nokuswela okukhulu kanye nosizi ekuphileni. Kodwa ngisho nalabo abangabhekani nokucindezelwa okubi kakhulu ngokuvamile baye bananela amazwi enkosi yakwa-Israyeli wasendulo uSolomoni, eyabuza: “Yini umuntu aba nayo ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima nangokushikashikeka kwenhliziyo yakhe asebenza kanzima ngako phansi kwelanga?” Ngemva kokucabanga ngalezi zinto, abaningi bayabona ukuthi okuningi ababekwenza ekugcineni kuba “yize nokulwela ukufica umoya.”—UmShumayeli 2:22, 26.

Uma abantu abaningi bebheka emuva ekuphileni kwabo, bayaye babuze, “Ingabe yilokhu kuphela okuqukethwe ukuphila?” Yebo, bangaki abafa bezizwa ‘banelisekile’ ngempela, njengoba kwenzeka enzalamizini u-Abrahama? (Genesise 25:8) Abaningi banomuzwa ongapheli wobuze. Kodwa ukuphila akudingeki kube yize. UNkulunkulu ubheka ukuphila komuntu ngamunye njengokuyigugu futhi ufuna ngamunye wethu aphile ngokugcwele, akujabulele ukuphila. Kuyokwenzeka kanjani lokho? Bheka lokho okushiwo isihloko esilandelayo.