Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuphishekela ‘Iparele Lenani Eliphakeme’ Namuhla

Ukuphishekela ‘Iparele Lenani Eliphakeme’ Namuhla

Ukuphishekela ‘Iparele Lenani Eliphakeme’ Namuhla

“Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi.”—MATHEWU 24:14.

1, 2. (a) AmaJuda osuku lukaJesu ayezizwa kanjani ngoMbuso kaNkulunkulu? (b) Yini uJesu ayenza ukuze uMbuso uqondwe kahle, futhi kwaba namiphi imiphumela?

 LAPHO uJesu efika emhlabeni, uMbuso kaNkulunkulu wawungundab’ uzekwayo kumaJuda. (Mathewu 3:1, 2; 4:23-25; Johane 1:49) Kodwa ekuqaleni iningi lawo lalingaqondi ngokugcwele ukuthi wawuzoba namandla negunya elingakanani; futhi lalingaqondi ukuthi wawuzoba uhulumeni wasezulwini. (Johane 3:1-5) Ngisho nabanye ababa abalandeli bakaJesu babengaqondi ngokugcwele ukuthi uyini uMbuso kaNkulunkulu noma ukuthi kumelwe benzeni ukuze bathole isibusiso sokuba ababusi kanye noKristu.—Mathewu 20:20-22; Luka 19:11; IzEnzo 1:6.

2 Njengoba isikhathi siqhubeka, ngesineke uJesu wafundisa abafundi bakhe izifundo eziningi, kuhlanganise nomzekeliso weparele lenani eliphakeme esixoxe ngawo esihlokweni esandulele, ebabonisa ukubaluleka kokuba bazikhandle ekuphishekeleni uMbuso wasezulwini. (Mathewu 6:33; 13:45, 46; Luka 13:23, 24) Kumelwe ukuba lokhu kwazithinta kakhulu izinhliziyo zabo ngoba ngokushesha base bengabamemezeli abakhuthele nabanesibindi bezindaba ezinhle zoMbuso ezingxenyeni ezikude zomhlaba, okufakazelwa kakhulu yincwadi yezEnzo.—IzEnzo 1:8; Kolose 1:23.

3. Ngokuqondene nesikhathi sethu, uJesu wathini ngoMbuso?

3 Namuhla-ke? Izigidi zabantu zisethubeni lokuthola izibusiso zepharadesi lasemhlabeni ngaphansi koMbuso. Esiprofethweni sakhe esibalulekile “sesiphelo sesimiso sezinto,” uJesu washo ngokuqondile: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:3, 14; Marku 13:10) Wachaza nokuthi lo msebenzi omkhulukazi kumelwe wenziwe naphezu kwezingqinamba nezinselele ezinkulu, ngisho noshushiso. Nokho, wanikeza lesi siqinisekiso: “Lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.” (Mathewu 24:9-13) Konke lokhu kudinga ukuzidela nokuzinikela okufana nokomthengisi ohambahambayo womzekeliso kaJesu. Bakhona yini namuhla abantu ababonisa ukholo olunjalo nentshiseko ekuphishekeleni uMbuso?

Injabulo Yokuthola Iqiniso

4. Iqiniso loMbuso libathinta kanjani abantu namuhla?

4 Emzekelisweni kaJesu, umthengisi wajabula kakhulu lapho ethola lokho akubona ‘kuyiparele lenani eliphakeme.’ Leyo njabulo yamshukumisela ukuba enze konke ayengakwenza ukuze libe ngelakhe lelo parele. (Hebheru 12:1) Namuhla, iqiniso ngoNkulunkulu nangoMbuso wakhe nalo likhanga abantu futhi libashukumise ngokufanayo. Lokhu kusikhumbuza amazwi kaMfoweth’ u-A. H. Macmillan, owabhala ngokufuna kwakhe uNkulunkulu nenjongo yaKhe ngesintu, encwadini ethi Faith on the March. Wathi: “Ngitholé into izinkulungwane zabantu ezisayithola unyaka nonyaka. Laba abantu abanjengami nawe, ngoba bavela kuzo zonke izizwe, izinhlanga, nezizinda, futhi bayashiyashiyana ngobudala. Iqiniso alikhethi. Lidonsa zonke izinhlobo zabantu.”

5. Imiphi imiphumela emihle ebonakala embikweni wonyaka wenkonzo ka-2004?

5 Ukuthi lawo mazwi ayiqiniso kubonakala ngokuthi unyaka ngamunye izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zishukumisela amakhulu ezinkulungwane zabantu abanhliziyo ziqotho ukuba anikezele ukuphila kwawo kuJehova, enze intando yakhe. Kwenzeke okufanayo nangonyaka wenkonzo ka-2004, owaqala ngo-September 2003 waphela ngo-August 2004. Kulezo zinyanga ezingu-12, abantu abangu-262 416 babonisa obala ukuzinikezela kwabo kuJehova ngokubhapathizwa emanzini. Lokhu kwenzeke emazweni angu-235, lapho oFakazi BakaJehova baqhuba khona izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-6 085 387 masonto onke ukuze basize abantu bazo zonke izizinda, abavela ezizweni eziningi, izinhlanga, nezilimi ukuba bathole iqiniso elinika ukuphila leZwi likaNkulunkulu.—IsAmbulo 7:9.

6. Yini ebangele ukwanda okuqhubekayo kule minyaka edlule?

6 Yini eyenze konke lokhu kwenzeka? Akungabazeki ukuthi nguJehova odonsela kuye laba bantu abathambekele ngokufanele. (Johane 6:65; IzEnzo 13:48) Kodwa futhi akufanele siweye umoya wokungazigodli nenkuthalo yalabo abaye bazidela ekuphishekeleni uMbuso. Lapho eseneminyaka engu-79 ubudala, uMfoweth’ uMacmillan wabhala: “Kusukela ngiqala ukuzwa ngezithembiso ezibhekiswe esintwini esigulayo nesifayo, ithemba lami kulokho okwambulwe yilowo myalezo weBhayibheli alizange lifiphale. Ngaso leso sikhathi ngazimisela ukuthola okwengeziwe ngalokho iBhayibheli elikufundisayo ukuze ngikwazi ukusiza abanye abanjengami, abafuna ulwazi ngoNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, nezinjongo zakhe ezinhle ngesintu.”

7. Ikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa injabulo nokuzimisela kwalabo abathola iqiniso leBhayibheli?

7 Lokho kuzimisela kuyabonakala nasezincekwini zikaJehova namuhla. Ngokwesibonelo, cabanga ngoDaniela waseVienna, e-Austria. Wathi: “Kusukela ngisemncane, uNkulunkulu wayengumngane wami omkhulu. Ngangilokhu ngifuna ukwazi igama lakhe ngoba elithi ‘Nkulunkulu’ mina lalingangitsheli ngomuntu ongokoqobo. Kodwa kwadingeka ngilinde ngize ngibe neminyaka engu-17 ubudala, lapho kufika oFakazi BakaJehova ekhaya. Bachaza yonke into engangifuna ukuyazi ngoNkulunkulu. Ekugcineni, ngase ngilitholile iqiniso, futhi laliyisimangaliso! Ngangijabule kangangokuthi ngaqala ukushumayeza wonke umuntu.” Ngokushesha, intshiseko yakhe yamenza wahlekwa izingane afunda nazo. “Kodwa kimina kwakusengathi ngibona iziprofetho zeBhayibheli zigcwaliseka,” kuqhubeka uDaniela, “ngoba ngangifundile ukuthi uJesu wathi abalandeli bakhe babeyozondwa futhi bashushiswe ngenxa yegama lakhe. Ngangingeve ngijabule futhi ngimangele.” Ngokushesha, uDaniela wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova, wabhapathizwa, futhi waqala ukuphishekela umgomo wenkonzo yezithunywa zevangeli. Ngemva kokushada, uDaniela nomyeni wakhe, uHelmut, baqala ukushumayela kubantu base-Afrika, abaseChina, abasePhilippines nabaseNdiya, eVienna. Manje uDaniela noHelmut bakhonza njengezithunywa zevangeli eningizimu-ntshonalanga Afrika.

Abayeki

8. Iyiphi enye yezindlela ezinemivuzo emihle abaningi abaye babonisa ngayo uthando lwabo ngoNkulunkulu nobuqotho babo eMbusweni wakhe?

8 Impela, inkonzo yezithunywa zevangeli ingenye yezindlela abantu bakaJehova namuhla ababonisa ngayo uthando lwabo ngoNkulunkulu nobuqotho babo eMbusweni wakhe. Njengomthengisi womzekeliso kaJesu, labo abangenela le nkonzo bazimisele ukuya ezindaweni ezikude ngenxa yoMbuso. Yebo, lezi zithunywa zevangeli aziyeli ukuyothola izindaba ezinhle zoMbuso; ziziyisa kubantu abasemajukujukwini omhlaba, zibafundise futhi zibasize babe abafundi bakaJesu Kristu. (Mathewu 28:19, 20) Emazweni amaningi, kudingeka zikhuthazelele izinkinga ezingavamile. Kodwa ukukhuthazela kwazo kunemivuzo emihle kakhulu.

9, 10. Ikuphi okuhlangenwe nakho okumnandi izithunywa zevangeli ezikutholayo ezindaweni ezikude, njengaseCentral African Republic?

9 Ngokwesibonelo, cabanga ngeCentral African Republic, lapho ngonyaka odlule inani lababeseSikhumbuzweni sokufa kukaKristu lalingu-16 184, okwacishe kwaliphinda kasikhombisa inani labamemezeli boMbuso kulelo zwe. Njengoba izindawo eziningi kulelo zwe zingenawo ugesi, abantu ngokuvamile bayenzela phandle imisebenzi yabo yansuku zonke, ngaphansi komthunzi wesihlahla. Ngakho kuyinto elindelekile ukuba nezithunywa zevangeli ziwenze kanjalo umsebenzi wazo—ziziqhubele phandle izifundo zeBhayibheli, ngaphansi komthunzi wesihlahla. Akukhona nje kuphela ukuthi phandle kuyakhanya futhi kupholile, kodwa futhi kunenye inzuzo. Abantu bakhona bayazithandela iBhayibheli, futhi ukuxoxa ngenkolo kuvame njengokuxoxa ngezemidlalo noma ngesimo sezulu kwamanye amazwe. Ngokuvamile abantu abadlula ngendlela bayakubona okwenzekayo, bese bevele bezohlanganyela esifundweni.

10 Ngakho, lapho esinye isithunywa sevangeli siqhuba isifundo seBhayibheli phandle, insizwa yangaphesheya komgwaqo yeza yafike yathi, njengoba yona yayingavakashelwanga, kufanele isithunywa sevangeli size nakuyo sizofunda nayo iBhayibheli. Yebo yayisho entshweni kulesi sithunywa sevangeli, futhi manje le nsizwa ithuthuka ngokushesha. Kulelo zwe, amaphoyisa avamile ukumisa oFakazi emgwaqweni, engabamiseli ukubabopha noma ukubahlawulisa, kodwa ukuze acele INqabayokulinda yamuva ne-Phaphama!, noma ukuze ababonge ngesihloko asijabulele kakhulu.

11. Naphezu kwezinkinga, izithunywa zevangeli ezingomakad’ ebona zizizwa kanjani ngenkonzo yazo?

11 Abaningi balabo abángenela inkonzo yezithunywa zevangeli eminyakeni engu-40 noma engu-50 edlule basaqhubeka bekhonza ngokwethembeka ensimini. Yeka isibonelo sokholo nokukhuthazela abayiso kithi sonke! Omunye umbhangqwana usukhonze ndawonye njengezithunywa zevangeli iminyaka engu-42 emazweni amathathu. Indoda ithi: “Beziba khona izinkinga. Ngokwesibonelo, salwa nomalaleveva iminyaka engu-35. Kodwa asikaze sizisole ngesinqumo sethu sokuba izithunywa zevangeli.” Inkosikazi iyanezela: “Kuhlale kukuningi kakhulu esibongayo ngakho. Insimu ayive imnandi, futhi kulula ukuqala izifundo zeBhayibheli. Lapho ubona izifundo ziza emihlanganweni futhi ziqala ukwazana, kuba sengathi kuhlangene umndeni isikhathi ngasinye.”

‘Zonke Izinto Bazishaya Indiva’

12. Kubonakala kanjani ukuthi umuntu ukwazisa ngempela ukubaluleka koMbuso?

12 Lapho umthengisi ohambahambayo ethola iparele lenani eliphakeme, “wahamba wathengisa masinyane zonke izinto ayenazo wayeselithenga.” (Mathewu 13:46) Lokhu kuzimisela ukulahlekelwa izinto ezingase zibhekwe njengeziyigugu kuyisimo salabo abawazisa ngempela uMbuso. Njengoba ayezokhazinyuliswa kanye noKristu eMbusweni, umphostoli uPawulu wathi: “Ngempela zonke izinto ngizishaya indiva ngenxa yenzuzo edlula zonke izinto, yolwazi ngoKristu Jesu iNkosi yami. Ngenxa yakhe ngiye ngamukela ukulahlekelwa yizo zonke izinto futhi ngizibheka njengenqwaba yezibi, ukuze ngizuze uKristu.”—Filipi 3:8.

13. Umuntu othile waseCzech Republic walubonisa kanjani uthando lwakhe ngoMbuso?

13 Ngokufanayo, abaningi namuhla bazimisele ukwenza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo ukuze bathole izibusiso zoMbuso. Ngokwesibonelo, ngo-October 2003, uthishanhloko oneminyaka engu-60 ubudala wesikole saseCzech Republic wathola insiza-kutadisha yeBhayibheli ethi Ulwazi Oluholelela Ekuphileni Okumi Phakade. Ngemva kokuyifunda, waphuthuma wathinta oFakazi BakaJehova endaweni yakubo ukuze abe nesifundo seBhayibheli. Wathuthuka kahle ngokomoya, ngokushesha waqala ukuya kuyo yonke imihlangano yebandla. Kodwa kuthiwani ngomgomo wakhe wokukhankasela ukuba umphathi-dolobha nokuba yilungu lephalamende? Wakhetha ukungenela umkhankaso ohlukile—umkhankaso wokuthola ukuphila, njengommemezeli woMbuso. Wathi, “Ngakwazi ukuhambisela abafundi bami izincwadi zeBhayibheli eziningi.” Wabonisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngokucwiliswa emanzini emhlanganweni owawungo-July 2004.

14. (a) Izindaba ezinhle zoMbuso zibashukumisele ukuba benzeni abantu abaningi? (b) Imiphi imibuzo esangulukisayo ngamunye wethu angazibuza yona?

14 Izigidi zabanye emhlabeni wonke ziye zasabela ngendlela efanayo ezindabeni ezinhle zoMbuso. Ziye zaphuma ezweni elibi, zakhumula ubuntu bazo obudala, zashiya abangane bazo abadala, zayeka izinto zezwe ezaziziphishekela. (Johane 15:19; Efesu 4:22-24; Jakobe 4:4; 1 Johane 2:15-17) Kungani laba benza konke lokhu? Kungoba izibusiso zoMbuso kaNkulunkulu bazazisa ngaphezu kwanoma yini abangayinikwa yilesi simiso sezinto. Ingabe wena uzizwa ngendlela efanayo ngezindaba ezinhle zoMbuso? Ingabe zikushukumisela ukuba wenze izinguquko ezidingekayo ukuze indlela yakho yokuphila, izinto ozibheka njengezibalulekile, nemigomo yakho, kuvumelane nalokho uJehova akufunayo? Ukwenza kanjalo kuyophumela ezibusisweni ezicebile, manje nasesikhathini esizayo.

Ukuvuna Kufinyelela Umvuthwandaba

15. Yini okwaprofethwa ukuthi abantu bakaNkulunkulu bayoyenza ezinsukwini zokugcina?

15 Umhubi wabhala: “Abantu bakho bayozinikela ngokuzithandela ngosuku lwempi yakho.” Labo abaye bazinikela bahlanganisa “neqembu . . . lezinsizwa elinjengamaconsi amazolo” kanye ‘nebutho elikhulu labesifazane abalandisa izindaba ezinhle.’ (IHubo 68:11; 110:3) Uye waba yini umphumela wenkuthalo nokuzidela kwabantu bakaJehova—abesilisa nabesifazane, abancane nabadala—kulezi zinsuku zokugcina?

16. Nikeza isibonelo sendlela izinceku zikaNkulunkulu ezizama ngayo ukusiza abanye bazi ngoMbuso.

16 ENdiya iphayona, noma ummemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele, lazibuza ukuthi abantu abayizithulu abangaphezu kwezigidi ezimbili kulelo zwe bangasizwa kanjani ukuba bazi ngoMbuso. (Isaya 35:5) Lanquma ukubhalisa esikoleni sokufunda ulimi lwezandla eBangalore. Lapho, lakwazi ukuxoxa nezithulu eziningi ngethemba loMbuso, futhi kwakhiwa amaqembu okutadisha iBhayibheli. Emasontweni ambalwa nje, abantu abangaphezu kwabangu-12 baqala ukuza emihlanganweni eHholo LoMbuso. Kamuva, edilini lomshado, leli phayona lahlangana nensizwa eyisithulu yaseCalcutta eyayinemibuzo eminingi, futhi yabonisa isithakazelo esikhulu sokwazi kabanzi ngoJehova. Kodwa kwakunenkinga. Le nsizwa kwakufanele iphindele eCalcutta ekude ngamakhilomitha angaba ngu-1 600, ukuze iyoqala ekolishi, kanti babengekho oFakazi abazi ulimi lwezandla khona. Ngemva komzamo omkhulu, uyise wayivumela ukuba iyofunda eBangalore kunaseCalcutta, ukuze ikwazi ukuqhubeka nesifundo sayo seBhayibheli. Yathuthuka kahle ngokomoya, kwathi cishe ngemva konyaka yanikezela ukuphila kwayo kuJehova. Nayo yabe isifundela ezinye izithulu eziningana iBhayibheli, kuhlanganise nomngane eyakhula naye. Ihhovisi legatsha laseNdiya manje lihlela ukuba amaphayona afunde ulimi lwezandla ukuze asize kuleyo nsimu.

17. Yisho lokho okuthola kuthakazelisa ngokukhethekile embikweni wonyaka wenkonzo ka-2004 emakhasini 19 kuya ku-22.

17 Emakhasini 19 kuya ku-22 alo magazini, uzothola umbiko womhlaba wonke womsebenzi wasensimini woFakazi BakaJehova phakathi nonyaka wenkonzo ka-2004. Zinike isikhashana sokuwuhlola, uzibonele ubufakazi bokuthi abantu bakaJehova emhlabeni wonke bagxile kakhulu ekuphishekeleni ‘iparele lenani eliphakeme’ namuhla.

Qhubeka ‘Ufuna Kuqala Umbuso’

18. Yini uJesu angayishongo emzekelisweni womthengisi ohambahambayo, futhi ngani?

18 Uma siphindela emzekelisweni kaJesu womthengisi ohambahambayo, siphawula ukuthi uJesu akashongo lutho ngokuthi lo mthengisi wayezoziphilisa kanjani ngemva kokuthengisa konke ayenakho. Eqinisweni, abanye bangase babuze: ‘Lo mthengisi wayezokuthola kanjani ukudla, izembatho, nendawo yokuhlala njengoba manje ayengasenalutho angaphila ngalo? Lalizomsiza ngani lelo parele eliyigugu?’ Leyo yimibuzo enengqondo ngokombono wenyama. Kodwa uJesu akazange yini anxuse abafundi bakhe: “Qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa”? (Mathewu 6:31-33) Iphuzu eliyinhloko lomzekeliso womthengisi yisidingo sokubonisa ukuzinikela ngenhliziyo yonke kuNkulunkulu nokushisekela uMbuso. Kukhona yini thina esingakufunda kulokhu?

19. Isiphi isifundo esiyinhloko esisifunda emzekelisweni kaJesu weparele lenani eliphakeme?

19 Kungakhathaliseki ukuthi sisanda kuzwa ngezindaba ezinhle ezimangalisayo noma sesinamashumi eminyaka siphishekela uMbuso futhi sitshela abanye ngezibusiso zawo, kumelwe siqhubeke sigxilise isithakazelo nokunaka kwethu eMbusweni. Yizikhathi ezinzima lezi, kodwa sinezizathu eziqinile zokukholelwa ukuthi lokho esikuphishekelayo kuyinto engokoqobo futhi engenakuqhathaniswa nalutho—njengeparele elatholwa umthengisi. Izenzakalo zezwe neziprofetho zeBhayibheli ezigcwalisekile kunikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi siphila ‘esiphelweni sesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3) Njengomthengisi ohambahambayo, masibonise ukuwushisekela ngenhliziyo yonke uMbuso kaNkulunkulu futhi silijabulele ilungelo lokumemezela izindaba ezinhle.—IHubo 9:1, 2.

Uyakhumbula?

• Yini eyenze abakhulekeli beqiniso banda ekuqhubekeni kweminyaka?

• Imuphi umoya obonakala kulabo abakhonza njengezithunywa zevangeli?

• Iziphi izinguquko abantu abazenzile ngenxa yezindaba ezinhle zoMbuso?

• Isiphi isifundo esibalulekile esingasifunda emzekelisweni kaJesu weparele lenani eliphakeme?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ishadi ekhasini 19-22]

UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-2004 WOFAKAZI BAKAJEHOVA EMHLABENI WONKE

(Bheka umqulu)

[Isithombe ekhasini 14]

“Iqiniso . . . lidonsa abantu bazo zonke izinhlobo.”—A. H. Macmillan

[Isithombe ekhasini 15]

UDaniela noHelmut bashumayela ensimini yabantu abakhuluma izilimi zakwamanye amazwe eVienna

[Izithombe ekhasini 16]

Njengomthengisi ohambahambayo, izithunywa zevangeli namuhla zibusiswa kakhulu

[Isithombe ekhasini 17]

“Abantu bakho bayozinikela ngokuzithandela”