Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Intsha Edumisa UJehova Ithuthukisa Ukuphila Kwayo

Intsha Edumisa UJehova Ithuthukisa Ukuphila Kwayo

“Usizo Lwami Luvela Kujehova”

Intsha Edumisa UJehova Ithuthukisa Ukuphila Kwayo

“NGIFUNA okungcono kakhulu ekuphileni!” Yileyo ndlela omunye umfana achaza ngayo lokho afisa ukukuthola. Kodwa umuntu osemusha angakuthola kanjani okungcono kakhulu ekuphileni? IBhayibheli linikeza impendulo eqondile: “Khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho.”—UmShumayeli 12:1, IBhayibheli lesiZulu elivamile.

Ukudumisa nokukhonza uJehova akumelwe kwenziwe abantu abadala kuphela. USamuweli, indodana ka-Elkana noHana, wayemncane kakhulu lapho eqala ukukhonza uJehova etabernakele. (1 Samuweli 1:19, 20, 24; 2:11) Intombazanyana engumHebheru yabonisa ukholo oluqinile kuJehova lapho isikisela kuNahamani, induna yempi yaseSiriya, ukuba aye kumprofethi u-Elisha ukuze aphulukiswe ochokweni. (2 AmaKhosi 5:2, 3) IHubo 148:7, 12, liyala kokubili abafana namantombazane ukuba badumise uJehova. * Lapho eneminyaka engu-12 kuphela, uJesu waba nesithakazelo esijulile enkonzweni kaYise. (Luka 2:41-49) Ngenxa yokuthi babeqeqeshwe ngemiBhalo, abanye abafana bamemeza lapho bebona uJesu esethempelini: “Siyanxusa, sindisa iNdodana kaDavide!”—Mathewu 21:15, 16.

Ukudumisa UJehova Namuhla

Namuhla, intsha eningi ephakathi koFakazi BakaJehova iyaziqhenya ngezinkolelo zayo futhi ngesibindi ikhuluma ngazo nabanye esikoleni noma kwezinye izindawo. Cabangela lezi zibonelo ezimbili.

EBrithani, ekilasini likaStephanie oneminyaka engu-18 ubudala kwakuxoxwa ngokukhipha isisu nangezinye izindaba ezimaqondana nokuziphatha. Uthisha waphikelela ngokuthi ukukhipha isisu manje sekwamukelekile futhi akukho muntu wesifazane ongaba nesizathu sokuphikisa lo mkhuba. Lapho wonke umuntu ekilasini evumelana nalo mbono, akuvumanga ukuba uStephanie athule angayivikeli inkolelo yakhe esekelwe eBhayibhelini. Ithuba lokwenza lokho lafika lapho uthisha ecela umbono kaStephanie. Nakuba aqale wethuka, uStephanie wasebenzisa leli thuba ukuze achaze umbono ongokomBhalo. Wakhulumela u-Eksodusi 21:22-24 wabe esechaza ukuthi uma kwakukubi ukulimaza umntwana ongakazalwa, kusobala ukuthi ukhipha isisu kuphambene nentando kaNkulunkulu.

Lo thisha, futhi ongumfundisi, wayengakaze awafunde la mavesi. Ukufakaza kukaStephanie ngesibindi kwaholela ekubeni axoxe nafunda nabo ekilasini ngezindaba ezihlukahlukene ezithakazelisayo. Manje enye yamantombazane ibathola njalo omagazini bamuva INqabayokulinda ne-Phaphama!, futhi abanye ababili babekhona emhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova beyobona uStephanie ebhapathizwa njengophawu lokuzinikezela kwakhe kuNkulunkulu.

UVareta oneminyaka engu-6 ubudala, ohlala eSuriname, eNingizimu Melika, wasebenzisa ithuba lokudumisa uNkulunkulu lapho uthisha wakhe edinga induduzo engokomBhalo. Lapho ebuya ngemva kwezinsuku ezintathu, lo thisha wabuza abafundi ukuthi babazi yini ukuthi kungani ayengekho. Baphendula, “Bewugula, angithi?” “Cha,” kuphendula uthisha. “Udadewethu ushonile futhi inhliziyo yami ayive ibuhlungu. Ngakho kudingeka nithule du.”

Ngalolo suku ntambama ngesikhathi unina esathathé isithongwana, uVareta wayematasa ecinga komagazini abadala, efunda nezihloko. Wathola INqabayokulinda ka-July 15, 2001, enesihloko esithi “Ingabe Kukhona Ukuphila Ngemva Kokufa?” Egcwele injabulo wavusa unina, wathi, “Mama, mama, bheka! Ngiwutholile umagazini okhuluma ngokufa engizowunika uthisha!” Umagazini wathunyelwa kuthisha unencwadi eyayivela kuVareta. Wayebhale ukuthi: “Lona ngowakho ngokukhethekile. EPharadesi uyophinde umbone udadewenu ngoba uJehova akawaqambi amanga. Uye wathembisa ukuthi uzoletha ipharadesi, hhayi ezulwini, kodwa emhlabeni.” Uthisha wayazisa kakhulu induduzo esekelwe eBhayibhelini ekulezi zihloko.

Ukwakhela Ikusasa

UJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo,’ futhi ufuna abasha bajabule. (1 Thimothewu 1:11) IZwi lakhe lithi: “Jabulela ubusha bakho. Jabula lapho usemusha.” (UmShumayeli 11:9, Today’s English Version) UJehova ukwazi ukubona ngalé kwesikhathi samanje futhi ubona imiphumela yesikhathi esizayo yokuziphatha okuhle nokubi. Yingakho iZwi lakhe leluleka abasha: “Manje khumbula uMdali wakho Omkhulu ezinsukwini zobunsizwa bakho, ngaphambi kokuba kufike izinsuku eziyinhlekelele, noma kufike iminyaka lapho uyothi khona: ‘Angijabuli ngayo.’”.—UmShumayeli 12:1.

Yiqiniso, uJehova ufuna ukuba abasha bakujabulele ngokugcwele ukuphila okuyisipho esiyigugu. Ngokukhumbula uNkulunkulu nokumdumisa, abantu abasha bangajabulela ukuphila okwanelisayo nokunomvuzo. Ngisho nalapho bebhekene nezinselele, ngokuqiniseka bangathi: “Usizo lwami luvela kuJehova.”—IHubo 121:2.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 4 Bheka IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2005, March/April.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]

“Dumisani uJehova emhlabeni, . . . nina zinsizwa nani futhi zintombi.”—IHUBO 148:7, 12

[Ibhokisi ekhasini 8]

UJEHOVA UYABASEKELA ABASHA

“Wena uyithemba lami, Nkosi EnguMbusi Jehova, ithemba lami kusukela ebusheni bami.”—IHubo 71:5.

“[NguNkulunkulu] owanelisa isikhathi sokuphila kwakho ngokuhle; ubusha bakho buyaqhubeka buzivuselela njengobokhozi.”—IHubo 103:5.