Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Nathengwa Ngentengo”

“Nathengwa Ngentengo”

“Nathengwa Ngentengo”

“Nathengwa ngentengo. Impela, khazimulisani uNkulunkulu.”—1 KORINTE 6:20.

1, 2. (a) NgokoMthetho KaMose, izigqila ezingama-Israyeli kwakumelwe ziphathwe kanjani? (b) Isigqila esasithanda inkosi yaso sasingakhetha ukwenzani?

“UBUGQILA babuvamile futhi bamukeleka endulo,” kusho i-Holman Illustrated Bible Dictionary. Iyanezela: “Umnotho waseGibhithe, eGrisi naseRoma wawufukulwa izithukuthuku zezigqila. Ekhulwini lokuqala leminyaka lobuKristu, umuntu oyedwa kwabathathu e-Italy noyedwa kwabahlanu kwamanye amazwe wayeyisigqila.”

2 Yize ubugqila babukhona nakwa-Israyeli wasendulo, uMthetho KaMose waqinisekisa ukuthi izigqila ezingamaHebheru zivikelekile. Ngokwesibonelo, uMthetho wawungakuvumeli ukuba umIsrayeli abe yisigqila iminyaka engaphezu kweyisithupha. Ngonyaka wesikhombisa, isigqila kwakumelwe ‘siphume njengokhululiweyo kungabizwa lutho.’ Kodwa imithetho ephathelene nokuphathwa kwezigqila yayinobulungisa futhi ibonelela kangangokuthi uMthetho KaMose wawunaleli lungiselelo: “Uma leso sigqila singaphikelela sithi, ‘Ngiyayithanda ngempela inkosi yami, umkami namadodana ami; angifuni ukuphuma njengokhululiweyo,’ khona-ke inkosi yaso kumelwe isisondeze kuNkulunkulu weqiniso futhi isincikise emnyango noma ensikeni yomnyango; inkosi yaso kumelwe ibhoboze indlebe yaso ngosungulo, futhi kumelwe sibe yisigqila sayo kuze kube nini nanini.”—Eksodusi 21:2-6; Levitikusi 25:42, 43; Duteronomi 15:12-18.

3. (a) AmaKristu ekhulu lokuqala amukela ubugqila baluphi uhlobo? (b) Yini esishukumisela ukuba sikhonze uNkulunkulu?

3 Ilungiselelo lokuba yisigqila ngokuzithandela laba isandulela sohlobo lobugqila amaKristu eqiniso angaphansi kwabo. Ngokwesibonelo, abalobi beBhayibheli oPawulu, uJakobe, uPetru noJude bazibiza ngokuthi bayizinceku zikaNkulunkulu noKristu. * (Thithu 1:1; Jakobe 1:1; 2 Petru 1:1; Jude 1) UPawulu wakhumbuza amaKristu aseThesalonika ukuthi ‘ayephendukile ezithombeni zawo aphendukela kuNkulunkulu ukuze abe yizinceku zikaNkulunkulu ophilayo noweqiniso.’ (1 Thesalonika 1:9) Yini eyashukumisela lawo maKristu ukuba abe yizigqila zokuzithandela zikaNkulunkulu? Kakade, yini eyayishukumisa isigqila esingumIsrayeli esasiyeka inkululeko yaso? Kwakungekona yini ukuthanda inkosi yaso? Ubugqila bamaKristu busekelwe ekuthandeni uNkulunkulu. Lapho sesimazi uNkulunkulu weqiniso nophilayo futhi simthanda, sishukumiseleka ukuba simkhonze ‘ngayo yonke inhliziyo yethu nangawo wonke umphefumulo wethu.’ (Duteronomi 10:12, 13) Nokho, ukuba yizigqila zikaNkulunkulu nezikaKristu kuhilelani? Kukuthinta kanjani ukuphila kwethu kwansuku zonke?

“Zonke Izinto Zenzeleni Inkazimulo KaNkulunkulu”

4. Siba kanjani yizigqila zikaNkulunkulu nezikaKristu?

4 Isigqila “umuntu oyimpahla engokomthetho yomunye umuntu noma yabanye futhi obophekile ukuba abalalele ngokuphelele.” Lapho sinikezela ukuphila kwethu kuJehova futhi sibhapathizwa siba impahla yakhe engokomthetho. “Anibona abenu, ngoba nathengwa ngentengo,” kuchaza umphostoli uPawulu. (1 Korinte 6:19, 20) Yebo, leyo ntengo umhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu, njengoba uNkulunkulu esamukela ngesisekelo sawo ukuba sibe yizinceku zakhe, kungakhathaliseki ukuthi singamaKristu agcotshiwe noma singabangane bawo abanethemba lasemhlabeni. (Efesu 1:7; 2:13; IsAmbulo 5:9) Ngakho kusukela ekubhapathizweni kwethu, “singabakaJehova.” (Roma 14:8) Njengoba sathengwa ngegazi eliyigugu likaJesu Kristu, siba nayizigqila zakhe, ezinesibopho sokugcina imiyalo yakhe.—1 Petru 1:18, 19.

5. Njengezigqila zikaJehova, yisiphi isibopho esiyinhloko esinaso, futhi singasifeza kanjani?

5 Izigqila kumelwe zilalele inkosi yazo. Ubugqila bethu obokuzithandela futhi busekelwe othandweni esinalo ngeNkosi yethu. Eyoku-1 Johane 5:3 ithi: “Ngoba yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.” Ngakho-ke, kithi ukulalela kuwubufakazi bothando nokuzithoba kwethu. Kubonakala kukho konke esikwenzayo. UPawulu wathi: “Kungakhathaliseki ukuthi niyadla noma niyaphuza noma nenza noma yini enye, zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu.” (1 Korinte 10:31) Ekuphileni kwethu kwansuku zonke, ngisho nangezindlela ezincane, sifuna ukubonisa ukuthi ‘siyizigqila zikaJehova.’—Roma 12:11.

6. Ukuba yizigqila zikaNkulunkulu kuzithinta kanjani izinqumo esizenzayo ekuphileni? Nikeza isibonelo esibonisa lokhu.

6 Ngokwesibonelo, lapho senza izinqumo, sifuna ukuqikelela ukuthi siyayicabangela intando yeNkosi yethu yasezulwini, uJehova. (Malaki 1:6) Izinqumo ezinzima zingase zivivinye ukuthi simlalela kangakanani uNkulunkulu. Ingabe siyolalela iseluleko sakhe ngaleso sikhathi esikhundleni sokulandela ukuthambekela kwenhliziyo yethu ‘ekhohlisayo futhi eyenza ngokuphelelwa yithemba’? (Jeremiya 17:9) UMelisa, umKristu ongashadile, wayenesikhashana ebhapathiziwe lapho insizwa ethile iqala ukubonisa isithakazelo kuye. Yayibonakala ingumuntu okahle, kanti futhi yayisiqale ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Noma kunjalo, umdala othile wakhuluma noMelisa ngokuhlakanipha kokulandela umyalo kaJehova wokushada “kuphela eNkosini.” (1 Korinte 7:39; 2 Korinte 6:14) “Kwakungelula kimi ukuba ngisilandele lesi seluleko,” kuvuma uMelisa. “Kodwa nganquma ukuthi njengoba ngangizinikezele kuNkulunkulu ukuba ngenze intando yakhe, ngizozilalela iziqondiso zakhe ezicacile.” Uma esecabanga ngalokho okwenzeka, uthi: “Angive ngijabula ngokuthi ngasilalela iseluleko. Kungakabiphi lo mlisa wayeka ukufunda. Ukube ngaphikelela nalobo buhlobo, ngabe manje ngishade nomuntu ongakholwa.”

7, 8. (a) Kungani kungafanele sikhathazeke ngokweqile ngokujabulisa abantu? (b) Bonisa indlela esinganqoba ngayo ukwesaba abantu.

7 Njengezigqila zikaNkulunkulu, akumelwe sibe izigqila zabantu. (1 Korinte 7:23) Yiqiniso, akekho kithi okujabulelayo ukungathandwa, kodwa kumelwe sikhumbule ukuthi amaKristu anezindinganiso ezihlukile kwezasezweni. UPawulu wabuza: “Ingabe ngifuna ukujabulisa abantu?” Waphetha kanje: “Ukube bengisajabulisa abantu, ngabe angiyona inceku kaKristu.” (Galathiya 1:10) Asikwazi ukuvumela ukuthonywa ontanga sibe abantu abajabulisa abantu. Khona-ke, singenzani lapho abanye befuna ukuba sizivumelanise nabo?

8 Cabangela isibonelo sika-Elena, umKristu osemusha waseSpain. Wayefunda nezingane eziningana ekilasini ezazithekelisa ngegazi. Zazazi ukuthi njengoba u-Elena ayengomunye woFakazi BakaJehova, wayengeke athekelise ngegazi noma avume ukulimpontshelwa. Lapho kuvela ithuba lokuba achazele lonke ikilasi ngesimo sakhe, u-Elena wazicelela ukuba anikeze inkulumo. U-Elena uyachaza: “Empeleni ngangiphelile uvalo. Kodwa ngalungiselela kahle futhi kwaba nemiphumela emangalisayo. Izingane engifunda nazo zangihlonipha, kanti uthisha wangitshela ukuthi wayewazisa umsebenzi engiwenzayo. Ngaphezu kwakho konke, ngazizwa nganelisekile ngokuthi ngiye ngalwela igama likaJehova futhi ngakwazi ukuchaza ngokucacile izizathu zokuma kwami okungokomBhalo.” (Genesise 9:3, 4; IzEnzo 15:28, 29) Yebo, njengezigqila zikaNkulunkulu nezikaKristu, sihlukile. Noma kunjalo, abantu bangase basihloniphe uma sikulungele ukuvikela izinkolelo zethu ngenhlonipho.—1 Petru 3:15.

9. Sifundani engelosini eyabonakala kumphostoli uJohane?

9 Ukukhumbula ukuthi siyizigqila zikaNkulunkulu kungasisiza futhi ukuba sihlale sithobekile. Ngesinye isikhathi, umphostoli uJohane wahlatshwa umxhwele umbono omangalisayo weJerusalema lasezulwini kangangokuthi wawa phansi efuna ukukhuleka ezinyaweni zengelosi eyayingumkhulumeli kaNkulunkulu. Le ngelosi yathi kuye: “Qaphela! Ungakwenzi lokho! Ngimane nje ngiyinceku kanye nawe nabafowenu abangabaprofethi nalabo abagcina amazwi alo mqulu. Khulekela uNkulunkulu.” (IsAmbulo 22:8, 9) Yeka isibonelo esihle ingelosi eyasibekela zonke izigqila zikaNkulunkulu! AmaKristu athile angase abe nezikhundla ezithile zemithwalo yemfanelo ebandleni. Noma kunjalo, uJesu wathi: “Noma ubani ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu kumelwe abe yisikhonzi senu, futhi noma ubani ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu kumelwe abe yinceku yenu.” (Mathewu 20:26, 27) Njengabalandeli bakaJesu, sonke siyizigqila.

“Lokho Esikwenzile Yilokho Obekumelwe Sikwenze”

10. Nikeza izibonelo ezingokomBhalo ezibonisa ukuthi kwakungelula ngaso sonke isikhathi ngezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ukwenza intando yakhe.

10 Akulula ngaso sonke isikhathi kubantu abangaphelele ukwenza intando kaNkulunkulu. Umprofethi uMose waba madolo-nzima ukulalela lapho uJehova emcela ukuba ahambe ayokhipha abantwana bakwa-Israyeli ebugqilini baseGibhithe. (Eksodusi 3:10, 11; 4:1, 10) Lapho ethola isabelo sokuyomemezela isigijimi sesahlulelo kubantu baseNineve, uJona “wasuka phambi kukaJehova wabalekela eTharishishi.” (Jona 1:2, 3) UBharuki, unobhala womprofethi uJeremiya, wakhala ngokudinwa. (Jeremiya 45:2, 3) Kufanele sisabele kanjani lapho esikufisayo noma esikukhethayo kungqubuzana nokwenza intando kaNkulunkulu? Umfanekiso uJesu awenza usinikeza impendulo.

11, 12. (a) Landisa ngamafuphi umfanekiso kaJesu olotshwe kuLuka 17:7-10. (b) Sithola siphi isifundo emfanekisweni kaJesu?

11 UJesu wakhuluma ngesigqila esaselusa umhlambi wenkosi yaso usuku lonke emadlelweni. Lapho leso sigqila sifika ekhaya, sikhathele ngemva kokusebenza kanzima imini yonke, inkosi yaso ayizange isicele ukuba sihlale phansi sijabulele isidlo sakusihlwa. Kunalokho, inkosi yathi: “Lungisa okuthile ukuze ngidle isidlo sami sakusihlwa, ufake iphinifa ungikhonze ngize ngiqede ukudla nokuphuza, kamuva nawe ungadla uphuze.” Isigqila sasinganaka izidingo zaso kuphela ngemva kokuba sesikhonze inkosi yaso. UJesu waphetha lo mfanekiso ngokuthi: “Kanjalo nani, lapho nenze zonke izinto enabelwe zona, anothi, ‘Siyizinceku ezingelusizo lwalutho. Lokho esikwenzile yilokho obekufanele sikwenze.’”—Luka 17:7-10.

12 Injongo yalo mfanekiso kaJesu kwakungekona ukubonisa ukuthi uJehova akakwazisi esikwenzayo enkonzweni yakhe. IBhayibheli lisho ngokucacile: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.” (Hebheru 6:10) Kunalokho, iphuzu lomzekeliso kaJesu laliwukuthi isigqila asikwazi ukuzijabulisa sona noma sigxile ekuzenzeni sinethezeke. Lapho sizinikezela kuNkulunkulu futhi sikhetha ukuba yizigqila zakhe, sasivuma ukuthi siyobeka intando yakhe kuqala kuneyethu. Ngakho, kumelwe intando kaNkulunkulu ize kuqala kuneyethu.

13, 14. (a) Kungaphansi kwaziphi izimo lapho kungase kudingeke khona ukuba senze ngokuphambene nokuthanda kwethu? (b) Kungani kufanele sivumele intando kaNkulunkulu inqobe?

13 Kungase kudingeke ukuba sizikhandle ukuze sitadishe iZwi likaNkulunkulu njalo kanye nezincwadi ‘zenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45) Kungaba njalo ikakhulukazi uma ukufunda kungakaze kube into elula kithi noma uma incwadi idingida ‘izinto ezijulile zikaNkulunkulu.’ (1 Korinte 2:10) Nokho, kumelwe sihlele isikhathi sesifundo somuntu siqu. Kungase kudingeke sizithibe sihlale phansi siyifundisise indaba. Ngalé kwalokho, singakuhlakulela kanjani ukuthanda ‘ukudla okuqinile okungokwabantu abavuthiwe’?—Hebheru 5:14.

14 Kuthiwani ngezinsuku lapho sifika sikhathele ekhaya ngemva kokusebenza kanzima usuku lonke? Kungase kudingeke sizihudule ukuze siye emihlanganweni yobuKristu. Noma kungenzeka ukuthi ukushumayela kubantu esingabazi kuphambene nobuntu bethu. Ngisho noPawulu waqaphela ukuthi zingaba khona izikhathi lapho simemezela khona izindaba ezinhle ‘singathandi.’ (1 Korinte 9:17) Nokho, siyazenza lezi zinto ngoba uJehova—iNkosi yethu yasezulwini esiyithandayo—uthi sizenze. Futhi-ke, angithi njalo nje sizizwa sanelisekile futhi siqabulekile ngemva kokuba sizihudulile satadisha, saya emihlanganweni noma sayoshumayela?—IHubo 1:1, 2; 122:1; 145:10-13.

Ungabheki “Izinto Ezingemuva”

15. UJesu wasibeka kanjani isibonelo sokuzithoba kuNkulunkulu?

15 UJesu Kristu wabonisa ngendlela evelele ukuthi wayezithoba kuYise osezulwini. Watshela abafundi bakhe: “Angehlanga ezulwini ukuba ngizokwenza intando yami kodwa intando yalowo ongithumileyo.” (Johane 6:38) Lapho enomunyu ensimini yaseGetsemane, wathandaza: “Baba, uma kungenzeka, le ndebe mayidlule kimi. Nokho, kungabi njengoba kuthanda mina, kodwa kube njengoba kuthanda wena.”—Mathewu 26:39.

16, 17. (a) Kufanele sizibheke kanjani izinto esizishiye emuva? (b) Bonisa ukuthi kungani sithi uPawulu wayebheka izinto ngeso elifanele lapho ebheka wonke amathuba akhe ezweni “njengenqwaba yezibi.”

16 UJesu Kristu ufuna ukuba sihlale sithembekile esinqumweni esisenzile sokuba yizigqila zikaNkulunkulu. Wathi: “Akukho muntu othi esebeké isandla sakhe egejeni abuye abheke izinto ezingemuva owufanelekela kahle umbuso kaNkulunkulu.” (Luka 9:62) Ukuhlale sicabanga ngezinto esizishiye ngemuva akuyona neze into efanele uma siyizigqila zikaNkulunkulu. Kunalokho, kufanele sazise lokho esikuzuzile ngokukhetha ukuba yizigqila zikaNkulunkulu. UPawulu wabhalela abaseFilipi: “Ngempela zonke izinto ngizishaya indiva ngenxa yenzuzo edlula zonke izinto, yolwazi ngoKristu Jesu iNkosi yami. Ngenxa yakhe ngiye ngamukela ukulahlekelwa yizo zonke izinto futhi ngizibheka njengenqwaba yezibi, ukuze ngizuze uKristu.”—Filipi 3:8.

17 Cabanga ngezinto uPawulu azibheka njengenqwaba yezibi wabe esezilahla ukuze athole umvuzo ongokomoya njengesigqila sikaNkulunkulu. Akagcinanga ngokushiya ukuthokomala izwe elalingamnika kona kodwa washiya nethuba lokuba umholi wesikhathi esizayo wamaJuda. Ukube uPawulu wayeqhubeke nobuJuda, ngabe mhlawumbe wakhushulelwa esikhundleni esifana nesikaSimeyoni, indodana kaGamaliyeli owafundisa uPawulu. (IzEnzo 22:3; Galathiya 1:14) USimeyoni waba umholi wabaFarisi futhi wahola ekuvukeleni kwamaJuda amaRoma ngo-66 kuya ku-70 C.E., yize akwenza enongabazane. Wafa kuleyo mpi, mhlawumbe ebulawa abashisekeli bobuJuda noma amabutho amaRoma.

18. Nikeza isibonelo esibonisa indlela imigomo engokomoya eletha ngayo izibusiso.

18 OFakazi BakaJehova abaningi baye balandela isibonelo sikaPawulu. UJean uthi: “Ngemva kweminyaka embalwa nje ngiqede isikole, ngathola umsebenzi wokuba umabhalane omkhulu wommeli ovelele eLondon. Ngangiwujabulela umsebenzi wami futhi ngithola imali ebhekile, kodwa enhliziyweni yami ngangazi ukuthi ngingenza okwengeziwe ukuze ngikhonze uJehova. Ngagcina ngiwuyekile lo msebenzi futhi ngaqala ukuphayona. Angive ngijabula ngokuthi ngathatha leso sinyathelo cishe eminyakeni engu-20 edlule! Inkonzo yami yesikhathi esigcwele iye yacebisa ukuphila kwami ngaphezu kwalokho okwakungenziwa yinoma yimuphi umsebenzi wobubhalane. Akukho okugculisa ngaphezu kokubona indlela iZwi likaJehova elikushintsha ngayo ukuphila komuntu. Ukuba nengxenye kuleyo nqubo kuyilungelo elimangalisayo. Lokho esikunika uJehova akulutho uma kuqhathaniswa nalokho esikutholayo.”

19. Yini okufanele sizimisele ukuyenza, futhi ngani?

19 Ngokuhamba kwesikhathi izimo zethu zingase zishintshe. Nokho, ukuzinikezela kwethu kuNkulunkulu kona akushintshi. Siqhubeka siyizigqila zikaJehova futhi ukushiyela kithi ukuba sizinqumele indlela engcono kakhulu esingasebenzisa ngayo isikhathi sethu, amandla, amakhono nezinye izinto zethu. Ngakho, izinqumo esizenzayo kule ndaba zingabonisa uthando lwethu ngoNkulunkulu. Zibonisa nokuthi sizimisele ukuzidela ngezinga elingakanani. (Mathewu 6:33) Kungakhathaliseki izimo zethu, akufanele yini sizimisele ukunika uJehova okungcono kakhulu esinakho? UPawulu wabhala: “Uma ukulungela kukhona kuqala, kwamukeleka ngokukhethekile ngokwalokho umuntu anakho, hhayi ngokwalokho umuntu angenakho.”—2 Korinte 8:12.

“Nivuna Isithelo”

20, 21. (a) Ukuba yizigqila zikaNkulunkulu kuveza siphi isithelo? (b) UJehova ubavuza kanjani labo abamkhonza ngawo wonke amandla abo?

20 Ukuba yizigqila zikaNkulunkulu akusicindezeli. Ngokuphambene, kusikhulula ohlotsheni lobugqila obucindezelayo obusiphuca injabulo. UPawulu wabhala: “Ngenxa yokuthi nakhululwa esonweni kodwa naba yizigqila zikaNkulunkulu, nivuna isithelo senu esiwubungcwele, futhi ekugcineni ukuphila okuphakade.” (Roma 6:22) Ukuba kwethu izigqila zikaNkulunkulu kunesithelo esiwubungcwele ngoba sivuna izinzuzo zokuziphatha okungcwele noma okuhlanzekile. Ngaphezu kwalokho, kuholela ekuphileni okuphakade okuseza.

21 UJehova unesandla esivulekile ezigqileni zakhe. Lapho senza konke okusemandleni ethu enkonzweni yakhe, usivulela “amasango ezikhukhula asemazulwini” athululele phezu kwethu “isibusiso kuze kungabikho ukuswela.” (Malaki 3:10) Yeka ukuthi kuyoba intokozo engakanani ukuqhubeka sikhonza njengezigqila zikaJehova kulo lonke iphakade!

[Umbhalo waphansi]

^ par. 3 Elithi “isigqila” nelithi “inceku” ahunyushwe esuselwa egameni elilodwa. Kulesi sihloko asetshenziswe womabili ngomqondo ofanayo.

Usakhumbula?

• Kungani siba yizigqila zikaNkulunkulu?

• Sibonisa kanjani ukuthi sizithoba entandweni kaNkulunkulu?

• Kungani kufanele sizimisele ukubeka intando kaJehova kuqala kuneyethu?

• Kungani kungafanele ‘sibheke izinto ezingemuva’?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 16, 17]

Ilungiselelo lokuba yisigqila ngokuzithandela kwa-Israyeli laliyisandulela sobugqila bobuKristu

[Isithombe ekhasini 17]

Siba yizigqila zikaNkulunkulu lapho sibhapathizwa

[Izithombe ekhasini 17]

AmaKristu abeka intando kaNkulunkulu kuqala

[Isithombe ekhasini 18]

UMose wayemadolo-nzima ukwamukela isabelo sakhe