Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Njengetshe Eliyigugu Elinombala Obomvu’

‘Njengetshe Eliyigugu Elinombala Obomvu’

‘Njengetshe Eliyigugu Elinombala Obomvu’

UMPHOSTOLI UJOHANE wabona isihlalo sobukhosi esikhazimulayo ezulwini. Owayehleli kuso ‘wayenjengetshe lejaspi.’ Futhi ‘wayenjengetshe eliyigugu elinombala obomvu.’ (IsAmbulo 4:2, 3) Yimaphi lawo matshe?

Lawa kwakungewona amatshe afiphele ayecwebezela ngaphezulu. Endulo, igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ijaspi” lalisetshenziswa uma kubhekiselwe ematsheni anemibala ehlukahlukene, nasematsheni ayigugu owawubona ngalé kwawo. ‘Itshe lejaspi’ okukhulunywa ngalo kusAmbulo 4:3 “ngokuqinisekile kwakungelona ijaspi lanamuhla elishibhile,” kusho u-A. T. Robertson kuyi-Word Pictures in the New Testament. Ngaphezu kwalokho, kamuva encwadini yesAmbulo, uJohane uchaza umuzi wasezulwini, iJerusalema, ngokuthi: “Ukubengezela kwawo kwakunjengokwetshe eliyigugu, kunjengetshe lejaspi elicwebezela njengekristalu.” (IsAmbulo 21:10, 11) Amatshe uJohane akhuluma ngawo ngokusobala ayevumela ukukhanya kudlulele ngalé kwawo.

Ohlezi esihlalweni sobukhosi embonweni kaJohane nguMuntu okhazimula kunabo bonke endaweni yonke, uJehova uNkulunkulu. Uhlanzekile futhi ungcwele ngezinga okungekho muntu ongalifinyelela. Ngokuvumelana nalokho, umphostoli uJohane wabhala: “UNkulunkulu ungukukhanya futhi abukho nhlobo ubumnyama kuye.” (1 Johane 1:5) Ngakho, uJohane wayekhuthaza ayekholwa nabo ukuba ‘bazihlanze njengoba nje noJehova ehlanzekile.’—1 Johane 3:3.

Kumelwe senzeni ukuze uNkulunkulu asibheke njengabahlanzekile? Kumelwe nakanjani sibe nokholo egazini likaKristu elachitheka ukuze sithethelelwe izono zethu. Futhi kumelwe siqhubeke “sihamba ekukhanyeni” ngokulitadisha njalo iBhayibheli nangokuphila ngokuvumelana nezimfundiso zalo.—1 Johane 1:7.