Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJesu Kristu Unaliphi Ithonya Kuwe?

UJesu Kristu Unaliphi Ithonya Kuwe?

UJesu Kristu Unaliphi Ithonya Kuwe?

UMA sicabanga ngalokho esikuthole esihlokweni esandulele, ukhona yini ongangabaza ukuthi izimfundiso zikaJesu zinethonya emhlabeni wonke? Kodwa umbuzo obalulekile uthi: “Izimfundiso zikaJesu zinaliphi ithonya kimi uqobo lwami?”

UJesu wafundisa ngezinto eziningi ezihlukahlukene. Izifundo ezibalulekile azifundisa zingathinta zonke izici zokuphila kwakho. Ake sigxile kulokho uJesu akufundisa mayelana nokuhlela izinto eziza kuqala, ukwakha ubungane noNkulunkulu, ukwakha ubuhlobo obuhle nabanye, ukuxazulula izinkinga, nokugwema izenzo zobudlova.

Hlela Izinto Eziza Kuqala Ekuphileni Kwakho

Ukuphila kwanamuhla okusheshayo kufuna isikhathi namandla ethu amaningi kangangokuthi ngokuvamile izinto ezingokomoya azibi nandawo. Cabanga ngendoda eseminyakeni yawo-20, esizoyibiza ngokuthi uJerry. Yize uJerry ezijabulela izingxoxo ezingokomoya futhi ekubona kubalulekile lokho akufunda kuzo, uyabalisa: “Angisitholi njalo isikhathi sazo. Ngisebenza izinsuku eziyisithupha ngesonto. Usuku lwangeSonto kuphela engingasebenzi ngalo. Ngemva kokwenza izinto ezingimele, ngisuke ngikhathele kakhulu.” Uma nawe uzithola uxakeke ngendlela efanayo, ungazuza kulokho uJesu akufundisa eNtshumayelweni YaseNtabeni.

UJesu wathi esixukwini esasibuthene sizomlalela: “Yekani ukukhathazeka ngemiphefumulo yenu ngokuqondene nokuthi niyodlani noma niyophuzani, noma ngemizimba yenu ngokuqondene nokuthi niyogqokani. Umphefumulo awubalulekile yini ngaphezu kokudla, nomzimba ngaphezu kwezembatho? Qaphelisisani izinyoni zezulu, ngoba azihlwanyeli mbewu noma zivune noma zibuthele ezinqolobaneni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anibalulekile yini nina ngaphezu kwazo? . . . Ngakho ningalokothi nikhathazeke nithi, ‘Sizodlani?’ noma, ‘Sizophuzani?’ noma, ‘Sizogqokani?’ Ngoba konke lokhu kuyizinto izizwe eziziphishekela ngokulangazela. UYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyazidinga zonke lezi zinto. Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa.” (Mathewu 6:25-33) Sifundani kulokhu?

UJesu wayengasho ukuthi kufanele singazinakekeli izidingo zethu zenyama nezamalungu emikhaya yethu. IBhayibheli lithi: “Uma umuntu engabondli abakubo, ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.” (1 Thimothewu 5:8) Nokho, uJesu wathembisa ukuthi uma sihlela izinto eziza kuqala, siqale ngezinto ezingokomoya, uNkulunkulu uyoqikelela ukuthi nezinye izidingo zethu ziyaneliswa. Isifundo esisifunda lapha esokuhlela izinto eziza kuqala. Ukulalela lesi seluleko kuletha injabulo, ngoba “bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—Mathewu 5:3.

Yakha Ubungane NoNkulunkulu

Labo abaqaphela isidingo sabo esingokomoya bayasibona isidingo sokwakha ubuhlobo obuhle noNkulunkulu. Sibakha kanjani ubuhlobo obuhle nothile? Siye sizame ukumazi kangcono lowo muntu, akunjalo? Kuye kudingeke sizinike isikhathi sokwazi imibono yakhe, isimo sakhe sengqondo, amakhono akhe, izinto azifezile, izinto azithandayo nalezo angazithandi. Kunjalo nangokwakha ubungane noNkulunkulu. Kudingeka simazi ngokunembile. Lapho ethandazela abafundi bakhe kuNkulunkulu, uJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Yebo, ukuze sihlakulele ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu kudingeka simazi. Indawo okuwukuphela kwayo esingaluthola kuyo lolo lwazi yiseZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe, iBhayibheli. (2 Thimothewu 3:16) Kumelwe sihlele isikhathi sokutadisha imiBhalo.

Nokho, ulwazi lulodwa alwanele. Kuwo lowo mthandazo, uJesu wathi: “[Abafundi bami] baligcinile izwi lakho.” (Johane 17:6) Kumelwe singagcini ngokungenisa ulwazi ngoNkulunkulu, kodwa futhi kumelwe senze ngokuvumelana nalolo lwazi. Ngale kwalokho, singaba kanjani abangane bakhe? Singalindela yini ukuba ubuhlobo bethu nomuntu buqine uma ngamabomu senza izinto ezingqubuzana nemibono nezimiso zalowo muntu? Ngakho, imibono nezimiso zikaNkulunkulu kufanele kuqondise konke esikwenzayo ekuphileni. Cabanga indlela izimiso zakhe ezimbili ezisebenza ngayo ebuhlotsheni bethu nabanye abantu.

Yakha Ubuhlobo Obuhle Nabanye

UJesu wake waxoxa indatshana ukuze afundise isifundo esibalulekile ekuphilisaneni nabantu. Walandisa ngenkosi eyayifuna ukuba izinceku zayo zikhokhe izikweletu zazo. Kodwa enye yazo yayinesikweletu esikhulu, ingenamandla okusikhokha. Inkosi yathi le ndoda, umkayo, nezingane zayo mabathengiswe bese kukhokhwa isikweletu. Le ndoda yaguqa yancenga: “Ngibekezelele, ngizokubuyisela konke.” Iyihawukela, inkosi yasisula isikweletu sale ndoda. Kodwa isihambile le nceku, yahlangana nenye inceku eyayiyikweleta imadlana, yathi ayiyikhokhe. Kwala noma lena enye inceku isiyincenga icela ukuhawukelwa, inceku yokuqala yathi mayigqunywe ejele ize isikhokhe sonke isikweletu. Lapho inkosi izwa lokhu, yathukuthela. Yabuza: “Bekungafanele yini nawe ube nesihe encekwini okanye nayo, njengoba nami ngibe nesihe kuwe?” Inkosi yathi le nceku engathetheleli nayo mayiboshwe ize isikhokhe sonke isikweletu sayo. Ebonisa isifundo esikule ndaba, uJesu wathi: “UBaba osezulwini naye uyosebenzelana nani ngendlela efanayo uma ningathetheleli yilowo nalowo umfowabo ngokusuka enhliziyweni.”—Mathewu 18:23-35.

Njengoba singabantu abangaphelele, sinamaphutha amaningi. Asisoze sakwazi ukukhokhela uNkulunkulu isikweletu esikhulu esisidalile ngokumona. Esingakwenza nje ukumcela asithethelele. Futhi uJehova uNkulunkulu ukulungele ukuthethelela zonke iziphambeko zethu, uma nje nathi sithethelela abafowethu izono abazenza kithi. Yeka ukuthi isifundo esinamandla kanjani leso! UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze bathi: “Usithethelele amacala ethu, njengoba nathi sibathethelele abanamacala kithi.”—Mathewu 6:12.

Xazulula Umsuka Wenkinga

UJesu wayenguchwepheshe ekuqondeni ubunjalo babantu. Iseluleko sakhe sokuxazulula izinkinga sasithinta umsuka wezinkinga. Cabanga ngalezi zibonelo ezimbili.

UJesu wathi: “Nizwile ukuthi kwathiwa kulabo bezikhathi zasendulo, ‘Ungabulali; kodwa noma ubani obulalayo uyolandisa enkantolo yokwahlulela.’ Nokho, mina ngithi kini wonke umuntu oqhubeka ethukuthelele umfowabo uyolandisa enkantolo yobulungisa.” (Mathewu 5:21, 22) UJesu lapha wabonisa ukuthi ukubulala kunomsuka ojulile kunesenzo sobudlova ngokwaso. Umsuka wako ukucabanga okwakheka enhliziyweni yombulali. Uma abantu bengayivumeli inzondo noma intukuthelo yakheke, ukubulala ngenhloso bekungaphela. Yeka ukuthi bekungancipha kangakanani ukuchitheka kwegazi ukube le mfundiso beyisetshenziswa!

Phawula indlela uJesu afinyelela ngayo umnyombo wenye inkinga ebangela usizi olukhulu. Watshela isixuku: “Nizwile ukuthi kwathiwa, ‘Ungaphingi.’ Kodwa mina ngithi kini wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe. Manje, uma lelo liso lakho lesokunene likwenza ukhubeke, likhiphe ulilahle kude.” (Mathewu 5:27-29) UJesu wafundisa ukuthi le nkinga inomsuka ojulile kunaleso senzo sokuziphatha okubi. Inkinga ikulokho okwandulela isenzo—izifiso ezimbi. Uma umuntu enqaba ukugxila ezifisweni ezingafanele futhi ‘azikhiphe’ engqondweni yakhe, uyokunqoba lokho obekungaba inkinga yokuziphatha okubi.

“Buyisela Inkemba Yakho Endaweni Yayo”

Ngobusuku uJesu akhashelwa futhi waboshwa ngabo, omunye wabafundi bakhe wakhipha inkemba ukuze amvikele. UJesu wamyala: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngoba bonke abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba.” (Mathewu 26:52) Ngakusasa ekuseni, uJesu watshela uPontiyu Pilatu: “Umbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe. Ukube umbuso wami ubuyingxenye yaleli zwe, izikhonzi zami ngabe zilwile ukuze nginganikelwa kumaJuda. Kodwa, njengoba kunjalo, umbuso wami awuveli kulo mthombo.” (Johane 18:36) Ingabe le mfundiso ayisebenzi?

AmaKristu okuqala ayekubheka kanjani lokho uJesu akufundisa mayelana nokungasebenzisi ubudlova? Incwadi ethi The Early Christian Attitude to War ithi: “Njengoba nje [izimfundiso zikaJesu] zazikwenqabela njengokungemthetho konke ukusetshenziswa kobudlova nokulimaza abanye, kwakusobala ukuthi nokulwa empini akufanele . . . AmaKristu okuqala ayekugcina njengoba kunjalo okwashiwo uJesu futhi izimfundiso zakhe zobumnene nokungalwi ayezithatha njengoba zinjalo. Ukuthula kwakuyinto enkulu enkolweni yawo; ayeyigxeka kakhulu impi ngenxa yokuchitheka kwegazi okuhambisana nayo.” Yeka ukuthi umlando ngabe wahluka kanjani ukube bonke abantu abathi bangamaKristu babeyilandele ngempela le mfundiso!

Ungazuza Kuzo Zonke Izimfundiso ZikaJesu

Izimfundiso zikaJesu esizihlolile zinhle, zilula, futhi zinamandla. Isintu singazuza ngokwazi nokusebenzisa izimfundiso zakhe. *

OFakazi BakaJehova endaweni yakini bayokujabulela ukukusiza ubone ukuthi ungazuza kanjani ezimfundisweni ezihlakaniphe kunazo zonke ezake zashiwo umuntu. Siyakunxusa ukuba uthintane nabo noma ubhalele ekhelini elisekhasini 2 lalo magazini.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 22 Ukuze uthole ingxoxo ehlelekile yazo zonke izimfundiso zikaJesu, bheka incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 5]

“UYihlo osezulwini uyazondla”

[Isithombe ekhasini 7]

Izimfundiso zikaJesu zingaba nethonya elihle ekuphileni kwakho