Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Funda Izindlela ZikaJehova

Funda Izindlela ZikaJehova

Funda Izindlela ZikaJehova

“[Ngenze] ngazi izindlela zakho ukuze ngikwazi.”—EKSODUSI 33:13.

1, 2. (a) Kungani uMose enza ngendlela enza ngayo lapho ebona umGibhithe ehlukumeza umHebheru? (b) Ukuze afanelekele ukukhonza uJehova, yini uMose okwakudingeka ayifunde?

 UMOSE wayekhulele emzini kaFaro wafundiswa nokuhlakanipha okwakwaziswa izicukuthwane zaseGibhithe. Kodwa uMose wayeqaphela ukuthi akayena umGibhithe. Abazali bakhe babengamaHebheru. Lapho eseneminyaka engu-40, wahamba wayohlola abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli. Lapho ebona umGibhithe ehlukumeza umHebheru, uMose akazithelanga ngabandayo. Wambulala lowo mGibhithe. UMose wakhetha ukumelela abantu bakaJehova, futhi wayecabanga ukuthi usetshenziswa uNkulunkulu ukuze akhulule abafowabo. (IzEnzo 7:21-25; Hebheru 11:24, 25) Lapho lesi sigameko saziwa, abasebukhosini baseGibhithe bambheka njengomdlwembe, kwadingeka abaleke ukuze asindise ukuphila kwakhe. (Eksodusi 2:11-15) Ukuze asetshenziswe uNkulunkulu, uMose kwadingeka azazi kangcono izindlela zikaJehova. Ingabe wayezofundiseka?—IHubo 25:9.

2 Iminyaka engu-40 eyalandela, uMose waphila njengomuntu odingisiwe nanjengomalusi. Kunokuba athukutheliswe ukuthi abafowabo abangamaHebheru babonakala bemshaya indiva, uMose wazithoba kulokho uNkulunkulu ayekuvumela. Nakuba kwadlula iminyaka eminingi kungathi ulitshelwe, uMose wavumela uJehova ukuba amlolonge. Kamuva, engaqondile ukuveza indlela azibona ngayo, kodwa ephefumulelwe umoya ongcwele kaNkulunkulu, wabhala: “Lo muntu uMose wayemnene ukubadlula kude bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.” (Numeri 12:3) UJehova wamsebenzisa ngezindlela ezivelele uMose. Uma nathi sifuna ubumnene, uJehova uyosibusisa.—Zefaniya 2:3.

Unikwa Umsebenzi

3, 4. (a) UJehova wathuma uMose ukuba enzeni? (b) Iluphi usizo uMose alunikezwa?

3 Ngelinye ilanga ingelosi eyayimelele uJehova yakhuluma noMose ngaseNtabeni iHorebe eNhlonhlweni YeSinayi. UMose watshelwa: “Ngokuqinisekile ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yalabo ababacindezela ngomsebenzi; ngoba ngibazi kahle ubuhlungu ababuzwayo. Ngiyehla ukuze ngiyobakhulula esandleni sabaseGibhithe futhi ngibakhuphule baphume kulelo zwe ngibayise ezweni elihle nelibanzi, ezweni eligeleza ubisi noju.” (Eksodusi 3:2, 7, 8) Mayelana nalokhu, uNkulunkulu wayenomsebenzi ayezowunika uMose. Kodwa kwakudingeka wenziwe ngendlela kaJehova.

4 Ingelosi kaJehova yaqhubeka: “Manje, woza ngikuthume kuFaro, ukhiphe abantu bami abantwana bakwa-Israyeli eGibhithe.” UMose waba manqikanqika. Wayezibona engafaneleki, futhi ngempela ngamandla akhe ewodwa wayengafaneleki. Nokho, uJehova wamqinisekisa: “Ngizoba nawe.” (Eksodusi 3:10-12) UJehova wanika uMose amandla okwenza izibonakaliso eziyisimangaliso, ezazizofakazela ukuthi uthunywe uNkulunkulu ngempela. UMose wayezophelezelwa umfowabo, u-Aroni, abe umkhulumeli wakhe. UJehova wayezobafundisa okwakufanele bakusho futhi bakwenze. (Eksodusi 4:1-17) Ingabe uMose wayezosifeza ngokwethembeka leso sabelo?

5. Kungani ukucabanga kwama-Israyeli kwamdalela inkinga uMose?

5 Amadoda amadala akwa-Israyeli aqale amkholwa uMose no-Aroni. (Eksodusi 4:29-31) Nokho, ngokushesha “izikhulu zabantwana bakwa-Israyeli” zasola uMose nomfowabo zithi babebenze ‘banuka kabi’ kuFaro nasezincekwini zakhe. (Eksodusi 5:19-21; 6:9) Lapho ama-Israyeli ephuma eGibhithe, kwaphela nasozwaneni ngesikhathi ebona izinqola zempi zabaseGibhithe ziwaxosha. Njengoba ngaphambi kwawo kwakukhona uLwandle Olubomvu, ngemuva kukhona izinqola zempi, ama-Israyeli azibona evalelekile, abe esesola uMose. Wawungenzenjani wena? Nakuba ama-Israyeli ayengenazikebhe, uMose—eqondiswa uJehova—wawayala ukuba adilize amadlangala. UNkulunkulu wabe esehlehlisa amanzi oLwandle Olubomvu, kwavela isihlabathi esomile, ama-Israyeli akwazi ukuwela.—Eksodusi 14:1-22.

Impikiswano Ebalulekile Kunokukhululwa

6. Yini uJehova ayigcizelela lapho ethuma uMose?

6 Lapho ethuma uMose, uJehova wagcizelela ukubaluleka kwegama laKhe. Ukuhlonipha lelo gama noMnikazi walo kwakubalulekile. Lapho uMose ebuza uJehova igama laKhe, uJehova wathi kuye: “Ngiyoba yilokho engiyoba yikho.” Ngaphezu kwalokho, uMose kwakufanele atshele abantwana bakwa-Israyeli: “UJehova uNkulunkulu wokhokho benu, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka noNkulunkulu kaJakobe, ungithumé kini.” UJehova wanezela: “Yileli igama lami kuze kube nini nanini, futhi lesi yisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.” (Eksodusi 3:13-15) Nanamuhla izinceku zikaNkulunkulu emhlabeni wonke zisamazi ngalo leli gama elithi Jehova.—Isaya 12:4, 5; 43:10-12.

7. Yini uNkulunkulu athi uMose makayenze naphezu kokuzikhukhumeza kukaFaro?

7 UMose no-Aroni bavela phambi kukaFaro, badlulisela kuye umyalezo egameni likaJehova. Kodwa ngokuzikhukhumeza, uFaro wathi: “Ungubani uJehova, ukuba ngilalele izwi lakhe ngimukise u-Israyeli? Angimazi nhlobo uJehova, futhi ngaphezu kwalokho, ngeke ngimmukise u-Israyeli.” (Eksodusi 5:1, 2) UFaro wabonisa ukuthi unenhliziyo elukhuni futhi ungumkhohlisi, kodwa uJehova wathi uMose makaphindelele edlulisela kuye imiyalezo. (Eksodusi 7:14-16, 20-23; 8:1, 2, 20) UMose wayebona ukuthi uFaro ucasukile. Kwakuzosiza yini ukuphinde ayovela phambi kwakhe? U-Israyeli wayelangazelela ukukhululwa. UFaro ngapha wayeshaya phansi ngonyawo. Wena wawuyokwenzenjani?

8. Indlela uJehova ayisingatha ngayo indaba kaFaro yaba nayiphi inzuzo, futhi lezo zenzakalo kufanele zisithinte kanjani thina?

8 UMose wadlulisa omunye futhi umyalezo, wathi: “Yilokhu uJehova uNkulunkulu wamaHebheru akushilo: ‘Mukisa abantu bami ukuze bangikhonze.’” UNkulunkulu wathi futhi: “Manje ngabe sengiselulile isandla sami ukuze ngikushaye ngesifo esiwumshayabhuqe wena nabantu bakho ukuze usizilwe emhlabeni. Kodwa, eqinisweni, ngikugciné ngalesi sizathu, ukuze ngikubonise amandla ami futhi ngenze ukuba igama lami limenyezelwe emhlabeni wonke.” (Eksodusi 9:13-16) Ngalokho ayezokwenza kuFaro onenhliziyo elukhuni, uJehova wayezobonisa amandla akhe ngendlela eyayizoxwayisa bonke abamdelelayo. Lokhu kwakuzohlanganisa noSathane uDeveli, lowo uJesu Kristu kamuva ambiza ngokuthi “umbusi waleli zwe.” (Johane 14:30; Roma 9:17-24) Njengoba kwakubikezelwe, igama likaJehova lamenyezelwa emhlabeni wonke. Ngenxa yokubekezela kwakhe, ama-Israyeli asinda kanye noquqaba olukhulu oluyingxubevange olwazibandakanya nawo ekumkhulekeleni. (Eksodusi 9:20, 21; 12:37, 38) Kusukela ngaleso sikhathi, ukumenyezelwa kwegama likaJehova kuye kwazuzisa izigidi ezengeziwe eziye zamukela ukukhulekela kweqiniso.

Ukusebenzelana Nabantu Abahluphayo

9. Abantu besizwe sakubo kaMose bamdelela kanjani uJehova?

9 AmaHebheru ayelazi igama likaNkulunkulu. UMose wayelisebenzisa lelo gama lapho ekhuluma nawo, kodwa ayengayibonisi njalo inhlonipho efanele ngoMnikazi walo. Ngemva nje kokuba uJehova ekhulule ama-Israyeli ngokuyisimangaliso eGibhithe, kwenzekani lapho engawatholi masinyane amanzi alungele ukuphuzwa? Abubula ngoMose. Ngemva kwalokho akhononda ngokudla. UMose wawaxwayisa ethi awabubuli ngaye no-Aroni nje kuphela, kodwa abubula ngoJehova. (Eksodusi 15:22-24; 16:2-12) ENtabeni yaseSinayi, uJehova wawanika uMthetho, wenza nezibonakaliso ezingavamile. Nokho ngokungalaleli, abantu benza ithole legolide balikhulekela, bethi benza “umkhosi kaJehova.”—Eksodusi 32:1-9.

10. Kungani isicelo sikaMose esiku-Eksodusi 33:13 sibathinta ngokukhethekile ababonisi abangamaKristu namuhla?

10 UMose kwakufanele abaphathe kanjani abantu uJehova ngokwakhe ayebachaze ngokuthi bantamo-lukhuni? Wanxusa uJehova: “Ngiyacela, uma ngithole umusa emehlweni akho, ngicela ungenze ngazi izindlela zakho ukuze ngikwazi, ngithole umusa emehlweni akho.” (Eksodusi 33:13) Njengoba ababonisi abangamaKristu benakekela oFakazi BakaJehova banamuhla, belusa umhlambi othobeke kakhulu kunama-Israyeli. Noma kunjalo, nabo bathandaza ngendlela efanayo: “O Jehova, ngazise izindlela zakho; ngifundise imikhondo yakho.” (IHubo 25:4) Ukwazi izindlela zikaJehova kwenza ababonisi bakwazi ukusingatha izimo ngendlela evumelana neZwi likaNkulunkulu nobuntu bakhe.

Lokho UJehova Akulindele Kubantu Bakhe

11. Iziphi iziqondiso uJehova azinika uMose, futhi kungani sinesithakazelo kuzo?

11 Lokho uJehova ayekulindele kubantu bakhe wakusho ngomlomo eNtabeni yaseSinayi. Kamuva uMose wathola izibhebhe ezimbili ezazilotshwe iMiyalo Eyishumi. Lapho ehla entabeni, wabona ama-Israyeli ekhulekela ithole elibunjiwe, wathukuthela wazisakaza phansi lezo zibhebhe. UJehova waphinde waloba iMiyalo Eyishumi ezibhebheni zamatshe ezaqoshwa uMose. (Eksodusi 32:19; 34:1) Le miyalo yayingashintshile kweyokuqala. UMose kwakufanele enze ngokuvumelana nayo. UNkulunkulu wagcizelela futhi kuMose ukuthi unguMuntu onjani, kanjalo wambonisa indlela okufanele aziphathe ngayo njengommeleli waKhe. AmaKristu awekho ngaphansi koMthetho KaMose, kodwa lokho uJehova akutshela uMose kuqukethe izimiso eziningi eziyisisekelo ezingashintshile futhi ezisasebenza kubo bonke abakhulekela uJehova. (Roma 6:14; 13:8-10) Ake sihlole ezimbalwa zazo.

12. Ukufuna kukaJehova ukuba ama-Israyeli azinikele kuye kuphela kwakufanele kuwathinte kanjani?

12 Zinikele kuJehova kuphela. Isizwe sakwa-Israyeli sasikhona lapho uJehova ethi ufuna sizinikele kuye kuphela. (Eksodusi 20:2-5) Ama-Israyeli ayebone inqwaba yobufakazi bokuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso. (Duteronomi 4:33-35) UJehova wakwenza kwacaca ukuthi kungakhathaliseki ukuthi ezinye izizwe zenzani, ngeke akuvumele ukukhonza izithombe noma ukusebenzelana nemimoya kwanoma iluphi uhlobo kubantu bakhe. Ukuzinikela kwabo kuye kwakungafanele kube okokugcina icala. Bonke kwakufanele bathande uJehova ngayo yonke inhliziyo yabo, ngawo wonke umphefumulo wabo, nangawo onke amandla abo. (Duteronomi 6:5, 6) Lokhu kwakuyohilela ukukhuluma nokuziphatha kwabo—empeleni, zonke izici zokuphila kwabo. (Levitikusi 20:27; 24:15, 16; 26:1) NoJesu Kristu wakwenza kwacaca ukuthi uJehova ufuna ukuba abantu bazinikele kuYe kuphela.—Marku 12:28-30; Luka 4:8.

13. Kungani u-Israyeli kwakufanele amlalele ngokucophelela uNkulunkulu, futhi yini thina okufanele isishukumisele ukuba simlalele? (UmShumayeli 12:13)

13 Yigcine ngokucophelela imiyalo kaJehova. Ama-Israyeli kwakudingeka akhunjuzwe ukuthi lapho engena esivumelwaneni noJehova, ayefungile ukuthi ayomlalela ngokucophelela. Umuntu ngamunye wayenenkululeko enkulu, kodwa ezintweni uJehova ayewayale ngazo, kwakudingeka alalele ngokucophelela. Ukwenza kanjalo kwakuyofakazela ukuthi ayamthanda uNkulunkulu futhi kwakuyozuzisa wona nabantwana bawo ngoba zonke izimfuneko zikaJehova zazihloselwe ukusiza wona.—Eksodusi 19:5-8; Duteronomi 5:27-33; 11:22, 23.

14. UNkulunkulu wakugcizelela kanjani ku-Israyeli ukubaluleka kokuba izinto ezingokomoya zize kuqala?

14 Beka kuqala izinto ezingokomoya. Isizwe sakwa-Israyeli kwakungafanele sivumele ukunakekela izidingo zenyama kusincishe isikhathi sezinto ezingokomoya. Ama-Israyeli kwakungafanele adele ukuphila kwawo ngenxa yemisebenzi engasho lutho. Isonto ngalinye uJehova wayebekele eceleni isikhathi ayesibheka njengesingcwele, isikhathi sokusetshenziselwa imisebenzi ephathelene nokukhulekela uNkulunkulu weqiniso kuphela. (Eksodusi 35:1-3; Numeri 15:32-36) Unyaka ngamunye, kwakunesikhathi esengeziwe okwakufanele sibekelwe imibuthano engcwele ekhethiwe. (Levitikusi 23:4-44) Le mibuthano yayiveza amathuba okuxoxa ngezenzo zikaJehova zamandla, okukhunjuzwa izindlela zakhe, nawokubonisa ukumbonga ngabo bonke ubuhle bakhe. Njengoba abantu belandisa ngokuzinikela kwabo kuJehova, babemesaba futhi bamthande ngokwengeziwe, futhi kwakubasiza ukuba bahambe ezindleleni zakhe. (Duteronomi 10:12, 13) Izimiso ezizuzisayo ezikulezo ziyalezo ziyazizuzisa izinceku zikaJehova namuhla.—Hebheru 10:24, 25.

Ukuqonda Nokwazisa Izimfanelo ZikaJehova

15. (a) Kungani ukuqonda nokwazisa izimfanelo zikaJehova kwamzuzisa uMose? (b) Imiphi imibuzo engasisiza ukuba sicabange ngokujulile ngemfanelo kaJehova ngayinye?

15 Ukuqonda izimfanelo zikaJehova futhi azazise nakho kwamsiza uMose ekusebenzelaneni nama-Israyeli. U-Eksodusi 34:5-7 uthi uNkulunkulu wadlula phambi kukaMose, wathi: “NguJehova, nguJehova, uNkulunkulu onesihe nomusa, owephuza ukuthukuthela nochichima umusa wothando neqiniso, olondolozela abayizinkulungwane umusa wothando, oxolela isiphambeko neseqo nesono, kodwa ongeke neze akhulula esijezisweni, oletha isijeziso ngenxa yesiphambeko soyise phezu kwamadodana naphezu kwabazukulu, phezu kwesizukulwane sesithathu naphezu kwesizukulwane sesine.” Zinike isikhathi uzindle ngalawo mazwi. Zibuze: ‘Imfanelo ngayinye isho ukuthini? UJehova wayibonisa kanjani? Ababonisi abangamaKristu bangayibonisa kanjani? Leyo mfanelo kufanele ikuthonye kanjani lokho ngamunye wethu akwenzayo?’ Cabanga ngezibonelo ezimbalwa nje.

16. Yini esingayenza ukuze sijulise ukwazisa kwethu ngesihe sikaNkulunkulu, futhi kungani ukwenza kanjalo kubalulekile?

16 UJehova ‘unguNkulunkulu onesihe nomusa.’ Uma unayo incwadi yokucwaninga, i-Insight on the Scriptures, kunganjani ufunde lokho ekushoyo esihlokweni esithi “Mercy [Isihe]”? Noma, cwaninga ngale mfanelo usebenzisa i-Watch Tower Publications Index noma uhlelo lwe-computer i-Watchtower Library (CD-ROM). * Sebenzisa ikhonkodensi ukuze uthole imiBhalo ekhuluma ngesihe. Uzobona ukuthi ngaphandle kokuvumela ukuncishiswa kwesijeziso ngezinye izikhathi, isihe sikaJehova sihlanganisa nozwela. Sishukumisela uNkulunkulu ukuba athathe isinyathelo sokulethela abantu bakhe impumuzo. Ubufakazi balokhu ukuthi uNkulunkulu wanakekela ama-Israyeli ngokwenyama nangokomoya ohambweni lwawo ebheke eZweni Lesithembiso. (Duteronomi 1:30-33; 8:4) Ngesihe, uJehova wayewathethelela lapho enza amaphutha. Wababonisa isihe abantu bakhe basendulo. Yeka ukuthi izinceku zakhe zanamuhla kufaneleka kakhulu kangakanani ukuba zibonisane uzwela!—Mathewu 9:13; 18:21-35.

17. Ukuqonda kwethu umusa kaJehova kungakuthuthukisa kanjani ukukhulekela kweqiniso?

17 Isihe sikaJehova sihambisana nomusa. Wena ungathi yini umusa? Qhathanisa lokho okucabangayo nemiBhalo ethi uJehova unomusa. IBhayibheli libonisa ukuthi umusa kaJehova uhlanganisa nokukhathalela ngothando abahluphekayo kubantu bakhe. (Eksodusi 22:26, 27) Kunoma iliphi izwe, abafokazi nabanye abantu bangase bazithole behlukumezeka. Lapho efundisa abantu bakhe ukuba bangakhethi futhi bababonise umusa abanjalo, uJehova wabakhumbuza ukuthi nabo babengabafokazi eGibhithe. (Duteronomi 24:17-22) Kuthiwani ngathi njengabantu bakaNkulunkulu namuhla? Ukuba nomusa kusenza sibe munye futhi kusiza ekudonseleni abanye ekukhulekeleni uJehova.—IzEnzo 10:34, 35; IsAmbulo 7:9, 10.

18. Yini esiyifundayo ngemingcele uJehova ayifundisa u-Israyeli mayelana nezindlela zabantu bezinye izizwe?

18 Nokho, uzwela lwama-Israyeli ngabantu bezinye izizwe kwakungafanele lube seludlula uthando lwawo ngoJehova nezindinganiso zakhe zokuziphatha. Ngakho, ama-Israyeli afundiswa ukuba angalandeli izindlela zezizwe eziwazungezile, angayamukeli imikhuba yenkolo nokuziphatha kwazo okubi. (Eksodusi 34:11-16; Duteronomi 7:1-4) Kusenjalo nakithi namuhla. Kufanele sibe abantu abangcwele, ngoba uNkulunkulu wethu, uJehova, ungcwele.—1 Petru 1:15, 16.

19. Ukuqonda indlela uJehova abheka ngayo ukona kungabavikela kanjani abantu bakhe?

19 Ukuze uMose aqonde izindlela zaKhe, uJehova wakwenza kwacaca ukuthi yize engakuvumeli ukona, uyephuza ukuthukuthela. Abantu ubanika isikhathi sokuba bafunde izimfuneko zakhe futhi benze ngokuvumelana nazo. Lapho umuntu ephenduka, uJehova uyamthethelela, kodwa akamkhululi esijezisweni esimfanele ngenxa yezono ezingathí sina. Waxwayisa uMose wathi lokho ama-Israyeli ayekwenza kwakungaba nethonya elihle noma elibi ezizukulwaneni ezizayo. Ukuqonda izindlela zikaJehova kungabavikela abantu bakaNkulunkulu ekusoleni yena ngezimo abazifake bona kuzo, noma ekucabangeni ukuthi uyephuza.

20. Yini engasisiza ukuba sisebenzelane ngendlela efanele nesikholwa nabo kanye nalabo esibathola enkonzweni yethu? (IHubo 86:11)

20 Uma ufisa ukujulisa ulwazi lwakho ngoJehova nezindlela zakhe, qhubeka ucwaninga futhi uzindla lapho ufunda iBhayibheli. Hlola ngokucophelela izici ezihlukahlukene nezithakazelisayo zobuntu bukaJehova. Ngomthandazo, cabanga ukuthi ungamlingisa kanjani uNkulunkulu futhi uvumelanise ukuphila kwakho kakhudlwana nenjongo yakhe. Lokhu kuyokusiza ukuba ugweme izingibe, usebenzelane ngendlela efanele namanye amakholwa, futhi usize abanye ukuba bamazi futhi bamthande uNkulunkulu wethu omangalisayo.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 16 Zonke zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.

Ufundeni?

• Kungani kwakubalulekile ukuba uMose abe mnene, futhi kungani kubalulekile nakithi?

• Kwasiza ngani ukuya kuFaro ngokuphindaphindiwe nezwi likaJehova?

• Iziphi ezinye zezimiso ezivelele uMose azifundiswa futhi ezisebenzayo nakithi?

• Singakujulisa kanjani ukuqonda kwethu izimfanelo zikaJehova?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 21]

UMose wadlulisa izwi likaJehova ngokwe- thembeka kuFaro

[Isithombe ekhasini 23]

UJehova wembulela uMose izimfuneko zaKhe

[Isithombe ekhasini 24, 25]

Zindla ngezimfanelo zikaJehova