Imibuzo Evela Kubafundi
Imibuzo Evela Kubafundi
Kungani uDavide noBhati-Sheba bengabulawanga ngenxa yokuphinga, kuyilapho usana lwabo lona lwafa?
UMthetho KaMose wawuthi: “Uma kwenzeka kutholakala indoda ilele nowesifazane ongumkamuntu, khona-ke bobabili kumelwe bafe kanyekanye, indoda elale nalona wesifazane kanye naye owesifazane. Kanjalo kumelwe ususe okubi kwa-Israyeli.” (Duteronomi 22:22) Ukube uJehova uNkulunkulu wayevumele abahluleli abangabantu ukuba bathethe icala likaDavide noBhati-sheba besebenzisa uMthetho, lezi ziphingi zaziyobulawa zombili. Njengoba abahluleli abangabantu babengenakufunda izinhliziyo, kwakufanele bahlulele ngokwezenzo zalabo abonile njengoba zifakazelwa amaqiniso. Ukuphinga kwakunesigwebo sokufa. Abahluleli bakwa-Israyeli babengagunyaziwe ukusithethelela leso sono.
Ngakolunye uhlangothi, uNkulunkulu weqiniso yena uyakwazi ukufunda izinhliziyo athethelele izono uma ebona kufaneleka ukuba enze kanjalo. Njengoba icala lalihilela uDavide, uNkulunkulu ayenze naye isivumelwano soMbuso, uJehova wakhetha ukulisingatha ngendlela ehlukile, aziphathele lona mathupha. (2 Samuweli 7:12-16) “UMahluleli womhlaba wonke” unelungelo lokwenza isinqumo esinjalo.—Genesise 18:25.
Yini uJehova ayibona lapho ehlola inhliziyo kaDavide? Umbhalo ongenhla kweHubo 51 uthi leli hubo liveza imizwa kaDavide “lapho uNathani umprofethi efika kuye ngemva kokuba elalé noBhati-sheba.” IHubo 51:1-4 lithi: “O Nkulunkulu, ngibonise umusa ngokomusa wakho wothando. Sula izeqo zami ngokuvumelana nokuchichima kwesihe sakho. Ngigezisise esiphambekweni sami, ungihlanze ngisho nasesonweni sami. Ngoba mina ngiyazazi izeqo zami, nesono sami siphambi kwami njalo. Ngoné kuwe wena wedwa, ngenzé okubi emehlweni akho.” Kumelwe ukuba uJehova wabheka lokhu kudabuka okukhulu okusuka enhliziyweni kaDavide njengobufakazi bokuphenduka okuqotho, wanquma ukuthi kukhona isisekelo sokubonisa isihe kwabonile. Ngaphezu kwalokho, uDavide ngokwakhe wayengumuntu onesihe, futhi uJehova ubabonisa isihe abantu abanesihe. (1 Samuweli 24:4-7; Mathewu 5:7; Jakobe 2:13) Ngakho, lapho uDavide esivuma isono sakhe, uNathani wathi kuye: “NoJehova uyasidlulisa isono sakho. Ngeke ufe.”—2 Samuweli 12:13.
UDavide noBhati-sheba babengeke baphunyule kuyo yonke imiphumela yesono sabo. UNathani watshela uDavide: “Ngenxa yokuthi ngokungangabazeki udelele uJehova ngale nto, nale ndodana ngokwayo, osanda kuzalelwa yona, izofa nokufa.” Umntanabo wagula, wafa, yize uDavide azila ukudla walila izinsuku eziyisikhombisa.—2 Samuweli 12:14-18.
Kwabanye kunzima ukuqonda ukuthi kungani umntwana afa, kanti uDuteronomi 24:16 uthi: “Abantwana akufanele babulawe ngenxa yoyise.” Kodwa kumelwe sikhumbule ukuthi ukube leli cala lalisingathwe abahluleli abangabantu, kwakuyofa abazali kanye naye umntwana ongakazalwa esibelethweni. Ukufa komntwana kungenzeka futhi kwasiza uDavide wabona ngokucace ngokwengeziwe ukuthi isono sakhe noBhati-sheba sasimthukuthelise kangakanani uJehova. Singaqiniseka ukuthi uJehova wayisingatha ngobulungisa le ndaba, ngoba “iphelele indlela yakhe.”—2 Samuweli 22:31.
[Isithombe ekhasini 31]
UDavide wabonisa ukuphenduka kwangempela