Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izwe Elingenabo Ubumpofu Liseduze

Izwe Elingenabo Ubumpofu Liseduze

Izwe Elingenabo Ubumpofu Liseduze

IZITHOMBE zePharadesi ezifana nalesi esisesembozweni salo magazini ziyabakhanga abantu abampofu. Ipharadesi lake laba khona. Lalihlala umbhangqwana wokuqala, u-Adamu no-Eva. Insimu yase-Edene yayiyikhaya lawo. (Genesise 2:7-23) Nakuba lelo Pharadesi lalahleka, ukukholelwa ukuthi liyophinde libe khona—ezweni elisha elingenabo ubumpofu—akulona nje iphupho. Kusekelwe ngokuqinile ezithembisweni eziseBhayibhelini.

Cabanga ngesithembiso esashiwo uJesu Kristu ngosuku lwakhe lokugcina emhlabeni. Omunye umenzi wokubi owafa kanye noJesu wabonisa ukholo emandleni kaNkulunkulu okuxazulula izinkinga zabantu. Wathi: “Jesu, ngikhumbule lapho ungena embusweni wakho.” La mazwi abonisa ukuthi lowo menzi wokubi wayekholelwa ukuthi uJesu wayezobusa njengeNkosi nokuthi abafileyo babeyobuyiselwa ekuphileni. UJesu wamphendula: “Ngiqinisile ngiyakutshela namuhla, Uyokuba nami ePharadesi.”—Luka 23:42, 43.

Likhuluma ngalabo abazophila ePharadesi, iBhayibheli lithi: “Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo.” (Isaya 65:21) Yebo, “bayohlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, ngeke kube khona obenza bathuthumele; ngoba wona kanye umlomo kaJehova wamabutho ukhulumile.”—Mika 4:4.

Pho, kungani ubumpofu buvunyelwe manje? UNkulunkulu ubasiza kanjani labo abakhungethwe ubumpofu? Buyophela nini ubumpofu?

Kungani Ubumpofu Buye Bavunyelwa?

IPharadesi u-Adamu no-Eva ababebekwe kulo lalahleka ngenxa yokuhlubuka okwaqalwa ingelosi embi, uSathane uDeveli. Esebenzisa inyoka njengomkhulumeli wakhe, uSathane wayenga u-Eva ukuba aphule umthetho kaNkulunkulu, adle isithelo somuthi othile. Wamkhohlisa ukuze akholelwe ukuthi ukuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu kwakuyomenza aphile kangcono. Lapho u-Eva enikeza u-Adamu isithelo esenqatshelwe, naye futhi wadla, wafulathela uNkulunkulu ngenxa yomkakhe.—Genesise 3:1-6; 1 Thimothewu 2:14.

Umbhangqwana ohlubukayo wakhishwa kufanele ePharadesi futhi kusukela ngaleso sikhathi kwadingeka usebenze kanzima ukuze uphile. Kuze kube namuhla, uJehova uye wavumela uSathane ukuba abuse isintu esinesono, okwenza ubonakale umphumela wokungamlaleli uNkulunkulu. Umlando wesintu uye wabonisa ukuthi abantu ngeke bakwazi ukuletha iPharadesi emhlabeni. (Jeremiya 10:23) Kunalokho, ukuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu kuye kwabangela izinkinga ezesabekayo, phakathi kwazo okukhona nobumpofu.—UmShumayeli 8:9.

Nokho, kuleli zwe eligcwele izinkinga, abampofu abashiyiwe dengwane. IZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, iBhayibheli, libanikeza isiqondiso esinengqondo.

“Ningalokothi Nikhathazeke”

Lapho ekhuluma nesixuku sezilaleli phakathi kwaso kunabampofu abaningi, uJesu wathi: “Qaphelisisani izinyoni zezulu, ngoba azihlwanyeli mbewu noma zivune noma zibuthele ezinqolobaneni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anibalulekile yini nina ngaphezu kwazo? . . . Ngakho ningalokothi nikhathazeke nithi, ‘Sizodlani?’ noma, ‘Sizophuzani?’ noma, ‘Sizogqokani?’ Ngoba konke lokhu kuyizinto izizwe eziziphishekela ngokulangazela. UYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyazidinga zonke lezi zinto. Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa.”—Mathewu 6:26-33.

Akudingeki ukuba umuntu ompofu ebe. (IzAga 6:30, 31) Uzokuthola akudingayo uma ebeka uNkulunkulu kuqala ekuphileni kwakhe. Cabanga ngendaba kaTukiso, indoda yaseLesotho. Ngo-1998, amabutho akwelinye izwe angena eLesotho ukuze aqede ukuvukela kwabantu uhulumeni. Ngenxa yaleyo mpi, izitolo zaphangwa, abantu baphelelwa imisebenzi, futhi kwaba nokuswelakala okukhulu kokudla.

UTukiso wayehlala engxenyeni empofu kakhulu yenhloko-dolobha. Ukuze baphile, omakhelwane bakhe abaningi baphanga izitolo. Lapho uTukiso ebuyela endlini yakhe, wathola ukuthi uMaseiso, owesifazane ayehlala naye, unokudla okuningi ayekuphangile. “Zikhiphele ngaphandle lezi zinto,” kusho uTukiso, wachaza ukuthi ukweba kuyangqubuzana nomthetho kaNkulunkulu. UMaseiso walalela. Omakhelwane babahleka futhi bazithathela lokhu kudla okwakwebiwe.

UTukiso wenza lokhu ngenxa yalokho ayekufunde esifundweni sakhe seBhayibheli esasiqhutshwa oFakazi BakaJehova. Ingabe wabulawa indlala ngenxa yokulalela kwakhe umthetho kaNkulunkulu? Cha. Ngemva kwesikhathi esithile, abadala basebandleni loFakazi BakaJehova ayehlanganyela kulo baxhumana naye futhi bamlethela ukudla. Empeleni, oFakazi BakaJehova basezweni elingumakhelwane eNingizimu Afrika babethumele amathani angaphezu kwamabili ezimpahla eLesotho ukuze basize abafowabo nodadewabo abangamaKristu. Ukulalela kukaTukiso uNkulunkulu nosizo lothando olwaluvela ebandleni kwamhlaba umxhwele uMaseiso. Naye futhi waqala ukutadisha iBhayibheli. Ekugcineni, bashada ngokomthetho futhi ngenxa yalokho bafaneleka ukuba babhapathizwe njengoFakazi BakaJehova. Namanje basakhonza uNkulunkulu ngokwethembeka.

UJehova uNkulunkulu uyabakhathalela abampofu. (Bheka ibhokisi elinesihloko esithi “UNkulunkulu Ubabheka Kanjani Abampofu?”) Ngothando uye wenza amalungiselelo okusiza abanye abanjengoTukiso noMaseiso ukuba bafunde okwengeziwe ngaye. Futhi ngeZwi lakhe, uye wanikeza iseluleko esiwusizo sendlela yokuphila kwansuku zonke.

Ilungiselelo Elizuzisayo

Njalo oFakazi BakaJehova baye bazama ukulingisa indlela uNkulunkulu abakhathalela ngayo abampofu. (Galathiya 2:10) Ngokuvamile, lapho kugadla izinhlekelele ezweni futhi kuthinteka namaKristu eqiniso, kwenziwa amalungiselelo okunikeza usizo oludingekayo. Okubaluleke kakhulu ukuthi oFakazi bakhathalela izidingo ezingokomoya zabo bonke abantu, kuhlanganise nabampofu. (Mathewu 9:36-38) Phakathi neminyaka engu-60 edlule, izinkulungwane zezikhonzi eziqeqeshiwe ziye zakhonza ngokuzithandela kwamanye amazwe njengezithunywa zevangeli. Ngokwesibonelo, umbhangqwana oyizithunywa zevangeli owasuka eFinland owathi ngokufunda ulimi lwesiSuthu wenza uTukiso noMaseiso baba abafundi bakaJesu. (Mathewu 28:19, 20) Ngokuvamile umsebenzi wokuba izithunywa zevangeli onjengalo uhilela ukudela ukuphila okunethezekile kwasezweni elicebile uye ezweni elimpofu.

Ukweba akuyona indlela yokuziphilisa kwamaKristu eqiniso. Kunalokho, anokholo emandleni kaJehova uNkulunkulu okuwasekela. (Hebheru 13:5, 6) Enye indlela uJehova asekela ngayo abantu bakhe ingenhlangano yomhlaba wonke yabakhulekeli bakhe abakhathalelanayo.

Enye indlela uJehova asiza ngayo abampofu iwukubanika iseluleko esinenzuzo ngendlela yokuphila kwansuku zonke. Ngokwesibonelo, iBhayibheli liyayala: “Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makasebenze kanzima, enze umsebenzi omuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokuthile kokwabela umuntu oswele.” (Efesu 4:28) Abantu abaningi abangasebenzi baye bakwazi ukuziqalela imisebenzi, benza umsebenzi onzima njengokutshala nokunakekela izingadi zemifino. Futhi iBhayibheli lisiza abantu abampofu ukuba bonge imali ngokubafundisa ukuba bagweme imikhuba elimazayo, enjengokusebenzisa kabi utshwala.—Efesu 5:18.

Izwe Elingenabo Ubumpofu—Nini?

IBhayibheli libonisa ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina” zokubusa kukaSathane. (2 Thimothewu 3:1) Maduze, uJehova uNkulunkulu uzothumela uJesu Kristu ukuba azokwahlulela isintu. Kuyokwenzekani ngaleso sikhathi? Komunye wemifanekiso yakhe, uJesu wanikeza impendulo. Wathi: “Lapho iNdodana yomuntu ifika enkazimulweni yayo, nazo zonke izingelosi kanye nayo, khona-ke iyohlala phansi esihlalweni sayo sobukhosi esikhazimulayo. Zonke izizwe ziyobuthelwa phambi kwayo, futhi iyohlukanisa abantu omunye komunye, njengoba nje umalusi ehlukanisa izimvu ezimbuzini.”—Mathewu 25:31-33.

Kulo mfanekiso, izimvu zimelela labo abazithoba ebukhosini bukaJesu. UJesu wabafanisa nezimvu ngoba bayamlandela njengoMalusi wabo. (Johane 10:16) Laba abanjengezimvu bayothola ukuphila ngaphansi kokubusa okuphelele kukaJesu. Ukuphila ezweni elisha elingenabo ubumpofu kuyoba okujabulisayo. Abantu abanjengezimbuzi, abenqaba ubukhosi bukaJesu, bayobhujiswa phakade.—Mathewu 25:46.

UMbuso kaNkulunkulu uzoqeda ububi. Ubumpofu buyoba yinto yesikhathi esidlule. Ngakho, emhlabeni kuyohlala abantu abathandanayo nabakhathalelanayo. Ukuthi izwe elisha elinjalo lingaba khona kubonakala ngothando lobuzalwane bezizwe zonke loFakazi BakaJehova, ngoba uJesu wathi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”—Johane 13:35.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 6, 7]

UNKULUNKULU UBABHEKA KANJANI ABAMPOFU?

IBhayibheli lichaza uMdali wesintu ngokuthi “Onika abalambile isinkwa.” (IHubo 146:7) Liqukethe amavesi angaphezu kwekhulu agcizelela indlela uNkulunkulu abakhathalela ngayo abampofu.

Ngokwesibonelo, lapho uJehova enika isizwe sakwa-Israyeli sasendulo uMthetho wakhe, wayala abalimi abangama-Israyeli ukuba bangawavuni ngokuphelele amaphethelo amasimu abo. Kwakungafanele balande izithelo ezazisele ngokubuyela bayokhothoza esihlahleni somnqumo noma somvini. Le mithetho yayiyilungiselelo lothando elalenzelwe abafokazi, izintandane, abafelokazi nabanye abahluphekile.—Levitikusi 19:9, 10; Duteronomi 24:19-21.

Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wayala ama-Israyeli: “Ningamhluphi umfelokazi noma intandane. Uma ungake nje umhluphe, bese ekhala kimi, ngiyokuzwa nakanjani ukukhala kwakhe; intukuthelo yami iyovutha impela, futhi ngokuqinisekile ngiyonibulala ngenkemba, omkenu bayoba abafelokazi namadodana enu abe yizintandane.” (Eksodusi 22:22-24) Kuyadabukisa ukuthi ama-Israyeli amaningi acebile awazange awalalele lawo mazwi. Ngenxa yalokho nangezinye izenzo ezimbi, uJehova uNkulunkulu wasebenzisa abaprofethi bakhe ukuze anikeze ama-Israyeli izixwayiso ezihlukahlukene. (Isaya 10:1, 2; Jeremiya 5:28; Amose 4:1-3) Ekugcineni, uNkulunkulu wabangela ukuba abase-Asiriya futhi kamuva abaseBhabhiloni banqobe yonke indawo yakwa-Israyeli. Ama-Israyeli amaningi abulawa, futhi abasinda bathunjelwa kwamanye amazwe.

INdodana kaNkulunkulu ethandekayo, uJesu Kristu, yabonisa indlela uYise abakhathalela ngayo abampofu. Echaza injongo yenkonzo yakhe, uJesu wathi: “Umoya kaJehova uphezu kwami, ngoba ungigcobile ukuba ngimemezele izindaba ezinhle kwabampofu.” (Luka 4:18) Lokhu akusho ukuthi uJesu wayenza kwabampofu kuphela inkonzo yakhe. Ngothando wasiza nabantu abacebile. Nokho, lapho ekwenza lokho, uJesu wayevame ukubonisa ukubakhathalela abampofu. Ngokwesibonelo, wanikeza omunye umbusi ocebile lesi seluleko: “Thengisa zonke izinto onazo wabele abantu abampofu, khona-ke uyoba nengcebo emazulwini; bese uza ube ngumlandeli wami.”—Luka 14:1, 12-14; 18:18, 22; 19:1-10.

UJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe babakhathalela ngokujulile abampofu. (Marku 12:41-44; Jakobe 2:1-6) Ebonisa ukuthi uyabakhathalela abampofu, uJehova ugcine enkumbulweni yakhe izigidi zabantu abampofu abaye bafa. Bonke labo bantu bayovuselwa ezweni elisha elingenabo ubumpofu.—IzEnzo 24:15.

[Izithombe]

Ubuzalwane bezizwe zonke boFakazi BakaJehova bubonisa ukuthi izwe elisha lingaba khona

[Isithombe ekhasini 5]

UTukiso noMaseiso nesithunywa sevangeli esafunda iBhayibheli noTukiso

[Isithombe ekhasini 5]

UMaseiso esemnyango wendlu yakhe kanye nesithunywa sevangeli esafunda naye iBhayibheli