Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukusebenzisa Ingqondo—Kungani Kuyivelakancane Kangaka?

Ukusebenzisa Ingqondo—Kungani Kuyivelakancane Kangaka?

Ukusebenzisa Ingqondo—Kungani Kuyivelakancane Kangaka?

“YINI inkinga yakhe? Kufanele ngabe uyayazi le nto,” kuphawula owayebukele. Enikina ikhanda, omunye uyahamba ekhononda, “Ukube ubeyisebenzisa kancane nje ingqondo, ubengeke akwenze lokho.” Wake wawezwa yini amazwi afana nalawa? Nokho, kuyini ukusebenzisa ingqondo?

Inkulumo ethi ukusebenzisa ingqondo ingachazwa ngokuthi ukuqonda okunembile nokuhlakanipha okusebenzayo noma ukwahlulela. Kusho ukuthi umuntu unekhono lokwahlulela nokunquma ngobuhlakani. Kusobala ukuthi ukusebenzisa ingqondo kudinga ukuba sisebenzise ikhono lokucabanga. Abaningi bamane nje bafuna ukucatshangelwa abanye. Bavumela imithombo yezindaba, ontanga noma imibono ethandwayo ukuba kubenzele izinqumo.

Ezweni lanamuhla kubonakala kuntuleka ukusebenzisa ingqondo kangangokuthi indoda eqaphelisisayo yake yathi, ‘Ngempela, ukusebenzisa ingqondo kuyivelakancane kakhulu.’ Singalihlakulela kanjani ikhono lokusebenzisa ingqondo? Ziyini izinzuzo zokuba nalo?

Singakuzuza Kanjani?

Nakuba ukuhlakulela umqondo ohluzekile nokwahlulela okuhle kuthatha isikhathi futhi kudinga ukucabanga ngokucophelela ngezinto nokwenza umzamo ongaguquguquki, ngokuqinisekile ikhono lokusebenzisa ingqondo lingafinyeleleka. Ake sixoxe ngezici ezintathu ezingasisiza ukuze sihlakulele ikhono lokusebenzisa ingqondo.

Tadisha iBhayibheli futhi wenze ngokuvumelana neseluleko salo. IBhayibheli, lilotshwe ngolimi oluhle kakhulu nangendlela ecatshangwe kahle futhi liwusizo kakhulu ekutholeni ukuhlakanipha nomqondo ohluzekile. (Efesu 1:8) Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu uyala amanye amaKristu: “Noma yiziphi izinto eziyiqiniso, noma yiziphi izinto ezibaluleke ngempela, noma yiziphi izinto ezilungileyo, noma yiziphi izinto ezihlanzekile, noma yiziphi izinto ezithandekayo, noma yiziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezi zinto.” (Filipi 4:8) Uma sisilalela ngokungaguquki lesi seluleko, siyokwazi ukwahlulela kahle nokusebenzisa ingqondo.

Funda kokuhlangenwe nakho. Ihlanganisa ikhono lokusebenzisa ingqondo nokuhlangenwe nakho, imbongi yaseSwitzerland yathi: “Ukusebenzisa ingqondo . . . kuhlanganisa okuhlangenwe nakho nokubona izinto zingakenzeki.” Ngempela, “noma ubani ongenalwazi [noma, ongenakho okuhlangenwe nakho] uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.” (IzAga 14:15) Ukusebenzisa ingqondo kungahlakulelwa ngokubhekisisa, ukuqeqeshwa kanye nokuhlangenwe nakho. Ngokuhamba kwesikhathi singafunda ukwenza izinto kangcono. Nokho, ukufunda emaphutheni ethu kudinga ukuthobeka nobumnene. Umoya wokuzazisa, ukuqhosha, nokuba nenkani, wabantu abaphila kulezi zinsuku zokugcina awubonisi ikhono lokusebenzisa ingqondo.—2 Thimothewu 3:1-5.

Khetha abangane bakho ngokuhlakanipha. Abangane bethu bayasisiza noma basithiye ekusebenziseni ukuhlakanipha nekhono lokusebenzisa ingqondo. IzAga 13:20 zithi: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” Akufanele samukele indlela yokucabanga noma imibono yalabo abangamlaleli uNkulunkulu nabangalinaki iZwi lakhe. IzAga 17:12 ziyibeka kanje le ndaba: “Kungcono ukuba umuntu anqwamane nebhere elephucwe amawundlu alo kunokuba anqwamane nomuntu oyisiphukuphuku ebuwuleni bakhe.”

Kunaziphi Izinzuzo?

Ukuhlakulela ikhono lokusebenzisa ingqondo kuyazuzisa. Kwenza ukuphila kujabulise kakhulu futhi kungonga isikhathi sethu. Ukusebenzisa ingqondo kunganciphisa nokukhungatheka ngokuvamile okuba khona ngenxa yokwenza izinto ngokungacabangi. Labo abantula ukwahlulela okuhle bazenzela ukuphila kube nzima. IBhayibheli lithi: “Umsebenzi onzima weziphukuphuku uzenza zikhathale.” (UmShumayeli 10:15) Abantu abanjalo bangashikashikeka ngokungenamkhawulo futhi bakhathale, kodwa kungabonakali abakwenzayo.

IBhayibheli linezeluleko eziningi ezisebenzayo maqondana nokuhlanzeka, ukukhulumisana, ukukhuthala, ukubhekana ngokuphumelelayo nobumpofu nezinye izici eziningi zokuphila. Izigidi zingakufakazela ukuthi ukuphumelela nokuhluleka kwazo ekuphileni kuye kwaxhomeka ezingeni eziye zasebenzisa ngalo izimiso zeBhayibheli, okuye kwazisiza ukuba zibonise ukuhlakanipha.

Ukusebenzisa ingqondo kusenza sikwazi ukwenza okwengeziwe kunokumane nje silandele iqoqo leziyalezo ezinemininingwane noma imithetho. Kusisiza ukuba sifeze imithwalo yethu yemfanelo. Nokho, ukusebenzisa ingqondo akuthathi indawo yokungenisa ulwazi. “Umuntu ohlakaniphile uyolalela amukele imfundo eyengeziwe,” kusho IzAga 1:5. Kumelwe sifunde nokuhlaziya ukwaziswa esikuqongelelayo, ngokwalokho kwaziswa sifinyelele iziphetho ezifanele. Lokhu kusisiza ukuba ‘sihambe ngokuhlakanipha.’—IzAga 28:26.

Isizotha sihlobene eduze nokusebenzisa ingqondo. Nakuba singase sifune ukunakekela imithwalo eminingi yemfanelo, kudingeka sisebenzise ukwahlulela okuhle futhi senze okulingana namandla ethu. Yiqiniso, umphostoli uPawulu usitshela ukuba sibe “nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.” (1 Korinte 15:58) Nokho, lesi siyalo kumelwe silinganiswe nesimiso esilotshwe kumShumayeli 9:4: “Inja ephilayo ingcono kakhulu kunengonyama efileyo.” Ukuyinakekela ngokufanele impilo yethu njengoba sikhonza uJehova kungasenza siphile isikhathi esijana futhi siqhubeke sikhuthele. Ukusebenzisa ingqondo kungasisiza silinganisele kahle okuyosibangela ukuba sifeze izinto ezidingekayo ngaphandle kokuphelelwa injabulo. Yebo, ukusebenzisa ingqondo kuletha izinzuzo eziningi.

[Isithombe ekhasini 14]

Izeluleko eziningi ezinengqondo zitholakala eBhayibhelini

[Isithombe ekhasini 15]

Ikhono lokusebenzisa ingqondo lingatholakala ngokubhekisisa, ngokuqeqeshwa nangokuhlangenwe nakho