Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ulwazi NgoNkulunkulu Luqinisa Imikhaya

Ulwazi NgoNkulunkulu Luqinisa Imikhaya

“Usizo Lwami Luvela Kujehova”

Ulwazi NgoNkulunkulu Luqinisa Imikhaya

“UDONGA LWASEBERLIN.” Umbhangqwana wase-Argentina walubiza kanjalo udonga lwangempela owawulwakhile olwaluhlukanisa indlu yawo kabili! Wawunokungezwani okungenakulungiswa; wawuzondana.

Kuyadabukisa ukuthi isimo esifana nesalowo mbhangqwana sikhona nakweminye imikhaya. Imikhaya eminingi ikhungethwe izingxabano, ukungathembeki nenzondo. Lokhu kuyadabukisa, ngoba umkhaya waqanjwa uNkulunkulu ngokwakhe. (Genesise 1:27, 28; 2:23, 24) Lesi sipho esivela kuNkulunkulu siyilungiselelo elihle kakhulu lokubonisa uthando olujulile. (Ruthe 1:9) Ngokufeza izibopho azinikwe uNkulunkulu, amalungu omkhaya angadumisa uJehova futhi abe isibusiso kwelinye nelinye. *

Ngenxa yokuthi nguNkulunkulu owamisa ilungiselelo lomkhaya, kudingeka sivumele umbono wakhe ulolonge ukuqonda kwethu ngendlela imikhaya okufanele iphile ngayo. IZwi lakhe linikeza izeluleko eziningi ezisebenzayo eziklanyelwe ukusiza imikhaya ukuba iphumelele, ikakhulu lapho kuba nezinselele. Likhuluma ngendima yamadoda, iBhayibheli lithi: “Amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu.” Uma indoda iphila ngokuvumelana nale mfuneko, inkosikazi iyakujabulela ukuba ‘nenhlonipho ejulile ngomyeni wayo.’—Efesu 5:25-29, 33.

Maqondana nobuhlobo obuphakathi kwabazali nabantwana, umphostoli uPawulu wabhala: “Bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Lokhu kube sekudala umoya wokuzwana ekhaya, owenza kube lula ngezingane ukuba zilalele abazali bazo.—Efesu 6:1.

La maphuzu okukhulunywe ngawo ngenhla ayiseluleko esihlakaniphile seBhayibheli esiqondiswe emikhayeni. Ngokusebenzisa izimiso zikaNkulunkulu, abaningi bathola injabulo emizini yabo. Ngokwesibonelo, ake ubheke umbhangqwana wase-Argentina okukhulunywe ngawo ekuqaleni. Ngemva kwezinyanga ezintathu utadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, waqala ukusebenzisa iseluleko esihlakaniphile emshadweni. Wazikhandla ukuze uthuthukise ukukhulumisana, ukuba nozwela ezidingweni zomunye nomunye futhi waqala ukuthethelelana. (IzAga 15:22; 1 Petru 3:7; 4:8) Wafunda ukulawula intukuthelo yawo nokucela usizo lukaNkulunkulu lapho izinto zibonakala ziphuma endleleni. (Kolose 3:19) Ngokushesha “uDonga LwaseBerlin” lwawa!

UNkulunkulu Angawuqinisa Umkhaya

Ukwazi nokusebenzisa izindinganiso zikaNkulunkulu kungaqinisa umkhaya umelane nezingcindezi. Lokhu kubalulekile ngoba kwakubikezelwe ukuthi osukwini lwethu imikhaya yayizohlaselwa ngonya. UPawulu wabikezela ngokuwohloka kwesimilo nokomphakathi okukhona namuhla. Wathi ‘izinsuku zokugcina’ zaziyobonakala ngokungathembeki, ‘ukungabi nalo uthando’ nokungalaleli abazali, ngisho nakulabo “abanesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.”—2 Thimothewu 3:1-5.

Ukuzama ukujabulisa uNkulunkulu kungasiza umkhaya umelane nalawo mathonya alimazayo. Imikhaya eminingi iye yathola ukuthi ukuze ikwazi ukubhekana ngokuphumelelayo nezinselele eziningi kudingeka ikhambi elivela kuNkulunkulu. Uma amalungu omkhaya efisa ukulondoloza ubuhlobo obuhle noNkulunkulu, ngaphezu kwakho konke kudingeka asebenzise izimiso zeBhayibheli futhi aqaphele ukuthi “ngaphandle kokuba uJehova ngokwakhe eyakha indlu, akusizi ngalutho ukuthi abakhi bayo basebenzé kanzima kuyo.” (IHubo 127:1) Impumelelo enkulu ekuthuthukiseni injabulo yomkhaya itholakala ngokubeka uNkulunkulu kuqala ekuphileni komkhaya.—Efesu 3:14, 15.

Indoda yaseHawaii, egama layo linguDennis, yakuthola kuyiqiniso lokhu. Nakuba yayithi ingumKristu, ukuchapha abanye nokulwa kwakuyindlela yayo yokuphila. Ngemva kokuba yisosha, yaba nolaka nangokwengeziwe futhi yaba nenzondo. Iyakhumbula: “Ngangilwa njalo. Ngangingenandaba nokwakwenzeka kimi, futhi ngangingakwesabi ukufa. Ngaqhubeka nokulwa futhi nginenhlamba. Umkami, owayengomunye woFakazi BakaJehova, wangikhuthaza ukuba ngitadishe iBhayibheli.”

UDennis wamelana nemizamo yomkakhe. Nokho, ukuziphatha kwakhe kobuKristu kwasithambisa isimo sakhe sengqondo esiphambene. Ekugcineni, uDennis waya emhlanganweni wobuKristu nomkakhe kanye nezingane. Ngemva kwalokho, kwaqalwa isifundo seBhayibheli noDennis futhi wathuthuka kahle. Wayeka ukubhema okwase kuyiminyaka engu-28 ekwenza futhi wayeka ukuzihlanganisa nabangane ababenza zonke izinto ayezama ukuziyeka. Ebonga uJehova, uDennis wathi: “Ukuphila komkhaya wami kwaba ngcono. Siya emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini njengomkhaya. Izingane zami ezimbili azisangesabi ngoba sengifunde ukulawula intukuthelo futhi ngayeka nokuchapha abanye. Siyaxoxa futhi sijabulele izingxoxo zeBhayibheli. Ukube angizange ngitadishe iBhayibheli, ngabe angikho lapha namuhla; nganginenhliziyo encane.”

Imikhaya ingathola injabulo uma izikhandla ekwenzeni intando kaJehova. Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi ngisho noma kuyilungu elilodwa lomkhaya elisebenzisa izimiso zeBhayibheli, izinto ziba ngcono kunokuba kungabikho muntu ozisebenzisayo. Ukwakha umkhaya wamaKristu kungumsebenzi onzima, odinga ikhono nesikhathi. Kodwa amalungu aleyo mikhaya ayaqiniseka ukuthi uJehova uzoyivuza ngempumelelo imizamo yawo yokwakha. Ingananela amazwi omhubi: “Usizo lwami luvela kuJehova.”—IHubo 121:2.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 4 Bheka IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2005, May/June.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]

‘Yonke imindeni yasezulwini neyasemhlabeni iqanjwe ngoNkulunkulu.’—EFESU 3:15

[Ibhokisi ekhasini 8]

UJEHOVA UYALAZISA ILUNGISELELO LOMKHAYA

“UNkulunkulu wababusisa futhi uNkulunkulu wathi kubo: ‘Zalani nande nigcwalise umhlaba.’”—Genesise 1:28.

“Uyajabula wonke umuntu owesaba uJehova . . . Umkakho uyoba njengomvini othela izithelo ezingxenyeni ezingaphakathi impela zendlu yakho.”—IHubo 128:1, 3.