Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Zibambe Ngaphansi Kobubi”

“Zibambe Ngaphansi Kobubi”

“Zibambe Ngaphansi Kobubi”

“Inceku yeNkosi akufanele ilwe, kunalokho kufanele ibe mnene kubo bonke, . . . izibambe ngaphansi kobubi.”—2 THIMOTHEWU 2:24.

1. Lapho sisenkonzweni yobuKristu, kungani ngezinye izikhathi sihlangana nabantu abakhuluma ngokhahlo?

 WENZENJANI lapho unqwamana nabantu abangakuthandi wena noma lokho oyikho? Echaza izinsuku zokugcina, umphostoli uPawulu wabikezela ukuthi abantu babeyoba “abahlambalazi, . . . abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka.” (2 Thimothewu 3:1-5, 12) Ungase uhlangane nabantu abanjalo lapho usenkonzweni noma kwezinye izindawo.

2. Imiphi imiBhalo engasisiza ukuba sisebenzelane ngokuhlakanipha nabantu abasikhahlayo?

2 Akuwona wonke umuntu osikhacayo osuke engakuthandi nhlobo okulungile. Ubunzima noma ukukhungatheka okwedlulele kungenza abantu bakhakhabise wonke umuntu osondela kubo. (UmShumayeli 7:7) Abaningi benza kanjalo ngenxa yokuthi endaweni abahlala kuyo nabasebenza kuyo kuvamile ukukhuluma ngokufutheka. Lokho akuyenzi inkulumo enjalo yamukeleke kithina njengamaKristu, kodwa kuyasisiza siqonde ukuthi kungani abanye abantu beyisebenzisa. Kufanele sisabele kanjani enkulumweni enokhahlo? IzAga 19:11 zithi: “Ukuqondisisa komuntu ngokuqinisekile kubambezela intukuthelo yakhe.” Kanti eyamaRoma 12:17, 18, iyaseluleka: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. . . . Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.”

3. Ukuthanda ukuthula kuhileleke kanjani esigijimini esisishumayelayo?

3 Uma sithanda ukuthula ngempela, kuyobonakala ngesimo sethu sengqondo. Kuyobonakala ngalokho esikushoyo nesikwenzayo, mhlawumbe ebusweni nasezwini lethu. (IzAga 17:27) Lapho ethuma abaphostoli bakhe ukuba bayoshumayela, uJesu wabeluleka: “Lapho ningena endlini, yibingeleleni leyo ndlu [“yifiseleni ukuthula leyo ndlu,” The New English Bible]; futhi uma indlu ifanele, ukuthula eniyifisela kona makwehlele kuyo; kodwa uma ingafanele, ukuthula okuvela kini makubuyele kini.” (Mathewu 10:12, 13) Umyalezo esiwuphethe uyizindaba ezinhle. IBhayibheli liwubiza ngokuthi “izindaba ezinhle zokuthula,” ‘izindaba ezinhle zomusa ongafanelwe kaNkulunkulu,’ nangokuthi ‘yilezi zindaba ezinhle zombuso.’ (Efesu 6:15; IzEnzo 20:24; Mathewu 24:14) Umgomo wethu akukhona ukugxeka izinkolelo zomuntu noma ukuphikisana naye ngemibono yakhe, kodwa uwukuxoxa naye ngezindaba ezinhle eziseZwini likaNkulunkulu.

4. Yini ongase uyisho lapho umuntu ethi “Cha, ngiyabonga” ungakamtsheli nokuthi uze ngani?

4 Umninikhaya angase avele athi: “Cha, ngiyabonga,” engazange alalele ngempela. Ezimweni eziningi, ungakwazi ukuthi: “Bengithi ngizokufundela leli vesi elilodwa nje elifushane eBhayibhelini.” Angase angakwenqabi lokho. Kwezinye izimo, kungase kufaneleke ukuthi: “Bengithi ngizokuxoxela ngesikhathi lapho ukungalungi kuyobe kungasekho, lapho bonke abantu beyofunda ukuthandana.” Uma lokho kungasheshi kumenze acele incazelo, ungase wenezele: “Kodwa ngiyabona ukuthi ngikuthole ngesikhathi esibi.” Ngisho noma impendulo yomninikhaya ingabonisi ukuthi unokuthula, ingabe kufanele siphethe ngokuthi izindaba ezinhle ‘azimfanele’? Kungakhathaliseki indlela asabela ngayo, khumbula iseluleko seBhayibheli sokuba ‘mnene kubo bonke, uzibambe ngaphansi kobubi.’—2 Thimothewu 2:24.

Wayedelela Kodwa Edukisiwe

5, 6. USawulu wayebaphatha kanjani abalandeli bakaJesu, futhi kungani ayenza ngaleyo ndlela?

5 Ekhulwini lokuqala, indoda okuthiwa uSawulu yayaziwa kakhulu ngenkulumo yayo yokwedelela, ngisho nangobudlova bayo. IBhayibheli lithi ‘yayisonga futhi ishabashekela ukubulala abafundi beNkosi.’ (IzEnzo 9:1, 2) Kamuva yavuma ukuthi yayikade “ingumhlambalazi nomshushisi nomuntu oweyisayo.” (1 Thimothewu 1:13) Nakuba ezinye zezihlobo zayo kungenzeka zase zingamaKristu, yathi ngesimo sayo sengqondo ngakubalandeli bakaKristu: “Njengoba ngangibathukuthelele ngokudlulele, ngaze ngabashushisa ngisho nasemizini engaphandle.” (IzEnzo 23:16; 26:11; Roma 16:7, 11) Akukho bufakazi bokuthi abafundi bazama ukuba nenkulumo-mpikiswano noSawulu phambi komphakathi lapho esaziphatha ngaleyo ndlela.

6 Kungani uSawulu ayeziphatha kanje? Eminyakeni ethile kamuva, wabhala: “Ngangingazi futhi ngenza ngenxa yokuntula ukholo.” (1 Thimothewu 1:13) WayengumFarisi, efundiswe “ngendlela eqinile yoMthetho wokhokho.” (IzEnzo 22:3) Nakuba umfundisi kaSawulu, uGamaliyeli, ngokusobala ayenomqondo ovulekile, umpristi ophakeme uKayafase, uSawulu ayesemdibi munye naye, wayengenjalo. UKayafase wayengubhongoza ozungwini lokubulawa kukaJesu Kristu. (Mathewu 26:3, 4, 63-66; IzEnzo 5:34-39) Ngemva kwalokho, uKayafase wenza ukuba abaphostoli bakaJesu babhambabulwe, futhi wabayala ngamazwi aqatha ukuba bayeke ukushumayela ngesisekelo segama likaJesu. UKayafase wayengamele iSanhedrini ngaphansi kwesimo esishubile, lapho kwakhishwa khona uStefanu wayokhandwa ngamatshe. (IzEnzo 5:27, 28, 40; 7:1-60) USawulu wayebukele lapho uStefanu ekhandwa ngamatshe, futhi uKayafase wamgunyaza ukuba aqhubeke nemizamo yokucindezela abalandeli bakaJesu ngokubabopha eDamaseku. (IzEnzo 8:1; 9:1, 2) Ethonywe nguKayafase, uSawulu wayecabanga ukuthi ukuziphatha kwakhe kubonisa intshiseko ngoNkulunkulu, kodwa eqinisweni wayentula ukholo lwangempela. (IzEnzo 22:3-5) Ngenxa yalokho, uSawulu akaqondanga ukuthi uJesu unguMesiya weqiniso. Kodwa wasanguluka lapho uJesu ovusiwe ekhuluma naye ngokuyisimangaliso endleleni eya eDamaseku.—IzEnzo 9:3-6.

7. Kwenzekani kuSawulu ngenxa yokunqwamana kwakhe noJesu endleleni eya eDamaseku?

7 Ngemva nje kwalokhu, kwathunywa umfundi u-Ananiya ukuba ayoshumayeza uSawulu. Ingabe wena wawuyoba magange ukuhambela umuntu onjalo? U-Ananiya wayenovalo, kodwa wakhuluma noSawulu ngomusa. Ngenxa yokunqwamana kwakhe okuyisimangaliso noJesu endleleni eya eDamaseku, isimo sengqondo sikaSawulu sase sishintshile. (IzEnzo 9:10-22) Kamuva waziwa ngelikamphostoli uPawulu, isithunywa sevangeli esingumKristu oshisekayo.

Wayenomoya Omnene Kodwa Enesibindi

8. UJesu wasibonisa kanjani isimo sengqondo uYise asibonisa kubantu abenze izinto ezimbi?

8 UJesu wayengumshumayeli woMbuso oshisekayo, owayephatha abantu ngomoya omnene kodwa enesibindi. (Mathewu 11:29) Wayebonisa umoya ofana nokaYise wasezulwini, okhuthaza ababi ukuba bashiye izindlela zabo ezimbi. (Isaya 55:6, 7) Lapho esebenzelana nezoni, uJesu wayebona lapho kubonakala khona intuthuko, futhi wayebakhuthaza abantu abanjalo. (Luka 7:37-50; 19:2-10) Kunokuba ahlulele abantu ngokubonakala kwabo, uJesu wayelingisa umusa, unembe, nokubekezela kukaYise, efuna ukubasiza baphenduke. (Roma 2:4) Kuyintando kaJehova ukuba abantu bazo zonke izinhlobo baphenduke, basindiswe.—1 Thimothewu 2:3, 4.

9. Yini esingayifunda endleleni u-Isaya 42:1-4 agcwaliseka ngayo kuJesu?

9 Eveza umbono kaJehova ngoJesu Kristu, umlobi weVangeli uMathewu ucaphuna la mazwi esiprofetho: “Bheka! Inceku yami engayikhetha, othandekayo wami, umphefumulo wami omamukele! Ngizobeka umoya wami phezu kwakhe, futhi uyocacisela izizwe ukuthi ubulungisa buyini. Ngeke ahilizisane namuntu, noma amemeze kakhulu, futhi akekho oyokuzwa izwi lakhe ezindleleni ezibanzi. Akukho mhlanga olimele ayowufohloza, futhi akukho ntambo yefilakisi elokozayo ayoyicima, kuze kube yilapho ethumela ubulungisa ngempumelelo. Ngempela, izizwe ziyothembela egameni lakhe.” (Mathewu 12:17-21; Isaya 42:1-4) Ngokuvumelana nalawo mazwi esiprofetho, uJesu akazange ahileleke ezimpikiswaneni ezinomsindo. Ngisho nalapho kukubi, wayekhuluma iqiniso ngendlela eyayikhanga abanhliziyo ziqotho.—Johane 7:32, 40, 45, 46.

10, 11. (a) Nakuba abaFarisi babephakathi kwabaphikisi bakaJesu abaphambili, kungani ashumayeza abanye babo? (b) Zazinjani izimpendulo zikaJesu kubaphikisi ngezinye izikhathi, kodwa yini ayengayenzi?

10 Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu wakhuluma nabaFarisi abaningi. Nakuba abanye babo bazama ukumhila, uJesu akazange aphethe ngokuthi bonke banezisusa ezimbi. USimoni, umFarisi owayegxeka ngezinga elithile, ngokusobala wayefuna ukumuzwa kahle uJesu, wammemela esidlweni. UJesu wasamukela leso simemo futhi washumayela kwababekhona. (Luka 7:36-50) Ngesinye isikhathi, umFarisi ovelele ogama lakhe linguNikodemu wanyenya waya kuJesu ebusuku. UJesu akamsolanga ngokulinda kwakhe kuze kube mnyama. Kunalokho, washumayela kuNikodemu ngothando olwaboniswa uNkulunkulu ngokuthumela iNdodana yakhe ukuze labo ababeyobonisa ukholo bathole ithuba lokusindiswa. Ngomusa uJesu wabonisa nokubaluleka kokuzithoba elungiselelweni likaNkulunkulu. (Johane 3:1-21) Kamuva uNikodemu wakhulumela uJesu lapho abanye abaFarisi belulaza umbiko omuhle ngaYe.—Johane 7:46-51.

11 UJesu wayebubona ubuzenzisi balabo ababezama ukumhila. Akabavumelanga abaphikisi ukuba bamfake ezimpikiswaneni ezingasizi ngalutho. Nokho, lapho kufaneleka wayenikeza izimpendulo ezimfushane ezinamandla ngokusho isimiso, ngokusebenzisa umfanekiso, noma ngokucaphuna umBhalo. (Mathewu 12:38-42; 15:1-9; 16:1-4) Ngezinye izikhathi, uJesu wayevele angaphenduli lapho kusobala ukuthi ukuphendula ngeke kusize ngalutho.—Marku 15:2-5; Luka 22:67-70.

12. Ngisho nalapho ekhakhabiswa, uJesu wakwazi kanjani ukusiza abantu?

12 Ngezinye izikhathi, uJesu wayebuye akhakhabiswe abantu abalawulwa imimoya engcolile. Lapho lokho kwenzeka, wayezibamba futhi waze wasebenzisa namandla awanikwe uNkulunkulu ukuze abasize labo bantu. (Marku 1:23-28; 5:2-8, 15) Uma abanye abantu enkonzweni besithukuthelela futhi basikhakhabise, nathi kudingeka sizibambe, futhi kufanele sizame ukusisingatha ngendlela enomusa nengacasuli isimo esinjalo.—Kolose 4:6.

Ekhaya

13. Kungani ngezinye izikhathi abantu bephikisa ilungu lomkhaya eliqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova?

13 Ngokuvamile isidingo sokuba abalandeli bakaJesu bazibambe siba sobala kakhulu ekhaya. Umuntu onhliziyo yakhe ithintwe iqiniso leBhayibheli ngokujulile ufisa ukuba abomkhaya wakhe basabele ngendlela efanayo. Kodwa njengoba uJesu asho, amalungu omkhaya angase abe njengezitha. (Mathewu 10:32-37; Johane 15:20, 21) Kuningi okubangela lokhu. Ngokwesibonelo, nakuba izimfundiso zeBhayibheli zingasisiza sibe abantu abaqotho, abathembekile, nabahloniphayo, imiBhalo ifundisa nokuthi kunoma isiphi isimo kufanele sinamathele kakhulu kuMdali wethu. (UmShumayeli 12:1, 13; IzEnzo 5:29) Ilungu lomkhaya elibona sengathi igunya lalo ekhaya liyalulazeka ngandlela-thile ngenxa yobuqotho bethu kuJehova lingase lithukuthele. Ekusingatheni isimo esinjalo, yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba silandele isibonelo sikaJesu sokuzibamba!—1 Petru 2:21-23; 3:1, 2.

14-16. Yini eyabangela izinguquko kwabanye ababekade bephikisa amalungu emikhaya yabo?

14 Abaningi asebekhonza uJehova manje bake baba nomngane womshado, noma elinye ilungu lomkhaya, owayephikisana nezinguquko ababezenza lapho beqala ukutadisha iBhayibheli. Kungenzeka lowo owayephikisa wayezwe izinto ezimbi ngoFakazi BakaJehova, futhi mhlawumbe esaba ukuthi kuzokonakala ekhaya. Yini eyabashintsha? Ezimweni eziningi, isibonelo esihle saba nomthelela kakhulu. Ngenxa yokuthi lowo okholwayo wasebenzisa iseluleko seBhayibheli ngobuqotho—eya njalo emihlanganweni yobuKristu nasenkonzweni, ngesikhathi esifanayo enakekela imithwalo yemfanelo yomkhaya futhi ezibamba lapho kunezinkulumo ezimjivazayo— kwezinye izimo ukuphikisa komkhaya kwadamba.—1 Petru 2:12.

15 Owayephikisa kungenzeka futhi wenqaba ukuchazelwa ngeBhayibheli ngenxa yemibono eyiphutha ayenayo noma ngenxa yokuzazisa. Kwakunjalo ngendoda yase-United States eyathi yona yayishisekela kakhulu izwe lakubo. Ngesinye isikhathi, lapho umkayo esemhlanganweni, yaqoqa zonke izingubo zayo yashaya yachitha. Ngesinye isikhathi, yaphuma ekhaya iphethe isibhamu ithi izozibulala. Yayithi yinkolo yomkayo eyenza iziphathe ngale ndlela eyinqaba. Kodwa umkayo wazama ukuqhubeka esebenzisa iseluleko seBhayibheli. Ngemva kweminyaka engamashumi amabili enguFakazi kaJehova, nayo yaba nguye. E-Albania, owesifazane wathukutheliswa ukuthi indodakazi yakhe yayitadishe iBhayibheli noFakazi BakaJehova yabhapathizwa. Lo mama washisa iBhayibheli lendodakazi yakhe kwaze kwaba izikhathi ezingu-12. Ngelinye ilanga, wavula iBhayibheli elisha elalishiywe indodakazi yakhe phezu kwetafula. Lavuleka kuMathewu 10:36, futhi wabona ukuthi lokho elikushoyo lapho kusebenza kuye. Noma kunjalo, ekhathazekile ngendodakazi yakhe, lo mama wayiphelezela iya emkhunjini lapho yayizosukela khona nabanye oFakazi kuyiwe emhlanganweni wesigodi e-Italy. Lapho lo mama ebona uthando, ukwangana, nokumamatheka kwalelo qembu futhi ezwa uhleko lwenjabulo, imizwa yakhe yaqala ukushintsha. Ngemva nje kwalokhu, wavuma ukufundelwa iBhayibheli. Namuhla uzama ukusiza abanye abaqale baphikise.

16 Kwesinye isenzakalo, indoda eyayishwilizisa ummese yaqonda kumkayo, imbiza ngamagama amabi, njengoba esondela eHholo LoMbuso. Umkayo waphendula ngobumnene: “Ngena ngaphakathi eHholo LoMbuso, uzibonele.” Yangena, yagcina isingumdala ongumKristu.

17. Uma ngezinye izikhathi isimo sishuba ekhaya lamaKristu, isiphi iseluleko semiBhalo esingasiza?

17 Ngisho noma wonke umuntu ekhaya engumKristu, kungase kube nezikhathi lapho isimo sishuba futhi amagama aze aqine ngenxa yokungapheleli kobuntu. Kuyaphawuleka ukuthi amaKristu ase-Efesu yasendulo elulekwa: “Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza kanye nabo bonke ububi.” (Efesu 4:31) Ngokusobala, amaKristu ase-Efesu ayethonywa indawo ayekuyo, ukungapheleli kwawo siqu, kwezinye izimo nendlela yawo yokuphila yangaphambili. Yini eyayingawasiza ukuba ashintshe? Kwakudingeka ‘enziwe masha emandleni ashukumisa ingqondo yawo.’ (Efesu 4:23) Njengoba ayetadisha iZwi likaNkulunkulu, ezindla ngendlela okufanele lithonye ngayo ukuphila kwawo, ezihlanganisa namanye amaKristu, futhi ethandaza ngobuqotho, izithelo zomoya kaNkulunkulu zazibonakala ngokwengeziwe ekuphileni kwawo. Ayefunda ‘ukuba nomusa komunye nomunye, abe nobubele besisa, athethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu awathethelela ngokukhululekile.’ (Efesu 4:32) Kungakhathaliseki ukuthi abanye benzani, kudingeka sizibambe, sibe nomusa, sibe nesihawu, sithethelele. Yebo, kumelwe ‘singabuyiseli muntu okubi ngokubi.’ (Roma 12:17, 18) Ukubonisa uthando lwangempela ngokulingisa uNkulunkulu kuhlale kuyinto elungile.—1 Johane 4:8.

Iseluleko Sawo Wonke AmaKristu

18. Kungani iseluleko esikweyesi-2 Thimothewu 2:24 sasifaneleka kumdala wase-Efesu yasendulo, futhi singawazuzisa kanjani wonke amaKristu?

18 Iseluleko ‘sokuzibamba ngaphansi kobubi’ sisebenza kuwo wonke amaKristu. (2 Thimothewu 2:24) Kodwa ekuqaleni sasibhekiswe kuThimothewu, owayesidinga lapho engumdala e-Efesu. Abanye ebandleni babeyiveza obala imibono yabo futhi befundisa imfundiso engalungile. Ngenxa yokuthi babengayiqondi ngokugcwele injongo yoMthetho KaMose, babengakuboni ukubaluleka kokholo, uthando, nonembeza omuhle. Ukuziqhenya kwakudala ukubanga lapho bephikisana ngamagama, bengawaqondi amaphuzu ayinhloko ezimfundiso zikaKristu nokubaluleka kokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu. Ukuze asingathe lesi simo, uThimothewu kwakudingeka alisekele ngokuqinile iqiniso lemiBhalo, kodwa futhi abaphathe ngobumnene abafowabo. Njengabadala banamuhla, wayazi ukuthi umhlambi akuwona owakhe nokuthi kufanele aphathe abanye ngendlela yokuthuthukisa uthando nobunye bobuKristu.—Efesu 4:1-3; 1 Thimothewu 1:3-11; 5:1, 2; 6:3-5.

19. Kungani kubalulekile kithi sonke ukuba ‘sifune ubumnene’?

19 UNkulunkulu unxusa abantu bakhe ukuba ‘bafune ubumnene.’ (Zefaniya 2:3) Igama lesiHebheru elisho “ubumnene” lisho isimo sengqondo esenza umuntu akwazi ukubekezelela ukulimala ngesineke, angacasuki futhi angaphindiseli. Masimnxuse ngobuqotho uJehova ukuba asisize ukuze sizibambe futhi simmelele kahle, ngisho nasezimweni ezinzima.

Ufundeni?

• Imiphi imiBhalo engakusiza lapho udelelwa?

• Kungani uSawulu ayedelela?

• Isibonelo sikaJesu sisisiza kanjani ukuba sisebenzelane kahle nazo zonke izinhlobo zabantu?

• Ukuzibamba ekukhulumeni ekhaya kungaletha ziphi izinzuzo?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 26]

Naphezu kwedumela likaSawulu, u-Ananiya wamphatha ngomusa

[Isithombe ekhasini 29]

Ukunakekela komKristu imithwalo yakhe yemfanelo ngokwethembeka kungadambisa ukuphikisa komkhaya

[Isithombe ekhasini 30]

AmaKristu athuthukisa uthando nobunye