Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amaphuzu Avelele Encwadi YamaKhosi Okuqala

Amaphuzu Avelele Encwadi YamaKhosi Okuqala

IZwi LikaJehova Liyaphila

Amaphuzu Avelele Encwadi YamaKhosi Okuqala

“LAPHO abalungile banda, abantu bayajabula; kodwa lapho omubi ebusa, abantu bayabubula.” (IzAga 29:2) Incwadi yeBhayibheli yamaKhosi Okuqala ikufakazela kahle ukuba yiqiniso kwalesi saga. Ilandisa ngokuphila kukaSolomoni, owabusa isizwe sakwa-Israyeli samandulo esachuma futhi sajabulela ukulondeka ngesikhathi sokubusa kwakhe. Incwadi yamaKhosi Okuqala ilandisa nangokuhlukaniswa kwesizwe ngemva kokufa kukaSolomoni, ilandise nangamakhosi angu-14 amlandela, amanye ebusa kwa-Israyeli, amanye kwaJuda. Mabili kuphela amakhosi ahlala ethembekile kuJehova. Ngaphezu kwalokho, ixoxa ngemisebenzi yabaprofethi abayisithupha, u-Eliya angomunye wabo.

Le ncwadi yabhalwa umprofethi uJeremiya eyibhalela eJerusalema nakwaJuda, futhi ihlanganisa inkathi eyiminyaka engaba ngu-129—kusukela ku-1040 B.C.E. kuya ku-911 B.C.E. Ngesikhathi eyiloba, kusobala ukuthi uJeremiya wabheka ezincwadini zakudala ‘njengencwadi yezindaba zikaSolomoni.’ Lezo zincwadi azisekho manje.—1 AmaKhosi 11:41; 14:19; 15:7.

INKOSI EHLAKANIPHILE ILETHA UKUTHULA NOKUCHUMA

(1 AmaKhosi 1:1–11:43)

Zisuka nje, incwadi yamaKhosi Okuqala ilandisa indaba evusa isithakazelo yomzamo ka-Adoniya, indodana yeNkosi uDavide, wokuthatha ubukhosi kuyise. Umprofethi uNathani uthatha isinyathelo ngokushesha futhi icebo lika-Adoniya liyabhuntsha. Indodana kaDavide uSolomoni ibekwa inkosi. UJehova uyasijabulela isicelo sale nkosi esanda kubekwa esihlalweni futhi uyinika “inhliziyo ehlakaniphile neqondayo” kuhlanganise ‘nengcebo nodumo.’ (1 AmaKhosi 3:12, 13) Akekho omunye umuntu ohlakaniphe njengale nkosi, kanti nengcebo yayo ayinakuqhathaniswa. U-Israyeli uba senkathini yokuthula nokuchuma.

Phakathi kwezakhiwo uSolomoni azakhayo, wakha ithempeli likaJehova nezinye izakhiwo zombuso. UJehova uyamqinisekisa: “Ngizosimisa impela isihlalo sobukhosi sombuso wakho phezu kuka-Israyeli kuze kube nini nanini.” (1 AmaKhosi 9:4, 5) UNkulunkulu weqiniso umxwayisa nangemiphumela yokungalaleli. Nokho, uSolomoni ugcina ebe nabafazi bezizwe abaningi. Bayamthonya, futhi ekugugeni kwakhe uphendukela ekukhulekeleni kwamanga. UJehova ubikezela ukuthi umbuso wakhe uyohlukana. Ngo-997 B.C.E., uSolomoni uyafa, futhi ukubusa kwakhe kweminyaka engu-40 kuyaphela. Indodana yakhe, uRehobowamu, ihlala esihlalweni sobukhosi.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

1:5—Kungani u-Adoniya azama ukuthatha ubukhosi uDavide esaphila? IBhayibheli alisho. Nokho, kunengqondo ukuphetha ngokuthi njengoba abafowabo baka-Adoniya abadala o-Amnoni no-Absalomu base beshonile, kanti indodana kaDavide uKileyabi cishe nayo yase ishonile, u-Adoniya wacabanga ukuthi unelungelo lokubusa njengoba kwase kunguye omdala emadodaneni kaDavide ayesaphila. (2 Samuweli 3:2-4; 13:28, 29; 18:14-17) Ngemva kokuthola ukusekelwa uJowabe, isikhulu sezempi esinamandla kakhulu, kanye no-Abhiyathara, umpristi omkhulu onethonya, cishe u-Adoniya wazizwa eqiniseka ukuthi imizamo yakhe yayizophumelela. IBhayibheli alisho ukuthi u-Adoniya wayazi yini ukuthi uDavide wayehlose ukubunika uSolomoni ubukhosi. Nokho, u-Adoniya akazange ammeme uSolomoni nabanye ababethembekile kuDavide ukuba beze ‘emhlatshelweni.’ (1 AmaKhosi 1:9, 10) Lokhu kusikisela ukuthi wayebheka uSolomoni njengembangi yakhe.

1:49-53; 2:13-25—Kungani uSolomoni abulala u-Adoniya ngemva kokuba emxolele? Nakuba uBhati-sheba engazange abone, uSolomoni wabona ukuthi kungani u-Adoniya acela ukuba uBhati-sheba amcelele enkosini ukuba anikwe u-Abhishagi abe ngumkakhe. Nakuba uDavide ayengazange abe nobuhlobo bobulili no-Abhishagi, lo sukasihambe wayebhekwa njengesancinza sikaDavide. Ngokwesiko langalezo zikhathi, u-Abhishagi wayeyoba owendlalifa kaDavide esemthethweni. Kungenzeka ukuthi u-Adoniya wacabanga ukuthi uma ayengathatha u-Abhishagi abe umkakhe, wayengakwazi futhi ukuzama ukuthola ubukhosi. Ngenxa yokuthi wabona ukuthi isicelo sika-Adoniya sasisabonisa isifiso sokubusa, uSolomoni wahoxa, akangabe esamxolela.

6:37–8:2—Lanikezelwa nini ithempeli? Umsebenzi wokwakhiwa kwethempeli waphothulwa ngenyanga yesi-8 ngo-1027 B.C.E., unyaka we-11 wokubusa kukaSolomoni. Kubonakala sengathi ukufakwa kwempahla nokwenza amanye amalungiselelo kwathatha izinyanga ezingu-11. Cishe ithempeli lanikezelwa ngenyanga yesikhombisa ngonyaka ka-1026 B.C.E. Ukulandisa kukhuluma nangezinye izakhiwo ezakhiwa seliphelile ithempeli ngaphambi kokukhuluma ngokunikezelwa kwalo, cishe ukuze kuhlanganiswe neminye imisebenzi yokwakha eyenziwa ngaleso sikhathi.—2 IziKronike 5:1-3.

9:10-13—Ingabe ukupha kukaSolomoni iNkosi uHiramu yaseThire imizi engu-20 ezweni laseGalile kwakuvumelana noMthetho KaMose? Kungenzeka ukuthi kwakuthathwa ngokuthi uMthetho okuLevitikusi 25:23, 24 wawusebenza kuphela kulezo zindawo ezazihlala ama-Israyeli. Kungenzeka ukuthi imizi uSolomoni ayipha uHiramu yayingahlali ama-Israyeli, nakuba yayingaphakathi komngcele weZwe Lesithembiso. (Eksodusi 23:31) Kungenzeka futhi ukuthi isenzo sikaSolomoni sasibonisa ukungawulaleli ngokugcwele uMthetho, njengalapho ‘ezandisela amahhashi’ futhi ethatha abafazi abaningi. (Duteronomi 17:16, 17) Kunoma ikuphi, akazange asijabulele lesi sipho uHiramu. Kungenzeka ukuthi izakhamuzi ezingamaqaba zazingayinakekeli kahle le mizi, noma mhlawumbe yayingekho endaweni enhle kakhulu.

11:4—Ingabe ukuguga okwenza uSolomoni wangathembeka? Akubonakali kanjalo. USolomoni wayeyibhobhodleyana impela lapho eqala ukubusa, futhi nakuba abusa iminyaka engu-40, wafa engakagugi kakhulu. Ngaphezu kwalokho, akazange ayeke ngokuphelele ukukhulekela uJehova. Kusobala ukuthi wazama ukuxubanisa izinkolo.

Izifundo Esizitholayo:

2:26, 27, 35. Lokho uJehova akubikezelayo kuyafezeka njalo. Ukuxoshwa kuka-Abhiyathara, ongowozalo luka-Eli, kwagcwalisa “izwi likaJehova alikhuluma ngokumelene nendlu ka-Eli.” Ukubekwa kukaZadoki, ongowozalo lukaFinehasi, esikhundleni sika-Abhiyathara kwakuwukugcwaliseka kukaNumeri 25:10-13.—Eksodusi 6:25; 1 Samuweli 2:31; 3:12; 1 IziKronike 24:3.

2:37, 41-46. Akuve kuyingozi ukucabanga ukuthi ungaphula umthetho kaNkulunkulu kodwa ungajezi! Labo ngamabomu abaphambukayo baphume ‘endleleni enyinyekile eholela ekuphileni’ bayovuna imiphumela yaleso sinqumo sabo esingahlakaniphile.—Mathewu 7:14.

3:9, 12-14. UJehova uyayiphendula imithandazo eqotho yezinceku zakhe lapho zicela ukuhlakanipha, ukuqonda, nesiqondiso sokufeza inkonzo yakhe.—Jakobe 1:5.

8:22-53. Yeka indlela uSolomoni abonisa ngayo ukumazisa okusuka enhliziyweni uJehova—uNkulunkulu womusa wothando, uMgcwalisi wezithembiso, noMuzwi wemikhuleko! Ukuzindla ngamazwi omthandazo kaSolomoni wokunikezela ithempeli kuyosenza sizazise nakakhulu lezi zici zobuntu bukaNkulunkulu kanye nezinye.

11:9-14, 23, 26. Eminyakeni ethile kamuva, lapho uSolomoni engasalaleli, uJehova wamvusela abantu ababezomelana naye. Umphostoli uPetru uthi: “UNkulunkulu uyamelana nabazidlayo, kodwa abathobekile ubapha umusa ongafanelwe.”—1 Petru 5:5.

11:30-40. INkosi uSolomoni yafuna ukubulala uJerobowamu ngenxa yalokho u-Ahiya ayekuprofethile ngoJerobowamu. Yeka ukuthi inkosi yenza into ehluke kanjani eminyakeni engaba ngu-40 ngaphambili lapho yenqaba ukuziphindiselela ku-Adoniya nezincelebana zakhe! (1 AmaKhosi 1:50-53) Le ndlela entsha yokucabanga yabangelwa ukuthi yayisimshiyile uJehova.

UMBUSO OBUMBENE UHLUKANA PHAKATHI

(1 AmaKhosi 12:1–22:53)

UJerobowamu nabantu baya eNkosini uRehobowamu ukuyocela ukuba athambise ijoka elabekwa uyise, uSolomoni. Kunokuba enze ngokwesicelo sabo, uRehobowamu uthi uzonezela ejokeni, aliqinise nakakhulu. Izizwe eziyishumi ziyavukela futhi zibeka uJerobowamu inkosi. Umbuso uyahlukana. URehobowamu ubusa umbuso oseningizimu, owakhiwa izizwe zikaJuda noBhenjamini, futhi uJerobowamu ubusa umbuso osenyakatho wezizwe eziyishumi zakwa-Israyeli.

Ukuze avimbele abantu bangayi eJerusalema ukuyokhulekela, uJerobowamu wenza amathole egolide amabili—elinye kwaDani, nelinye eBhethele. Amanye amakhosi abusa kwa-Israyeli ngemva kukaJerobowamu oNadabi, uBhahasha, u-Elahi, uZimri, uThibini, u-Omri, u-Ahabi, no-Ahaziya. U-Abhiyamu, u-Asa, uJehoshafati noJehoramu babusa kwaJuda ngemva kukaRehobowamu. Abaprofethi abaprofethayo ezinsukwini zala makhosi bahlanganisa o-Ahija, uShemaya, umuntu kaNkulunkulu ongashiwongo ngegama, uJehu, u-Eliya noMikhaya.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

18:21—Kungani abantu bengathanga vú lapho u-Eliya ebacela ukuba bakhethe ukulandela uJehova noma uBhali? Kungenzeka ukuthi bathula ngenxa yokuthi babona ukuthi babehlulekile ukuzinikela kuJehova kuphela okuyinto emfanele futhi ngenxa yalokho bazizwa benecala. Noma kungenzeka futhi ukuthi onembeza babo base belukhuni ngendlela yokuthi babengaboni phutha ekukhulekeleni uBhali kuyilapho bethi bangabakhulekeli bakaJehova. Kwaze kwaba yilapho uJehova esebabonise amandla akhe lapho bathi khona: “UJehova unguNkulunkulu weqiniso! UJehova unguNkulunkulu weqiniso!”—1 AmaKhosi 18:39.

20:34—Kungani u-Ahabi ayidedela inkosi yamaSiriya, uBheni-hadadi, uJehova esemenze wawanqoba? Kunokuba abulale uBheni-hadadi, u-Ahabi wenza naye isivumelwano sokuba amabele izitaladi enhloko-dolobha yaseSiriya, iDamaseku, cishe ukuze avule izimakethe. Ngaphambili, uyise kaBheni-hadadi naye wayezithathele izitaladi eSamariya ukuze enze ibhizinisi. Ngakho, uBheni-hadadi wadedelwa ukuze u-Ahabi akwazi ukwenza ibhizinisi eDamaseku.

Izifundo Esizitholayo:

12:13, 14. Lapho senza izinqumo ezibucayi ekuphileni, kufanele sifune iseluleko kubantu abahlakaniphile nabavuthiwe abazi imiBhalo nabazazisa kakhulu izimiso zikaNkulunkulu.

13:11-24. Iseluleko noma ukusikisela okungabazisayo, ngisho noma kuphuma kumKristu ongahlose bubi, kufanele kuhlaziywe ngokusebenzisa isiqondiso esinengqondo seZwi likaNkulunkulu.—1 Johane 4:1.

14:13. UJehova uyasihlolisisa ukuze athole okuhle kithi. Kungakhathaliseki ukuthi bungase bube buncane kangakanani lobo buhle, angabenza bube bukhulu njengoba senza konke okusemandleni ukuze simkhonze.

15:10-13. Kumelwe simelane nokuhlubuka ngesibindi, sithuthukise ukukhulekela kweqiniso.

17:10-16. Umfelokazi waseZarefati wabona ukuthi u-Eliya ungumprofethi futhi wamphatha ngempatho efanele umprofethi. UJehova wazibusisa izenzo zakhe ezibonisa ukholo. Namuhla, uJehova uyazibona izenzo zethu zokholo, futhi uyabavuza labo abasekela umsebenzi woMbuso ngezindlela ezihlukahlukene.—Mathewu 6:33; 10:41, 42; Hebheru 6:10.

19:1-8. Lapho sibhekene nokuphikiswa okunzima, singaqiniseka ngokuthi uJehova uyosisekela.—2 Korinte 4:7-9.

19:10, 14, 18. Abakhulekeli beqiniso ababona neze ondinga-sithebeni. BanoJehova nabazalwane babo kuwo wonke umhlaba.

19:11-13. UJehova akawona amandla aboniswa imvelo noma ukwenziwa samuntu kwalawo mandla.

20:11. Lapho uBheni-hadadi eqhosha ngokubhubhisa kwakhe iSamariya, inkosi yakwa-Israyeli yaphendula: “Obhincayo [izikhali zempi elungiselela impi] makangaziqhayisi njengokhumula” izikhali zakhe zempi lapho ebuya empini enqobile. Lapho kufanele senze umsebenzi esiqalayo ukuwenza, kufanele sigweme ukuzethemba ngokweqile kuhle komuntu ozikhukhumezayo.—IzAga 27:1; Jakobe 4:13-16.

Iyasizuzisa Kakhulu

Lapho elandisa ngokukhishwa koMthetho eNtabeni iSinayi, uMose watshela abantwana bakwa-Israyeli: “Bhekani, ngibeka phambi kwenu namuhla isibusiso nesiqalekiso: isibusiso, uma nje niyoyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla; nesiqalekiso, uma ningeke niyilalele imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu kodwa niphambuka endleleni enginiyala ngayo namuhla.”—Duteronomi 11:26-28.

Yeka indlela incwadi yamaKhosi Okuqala elenze lakhanya ngayo leli qiniso elibalulekile! Njengoba sibonile, le ncwadi isifundisa nezinye izifundo eziwusizo. Ngempela, umyalezo wayo uyaphila futhi unamandla.—Hebheru 4:12.

[Isithombe ekhasini 29]

Ithempeli nezinye izakhiwo ezakhiwa uSolomoni

[Isithombe ekhasini 30, 31]

Ngemva kokuba uJehova ebonise amandla akhe, abantu bamemeza: “UJehova unguNkulunkulu weqiniso!”