Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Bayajabula Abaqaphela Isidingo Sabo Esingokomoya”

“Bayajabula Abaqaphela Isidingo Sabo Esingokomoya”

“Bayajabula Abaqaphela Isidingo Sabo Esingokomoya”

LAPHO zivuka ekuseni, izinyoni zivame ukutshiyoza isikhashana andukuba zindize ziyofuna ukudla. Kusihlwa, zibuyela ezidlekeni zazo, zithi ukutshiyoza futhi, bese zilala. Ngezinkathi ezithile zonyaka, zizalela amaqanda bese zikhulisa amachwane azo. Nezinye izilwane zilandela inqubo efanayo.

Thina bantu sihlukile. Yiqiniso, nathi siyadla, silale, sizale abantwana, kodwa abaningi bethu abaneliswa nje yilezo zinto. Sifuna ukwazi ukuthi kungani silapha. Sifuna ukwazi injongo yokuphila. Sifisa nokuba nethemba ngekusasa. Lezi zidingo ezijulile zisho ukuthi kunento etholakala kubantu kuphela—ingokomoya, noma isidingo nekhono lokukwazi ukujabulela izinto ezingokomoya.

Senziwe Ngomfanekiso KaNkulunkulu

IBhayibheli lichaza isizathu esenza umuntu abe nesidingo sezinto ezingokomoya, lithi: “UNkulunkulu wabe esemdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala kwaba owesilisa nowesifazane.” (Genesise 1:27) Ukwenziwa kwethu “ngomfanekiso kaNkulunkulu” kusho ukuthi nakuba singcoliswe isono nokungapheleli, singakwazi ukubonakalisa izimfanelo ezithile zikaNkulunkulu. (Roma 5:12) Ngokwesibonelo, singakwazi ukusungula izinto. Sinanesilinganiso esithile sokuhlakanipha, sobulungisa, nekhono lokubonisana uthando lokuzidela. Ngaphezu kwalokho, siyakwazi ukucabanga ngosekwadlula futhi sihlele ikusasa.—IzAga 4:7; UmShumayeli 3:1, 11; Mika 6:8; Johane 13:34; 1 Johane 4:8.

Ukwazi kwethu ukujabulela izinto ezingokomoya kubonakala ngokucacile esifisweni esingaphakathi kithi sokukhulekela uNkulunkulu. Asinakukuthola ukuthula kweqiniso nenjabulo ehlala njalo ngaphandle kwalapho sisanelisa kahle isidingo esinaso sokuba nobuhlobo noMdali wethu. UJesu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Nokho, kumelwe siqaphele ukuthi leso sidingo sisanelisa ngamaqiniso angokomoya—amaqiniso ngoNkulunkulu, ngezindinganiso zakhe, nangenjongo yakhe ngesintu. Singawatholaphi lawo maqiniso? EBhayibhelini.

“Izwi Lakho Liyiqiniso”

Umphostoli uPawulu wabhala: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto.” (2 Thimothewu 3:16) Amazwi kaPawulu avumelana namazwi kaJesu, owathandaza kuNkulunkulu wathi: “Izwi lakho liyiqiniso.” Namuhla, siyazi ukuthi lelo Zwi yiBhayibheli Elingcwele, futhi siyobe sihlakaniphile lapho sihlola ukuthi izinkolelo nezindinganiso zethu ziyavumelana yini nalo.—Johane 17:17.

Ngokuqhathanisa izinkolelo zethu nalokho okushiwo iZwi likaNkulunkulu, sisuke silingisa abantu baseBhereya lasendulo, abafuna ukuqiniseka ukuthi izimfundiso zikaPawulu zivumelana nemiBhalo yini. Kunokubagxeka abaseBhereya, uLuka wasitusa isimo sabo sengqondo. Wabhala: “Bamukela izwi ngengqondo enokulangazela okukhulu, behlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezi zinto.” (IzEnzo 17:11) Njengoba namuhla kunezimfundiso eziningi zenkolo nezokuziphatha eziphikisanayo, kubalulekile ukuba silingise isibonelo sabaseBhereya ababenengqondo enhle.

Enye indlela yokubona iqiniso likaNkulunkulu ukuphawula indlela elithonya ngayo ukuphila kwabantu. (Mathewu 7:17) Ngokwesibonelo, ukuphila ngeqiniso leBhayibheli kufanele kwenze umuntu abe umyeni ongcono, ubaba ongcono, inkosikazi engcono, noma umama ongcono, kwenze umkhaya ujabule kakhudlwana futhi umuntu abe nokwaneliseka okuthé xaxa. UJesu wathi: “Bayajabula abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine.”—Luka 11:28.

Amazwi kaJesu asikhumbuza amazwi kaYise wasezulwini owakhuluma nama-Israyeli asendulo wathi: “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo. O ukube ubuyoyilalela nokuyilalela imiyalo yami! Khona-ke ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula, nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle.” (Isaya 48:17, 18) Sasiyobashukumisa nakanjani lesi simemo bonke abathanda ubuhle nokulunga!

Abanye Bathanda ‘Ukukitazwa Izindlebe’

UNkulunkulu wanxusa ama-Israyeli ngala mazwi angenhla ngoba ayedukiswa amanga enkolo. (IHubo 106:35-40) Nathi kumelwe siwaqaphele amanga. Ekhuluma ngamaKristu okuzisholo, uPawulu wabhala: “Kuyokuba khona inkathi lapho bengayikuyibekezelela khona imfundiso ephilayo, kodwa, ngokuvumelana nezifiso zabo siqu, bayozibuthela abafundisi ukuze babakitaze izindlebe; futhi bayofulathelisa izindlebe zabo eqinisweni.”—2 Thimothewu 4:3, 4.

Abaholi benkolo bakitaza izindlebe zabantu ngokuthethelela imikhuba yokwanelisa izifiso ezimbi, njengobulili ngaphandle komshado, ubungqingili, nokudakwa. IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi labo abazithethelelayo izinto ezinjalo nalabo abazenzayo “ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.”—1 Korinte 6:9, 10; Roma 1:24-32.

Ngempela, kudinga isibindi ukuphila ngokuvumelana nezindinganiso zeBhayibheli, ikakhulu lapho uhlekwa, kodwa ungakwazi. Phakathi koFakazi BakaJehova, kunabaningi ababeyimilutha yezidakamizwa, ababeyizidakwa, izifebe, izilwi, amasela, nabaqambimanga. Noma kunjalo, balamukela iZwi likaNkulunkulu futhi besizwa umoya ongcwele, bashintsha ukuphila kwabo ukuze ‘bahambe ngokufanele uJehova.’ (Kolose 1:9, 10; 1 Korinte 6:11) Njengoba bebuyisene noNkulunkulu, baye bathola nokuthula kwangaphakathi, futhi njengoba sizobona, batholé nethemba leqiniso ngekusasa.

Ithemba LoMbuso

Ithemba eliseBhayibhelini lokuba abantu bathole ukuthula okungapheli liyogcwaliseka ngoMbuso kaNkulunkulu. Emthandazweni wakhe oyisibonelo, uJesu wathi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Yebo, nguMbuso kaNkulunkulu kuphela oyoqinisekisa ukuthi intando kaNkulunkulu iyenziwa emhlabeni. Ngani? Ngoba lowo Mbuso wasezulwini—uhulumeni ophethwe uJesu Kristu—uyindlela kaNkulunkulu yokubonisa ukuthi uyakufanelekela ukubusa indawo yonke emhlabeni.—IHubo 2:7-12; Daniyeli 7:13, 14.

NjengeNkosi yalowo Mbuso wasezulwini, uJesu Kristu uyokhulula abantu abalalelayo kukho konke ukugqilazeka, kuhlanganise nesono sika-Adamu esisibambe ngqi nokugula nokufa okwalethwa yiso. IsAmbulo 21:3, 4 sithi: “Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nabantu . . . [UJehova uNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”

Emhlabeni wonke kuyoba nokuthula okuhlala njalo. Kungani singaqiniseka ngalokho? Siqiniseka ngoba u-Isaya 11:9, uthi: “[Izakhamuzi zoMbuso] ngeke neze [zi]limaze noma [zi]bangele incithakalo kuyo yonke intaba yami engcwele; ngoba umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.” Yebo, bonke abantu emhlabeni bayoba nolwazi olunembile ngoNkulunkulu futhi bayomlalela. Ingabe leso sithembiso siyakujabulisa? Uma kunjalo, manje yisikhathi sokuba uqale ukungenisa “ulwazi” oluyigugu “ngoJehova.”

Uzosilalela Yini Isigijimi SoMbuso?

NgoMbuso, uNkulunkulu uyoqeda yonke imisebenzi kaSathane futhi uyofundisa abantu izindlela zaKhe zokulunga. Ngakho, akumangazi ukuthi uJesu wagxila kakhulu ekufundiseni ngoMbuso. Wathi: “Kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu, ngoba yilokhu engathunyelwa kona.” (Luka 4:43) UKristu wayala abafundi bakhe ukuba basidlulisele kwabanye lesi sigijimi. (Mathewu 28:19, 20) Wabikezela: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Sekuseduze lokho kuphela. Ngakho-ke, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthi abantu abanhliziyo-ziqotho bezwe lezi zindaba ezisindisa ukuphila!

U-Albert, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, wasizwa lesi sigijimi soMbuso lapho umkakhe nendodana yakhe beqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ekuqaleni, u-Albert wayemanqikanqika. Waze wacela nomfundisi wendawo ukuba avakashele umkakhe nendodana yakhe ukuze abadalulele amanga oFakazi. Kodwa lowo mfundisi akayingenanga. Ngakho u-Albert wanquma ukuyilalela le ngxoxo yeBhayibheli ngenjongo yokuthola amaphutha ezimfundisweni zoFakazi. Ngemva kokuhlanganyela kanye, waba khona njalo esifundweni, manje esefuna ukwazi okwengeziwe. Kamuva wachaza ukuthi kungani ashintsha. Wathi: “Ngathola ukuthi baphethe lokho kanye ebengilokhu ngikufuna.”

Ekugcineni, u-Albert waqala ukwanelisa isidingo sakhe esingokomoya, futhi akabange esabheka emuva. Iqiniso leBhayibheli lamnikeza into ayeseyifune ukuphila kwakhe konke—lokho okuzoqeda ukuntuleka kobulungisa nokonakala okugcwele emphakathini kanye nethemba ngekusasa. Iqiniso leBhayibheli lamnikeza ukuthula kwangaphakathi. Ingabe esakho isidingo esingokomoya siyaneliswa? Kunganjani ufunde imibuzo ehlelwe ebhokisini elisekhasini 6? Uma ufuna ukwaziswa okwengeziwe, oFakazi BakaJehova bayojabula ukukusiza.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 6]

INGABE WANELISEKILE NGOKOMOYA?

Wanelisekile yini ngokudla okungokomoya okutholayo? Sicela ufunde imibuzo elandelayo, bese wenza uqhwishi kuleyo ozaziyo izimpendulo zayo.

□ Ubani uNkulunkulu, futhi lingubani igama lakhe?

□ Ubani uJesu Kristu? Kungani kwadingeka afe? Ukufa kwakhe kungakuzuzisa kanjani?

□ Ukhona yini uDeveli? Uma ekhona, wavelaphi?

□ Kwenzekani kithi lapho sifa?

□ Iyini injongo kaNkulunkulu ngomhlaba nangesintu?

□ Uyini uMbuso kaNkulunkulu?

□ Ziyini izimiso zikaNkulunkulu zokuziphatha?

□ Emkhayeni, iziphi izindima uNkulunkulu azabele indoda nomfazi? Iziphi ezinye zezimiso zeBhayibheli ezithuthukisa injabulo yomkhaya?

Uma ungaqiniseki ngezimpendulo zeminye yale mibuzo, ungacela ikhophi yencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Le ncwajana inyatheliswa oFakazi BakaJehova cishe ngezilimi ezingu-300, futhi idingida izihloko zeBhayibheli ezingu-16 iphinde futhi iphendule yonke imibuzo ebhalwe ngenhla ngokusekelwe eBhayibhelini.

[Izithombe ekhasini 4]

Ngokungafani nezilwane, abantu banesidingo esingokomoya

[Isithombe ekhasini 5]

“Bayozibuthela abafundisi ukuze babakitaze izindlebe.”—2 Thimothewu 4:3

[Isithombe ekhasini 7]

Ukuthula okuhlala njalo kuyolethwa uMbuso kaNkulunkulu ophethwe uMesiya