Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bazenza Batholakale

Bazenza Batholakale

Bazenza Batholakale

“ABANTU bakho bayozinikela ngokuzithandela.” (IHubo 110:3) Lawo mazwi asho lukhulu kubafundi abangu-46 bekilasi le-118 leWatchtower Bible School of Gilead. Bazilungiselele kanjani ukuze babe kulesi sikole esiqeqesha abantu abazoba izithunywa zevangeli ezizonakekela izidingo ezingokomoya zabantu bakwamanye amazwe? UMike noStacie, abafundi bekilasi le-118, bathi: “Isinqumo sethu sokuphila ukuphila okulula sasisiza sanciphisa izinto ezazingaba iziphazamiso futhi sasisiza sagxila ezintweni ezingokomoya. Sazimisela ukuba singakuvumeli ukuphumelela kwethu emsebenzini wokuziphilisa kufiphaze imigomo yethu engokomoya.” NjengoMike noStacie, abanye abafundi baleli kilasi baye bazenza batholakala ngokuzithandela futhi manje bakhonza njengabamemezeli boMbuso emazwekazini amane.

NgoMgqibelo, ngo-March 12, 2005, kwakusobala ukuthi izethameli ezingu-6 843 zazijabule njengoba zazilalele isimiso sokuthweswa kwalaba bafundi iziqu. Usihlalo waso kwakunguTheodore Jaracz, ilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova. Ngemva kokuzamukela ngemfudumalo izivakashi ezivela emazweni angu-28, wagxila endabeni yokubaluleka kwemfundo yeBhayibheli. Sicaphuna uWilliam Lyon Phelps, umfundisi waseMelika, lesi sikhulumi sathi: “Noma ubani olazi kahle iBhayibheli kungashiwo kufanele ukuthi ufundile.” Nakuba imfundo yezwe isiza, imfundo yeBhayibheli isiza nakakhulu. Isiza abantu bangenise ulwazi ngoNkulunkulu, okuyinto eholela ekuphileni okuphakade. (Johane 17:3) UMfoweth’ uJaracz wabancoma ababethweswa iziqu ngokuvuma kwabo ukubamba iqhaza emsebenzini womhlaba wonke wokufundisa iBhayibheli owenziwa amabandla oFakazi BakaJehova angaphezu kuka-98 000 emhlabeni jikelele.

Isikhuthazo Esifike Ngesikhathi

Ngemva kwamazwi kasihlalo okuvula, uWilliam Samuelson wabeka inkulumo esekelwe kuyiHubo 52:8, ethi, “Indlela Ongaba Ngayo Njengomnqumo Okhephuzelayo Endlini KaNkulunkulu.” Wathi eBhayibhelini umnqumo usetshenziswa ngomqondo ongokomfanekiso njengophawu lokuthela, lobuhle nesithunzi. (Jeremiya 11:16) Lesi sikhulumi saqhathanisa abafundi nomnqumo, sathi: “UJehova uzonibheka njengabantu abahle nabanesithunzi njengoba nifeza umsebenzi wokushumayela ngoMbuso ezabelweni zenu.” Njengoba umnqumo kudingeka ube nezimpande ezigxilile ukuze umelane nesomiso, nabafundi kudingeka bagxilise izimpande zabo ezingokomoya ukuze bakhuthazelele ukunganakwa, ukuphikiswa, noma okunye ukulingwa abangase bahlangabezane nako enkonzweni yabo yakwamanye amazwe.—Mathewu 13:21; Kolose 2:6, 7.

UJohn E. Barr, omunye wamalungu amathathu eNdikimba Ebusayo aba nengxenye esimisweni, wakhulumela isihloko esithi, “Ningusawoti Womhlaba.” (Mathewu 5:13) Wathi njengoba nje usawoti uvikela ukudla ukuba kungonakali, kanjalo nokushumayela kwezithunywa zevangeli ngoMbuso kaNkulunkulu kuyosindisa ukuphila kwalabo abalalelayo, kubavikele bangonakali ngokokuziphatha nangokomoya. Ekhulumisa okukababa, uMfoweth’ uBarr wabe esenxusa ababethweswa iziqu ukuba ‘babe nokuthula’ nabanye. (Marku 9:50) Wabayala: “Hlakulelani isithelo somoya, futhi niqiniseke ukuthi ukuziphatha nenkulumo yenu kuhlale kunomusa nokucabangela.”

Inkulumo ethi “Hlalani Ngaphakathi Emkhunjini Emanzini Ajulile” yadingidwa uWallace Liverance, ofundisa eGileyadi. Njengoba umkhumbi ohamba emanzini ajulile ungaba semzileni ofanele, nokuqonda ‘izinto ezijulile zikaNkulunkulu’—amaqiniso aphathelene nenjongo kaNkulunkulu nendlela ezofezeka ngayo—kungasiza umuntu athuthuke ngokomoya. (1 Korinte 2:10) Ukumane sihlale emanzini angokomoya angajulile ngokwaneliswa “izinto zokucathula zamazwi angcwele kaNkulunkulu” kungasenza singathuthuki futhi kungase kusiholele ngisho ‘nasekuphukelweni umkhumbi wethu wokholo.’ (Hebheru 5:12, 13; 1 Thimothewu 1:19) UMfoweth’ uLiverance waphetha: “Vumelani ‘ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu’ kunisekele ezabelweni zenu zezithunywa zevangeli.”—Roma 11:33.

UMark Noumair, naye ofundisa eGileyadi, wakhulumela isihloko esithi “Ingabe Nizophila Ngokuvumelana Nefa Lenu?” Sekungaphezu kweminyaka engu-60 iWatchtower Bible School of Gilead yethenjwa futhi inedumela elihle kakhulu ngenxa ‘yenqwaba yobufakazi obuhle’ obunikezwa abafundi abadlule kulesi sikole. Leli fa laseGileyadi selidluliselwe kubafundi bekilasi le-118. UMfoweth’ uNoumair wakhuthaza abafundi ukuba balingise abantu basendulo baseThekhowa ngesikhathi sikaNehemiya futhi ngokuzithoba babambisane namabandla ababelwe kuwo futhi babambisane nezinye izithunywa zevangeli. Bayalwa ukuba bagweme isimo sengqondo ‘sabakhulu’ baseThekhowa ababeqhosha uNehemiya akhuluma ngabo, futhi bazimisele ukusebenza buthule bangafuni ukubonwa abanye abantu.—Nehemiya 3:5.

Okuhlangenwe Nakho Nezingxoxo Ezakhayo

Inkulumo eyalandela esimisweni yayinesihloko esithi “Izwi LikaNkulunkulu Laqhubeka Landa.” (IzEnzo 6:7) Kule nkulumo eyayibekwa uLawrence Bowen, naye ofundisa eGileyadi, abafundi benza imiboniso eyakulingisa ngokoqobo okuhlangenwe nakho ababekuthole enkonzweni yasensimini ngesikhathi besesikoleni. Okuhlangenwe nakho kwabo kwabonisa ukuthi laba bafundi babememezele iZwi likaNkulunkulu ngentshiseko nokuthi uJehova wayeyibusise ngokucebile imizamo yabo.

URichard Ashe waxoxa namalungu omkhaya waseBethel asebenzelana eduze nalesi sikole. Akusho kwenza abantu bayiqonda nakakhulu indlela umkhaya waseBethel osekela ngayo ukuze abafundi baseGileyadi bazuze ngokugcwele esikoleni. UGeoffrey Jackson wabe esekhuluma nabathile abathweswa iziqu zaseGileyadi eminyakeni edlule. Baqokomisa ukuthi ukuba isithunywa sevangeli kuletha amathuba amaningi okudumisa uJehova. Omunye okwaxoxwa naye wathi: “Abantu bakubona konke okwenzayo njengesithunywa sevangeli. Bayalalela, babuke, futhi abakhohlwa.” Ngakho, abafundi bakhuthazwa ukuba bahlale bekuphaphamele ukuba isibonelo esihle ngazo zonke izikhathi. Lesi seluleko esihle siyobasiza impela esikhathini esizayo.

UStephen Lett, ilungu leNdikimba Ebusayo, wanikeza inkulumo ephethayo eyayinesihloko esithi “Qhubekelani Phambili Njengabaphathi ‘Bamanzi Aphilayo.’” (Johane 7:38) Wathi phakathi nalezi zinyanga ezinhlanu, abafundi bazuze kakhulu ngokuliphuza kakhulu iZwi likaNkulunkulu leqiniso. Kodwa lezi zithunywa zevangeli ezintsha zizokwenzani ngalolu lwazi ezilutholile? UMfoweth’ uLett wanxusa ababethweswa iziqu ukuba bangancishani ngala manzi angokomoya, bawaphuzise nabanye ukuze nabo babe ‘nomthombo wamanzi ophuphumayo ukuze udlulisele ukuphila okuphakade.’ (Johane 4:14) Lesi sikhulumi sanezela: “Ningalokothi nikhohlwe ukunikeza uJehova udumo nenkazimulo emfanele, ngoba nguye ‘ongumthombo wamanzi aphilayo.’ Nibe nesineke lapho nifundisa abantu abaphuma eBhabhiloni Elikhulu elikhungethwe isomiso.” (Jeremiya 2:13) UMfoweth’ uLett waphetha ngokukhuthaza ababethweswa iziqu ukuba bawulingise ngogqozi umoya nomlobokazi futhi baqhubeke bethi: “‘Woza!’ Noma ubani owomile makeze; nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila ngesihle.”—IsAmbulo 22:17.

UMfoweth’ uJaracz wagoqa isimiso ngokufunda imikhonzo evela emazweni ahlukahlukene. Ngemva kwalokho omunye kwababethweswa iziqu wafunda incwadi yokubonga.

Ungazenza yini utholakalele ukukhonza lapho kunendingeko enkulu khona? Uma kunjalo, phishekela imigomo engokomoya njengoba kwenze laba bafundi ababethweswa iziqu. Thola injabulo nokwaneliseka okutholakala lapho umuntu ezinikela ngenjabulo ngokuzithandela enkonzweni kaNkulunkulu—njengesithunywa sevangeli kwelinye izwe noma njengesikhonzi endaweni eseduze kwasekhaya.

[Ibhokisi ekhasini 13]

IMINININGWANE YEKILASI

Inani lamazwe amelelwe: 8

Inani lamazwe ababelwe kuwo: 19

Inani labafundi: 46

Isilinganiso seminyaka yobudala: 33.0

Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 16.5

Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 12.9

[Isithombe ekhasini 15]

Ikilasi Le-118 Elithweswa Iziqu EWatchtower Bible School of Gilead

Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.

(1) Brockmeyer, A.; Moloney, S.; Symonds, N.; Lopez, Y.; Howard, C. (2) Jastrzebski, T.; Brown, D.; Hernandez, H.; Malagón, I.; Jones, A.; Connell, L. (3) Howard, J.; Lareau, E.; Shams, B.; Hayes, S.; Brown, O. (4) Burrell, J.; Hammer, M.; Mayer, A.; Kim, K.; Stanley, R.; Rainey, R. (5) Jastrzebski, P.; Zilavetz, K.; Ferris, S.; Torres, B.; Torres, F. (6) Connell, J.; Hernandez, R.; Moloney, M.; Malagón, J.; Shams, R.; Hayes, J. (7) Ferris, A.; Hammer, J.; Stanley, G.; Kim, C.; Symonds, S.; Lopez, D.; Burrell, D. (8) Brockmeyer, D.; Mayer, J.; Rainey, S.; Zilavetz, S.; Jones, R.; Lareau, J.