Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

UDuteronomi 14:21 uthi: “Akumelwe nidle noma yini eyingcuba.” Ingabe lokhu kuphikisana noLevitikusi 11:40, ofundeka kanje: “Lowo odla noma iyiphi ingxenye yesidumbu [sesilwane] uyohlanza izingubo zakhe, futhi kumelwe abe ongcolile kuze kuhlwe”?

Akukho ukuphikisana kule miBhalo emibili. UmBhalo wokuqala uphinda umthetho owenqabela ukudla ingcuba, mhlawumbe isilwane esibulawe izilo zasendle. (Eksodusi 22:31; Levitikusi 22:8) Owesibili uchaza lokho umIsrayeli ayengase akwenze uma ephule lowo mthetho, mhlawumbe engahlosile.

Ukuthi uMthetho wawenqabela isenzo esithile akusho ukuthi kwakungeke kwenzeke ukuba lowo mthetho wephulwe. Ngokwesibonelo, kwakunemithetho enqabela ukweba, ukubulala, ukufakaza amanga, njalonjalo. Ngesikhathi esifanayo, kwakunezijeziso ezazizotholwa yilabo ababephula leyo mithetho kaNkulunkulu. Lezo zijeziso zazenza imithetho ibe nesisindo futhi zibonise ukuthi ibaluleke kangakanani.

Umuntu owayephula lo mthetho owenqabela ukudla ingcuba wayeba ongcolile emehlweni kaJehova futhi kwakudingeka alandele inqubo efanele yokuzihlanza. Uma ayengazihlanzi ngendlela efanele, kwakuyodingeka ‘aphendule ngenxa yesiphambeko sakhe.’—Levitikusi 17:15, 16.