Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izindaba Ezinhle Zabantu Bazo Zonke Izizwe

Izindaba Ezinhle Zabantu Bazo Zonke Izizwe

Izindaba Ezinhle Zabantu Bazo Zonke Izizwe

“Nizoba ofakazi bami . . . nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.”—IZENZO 1:8.

1. Njengabafundisi beBhayibheli, yini esiyinakayo, futhi ngani?

 ABAFUNDISI abanekhono abanaki kuphela lokho abakutshela abafundi babo kodwa banaka nendlela abakwethula ngayo. Njengabafundisi beqiniso leBhayibheli, senza okufanayo. Sinaka kokubili isigijimi esisishumayelayo nezindlela esizisebenzisayo. Isigijimi sethu esiyizindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu asishintshi, kodwa izindlela esisethula ngazo sizenza zivumelane nezimo. Sikwenzelani lokhu? Ukuze sifinyelele abantu abaningi ngangokunokwenzeka.

2. Lapho sivumelanisa izindlela zethu zokushumayela nezimo, obani esibalingisayo?

2 Lapho senza izindlela zethu zokushumayela zivumelane nezimo, silingisa izinceku zikaNkulunkulu zamandulo. Ngokwesibonelo, cabanga ngomphostoli uPawulu. Wathi: “KumaJuda ngaba njengomJuda . . . Kulabo abangenawo umthetho ngaba njengongenawo umthetho . . . Kwababuthakathaka ngaba buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka. Ngiye ngaba yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo, ukuze ngazo zonke izindlela ngisindise abathile.” (1 Korinte 9:19-23) Indlela kaPawulu yokuzivumelanisa nezimo yayiphumelela. Nathi siyophumelela uma ngokubonelela sivumelanisa izintshumayelo zethu nabantu esixoxa nabo.

Kuze Kufike “Emikhawulweni Yomhlaba”

3. (a) Iyiphi inselele esibhekene nayo emsebenzini wethu wokushumayela? (b) Amazwi ka-Isaya 45:22 agcwaliseka kanjani namuhla?

3 Inselele enkulu labo abashumayela izindaba ezinhle ababhekene nayo ubukhulu bensimu—‘umhlaba wonke owakhiwe.’ (Mathewu 24:14) Phakathi nekhulu leminyaka eledlule, izinceku zikaJehova eziningi zazikhandla ukuze ziye emazweni amasha ngenjongo yokuyosakaza izindaba ezinhle. Waba yini umphumela? Kwaba nokwanda okukhexisayo emhlabeni wonke. Ekuqaleni kwekhulu lama-20 leminyaka, ayembalwa kuphela amazwe ayebika umsebenzi wokushumayela, kodwa manje oFakazi BakaJehova bashumayela ngenkuthalo emazweni angu-235! Ngempela, izindaba ezinhle zoMbuso zimenyezelwa ngisho ‘nasemikhawulweni yomhlaba.’—Isaya 45:22.

4, 5. (a) Obani abaye baba nendima ebalulekile ekusakazeni izindaba ezinhle? (b) Amanye amahhovisi amagatsha athini ngalabo abavela kwamanye amazwe abakhonza ensimini yamagatsha awo?

4 Yini ebangela le ntuthuko? Kunezizathu eziningi. Izithunywa zevangeli eziqeqeshwe eWatchtower Bible School of Gilead, kanye nabangaphezu kuka-20 000 abathole iziqu eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo kule minyaka yamuva baye babamba iqhaza elikhulu. Babe neqhaza ngokufanayo noFakazi abaningi abaye bathuthela emazweni anendingeko enkulu yabamemezeli boMbuso, bekwenza ngezindleko zabo. AmaKristu azidela ngaleyo ndlela—amadoda nabesifazane, abasha nabadala, abashadile nabangashadile—anendima ebalulekile ekushumayeleni isigijimi soMbuso kuwo wonke umhlaba. (IHubo 110:3; Roma 10:18) Asive siwazisa la maKristu. Phawula lokho amahhovisi amagatsha athile akubhala ngalabo abavela kwamanye amazwe abakhonza lapho indingeko inkulu khona ensimini yalawo magatsha.

5 “Lab’ oFakazi abathandekayo bayahola ekushumayeleni ezindaweni eziqhelile, basiza ekwakheni amabandla amasha, futhi banomthelela ekukhuleni okungokomoya kwabafowethu nodadewethu bakule ndawo.” (Ecuador) “Uma engahamba la makhulu abafowethu bakwamanye amazwe abakhonza lapha, amabandla angantengantenga. Sibusiseke ngempela ngokuba nabo.” (Dominican Republic) “Emabandleni amaningi alapha kunodade abaningi ngaphezu kwabazalwane, ngezinye izikhathi baze babe amaphesenti angu-70. (IHubo 68:11) Abaningi kubo basebasha eqinisweni, kodwa odade abangamaphayona abangashadile abavela kwamanye amazwe banikeza usizo olungenakuqhathaniswa ngokuqeqesha lab’ odade abasebasha. Lab’ odade abavela kwamanye amazwe bayisipho sangempela kithi!” (Izwe elithile eMpumalanga Yurophu) Uke wakucabangela yini ukuyokhonza kwelinye izwe? *IzEnzo 16:9, 10.

“Amadoda Ayishumi Avela Kuzo Zonke Izilimi”

6. UZakariya 8:23 ukhuluma ngayiphi inselele yolimi emsebenzini wethu wokushumayela?

6 Enye inselele enkulu yizilimi eziningi ezihlukahlukene ezikhulunywa emhlabeni. IZwi likaNkulunkulu labikezela: “Kuyothi ngalezo zinsuku amadoda ayishumi avela kuzo zonke izilimi zezizwe abambe, yebo, impela abambe umphetho wengubo yendoda engumJuda, athi: ‘Sizohamba nani, ngoba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’” (Zakariya 8:23) Ekugcwalisekeni kwalesi siprofetho kwanamuhla, amadoda ayishumi amelela abesixuku esikhulu, okwaprofethwa ngaso kusAmbulo 7:9. Nokho, phawula ukuthi ngokwesiprofetho sikaZakariya, “amadoda ayishumi” ayengeke nje avele kuzo zonke izizwe kodwa futhi “kuzo zonke izilimi zezizwe.” Sikubonile yini ukugcwaliseka kwalo mniningwane obalulekile walesi siprofetho? Impela sikubonile.

7. Iziphi izibalo ezibonisa ukuthi abantu “abaphuma kuzo zonke izilimi” bayafinyelelwa ngezindaba ezinhle?

7 Cabangela izibalo ezithile. Eminyakeni engu-50 edlule, izincwadi zethu zazinyatheliswa ngezilimi ezingu-90. Namuhla, leso sibalo sesinyukile saba ngaphezu kuka-400. “Inceku ethembekileyo neqondayo” yenze konke okusemandleni ayo ukulungiselela izincwadi ngisho nezalabo ulimi lwabo olukhulunywa abantu abambalwa ngempela. (Mathewu 24:45) Ngokwesibonelo, manje izincwadi zeBhayibheli sezitholakala ngolimi lwaseGreenland (olukhulunywa abantu abangu-47 000) isiPalau (esikhulunywa abangu-15 000), nangesiYap (esikhulunywa abangaphansi kuka-7 000).

“Umnyango Omkhulu” Oholela Emathubeni Amasha

8, 9. Isiphi isenzakalo esiye sasivulela “umnyango omkhulu,” futhi izinkulungwane zoFakazi ziye zasabela kanjani?

8 Nokho, namuhla kungase kungadingeki ukuba size siye kwamanye amazwe ukuze siyoshumayela izindaba ezinhle kubantu bazo zonke izilimi. Eminyakeni yamuva, ukufika kwezigidi zabantu abavela kwamanye amazwe nokufika kwababaleki emazweni athuthukile kwezomnotho kuye kwadala imiphakathi emikhulu yezifiki ekhuluma izilimi eziningi. Ngokwesibonelo, eParis, eFrance, kukhulunywa izilimi ezingaba yikhulu. EToronto, eCanada, zingu-125; kanti eLondon, eNgilandi, kukhulunywa izilimi zakwamanye amazwe ezingaphezu kuka-300! Ukutholakala kwabantu abavela kwamanye amazwe emasimini amabandla amaningi kuvula “umnyango omkhulu” oholela emathubeni amasha okuhlanganyela izindaba ezinhle nabantu bazo zonke izizwe.—1 Korinte 16:9.

9 Izinkulungwane zoFakazi ziyayamukela le nselele ngokufunda olunye ulimi. Kunzima kwabaningi, kodwa umshikashika wabo uvuzwa kakhulu injabulo yokusiza izifiki nababaleki ukuba bafunde iqiniso elitholakala eZwini likaNkulunkulu. Komunye unyaka wamuva, cishe amaphesenti angu-40 abo bonke ababhapathizwa emihlanganweni yesigodi ezweni elithile eNtshonalanga Yurophu ayevela kwelinye izwe.

10. Uye wayisebenzisa kanjani incwajana ethi Good News for People of All Nations? (Bheka ibhokisi elithi “Izici Ezivelele Zencwajana ethi Good News for People of All Nations,” ekhasini 26.)

10 Yiqiniso, isimo asilivumeli iningi lethu ukuba lifunde olunye ulimi. Noma kunjalo, singahlanganyela ekusizeni izifiki ngokusebenzisa kahle incwajana yethu esanda kukhululwa ethi Good News for People of All Nations, * enesigijimi seBhayibheli esikhangayo ngezilimi eziningi ezihlukahlukene. (Johane 4:37) Uyayisebenzisa yini le ncwajana enkonzweni?

Lapho Abantu Bengasabeli

11. Iyiphi enye inselele ekhona kwamanye amasimu?

11 Njengoba ithonya likaSathane likhula emhlabeni, kunenye inselele okubhekanwa nayo ngokuphindaphindiwe—kwamanye amasimu kunokusabela okuncane. Yiqiniso, lesi simo asisimangazi ngoba uJesu wabikezela ukuthi sasiyoba khona. Ekhuluma ngosuku lwethu, wathi: “Uthando lwabaningi luyophola.” (Mathewu 24:12) Ngempela, ukukholelwa kuNkulunkulu nokuhlonipha iBhayibheli kuye kwancipha kubantu abaningi. (2 Petru 3:3, 4) Ngenxa yalokho, kwezinye izingxenye zomhlaba, bambalwa abantu ababa abafundi abasha bakaKristu. Nokho, lokho akusho ukuthi uyize umshikashika wabafowethu nodadewethu abathandekayo abangamaKristu abashumayela ngokwethembeka kulawo masimu angasabeli. (Hebheru 6:10) Ngani? Cabangela lokhu okulandelayo.

12. Imiphi imigomo emibili yomsebenzi wethu wokushumayela?

12 IVangeli likaMathewu liqokomisa imigomo emibili eyinhloko yomsebenzi wethu wokushumayela. Owokuqala ukuba ‘senze abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.’ (Mathewu 28:19) Omunye uwukuthi isigijimi soMbuso sisebenza ‘njengobufakazi.’ (Mathewu 24:14) Yomibili le migomo ibalulekile, kodwa lona okugcinwe ngawo ubaluleke ngendlela ekhethekile. Ngani?

13, 14. (a) Isiphi isici esivelele sesibonakaliso sokuba khona kukaKristu? (b) Yini okufanele singayikhohlwa, ikakhulukazi lapho sishumayela emasimini angasabeli kahle?

13 Umlobi weBhayibheli uMathewu waloba ukuthi abaphostoli babuza uJesu: “Siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?” (Mathewu 24:3) Ephendula, uJesu wathi esinye isici esivelele saleso sibonakaliso sasiyoba umsebenzi wokushumayela embulungeni yonke. Ingabe wayekhuluma ngokwenza abafundi? Cha. Wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.” (Mathewu 24:14) Ngakho uJesu wabonisa ukuthi umsebenzi wokushumayela ngoMbuso ngokwawo wawuyoba isici esibalulekile saleso sibonakaliso.

14 Ngakho, njengoba sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso, sikhumbula ukuthi ngisho noma singaphumeleli ngaso sonke isikhathi ekwenzeni abafundi, siyaphumelela ekunikezeni ‘ubufakazi.’ Kungakhathaliseki ukuthi abantu basabela kanjani, bayakwazi esikwenzayo, ngakho sihlanganyela ekugcwaliseni isiprofetho sikaJesu. (Isaya 52:7; IsAmbulo 14:6, 7) UJordy, uFakazi osemncane waseNtshonalanga Yurophu wathi: “Ukwazi ukuthi ngisetshenziswa uJehova ukuba ngibe nendima ekugcwalisekeni kukaMathewu 24:14 kungenza ngijabule kakhulu.” (2 Korinte 2:15-17) Akungabazeki ukuthi nawe uzizwa ngendlela efanayo.

Lapho Isigijimi Sethu Siphikiswa

15. (a) UJesu wabaxwayisa ngani abalandeli bakhe kusengaphambili? (b) Yini esisiza ukuba sikwazi ukushumayela naphezu kokuphikiswa?

15 Izimo ezingathandeki zingenye inselele ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso. UJesu wabaxwayisa kusengaphambili abalandeli bakhe: “Niyoba yizinto zokuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.” (Mathewu 24:9) NjengamaKristu okuqala, abalandeli bakaJesu namuhla baye bazondwa, baphikiswa, futhi bashushiswa. (IzEnzo 5:17, 18, 40; 2 Thimothewu 3:12; IsAmbulo 12:12, 17) Sikhuluma nje, kwamanye amazwe ohulumeni bayawuvimbela lo msebenzi. Noma kunjalo, elalela uNkulunkulu, amaKristu eqiniso kulawo mazwe ayaqhubeka eshumayela izindaba ezinhle zoMbuso. (Amose 3:8; IzEnzo 5:29; 1 Petru 2:21) Yini ewasiza ukuba enze kanjalo wona kanye nabo bonke abanye oFakazi emhlabeni wonke? UJehova ubanika amandla ngomoya wakhe ongcwele.—Zakariya 4:6; Efesu 3:16; 2 Thimothewu 4:17.

16. UJesu wabonisa kanjani ukuthi umsebenzi wokushumayela wawuhlobene nomoya kaNkulunkulu?

16 UJesu wagcizelela ukuhlobana okukhulu phakathi komoya kaNkulunkulu nomsebenzi wokushumayela lapho etshela abalandeli bakhe: “Nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, futhi nizoba ofakazi bami . . . nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzEnzo 1:8; IsAmbulo 22:17) Iyaphawuleka indlela izenzakalo ezilandelaniswe ngayo kuleli vesi. Abafundi baqala ngokuthola umoya ongcwele, babe sebenza umsebenzi wokufakaza embulungeni yonke. Babeyothola amandla okukhuthazela ekunikezeni ‘ubufakazi ezizweni zonke’ kuphela ngokusekelwa umoya kaNkulunkulu. (Mathewu 24:13, 14; Isaya 61:1, 2) Ngakho-ke, kwakufaneleka ukuba uJesu athi umoya ongcwele ‘ungumsizi.’ (Johane 15:26) Wathi umoya kaNkulunkulu wawuyobafundisa futhi ubaqondise abafundi bakhe.—Johane 14:16, 26; 16:13.

17. Lapho siphikiswa kanzima, umoya ongcwele usisiza kanjani?

17 Umoya kaNkulunkulu usisiza ngaziphi izindlela namuhla lapho ukushumayela izindaba ezinhle kuphikiswa kanzima? Umoya kaNkulunkulu usinika amandla futhi umelana nalabo abasishushisayo. Ngokwesibonelo, cabangela isenzakalo esenzeka ekuphileni kweNkosi uSawule.

Umoya KaNkulunkulu Wamelana Naye

18. (a) Iluphi ushintsho olubi olwenzeka kuSawule? (b) Iziphi izindlela uSawule azisebenzisa ekushushiseni uDavide?

18 USawule wayeqale kahle njengenkosi yokuqala ka-Israyeli, kodwa kamuva akabange esamlalela uJehova. (1 Samuweli 10:1, 24; 11:14, 15; 15:17-23) Ngenxa yalokho, umoya kaNkulunkulu awubange usayisekela le nkosi. USawule wamthukuthelela kakhulu uDavide, owayegcotshwe njengenkosi elandelayo futhi manje owayesekelwa umoya kaNkulunkulu. (1 Samuweli 16:1, 13, 14) Kwakubonakala sengathi uSawule wayezozigwazela ibhece kuDavide. Bheka-ke ngoba wayeziphathele ihabhu kuphela, kuyilapho uSawule ephethe umkhonto. Ngakho ngolunye usuku lapho uDavide ebetha ihabhu, “uSawule wawujikijela umkhonto wathi: ‘Ngizomhlanganisa nodonga uDavide!’ kodwa uDavide wagwija phambi kwakhe, kabili.” (1 Samuweli 18:10, 11) Kamuva, uSawule walalela indodana yakhe, uJonathani, umngane kaDavide, futhi wafunga: “Kuphila kukaJehova, [uDavide] ngeke abulawe.” Nango-ke uSawule esephinda futhi ‘efuna ukuhlanganisa uDavide nodonga ngomkhonto.’ Nokho, uDavide “wagwija phambi kukaSawule, waphisela umkhonto odongeni.” UDavide wabaleka, kodwa uSawule wamjaha. Ngaleso sikhathi esibucayi, umoya kaNkulunkulu wamelana noSawule. Ngayiphi indlela?—1 Samuweli 19:6, 10.

19. Umoya kaNkulunkulu wamvikela kanjani uDavide?

19 UDavide wabalekela kumprofethi uSamuweli, kodwa uSawule wathumela abantu bakhe ukuba bayobamba uDavide. Nokho, lapho befika endaweni uDavide ayecashe kuyo, “umoya kaNkulunkulu waba phezu kwezithunywa zikaSawule, . . . futhi zaqala ukuziphathisa okwabaprofethi.” Umoya kaNkulunkulu wabasibekela ngamandla kangangokuthi bakhohlwa ukuthi babethunyweni. USawule waphinde wathumela abantu kabili ukuba bayolanda uDavide, kodwa kwenzeka into efanayo. Ekugcineni iNkosi uSawule ngokwayo yaya kuDavide, kodwa naye uSawule akakwazanga ukumelana nomoya kaNkulunkulu. Empeleni, umoya ongcwele wambamba wanganyakaza “lonke lolo suku nabo bonke lobo busuku”—okwanika uDavide isikhathi esanele sokubaleka.—1 Samuweli 19:20-24.

20. Singafundani ekulandiseni kokushushisa kukaSawule uDavide?

20 Lokhu kulandisa kukaSawule noDavide kuqukethe isifundo esikhuthazayo: Abashushisi bezinceku zikaNkulunkulu ngeke baphumelele lapho umoya kaNkulunkulu umelana nabo. (IHubo 46:11; 125:2) Kwakuyinjongo kaJehova ukuba uDavide abe inkosi phezu kuka-Israyeli. Akekho umuntu owayengakushintsha lokho. Osukwini lwethu, uJehova unqumile ukuthi ‘izindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa.’ Akekho ongakuvimbela lokho.—IzEnzo 5:40, 42.

21. (a) Abanye abaphikisi namuhla benza kanjani? (b) Yini esiqiniseka ngayo?

21 Abanye abaholi benkolo nabezombangazwe basebenzisa amanga ngisho nobudlova ukuze bazame ukusithiya. Nokho, njengoba nje uJehova avikela uDavide ngokomoya, uyobavikela ngendlela efanayo nabantu baKhe namuhla. (Malaki 3:6) Ngakho-ke, njengoDavide, ngamunye wethu usho ngesibindi, athi: “Ithemba lami ngilibeké kuNkulunkulu. Ngeke ngesabe. Umuntu wasemhlabeni angangenzani?” (IHubo 56:11; 121:1-8; Roma 8:31) Kwangathi singaqhubeka ngosizo lukaJehova sihlangabezana nazo zonke izinselele njengoba sifeza umsebenzi uNkulunkulu asithume wona wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kubantu bazo zonke izizwe.

[Imibhalo yaphansi]

^ Bheka ibhokisi elithi, “Umuzwa Ojulile Wokwaneliseka,” ekhasini 22.

^ Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

Usakhumbula?

• Kungani sishintsha izindlela zethu zokushumayela ukuze zifanelane nezimo?

• Kuvuleke “umnyango omkhulu” oholela kumaphi amathuba amasha?

• Umsebenzi wethu wokushumayela ufezani ngisho nasemasimini anokusabela okuncane?

• Kungani engekho umphikisi ongamisa umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi ekhasini 22]

Umuzwa Ojulile Wokwaneliseka

“Bayajabula futhi bajabulela ukukhonza uJehova njengomkhaya.” La mazwi achaza umkhaya owathuthela eBolivia uvela eSpain. Indodana yalo mkhaya yayiye lapho ukuyosekela iqembu elingalodwa. Injabulo yale ndodana eyayisobala yabahlaba umxhwele abazali bayo kangangokuthi akubanga isikhathi esingakanani, umkhaya wonke—ohlanganisa abafana abane abaneminyaka esukela kwengu-14 kuya kwengu-25 ubudala—wawusukhonza khona. Abathathu kula bafana manje bayaphayona, kanti lo okunguyena owavula le ndlela usanda kuya eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo.

“Kunezinselele eziningi, kodwa ngiyaneliseka lapho ngisiza abantu enkonzweni,” kusho u-Angelica waseCanada, oneminyaka engu-30 ubudala okhonza eMpumalanga Yurophu. “Okunye futhi okungithintayo, amazwi amaningi okubonga ashiwo oFakazi bendawo abavame ukungibonga ngokuthi ngizile ukuzobasiza.”

“Kwadingeka sijwayele amasiko amaningi kakhulu ahlukile,” kulandisa odade ababili abelamanayo base-United States asebezohlanganisa iminyaka engamashumi amathathu ubudala, abakhonza eDominican Republic. “Nokho, sakhuthazela esabelweni sethu, futhi abayisikhombisa kulabo esibaqhubela izifundo zeBhayibheli manje baba khona emihlanganweni yebandla.” Lab’ odade ababili baba usizo ekuhleleni iqembu labamemezeli boMbuso edolobhaneni elingenalo ibandla.

ULaura, udade osezohlanganisa iminyaka engamashumi amathathu ubudala, useneminyaka engaphezu kwemine ekhonza kwelinye izwe. Uthi: “Ngigcina ukuphila kwami kulula ngokuzithandela. Lokhu kusiza abamemezeli ukuba babone ukuthi ukuphila ukuphila okuphansi akubangelwa ubumpofu njalo kodwa yinto ongazikhethela yona futhi kubonisa ukuhluzeka engqondweni. Ukukwazi ukusiza abanye, ikakhulukazi intsha, bekulokhu kuwumthombo wenjabulo kimi ezenzé zaba yize izinkinga zangempela zokukhonza ensimini yakwelinye izwe. Angisoze ngayenana inkonzo yami lapha nganoma ikuphi okunye ukuphila, futhi ngizohlala lapha uma nje uJehova esangivumela.”

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 26]

Izici Ezivelele Zencwajana Ethi Good News for People of All Nations

Incwajana ethi Good News for People of All Nations inesigijimi esigcwala ikhasi elilodwa esethulwa ngezilimi ezingu-92. Lesi sigijimi sibhalwe ngokungathi nguwe okhulumayo. Ngakho lapho umninikhaya esifunda, kuba sengathi ukhuluma naye.

Isembozo sangaphakathi sibonisa ibalazwe lomhlaba wonke. Sebenzisa leli balazwe njengendlela yokwakha ubuhlobo nomninikhaya. Mhlawumbe ungase umbonise izwe wena ohlala kulo bese umbonisa ukuthi ungathanda ukuba akubonise ukuthi yena uvela kuliphi. Ngaleyo ndlela ungamenza akhululeke axoxe futhi nibe abangane.

Isandulelo sale ncwajana siqukethe izinyathelo eziningana okufanele sizithathe ukuze siphumelele ekusizeni labo abakhuluma olunye ulimi esingalwazi. Siza uzifunde ngokucophelela lezi zinyathelo futhi uzisebenzise ngobuqotho.

Uhlu lokuphakathi alunikezi izilimi nje kuphela kodwa lunikeza nezimpawu zolimi ngalunye. Lesi sici sikusiza ukuba wazi izimpawu zezilimi ezisemapheshaneni ethu nakwezinye izincwadi zezilimi ezihlukile.

[Isithombe]

Uyayisebenzisa yini le ncwajana enkonzweni?

[Izithombe ekhasini 23]

Izincwadi zethu zeBhayibheli manje zitholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-400

EGHANA

ELAPLAND (ESWEDEN)

EPHILIPPINES

[Izithombe ekhasini 24, 25]

Ungakhonza yini lapho kunendingeko enkulu khona yabamemezeli boMbuso?

E-ECUADOR

EDOMINICAN REPUBLIC