Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngiyajabula Ngokuba Neqhaza Emfundweni YeBhayibheli Yomhlaba Wonke

Ngiyajabula Ngokuba Neqhaza Emfundweni YeBhayibheli Yomhlaba Wonke

Indaba Yokuphila

Ngiyajabula Ngokuba Neqhaza Emfundweni YeBhayibheli Yomhlaba Wonke

ILANDISWA U-ANNA MATHEAKIS

Umkhumbi wawugqamuka amalangabi. Njengoba wawungamamitha angu-171 ubude, uma wawungacwila, wawuyongingcwabela phansi emanzini. Ngithukile, ngabhukuda ngiya endaweni ephephile, ngilwa namagagasi anamandla. Ukuze ngingacwili kwaku-melwe ngibambelele ngiqinise kuyi-life jacket eyayigqokwe omunye wesifazane. Ngatha-ndaza kuNkulunkulu ngicela amandla nesibindi. Yilokho kuphela engangingakwenza.

LOKHU kwenzeka ngo-1971 ngibuyela esabelweni sami sesithathu sezithunywa zevangeli, e-Italy. Kuleso sigameko, ngalahlekelwa cishe yikho konke enganginakho. Kodwa angilahlekelwanga izinto ezibaluleke kakhulu—ukuphila kwami, abazalwane abanothando, kanye nelungelo lokukhonza uJehova. Leyo nkonzo yase ingise emazwekazini amathathu kakade, futhi isigameko somkhumbi singenye nje yezinto ezenzeka ekuphileni kwami okube nezigigaba eziningi.

Ngazalwa ngo-1922. Umkhaya wakithi wawuhlala eRām Allāh, cishe eqhele ngamakhilomitha angu-16 ukusuka enyakatho yeJerusalema. Bobabili abazali bami babedabuka esiqhingini seseKrethe, kodwa ubaba wakhulela eNazaretha. Ngangiwuthunjana ezinganeni ezinhlanu, abafana abathathu namantombazane amabili. Umkhaya wakithi wahlukumezeka kakhulu ngokushona komfowethu wesibili owamuka noMfula iJordani behambe nesikole. Ngemva kwale nhlekelele umama akathandanga ukuqhubeka ehlala eRām Allāh, ngakho sathuthela e-Athene, eGrisi, ngineminyaka emithathu ubudala.

Umkhaya Wakithi Uthola Amaqiniso

Ngemva nje kokuba sifike eGrisi, umfowethu omdala, uNikos, owayeneminyaka engu-22 ngaleso sikhathi, wahlangana nabaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngaleso sikhathi. Ukufunda iBhayibheli kwamjabulisa kakhulu futhi kwamenza washiseka kakhulu enkonzweni yobuKristu. Lokhu kwamthukuthelisa kakhulu ubaba futhi wamxosha uNikos ekhaya. Nokho, uma ubaba engekho esaye ePalestina, mina nomama nodadewethu sasihamba noNikos siye esifundweni. Ngikhumbula kahle umama exoxa ngomkhulu umdlandla ngezinto ayezizwe esifundweni. Kodwa ngemva nje kwalokho, wahlaselwa umdlavuza washona eneminyaka engu-42. Phakathi naleso sikhathi esinzima, udadewethu, u-Ariadne, wasinakekela ngothando. Nakuba ayemncane, waba njengomama kimi ukuphila kwami konke.

Ubaba wayehamba nami njalo siye eSontweni Lobu-Orthodox uma ese-Athene, nangemva kokuba eseshonile, ngaqhubeka ngiya esontweni, nakuba ngangingayi njalo. Ngagcina ngiyekile ngoba ngangibona ukuthi abantu balelo sonto babengazinikele nhlobo kuNkulunkulu.

Ngemva kokushona kukababa, ngakwazi ukuthola umsebenzi ophilayo ngisebenza emnyangweni wezezimali. Nokho, umfowethu wayenikezele ukuphila kwakhe emsebenzini wokushumayela ngoMbuso, wakhonza iminyaka eminingi eGrisi. Ngo-1934 wathuthela eKhupro [Cyprus]. Ngaleso sikhathi, babengekho oFakazi BakaJehova ababhapathiziwe kuleso siqhingi, ngakho waba nelungelo lokuqhubekisela phambili umsebenzi wokushumayela lapho. Ngemva kokushada, umkakhe, uGalatia, naye wakhonza njengesikhonzi sesikhathi esigcwele iminyaka eminingi. * UNikos wayevame ukusithumelela izincwadi nomagazini abasekelwe eBhayibhelini, kodwa kwakuqabukela sikufunda. Wahlala eKhupro kwaze kwaba sekufeni kwakhe.

Ukwenza Iqiniso LeBhayibheli Libe Elami

Ngo-1940, uGeorge Douras, uFakazi oshisekayo wase-Athene futhi ongumngane kaNikos, wasivakashela wasicela ukuba sibe khona eqenjini elincane elalitadisha iBhayibheli emzini wakhe. Savumela phezulu. Asipholisanga maseko saqala ukutshela abanye izinto esasizifunda. Ukufunda iBhayibheli kwaholela ekubeni mina nodadewethu sinikezele ukuphila kwethu kuJehova. U-Ariadne wabhapathizwa ngo-1942, mina ngabhapathizwa ngo-1943.

Lapho kuphela iMpi Yezwe II, uNikos wasicela ukuba sithuthele eKhupro. Ngakho, ngo-1945 sathuthela eNicosia. Ngokungafani naseGrisi, umsebenzi wokushumayela wawungavinjelwe eKhupro. Sasingagcini nje ngokuya endlini ngendlu, kodwa sasishumayela nasemgwaqweni.

Ngemva kweminyaka emibili, kwadingeka u-Ariadne abuyele eGrisi. EseseGrisi, wathola umyeni, naye owayeyisikhonzi sikaJehova, ngakho wagcina ezinze e-Athene. Usibali nodadewethu bangikhuthaza ukuba ngibuyele eGrisi ngibe isikhonzi sesikhathi esigcwele enhloko-dolobha yakhona. Njengoba kwakuwumgomo wami ukuphayona, ngabuyela e-Athene ngakhonza lapho indingeko inkulu khona.

Kuvela Amathuba Amasha

Ngo-November 1, 1947, ngaqala ukuphayona, futhi ngangenza amahora angu-150 emsebenzini wokushumayela nyanga zonke. Yayinkulu insimu yebandla lethu, futhi kwakudingeka ngilusebenzise unyawo. Noma kunjalo, ngathola izibusiso eziningi. Amaphoyisa ayevame ukubopha noma ibaphi oFakazi ayebathola beshumayela noma besemihlanganweni yobuKristu, ngakho akuphelanga sikhathi esitheni nami bangibopha abakwaSidlodlo.

Ngabekwa icala lokuguqula abantu ezinkolweni zabo, okwakuyicala elibi kakhulu ngaleso sikhathi. Ngagwetshwa izinyanga ezimbili eJele Labesifazane Lase-Averof e-Athene. Kwase kunomunye udade lapho, futhi sajabulela ubudlelwane bobuKristu obumnandi nobakhayo nakuba sasisejele. Sengisiqedile isigwebo sami, ngaqhubeka nokuphayona, futhi ngangijabule. Abaningi engangitadisha nabo iBhayibheli ngaleso sikhathi baseyizinceku zikaJehova ezithembekile, futhi lokho kungijabulisa kakhulu.

Ngo-1949, ngathola isimemo sokuba sekilasini le-16 leWatchtower Bible School of Gilead e-United States, lapho izikhonzi zesikhathi esigcwele ziqeqeshelwa khona umsebenzi wezithunywa zevangeli. Mina nezihlobo zami sasingeve sijabule. Ngahlela ukuba ngiqale ngokuya emhlanganweni wezizwe eNew York City ngehlobo lango-1950 bese ngiya eGileyadi.

Sengifikile e-United States, ngaba nelungelo lokukhonza izinyanga ezimbalwa ngihlanza amakamelo abafowethu endlunkulu yoFakazi BakaJehova eNew York City. Kwakuhlanzekile, kumnandi, kunomoya omuhle futhi ngangizungezwe abafowethu nodadewethu abahlale bemamatheka. Ngiyohlale ngizikhumbula izinyanga eziyisithupha engazichitha khona. Nempela safika-ke isikhathi sokuqala eSikoleni SaseGileyadi, futhi izinyanga ezinhlanu zemfundo ejiyile zadlula ngokukhulu ukushesha. Kwasikhanyela bha thina bafundi ukuthi luhle futhi lucebe kangakanani ulwazi olusemiBhalweni, futhi lokho kwasijabulisa, kwasijulisa nakakhulu isifiso sethu sokuhlanganyela nabanye ulwazi lweqiniso olunikeza ukuphila.

Isabelo Sami Sokuqala Njengesithunywa Sevangeli

ESikoleni SaseGileyadi, sasivunyelwe ukuzikhethela umuntu ozosebenza naye esabelweni sezithunywa zevangeli ngaphambi kokutshelwa ukuthi sabelwephi. Ngakhetha uRuth Hemmig, (manje osenguRuth Bosshard), udade okahle kakhulu. Sajabula kakhulu mina noRuth lapho sithola isabelo sokuya e-Istanbul, eTurkey—eyimpambana-migwaqo phakathi kwe-Asia neYurophu! Sasazi ukuthi umsebenzi wokushumayela wawungakavunyelwa ngokomthetho kulelo zwe, kodwa sasingangabazi ukuthi uJehova wayezosisekela.

I-Istanbul yidolobha elihle elinabantu bazo zonke izizinda. Sathola ukuthi kunezimakethe eziphithizelayo, ukudla okuhlukahlukene kwekhethelo, iminyuziyamu ethakazelisayo, izindawo ezinhle, nezindawo ezizungeze amachibi ezingaphezi ukukuhlaba umxhwele. Okubaluleke kakhulu, sathola abantu abaqotho ababefuna ukwazi ngoNkulunkulu. Iqenjana loFakazi elalise-Istanbul lalinabantu base-Armenia, amaGreki namaJuda. Nokho, zazikhona nezinye izizwe, futhi kwakusiza ukwazi okuthile ngalezi zilimi ezahlukahlukene, ezihlanganisa nesiTurkey. Sakujabulela kakhulu ukuhlangana nabantu bezizwe ezihlukahlukene abomele iqiniso. Abaningi babo basaqhubeka bekhonza uJehova ngokwethembeka.

Ngeshwa, kwaba nzima ngoRuth ukuvuselela amaphepha akhe okuhlala kule lizwe, ngakho kwadingeka ahambe. Uyaqhubeka nenkonzo yesikhathi esigcwele eSwitzerland. Sekudlule iminyaka eminingi kodwa ngisabukhumbula ubungane bakhe obumnandi nobakhayo.

Ukuya Kwenye Ingxenye Yomhlaba

Ngo-1963 angikwazanga ukuvuselela amaphepha ami okuhlala eTurkey. Kwakunzima ukuhamba ngishiye amaKristu engikanye nawo engangiwabone ethuthuka ngokomoya ebe ezama ukunqoba izingqinamba eziningi. Ukuze zingiduduze, izihlobo zami zaba nomusa kimi zangikhokhela ithikithi lokuya eNew York City ukuze ngibe semhlanganweni wakhona. Ngaleso sikhathi, ngangingakasitholi isabelo esilandelayo.

Ngemva komhlangano, ngabelwa eLima, ePeru. Ngikanye nodade osemusha owayezosebenza nami, sasuka eNew York saya esabelweni sethu esisha. Ngafunda iSpanishi futhi ngahlala ekhaya lezithunywa zevangeli elalakhiwe ngenhla nje kwehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova. Kwakumnandi kakhulu ukushumayela lapho nokwazi abazalwane nodade bendawo.

Esinye Isabelo, Olunye Ulimi

Emuva eGrisi, ukuguga kwaqala ukuzinika amandla ezihlotsheni zami nempilo yacikiza. Azikaze zithi ngiyiyeke inkonzo yami yesikhathi esigcwele ngibuyele ekhaya ngiyophila lokho okuthiwa ‘ukuphila okuvamile,’ ukuze ngizisize. Nokho, ngemva kokucabanga nokuthandaza kakhulu ngale ndaba, ngabona ukuthi kungaba ngcono ukukhonza eduze kwasekhaya. Abazalwane bavuma futhi bangabela ukukhonza e-Italy, futhi izihlobo zami zakhokha izindleko zokuthutha kwami. Empeleni kwakunesidingo esikhulu sabashumayeli bevangeli e-Italy.

Kwangiphinda futhi lokho, kwadingeka ngifunde ulimi olusha—isiNtaliyane. Isabelo sami sokuqala saba sedolobheni laseFoggia. Kamuva ngathunyelwa eNaples, lapho indingeko yayinkulu khona. Insimu engangiyisebenza kwakuyiPosilipo, enye yezindawo ezinhle kakhulu eNaples. Yayinkulu le nsimu futhi kwakunommemezeli woMbuso oyedwa vo. Ngawujabulela kakhulu umsebenzi lapho, futhi uJehova wangisiza ngaqala izifundo zeBhayibheli eziningi. Ngokuhamba kwesikhathi, kwaba nebandla elikhulu.

Phakathi kwabantu bokuqala engabafundela kwakunomama nabantwana bakhe abane. Kuze kube manje, yena namadodakazi akhe amabili bangoFakazi BakaJehova. Ngafundela nombhangqwana oshadile owawunentombazanyana. Wonke umkhaya wathuthuka eqinisweni wabonakalisa ukuzinikezela kwawo ngobhapathizo lwamanzi. Manje, indodakazi yabo ishade nenceku kaJehova ethembekile, futhi bakhonza uNkulunkulu ngentshiseko ndawonye. Ngesikhathi ngifundela omunye umkhaya omkhulu, ngahlabeka umxhwele ukubona ukusebenza kwamandla eZwi likaNkulunkulu. Lapho sifunda amavesi amaningana abonisa ukuthi uNkulunkulu akakufuni ukukhulekelwa ngezithombe, umama waleli khaya akalindanga nokuthi kuphele isifundo. Akapholisanga maseko, wazilahla zonke izithombe ezazisendlini yakhe!

Ezingozini Olwandle

Njengoba ngangiyihamba kakhulu indlela eya e-Italy naseGrisi, njalo ngangihamba ngomkhumbi. Uhambo ngomkhumbi lwaluvame ukuba mnandi kakhulu. Kodwa olunye uhambo lwaba imbedumehlwana ngehlobo lango-1971. Ngangibuyela e-Italy ngomkhumbi i-Heleanna. Entathakusa ngo-August 28, kwaba nomlilo ekhishini lasemkhumbini. Umlilo wadlulela nakwezinye izindawo nabagibeli bethuka kakhulu. Abesifazane babequleka, izingane zikhala, amadoda abhoka ngolaka asho ukuzidla ngamazinyo izisebenzi. Abantu bagijimela izikejana zokuhlenga impilo ezihlala nhlangothi zombili zomkhumbi. Ayembalwa kakhulu ama-life jacket, futhi imishini ekhipha izikejana izifake olwandle yayingasebenzi kahle. Angiyitholanga i-life jacket, kanti namalangabi ayengazibekile phansi. Ukuphela kwento eyayibonakala inengqondo kwakuwukuziphonsa olwandle.

Sengiphakathi olwandle, ngabona owesifazane othile owayefake i-life jacket entanta eduze kwami. Kwakubonakala sengathi akakwazi ukubhukuda, ngakho ngambamba ngengalo ngamsusa eduze kwalo mkhumbi owawucwila. Lwase luthukuthele nakakhulu ulwandle futhi ukuzabalaza ngizama ukungacwili kwangikhama wonke amandla. Kwakubonakala sengathi ngiyalibuka ngiyaligcina, kodwa ngangilokhu nginxusa uJehova ukuba angiphe isibindi, futhi lokho kwanginika amandla. Ngavele ngakhumbula umphostoli uPawulu ngesikhathi ephukelwe umkhumbi.—IzEnzo, isahluko 27.

Ngibambelele kumngane wami lo, ngalwisana namagagasi amahora amane, ngibhukuda lapho ngithola amandla futhi ngilokhu ngilucele njalo usizo kuJehova. Ekugcineni, ngabona isikejana siza nganeno. Ngatakulwa kodwa umngane wami yena wayeseshonile. Lapho sifika edolobheni laseBari, e-Italy, ngayiswa esibhedlela lapho ngathola khona usizo lokuqala. Kwadingeka ngihlale esibhedlela izinsuku ezimbalwa futhi oFakazi abaningi babengivakashela bengiphathela konke engangikudinga. Uthando lobuKristu ababelubonisa lwabahlaba umxhwele abathile esasilele nabo esibhedlela. *

Sengiluleme ngokuphelele, ngabelwa eRoma. Ngacelwa ukuba ngisebenze insimu yamabhizinisi enkabeni yedolobha, futhi lokho ngakwenza iminyaka emihlanu ngisizwa uJehova. Ngayijabulela inkonzo e-Italy iminyaka engu-20 futhi ngabathanda abantu bakhona.

Ngibuyela Lapho Ngaqala Khona

Ngokuhamba kwesikhathi, yabahlupha kakhulu impilo o-Ariadne nomyeni wakhe. Ngabona ukuthi uma ngingahlala eduze nabo, ngingakwazi ukubabuyisela ngezinga elithile konke ababengenzele kona ngothando. Kumelwe ngivume ukuthi kwakubuhlungu impela ukuhamba e-Italy. Nokho, abazalwane abengamele umsebenzi bangikhulula, futhi kusukela ngehlobo lango-1985 bengilokhu ngiphayona e-Athene lapho ngangiqale khona inkonzo yami yesikhathi esigcwele ngo-1947.

Ngasebenza insimu eyabelwe ibandla lethu, futhi ngacela abazalwane ehhovisi legatsha ukuba ngisebenze insimu yamabhizinisi enkabeni yedolobha. Lokhu ngakwenza iminyaka emithathu ngikanye nephayona engangisebenza nalo. Sakwazi ukufakaza singashwampuluzi kubantu okuqabukelayo ubathole emakhaya.

Njengoba isikhathi sihamba, isifiso sami sokukhonza silokhu sivuseleleke njalo, kodwa amandla wona cha. Usibali wami uselele ethuneni. U-Ariadne, obe njengomama kimi, akasaboni emehlweni. Mina, nganginempilo enhle ngesikhathi ngisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Nokho, muva nje ngiwe ezitebhisini zemabula ngaphuka ingalo yesokudla. Ngaphinde ngawa ngaphuka ukhalo. Kwadingeka ngihlinzwe futhi ngaba yinto yombhede isikhathi eside. Manje angisakwazi ukuhamba kahle. Ngihamba ngodondolo futhi ngikwazi ukuya endaweni ethile kuphela uma ngiphelezelwa othile. Noma kunjalo, ngiyazama, futhi ngethemba ukuthi kuzoba ngcono. Ukuba neqhaza emsebenzini wokufundisa iBhayibheli, yize sengiwenza ngezinga elincane, kuseyiyonanto enkulu engilethela injabulo nokwaneliseka.

Uma ngikhumbula iminyaka ejabulisayo engiye ngayichitha enkonzweni yesikhathi esigcwele, inhliziyo yami ichichima ukumbonga uJehova. Yena nenhlangano yakhe yasemhlabeni baye banginikeza isiqondiso esinokwethenjelwa nosizo oluyigugu, okungenze ngakwazi ukusebenzisa amakhono ami ngokugcwele njengoba ngiye ngasebenzisa ukuphila kwami ngimkhonza. Isifiso sami esisuka enhliziyweni ukuba uJehova angiqinise ngiqhubeke ngisenkonzweni yakhe. Ngiyajabula ngokuba neqhaza elingatheni emfundweni yeBhayibheli yomhlaba wonke eqondiswa uJehova.—Malaki 3:10.

[Imibhalo yaphansi]

^ Bheka amakhasi 74-90 e-Ncwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1995, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka i-Phaphama! yesiNgisi ka-February 8, 1972, amakhasi 12-16.

[Isithombe ekhasini 9]

Nginodadewethu, u-Ariadne, nomyeni wakhe, uMichalis, ngesikhathi ngiya eGileyadi

[Isithombe ekhasini 10]

Mina noRuth Hemmig sabelwa e-Istanbul, eTurkey

[Isithombe ekhasini 11]

E-Italy, ngasekuqaleni kwawo-1970

[Isithombe ekhasini 12]

Namuhla, nginodadewethu u-Ariadne