Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Saze Salanyulelwa!”

“Saze Salanyulelwa!”

“Saze Salanyulelwa!”

NGONYAKA ka-2002, oFakazi BakaJehova baba nomhlangano wesigodi edolobheni laseMbandaka, elisenyakatho-ntshonalanga yeDemocratic Republic of Congo. Lapho kukhululwa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiLingala, izilaleli zagxumagxuma ngenxa yenjabulo, ezinye zakhala. Kamuva, abantu bagijimela epulatifomu befuna ukulibonela eduze leli Bhayibheli elisha, bememeza: “Basuki, Basambwe,” okusho ukuthi: “Saze salanyulelwa! Bazolayeka!”

Kungani zazijabule kangaka izilaleli, futhi zazisho ukuthini ngalawo mazwi? Ezingxenyeni ezithile saseMbandaka, oFakazi BakaJehova bebengakwazi ukuthenga amaBhayibheli ngesiLingala. Ngani? Ngoba amasonto ayenqaba ukubathengisela. Ngakho kwakudingeka oFakazi bacele umuntu ongeyena uFakazi abathengele. Manje base bejabule kakhulu ngoba amasonto ayengeke esabavimbela ukuthola amaBhayibheli.

Le nguqulo entsha ngeke igcine ngokuzuzisa oFakazi BakaJehova kuphela, kodwa iyozuzisa nomphakathi wonkana. Njengoba izinkulumo zazizwakala nakude ngenxa yemibhobho eyayisetshenziswa, indoda ethile eyayizizwa izinkulumo isekhaya, yabhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova: “Ngijabule kakhulu ngokukhululwa kwaleli Bhayibheli. Lizosikhanyisela ezintweni eziningi. Angiyena uFakazi, kodwa ngililinde ngabomvu leli Bhayibheli enisanda kulikhulula.”

INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele isiyatholakala iphelele ngezilimi ezingu-33, kanti INguqulo YamaKristu YesiGreki yona itholakala nangezinye izilimi ezingu-19, ezihlanganisa isiLingala. Kungani ungabuzi omunye woFakazi BakaJehova ukuthi wena ungazitholela kanjani eyakho ikhophi yale nguqulo enhle?