Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Ukuletha Izindaba Ezinhle Zokuthile Okungcono’

‘Ukuletha Izindaba Ezinhle Zokuthile Okungcono’

‘Ukuletha Izindaba Ezinhle Zokuthile Okungcono’

“Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani ezintabeni izinyawo zoletha . . . izindaba ezinhle zokuthile okungcono.”—ISAYA 52:7.

1, 2. (a) Zinto zini ezesabekayo ezenzeka nsuku zonke? (b) Ukuzwa izindaba ezimbi njalo kubathinta kanjani abantu abaningi?

 NAMUHLA abantu kuwo wonke umhlaba sebekhathele izindaba ezimbi. Bavulela umsakazo bezwe imibiko ethusayo ngezifo ezibulalayo ezisongela umhlaba. Ezindabeni zethelevishini babona izithombe ezingasuki engqondweni zezingane ezilambayo zicela usizo. Lapho befunda amaphephandaba bezwa ngamabhomu aqhumile abhidliza izakhiwo, abulala nenqwaba yabantu abangenacala.

2 Yebo, kwenzeka izinto ezesabekayo nsuku zonke. Ngempela isimo saleli zwe siyashintsha siya siba sibi nakakhulu. (1 Korinte 7:31) Iphephabhuku laseNtshonalanga Yurophu lathi ngezinye izikhathi kubonakala sengathi wonke umhlaba “uzogqamuka amalangabi noma nini.” Shono inani elandayo labantu licindezelekile! Akungabazeki ukuthi umuntu othile kuyinhlolo-vo eyenziwa ngezindaba zethelevishini e-United States wayeveza imizwa yezigidi zabantu lapho ethi: ‘Ngemva kokubukela izindaba, ngicobeka ngiphele. Uzwa izindaba ezimbi zodwa. Ziyasigabha.’

Izindaba Okudingeka Wonke Umuntu Azizwe

3. (a) Iziphi izindaba ezinhle iBhayibheli elizimemezelayo? (b) Kungani uzazisa izindaba ezinhle zoMbuso?

3 Zingatholakala yini izindaba ezinhle kuleli zwe elikhungethwe usizi olungaka? Yebo, zingatholakala! Kuyaduduza ukwazi ukuthi iBhayibheli limemezela izindaba ezinhle zokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyoqeda ukugula, indlala, ubugebengu, impi, nazo zonke izinhlobo zokucindezelwa kwabantu. (IHubo 46:9; 72:12) Lezo akuzona yini izindaba wonke umuntu okudingeka azizwe? OFakazi BakaJehova bacabanga ukuthi kufanele abantu bazizwe. Ngakho-ke, baziwa yonke indawo ngemizamo yabo eqhubekayo yokuhlanganyela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nabantu bazo zonke izizwe.—Mathewu 24:14.

4. Iziphi izici zenkonzo yethu esizozicabangela kulesi sihloko nakwesilandelayo?

4 Kodwa-ke, yini esingayenza ukuze siqhubeke sinengxenye ezuzisayo negculisayo ekushumayeleni lezi zindaba ezinhle—ngisho nasemasimini anabantu abangasabeli? (Luka 8:15) Akungabazeki ukuthi kuzosisiza ukuhlaziya kafushane izici ezintathu ezibalulekile zomsebenzi wethu wokushumayela. Singahlola (1) izisusa zethu, noma izizathu zokushumayela kwethu; (2) isigijimi sethu, noma lokho esikushumayelayo; (3) nezindlela zethu, noma ukuthi sishumayela kanjani. Ngokugcina izisusa zethu zihlanzekile, isigijimi sethu sicacile, nezindlela zethu zokushumayela ziphumelela, singanikeza izinhlobo ezihlukahlukene zabantu ithuba lokuzwa izindaba ezinhle futhi ezingcono kakhulu—izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. *

Okwenza Sihlanganyele Ekushumayeleni Izindaba Ezinhle

5. (a) Ngokuyinhloko, yini esishukumisela ukuba sihlanganyele enkonzweni? (b) Kungani kungase kuthiwe ukulalela kwethu umyalo weBhayibheli wokushumayela kuyisibonakaliso sokuthanda uNkulunkulu?

5 Ake sicabangele isici sokuqala—izisusa zethu. Kungani sishumayela izindaba ezinhle? Kungenxa yesizathu esifanayo naleso esashukumisa uJesu. Wathi: “Ngiyamthanda uBaba.” (Johane 14:31; IHubo 40:8) Ngokuyinhloko sishukunyiswa uthando ngoNkulunkulu. (Mathewu 22:37, 38) IBhayibheli libonisa ukuthi uthando lwethu ngoNkulunkulu luhlobene nenkonzo yethu, ngoba lithi: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe.” (1 Johane 5:3; Johane 14:21) Ingabe imiyalo kaNkulunkulu ihlanganisa nomyalo othi ‘sihambe senze abafundi’? (Mathewu 28:19) Yebo. Yiqiniso, lawo mazwi akhulunywa uJesu, kodwa empeleni asuka kuJehova. Kanjani? UJesu wachaza: “Angenzi lutho ngokwami; kodwa lezi zinto ngizikhuluma njengoba nje uBaba angifundisa.” (Johane 8:28; Mathewu 17:5) Ngakho, lapho sigcina umyalo wokushumayela, sibonisa uJehova ukuthi siyamthanda.

6. Ukuthanda uNkulunkulu kusishukumisa ngaziphi izindlela ukuba sishumayele?

6 Ngaphezu kwalokho, ukuthanda uJehova kusishukumisela ukuba sishumayele ngoba sifuna ukuchitha amanga uSathane awabhebhezelayo ngoNkulunkulu. (2 Korinte 4:4) USathane wakwenza kwangabazeka ukulunga kokubusa kukaNkulunkulu. (Genesise 3:1-5) NjengoFakazi BakaJehova, silangazelela ukuhlanganyela ekudaluleni ukunyundela kukaSathane nasekungcweliseni igama likaNkulunkulu esintwini. (Isaya 43:10-12) Ngaphezu kwalokho, sihlanganyela enkonzweni ngoba siye safunda ngezimfanelo zikaJehova nezindlela zakhe. Sizizwa sisondelene naye futhi sinesifiso esijulile sokutshela abanye ngoNkulunkulu wethu. Empeleni, ubuhle bukaJehova nezindlela zakhe zokulunga kusijabulisa kangangokuthi akuvumi sivale umlomo singakhulumi ngaye. (IHubo 145:7-12) Kunjengokungathi kukhona okusifuqayo ukuba sikhulume ngodumo lwakhe ‘nangobuhle’ bakhe kulabo abavumayo ukusilalela.—1 Petru 2:9; Isaya 43:21.

7. Ngaphandle kokuthanda uNkulunkulu, isiphi esinye isizathu esibalulekile esenza ukuba sihlanganyele emsebenzini wokushumayela?

7 Kunesinye isizathu esibalulekile sokuqhubeka sihlanganyela enkonzweni: Silangazelela ngobuqotho ukududuza abantu abagajwe isikhukhula esingapheli sezindaba ezimbi nalabo abahluphekayo ngandlela-thile. Kulo msebenzi, silwela ukulingisa uJesu. Ngokwesibonelo, bheka lokho okuchazwa kuMarku isahluko 6.

8. Ukulandisa okukuMarku isahluko 6 kubonisa ukuthi uJesu uzizwa kanjani ngabantu?

8 Abaphostoli babuya emkhankasweni wokushumayela futhi baxoxela uJesu konke abakwenzile nabakufundisile. UJesu uqaphela ukuthi abaphostoli bakhathele, futhi ubatshela ukuba bahambe naye ‘bayophumula kancane.’ Ngakho bangena esikebheni bahambe baye endaweni ethulile. Abantu bayabalandela, begijima begudla ugu lolwandle futhi ngokushesha bayabafica. UJesu wenzenjani? Ukulandisa kuthi: “Wabona isixuku esikhulu, kodwa waba nesihawu ngaso, ngoba sasinjengezimvu ezingenamalusi. Wasifundisa izinto eziningi.” (Marku 6:31-34) UJesu ushukunyiswa isihawu ukuba aqhubeke ehlanganyela izindaba ezinhle nabanye yize ekhathele. Ngokusobala, uJesu uyabazwela ngempela laba bantu. Uyabahawukela.

9. Ukulandisa okukuMarku isahluko 6 kusifundisani ngesisusa esifanele sokushumayela?

9 Sifundani kule ndaba? NjengamaKristu, sizizwa sinesibopho sokushumayela izindaba ezinhle nokwenza abafundi. Siyazi ukuthi sinomthwalo wemfanelo wokumemezela izindaba ezinhle, njengoba kuyintando kaNkulunkulu ukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe.” (1 Thimothewu 2:4) Nokho, inkonzo yethu asiyibheki nje njengesibopho, kodwa futhi njengomsebenzi wokubonisa isihawu. Uma sinesihawu ngempela ngabantu njengoJesu, izinhliziyo zethu ziyosishukumisela ukuba senze konke esingakwenza ukuze siqhubeke sibatshela izindaba ezinhle. (Mathewu 22:39) Ukuba nalezo zisusa ezinhle zokuhlanganyela enkonzweni kuyosishukumisela ukuba sishumayele izindaba ezinhle singayeki.

Isigijimi Sethu—Izindaba Ezinhle ZoMbuso KaNkulunkulu

10, 11. (a) U-Isaya usichaza kanjani isigijimi esisishumayelayo? (b) UJesu waziletha kanjani izindaba ezinhle zokuthile okungcono, futhi izinceku zikaNkulunkulu ezikhathini zanamuhla ziye zasilandela kanjani isibonelo sikaJesu?

10 Kuthiwani ngesici sesibili senkonzo yethu—isigijimi sethu? Yini esiyishumayelayo? Umprofethi u-Isaya wanikeza le ncazelo enhle ngesigijimi esisimemezelayo: “Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula, oletha izindaba ezinhle zokuthile okungcono, omemezela insindiso, lowo othi kulo iZiyoni: ‘UNkulunkulu wakho usebe yinkosi!’”—Isaya 52:7.

11 Amazwi athi “uNkulunkulu wakho usebe yinkosi” nawumnyombo wendaba kulo mBhalo, asikhumbuza isigijimi okumelwe sisimemezele, okungukuthi, izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Marku 13:10) Phawula futhi ukuthi leli vesi liveza ubuhle besigijimi sethu. U-Isaya usebenzisa inkulumo ethi “insindiso,” “izindaba ezinhle,” “ukuthula,” nethi “okuthile okungcono.” Ekhulwini lokuqala C.E., ngemva kwamakhulu amaningi eminyaka u-Isaya awasho la mazwi, uJesu Kristu wasigcwalisa lesi siprofetho ngendlela evelele ngokubeka isibonelo sentshiseko ekumemezeleni izindaba zokuthile okungcono—uMbuso kaNkulunkulu ozayo. (Luka 4:43) Ezikhathini zamanje, ikakhulukazi kusukela ngo-1919, oFakazi BakaJehova baye balandela isibonelo sikaJesu ngokumemezela ngentshiseko izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu omisiwe nezibusiso oyoziletha.

12. Izindaba ezinhle zoMbuso zinaliphi ithonya kulabo abazamukelayo?

12 Izindaba ezinhle zoMbuso zinaliphi ithonya kulabo abazamukelayo? Namuhla, njengasosukwini lukaJesu, izindaba ezinhle zinikeza ithemba nenduduzo. (Roma 12:12; 15:4) Zinika abantu abanhliziyo ziqotho ithemba ngoba baqala ukwazi ukuthi kunezizathu eziphathekayo zokukholelwa ukuthi ikusasa lisiphathele okungcono kakhulu. (Mathewu 6:9, 10; 2 Petru 3:13) Lelo themba libasiza kakhulu abantu abesaba uNkulunkulu ukuba bahlale benombono omuhle mayelana nesikhathi esizayo. Umhubi uthi, ‘ngeke besabe ngisho nezindaba ezimbi.’—IHubo 112:1, 7.

Isigijimi ‘Esizobopha Abanhliziyo Zaphukileyo’

13. Umprofethi u-Isaya uzichaza kanjani izibusiso abazithola ngokushesha labo abamukela izindaba ezinhle?

13 Ngaphezu kwalokho, labo abalalela izindaba ezinhle esizishumayelayo bathola induduzo nezibusiso ngokushesha. Kanjani? Ezinye zalezo zibusiso zaboniswa umprofethi u-Isaya lapho ebikezela: “Umoya weNkosi EnguMbusi uJehova uphezu kwami, ngenxa yokuthi uJehova ungigcobile ukuba ngitshele abamnene izindaba ezinhle. Ungithumé ukuba ngibophe abanhliziyo zaphukileyo, ukuba ngimemezele inkululeko kulabo abathunjiwe nokuvulwa kakhulu kwamehlo ngisho naseziboshweni; ukuba ngimemezele unyaka wokuthakazelelwa nguJehova nosuku lwempindiselo kaNkulunkulu wethu; ukuba ngiduduze bonke abalilayo.”—Isaya 61:1, 2; Luka 4:16-21.

14. (a) Inkulumo ethi ‘ukubopha abanhliziyo zaphukileyo’ ibonisani ngesigijimi soMbuso? (b) Sibonisa kanjani ukuthi uJehova uyabakhathalela abanhliziyo zaphukileyo?

14 Ngokwaleso siprofetho, uJesu, ‘wayeyobopha abanhliziyo zaphukileyo’ ngokubashumayeza izindaba ezinhle. Yeka ukuthi u-Isaya wasebenzisa umfanekiso omumethe lukhulu kangakanani! Ngokwesinye isichazamazwi seBhayibheli, igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi ‘ukubopha,’ “ngokuvamile lisetshenziselwa ‘ukubopha’ ngebhandeshi, ngaleyo ndlela uthobe futhi welaphe olimele.” Umhlengikazi okhathalelayo angase azongolozele isitho somzimba esilimele ngebhandeshi noma okunye okunjengalo ukuze asiqinise. Ngendlela efanayo, lapho beshumayela isigijimi soMbuso, abamemezeli abakhathalelayo bayabaqinisa bonke labo abasabelayo abahluphekayo ngandlela-thile. Lapho besiza labo abaswele, basuke bebonisa ukukhathalela kukaJehova. (Hezekeli 34:15, 16) Umhubi uthi ngoNkulunkulu: “Uphulukisa abanenhliziyo eyaphukile, abophe izindawo zabo ezibuhlungu.”—IHubo 147:3.

Indlela Isigijimi SoMbuso Esingakuguqula Ngayo Ukuphila Komuntu

15, 16. Iziphi izibonelo zangempela ezibonisa indlela isigijimi soMbuso esibasekela futhi sibanike ngayo amandla labo abawadingayo?

15 Izibonelo eziningi zezinto ezenzeka ngempela ekuphileni zibonisa indlela isigijimi soMbuso esibasekela futhi sibaqinise ngayo ngempela labo abanhliziyo zaphukileyo. Cabanga ngo-Oreanna, owesifazane osekhulile waseNingizimu Melika, owayesephelelwe ugqozi lokuphila. UFakazi kaJehova othile waqala ukuvakashela u-Oreanna futhi wamfundela iBhayibheli kanye nencwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. * Ekuqaleni, lapho kufundwa lona wesifazane ocindezelekile wayelalela elele embhedeni evale amehlo, elokhu equma. Nokho, kungakabiphi waqala ukwenza umzamo wokuvuka ahlale embhedeni lapho kufundwa. Ngokuhamba kwesikhathi, wayesehlala esihlalweni ekamelweni lokuhlala, alindele ukufika komuntu omfundela iBhayibheli. Ngokulandelayo, lona wesifazane waqala ukuya emihlanganweni yobuKristu eHholo LoMbuso. Ekhuthazwe yilokho akufunda kuleyo mibuthano, waqala ukuhambisela wonke umuntu owayedlula ngakwakhe izincwadi zeBhayibheli. U-Oreanna wabe esebhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova, eneminyaka engu-93. Isigijimi soMbuso sasiluvuselele ugqozi lwakhe lokuphila.—IzAga 15:30; 16:24.

16 Isigijimi soMbuso sisekela ngisho nalabo asebazi ukuthi sebezofa ngenxa yezifo ezibaphethe, okuyinto abayidinga kakhulu. Ngokwesibonelo, cabanga ngoMaria waseNtshonalanga Yurophu. Wayephethwe isifo esibulalayo futhi engasenathemba nhlobo. Ngesikhathi oFakazi BakaJehova bemvakashela bamfica ecindezeleke kakhulu. Nokho, lapho ezwa ngezinjongo zikaNkulunkulu, ukuphila kwakhe kwaqala futhi ukuba nenjongo. Wabhapathizwa futhi wakhuthala kakhulu emsebenzini wokushumayela. Phakathi neminyaka emibili yokugcina yokuphila kwakhe, amehlo akhe ayekhanya inhlansi yethemba nenjabulo. UMaria washona enethemba eliqinile lovuko.—Roma 8:38, 39.

17. (a) Isigijimi soMbuso sikuguqula kanjani ukuphila kwalabo abasamukelayo? (b) Iziphi izindlela wena oye wabona ngazo ukuthi uJehova ‘uyabavusa bonke abakhotheme’?

17 Imibiko enjalo ifakazela ukuthi isigijimi soMbuso singakuguqula ukuphila kwalabo abalangazelela amaqiniso eBhayibheli. Abantu abalilayo ngokushonelwa othandekayo bathola amandla amasha lapho befunda ngethemba lovuko. (1 Thesalonika 4:13) Abantu abampofu futhi abatabalasela ukondla imikhaya yabo babuyelwa isithunzi sabo baqine nedolo lapho bezwa ukuthi uJehova akasoze abalahla uma beqotho kuye. (IHubo 37:28) Ngosizo lukaJehova, kancane kancane abaningi abakhungethwe ukucindezeleka bathola amandla abawadingayo ukuze baqhubeke nokuphila futhi kwezinye izimo baba ngisho nanamandla okunqoba leyo nkinga. (IHubo 40:1, 2) Ngempela, ngamandla esiwathola ngeZwi lakhe, uJehova kwamanje “uvusa bonke abakhotheme.” (IHubo 145:14) Lapho siqaphela indlela izindaba ezinhle zoMbuso ezibalethela induduzo ngayo abanhliziyo zaphukileyo ensimini yethu nasebandleni lobuKristu, kusikhumbuza njalo ukuthi siphethe izindaba ezingcono kunanoma iziphi ezitholakalayo namuhla!—IHubo 51:17.

‘Ukubanxusela Kwami KuNkulunkulu’

18. Kwamphatha kanjani uPawulu ukuzenqaba kwamaJuda izindaba ezinhle, futhi ngani?

18 Nakuba isigijimi sethu siphethe izindaba ezinhle kunazo zonke, abaningi bayasenqaba. Kungase kusiphathe kanjani lokhu? Ngendlela efanayo okwamphatha ngayo umphostoli uPawulu. Wayevame ukushumayeza amaJuda, kodwa abaningi kuwo basenqaba isigijimi sensindiso. Ukusenqaba kwabo kwamzwisa ubuhlungu kakhulu uPawulu. Wavuma: “Nginosizi olukhulu nobuhlungu obungapheli enhliziyweni yami.” (Roma 9:2) UPawulu wayewahawukela amaJuda ayewashumayeza. Kwamdabukisa ukuwabona enqaba izindaba ezinhle.

19. (a) Kungani kuqondakala ukuthi ngezinye izikhathi singazizwa sidangala? (b) Yini eyasiza uPawulu ukuba aqhubeke nomsebenzi wakhe wokushumayela?

19 Nathi sishumayela izindaba ezinhle ngoba siyabahawukela abantu. Ngakho, kuyaqondakala ukuthi singazizwa sidangala lapho abantu abaningi benqaba isigijimi soMbuso. Umuzwa onjalo ubonisa ukuthi siyikhathalela ngobuqotho inhlalakahle engokomoya yalabo esibashumayezayo. Nokho, senza kahle ngokukhumbula isibonelo somphostoli uPawulu. Yini eyamsiza ukuba aqhubeke nomsebenzi wakhe wokushumayela? Yize ukwenqaba kwamaJuda ukwamukela izindaba ezinhle kwamzwisa ubuhlungu nosizi, uPawulu akazange awadele, acabange ukuthi akasekho umasiza. Wayenethemba lokuthi akhona asazomamukela uKristu. Yingakho uPawulu abhala lokhu ngendlela ayezizwa ngayo ngamaJuda ngamanye: “Ukuthakazela kwenhliziyo yami nokubanxusela kwami kuNkulunkulu, ngempela, kuwukuba basindiswe.”—Roma 10:1.

20, 21. (a) Ngokuqondene nenkonzo yethu, singasilandela kanjani isibonelo sikaPawulu? (b) Isiphi isici senkonzo yethu esizocatshangelwa esihlokweni esilandelayo?

20 Phawula izinto ezimbili uPawulu aziqokomisa. Kwakuyisifiso senhliziyo yakhe ukuba kube nabathile abathola insindiso, futhi wamnxusa uNkulunkulu ngale ndaba. Namuhla, silandela isibonelo sikaPawulu. Silondoloza isifiso esiphuma enhliziyweni sokuthola noma ibaphi okungenzeka ukuthi basenokuthambekela okufanele ezindabeni ezinhle. Siqhubeka sithandaza kuJehova ukuthi sengathi singabathola abantu abanjalo ukuze sibasize balandele inkambo eyoholela ensindisweni yabo.—IzAga 11:30; Hezekeli 33:11; Johane 6:44.

21 Nokho, ukuze sifinyelele abantu abaningi ngangokunokwenzeka ngesigijimi soMbuso, kudingeka singanaki nje kuphela izizathu kanye nalokho esikushumayelayo kodwa sinake nendlela esishumayela ngayo. Le ndaba izocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.

[Imibhalo yaphansi]

^ Kulesi sihloko sizocabangela izici ezimbili zokuqala. Esihlokweni esilandelayo sizocabangela isici sesithathu.

^ Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

Ufundeni?

• Kungaziphi izizathu sihlanganyela enkonzweni?

• Ngokuyinhloko, isiphi isigijimi esisishumayelayo?

• Iziphi ezibusiso ezijatshulelwa yilabo abamukela isigijimi soMbuso?

• Yini eyosisiza ukuba siqhubeke nenkonzo yethu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 18]

Isigijimi soMbuso sibanikeza amandla abanhliziyo zaphukileyo

[Izithombe ekhasini 20]

Umthandazo usisiza ukuba sikhuthazele enkonzweni yethu