Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amaphuzu Avelele Encwadi YamaKhosi Esibili

Amaphuzu Avelele Encwadi YamaKhosi Esibili

IZwi LikaJehova Liyaphila

Amaphuzu Avelele Encwadi YamaKhosi Esibili

INCWADI yeBhayibheli yamaKhosi Esibili iqhubeka nomlando ka-Israyeli noJuda oqale kumaKhosi Okuqala. Ikhuluma ngamakhosi angu-29. Angu-12 awo abusa umbuso wasenyakatho wakwa-Israyeli, angu-17 abusa umbuso oseningizimu wakwaJuda. AmaKhosi Esibili akhuluma nangemisebenzi eyenziwa abaprofethi o-Eliya, u-Elisha, no-Isaya. Nakuba izinto zingabekiwe ngokulandelana kokwenzeka kwazo, ukulandisa kuhlanganisa nesikhathi sokubhujiswa kweSamariya neJerusalema. Isiyonke, incwadi yamaKhosi Esibili ihlanganisa inkathi yeminyaka engu-340—kusukela ngo-920 B.C.E. kuya ku-580 B.C.E. okuyisikhathi umprofethi uJeremiya aqeda ngaso ukuyibhala.

Isizuzisa ngani thina incwadi yamaKhosi Esibili? Isifundisani ngoJehova nangendlela asebenzelana ngayo nabantu? Iziphi izifundo esingazithola ezenzweni zamakhosi, zabaprofethi nezabanye okukhulunywa ngabo kule ncwadi? Ake sibone ukuthi singafundani encwadini yamaKhosi Esibili.

U-ELISHA UBA UMPROFETHI NGEMVA KUKA-ELIYA

(2 AmaKhosi 1:1–8:29)

Isekhaya, inkosi yakwa-Israyeli u-Ahaziya, iyawa futhi kamuva igule. Umprofethi u-Eliya uyitshela ukuthi izokufa. Igcina ifile futhi umfowabo uJehoramu ubusa esikhundleni sayo. Njengoba kwenzeka lezi zinto, kwaJuda kubusa uJehoshafati. U-Eliya uthathwa isivunguvungu futhi umsizi wakhe, u-Elisha, uba umprofethi ngemva kwakhe. Phakathi nenkonzo yakhe yeminyaka engaba ngu-60, u-Elisha wenza izimangaliso eziningi.—Bheka ibhokisi elithi “Izimangaliso Zika-Elisha.”

Lapho inkosi yakwaMowabi ivukela u-Israyeli, uJehoramu, uJehoshafati nenkosi yakwa-Edomi bayahlangana bayolwa nayo. Bayanqoba ngenxa yokwethembeka kukaJehoshafati. Kamuva, inkosi yaseSiriya ihlela ukugasela u-Israyeli engazi. Nokho, u-Elisha uyalibhuntshisa icebo layo. Ithukuthele igane unwabu, inkosi yaseSiriya ithumela “amahhashi nezinqola zempi nebutho lempi elinamandla” ukuba liyobamba u-Elisha. (2 AmaKhosi 6:14) U-Elisha wenza izimangaliso ezimbili futhi uthi abaseSiriya mababuyele emakhaya ngokuthula. Ngokuhamba kwesikhathi, inkosi yaseSiriya, uBheni-hadadi, ivimbezela iSamariya. Ngenxa yalokhu, kuba nendlala enkulu ezweni, kodwa u-Elisha ubikezela ukuthi izophela.

Ngemva kwesikhathi esithile, u-Elisha uya eDamaseku. INkosi uBheni-hadadi iyagula futhi ithumela uHazayeli ukuba ayoyibuzela ukuthi izolulama yini. U-Elisha ubikezela ukuthi izokufa nokuthi uHazayeli uzoba inkosi esikhundleni sayo. Ngosuku olulandelayo, uHazayeli ucinanisa inkosi ‘ngendwangu yokumboza’ emanzi, abese eqala ukubusa. (2 AmaKhosi 8:15) KwaJuda, indodana kaJehoshafati uJehoramu iba inkosi, futhi indodana yayo u-Ahaziya ibusa ngemva kwayo.—Bheka ibhokisi elithi “Amakhosi AkwaJuda Nawakwa-Israyeli.”

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

2:9—Kungani u-Elisha acela ‘izingxenye ezimbili emoyeni ka-Eliya’? Ukuze u-Elisha akwazi ukufeza imithwalo yakhe yemfanelo njengomprofethi kwa-Israyeli, wayezodinga umoya ofana nalowo owaboniswa u-Eliya—umoya wesibindi nokungesabi. Ebona lesi sidingo, u-Elisha wacela izingxenye ezimbili zomoya ka-Eliya. U-Elisha wayemiswe nguye u-Eliya ukuba abe umprofethi ngemva kwakhe futhi u-Elisha wayesebe isikhonzi sika-Eliya iminyaka eyisithupha, ngakho u-Elisha wayebheka u-Eliya njengoyise ongokomoya; yena u-Elisha enjengezibulo elingokomoya ku-Eliya. (1 AmaKhosi 19:19-21; 2 AmaKhosi 2:12) Ngakho, njengoba nje nezibulo langempela lithola izingxenye ezimbili efeni likayise, u-Elisha wacela futhi wathola izingxenye ezimbili efeni lika-Eliya elingokomoya.

2:11—Ayini amazulu ‘u-Eliya enyukela kuwo ngesivunguvungu’? U-Eliya akayanga kwenye iplanethi, futhi akenyukelanga endaweni engokomoya lapho kuhlala khona uNkulunkulu namadodana akhe ayizingelosi. (Duteronomi 4:19; IHubo 11:4; Mathewu 6:9; 18:10) ‘Amazulu’ u-Eliya enyukela kuwo kwakuwumkhathi ozungeze umhlaba wethu. (IHubo 78:26; Mathewu 6:26) Njengoba inqola evuthayo yayihamba ngejubane elikhulu emkhathini womhlaba, kusobala ukuthi yamukisa u-Eliya kwenye indawo, lapho ahlala khona isikhathi esithile. Empeleni, eminyakeni eminingi kamuva, u-Eliya wabhalela uJehoramu, inkosi yakwaJuda incwadi.—2 IziKronike 21:1, 12-15.

5:15, 16—Kungani u-Elisha engasamukelanga isipho sikaNahamani? U-Elisha wasenqaba lesi sipho ngoba wayazi ukuthi isimangaliso sokuphulukiswa kukaNahamani sasingenziwanga ngamandla akhe, kodwa ngamandla kaJehova. Wayengenakulokotha azizuzise ngalo msebenzi ayewunikwe uNkulunkulu. Abakhulekeli beqiniso namuhla abasebenzisi inkonzo kaJehova ukuze kuzuze bona. Balalela umyalo kaJesu: “Namukelé ngesihle, yiphani ngesihle.”—Mathewu 10:8.

5:18, 19—Ingabe uNahamani wayexolisela ukuthi wayezohlanganyela ekukhulekeleni okuthile? Kusobala ukuthi inkosi yaseSiriya yayisikhulile ibuthaka futhi kudingeka incike kuNahamani. Lapho inkosi ikhothama ukuze ikhulekele uRimoni, noNahamani wayekhothama. Nokho, uNahamani wayekhothama ukuze asekele umzimba wenkosi, hhayi ukuze akhulekele. UNahamani wayecela ukuba uJehova amthethelele lapho efeza lo msebenzi wakhe. U-Elisha wamkholelwa uNahamani futhi wathi kuye: “Hamba ngokuthula.”

Izifundo Esizitholayo:

1:13, 14. Ukufunda kulokho okwenzeka kwabanye nokwenza ngokuthobeka kungasindisa ukuphila.

2:2, 4, 6. Nakuba u-Elisha ayesebe isikhonzi sika-Eliya mhlawumbe iminyaka eyisithupha, wacela ukuba angamshiyi. Yeka isibonelo esihle sokwethembeka nesobungane beqiniso!—IzAga 18:24.

2:23, 24. Kubonakala sengathi isizathu esikhulu sokuhlekwa kuka-Elisha ukuthi wayeyindoda eyimpandla egqoke isembatho sika-Eliya sokuprofetha. Izingane ezahleka u-Elisha zazibona ukuthi wayemelele uJehova futhi zazingamfuni endaweni. Zamtshela ukuba ‘enyuke,’ okungukuthi, adlule ahambe aye eBhethele noma athathwe naye njengoba kwakuthathwe u-Eliya. Kusobala ukuthi lezi zingane zazibonisa inzondo yabazali bazo. Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba abazali bafundise izingane zabo ukuhlonipha abameleli bakaNkulunkulu!

3:14, 18, 24. Izwi likaJehova liyafezeka njalo.

3:22. Ukukhanya kwelanga lasekuseni phezu kwamanzi kwawenza abonakala sengathi ayigazi, mhlawumbe ngenxa yenhlabathi ebomvu yezisele ezazisanda kugujwa. UJehova angase akhethe ukusebenzisa imvelo ukuze afeze izinjongo zakhe.

4:8-11. Lapho owesifazane waseShunemi ebona ukuthi u-Elisha “ngumuntu ongcwele kaNkulunkulu,” wambonisa umusa wamhlalisa kwakhe. Akufanele yini nathi sibabonise umusa abakhulekeli bakaJehova abathembekile?

5:3. Intombazanyana engumIsrayeli yayinokholo emandleni kaNkulunkulu okwenza izimangaliso. Yayinesibindi sokukhuluma ngokholo lwayo. Ingabe nina basha niyakulwela ukuqinisa ukholo lwenu ezithembisweni zikaNkulunkulu futhi niqunge isibindi nixoxele othisha nezingane enifunda nazo iqiniso?

5:9-19. Isibonelo sikaNahamani asisibonisi yini ukuthi umuntu oqhoshayo angakufunda ukuthobeka?—1 Petru 5:5.

5:20-27. Yeka ukuthi umuntu ujeza kabuhlungu kangakanani ngenxa yokukhohlisa! Ukucabangisisa ngosizi olukhulu esingaba nalo ngokuphila ukuphila okumbaxambili kuyosisiza sigweme ukuphila ngaleyo ndlela.

U-ISRAYELI NOJUDA BAYA EKUDINGISWENI

(2 AmaKhosi 9:1–25:30)

UJehu ubekwa inkosi kwa-Israyeli. Ngaphandle kokuchitha isikhathi, uqala umkhankaso wokubulala bonke abendlu ka-Ahabi. Ngesu, uJehu ‘ubhuqa ukukhulekelwa kukaBhali kwa-Israyeli.’ (2 AmaKhosi 10:28) Ngemva kokuzwa ukuthi uJehu ubulale indodana yakhe, unina ka-Ahaziya, u-Athaliya ‘ubhubhisa yonke inzalo yasembusweni wakwaJuda’ abese yena ethatha ubukhosi. (2 AmaKhosi 11:1) UJehowashi, indodana ka-Ahaziya esencane kakhulu, uyasinda futhi ngemva kweminyaka eyisithupha ethukusiwe, ubekwa inkosi kwaJuda. Efundiswa umpristi uJehoyada, uJehowashi uyaqhubeka enza okuhle emehlweni kaJehova.

Wonke amakhosi abusa u-Israyeli ngemva kukaJehu enza okubi emehlweni kaJehova. U-Elisha ufa ukufa okujwayelekile lapho sekubusa umzukulu kaJehu. U-Ahazi uba inkosi yesine kwaJuda ngemva kukaJehowashi, futhi ‘akenzi okulungile emehlweni kaJehova.’ (2 AmaKhosi 16:1, 2) Nokho, uHezekiya, indodana yakhe uba inkosi ‘enamathele kuJehova.’ (2 AmaKhosi 17:20; 18:6) Ngo-740 B.C.E., lapho uHezekiya ebusa kwaJuda futhi uHosheya ebusa kwa-Israyeli, inkosi yase-Asiriya uShalimaneseri ‘ithumba iSamariya futhi ihola u-Israyeli imyise ekudingisweni e-Asiriya.’ (2 AmaKhosi 17:6) Ngemva kwalokhu, kulethwa abantu bezinye izizwe ukuba bazokwakha kwa-Israyeli, futhi kuqambeka inkolo yamaSamariya.

Emakhosini angu-7 abusa kwaJuda ngemva kukaHezekiya, nguJosiya kuphela othatha izinyathelo zokuqeda ukukhulekela kwamanga ezweni. Ekugcineni, ngo-607 B.C.E., abaseBhabhiloni bathumba iJerusalema futhi ‘uJuda usuka enhlabathini yakhe uya ekudingisweni.’—2 AmaKhosi 25:21.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

13:20, 21—Ingabe lesi simangaliso sisekela ukuhlonishwa kwezinsalela zezinto izinkolo ezizibheka njengezingcwele? Cha. IBhayibheli alibonisi ukuthi amathambo ka-Elisha ake ahlonishwa. Lesi simangaliso senzeka ngenxa yamandla kaNkulunkulu njengoba kwakunjalo nangazo zonke izimangaliso u-Elisha azenza ngesikhathi esaphila.

15:1-6—Kungani uJehova amshaya ngochoko u-Azariya owaziwa nangokuthi u-Uziya? “Kwathi nje lapho [u-Uziya] esenamandla, inhliziyo yakhe yazidla . . . , kangangokuba wenza isenzo sokungathembeki kuJehova uNkulunkulu wakhe wangena ethempelini likaJehova ukuba ashise impepho e-altare lempepho.” Lapho abapristi ‘bemelana no-Uziya’ futhi bethi ‘makaphume endlini engcwele,’ wabathukuthelela kakhulu abapristi wabe eseshaywa ngochoko.—2 IziKronike 26:16-20.

18:19-21, 25—Ingabe uHezekiya wayenze isivumelwano neGibhithe? Cha. Amazwi kaRabishake ayengelona iqiniso, njengoba nje ayengakhulumi iqiniso nalapho ethi ‘ugunyazwe nguJehova.’ Inkosi ethembekile uHezekiya yayithembele kuJehova kuphela.

Izifundo Esizitholayo:

9:7, 26. Ukwahlulelwa kabuhlungu kwendlu ka-Ahabi kubonisa ukuthi ukukhulekela kwamanga nokuchitha igazi labangenacala kuyenyanyeka kuJehova.

9:20. Idumela likaJehu njengomqhubi onejubane lafakazela ukuthi wayeshiseka lapho efeza umsebenzi awunikiwe. Ingabe nawe waziwa njengommemezeli woMbuso oshisekayo?—2 Thimothewu 4:2.

9:36, 37; 10:17; 13:18, 19, 25; 14:25; 19:20, 32-36; 20:16, 17; 24:13. Singaqiniseka ngokuthi ‘izwi eliphuma emlonyeni kaJehova ngokuqinisekile liyaphumelela njalo.’—Isaya 55:10, 11.

10:15. Njengoba uJehonadaba asamukela ngezandla ezimhlophe isimemo sikaJehu sokuba agibele enqoleni yakhe, “isixuku esikhulu” sisekela uJesu Kristu ngokuzithandela, onguJehu wanamuhla, futhi sisekela nabalandeli bakhe abagcotshiwe.—IsAmbulo 7:9.

10:30, 31. Nakuba uJehu awenza amaphutha athile, uJehova wabonisa ukuthi wakwazisa konke akwenza. Ngempela, “uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi we[thu].”—Hebheru 6:10.

13:14-19. Njengoba uJehowashi, umzukulu kaJehu, engazange akhiphe wonke amangwevu lapho ecibishela, kodwa acibishela emhlabathini kathathu kuphela, akazange akwazi ukulinqoba ngokugcwele iSiriya. UJehova ulindele ukuba senze umsebenzi asabele wona ngenhliziyo yonke nangentshiseko.

20:2-6. UJehova ‘unguMuzwi wemithandazo.’—IHubo 65:2.

24:3, 4. Ngenxa yokuthi uManase wayechithe igazi, uJehova “akazange avume ukuthethelela” uJuda. UNkulunkulu uyalihlonipha igazi labangenacala. Singaqiniseka ukuthi uJehova uyobaphindiselela abangenacala ababulawa. Lokhu uyokwenza ngokubhubhisa ababulali babo.—IHubo 37:9-11; 145:20.

Iyinzuzo Kithi

Incwadi yamaKhosi Esibili iveza uJehova enguMgcwalisi wezithembiso. Ukudingiswa kwezakhamuzi zemibuso emibili, owakwa-Israyeli kuqala kwase kuba owakwaJuda, kwenza sibone indlela esagcwaliseka ngayo isahlulelo esiyisiprofetho esikuDuteronomi 28:15–29:28. AmaKhosi Esibili achaza u-Elisha njengomprofethi olishisekela kakhulu igama likaJehova nokukhulekela kweqiniso. UHezekiya noJosiya bavezwa bengamakhosi athobekile ahlonipha uMthetho kaNkulunkulu.

Asizitholi yini izifundo ezibalulekile lapha zokuthi yini okufanele siyiphishekele nokufanele siyigweme lapho sicabanga ngesimo sengqondo nezenzo zamakhosi, abaprofethi nabanye incwadi yamaKhosi Esibili ekhuluma ngabo? (Roma 15:4; 1 Korinte 10:11) Yebo, “izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla.”—Hebheru 4:12.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 10]

IZIMANGALISO ZIKA-ELISHA

1. Kuhlukaniswa amanzi eJordani.—2 AmaKhosi 2:14

2. Amanzi aseJeriko amabi ayaphulukiswa.—2 AmaKhosi 2:19-22

3. Intsha engamahlongandlebe ihlaselwa amabhere.—2 AmaKhosi 2:23, 24

4. Amabutho empi aphiwa amanzi.—2 AmaKhosi 3:16-26

5. Umfelokazi uthola amafutha okupheka.—2 AmaKhosi 4:1-7

6. Owesifazane waseShunemi oyinyumba uyakhulelwa.—2 AmaKhosi 4:8-17

7. Umntwana uvuswa esefile.—2 AmaKhosi 4:18-37

8. Isitshulu esinobuthi sikhishwa lobo buthi.—2 AmaKhosi 4:38-41

9. Amadoda ayikhulu ondliwa ngezinkwa ezingu-20.—2 AmaKhosi 4:42-44

10. UNahamani welashwa isifo sochoko.—2 AmaKhosi 5:1-14

11. UGehazi uthola uchoko lukaNahamani.—2 AmaKhosi 5:24-27

12. Imbazo ecwilile yenziwa ukuba intante.—2 AmaKhosi 6:5-7

13. Inceku ibona izinqola zempi zezingelosi.—2 AmaKhosi 6:15-17

14. Ibutho lempi laseSiriya lishaywa ngobumpumputhe.—2 AmaKhosi 6:18

15. Ibutho lempi laseSiriya liphinde liyabona futhi.—2 AmaKhosi 6:19-23

16. Indoda efile iyavuka.—2 AmaKhosi 13:20, 21

[Ishadi/Izithombe ekhasini 12]

AMAKHOSI AKWAJUDA NAWAKWA-ISRAYELI

USawule/UDavide/USolomoni: 1117/1077/1037 B.C.E. *

UMBUSO WAKWAJUDA USUKU (B.C.E.) UMBUSO WAKWA-ISRAYELI

URehobowamu ․․․․․ 997 ․․․․․ UJerobowamu

U-Abhiya/U-Asa ․․․ 980/978 ․․․

․ 976/975/952 ․ UNadabi/UBhahasha/U-Elahi

․ 951/951/951 ․ UZimri/U-Omri/UThibini

․․․․․ 940 ․․․․․ U-Ahabi

UJehoshafati ․․․․․ 937 ․․․․․

․․․ 920/917 ․․․ U-Ahaziya/UJehoramu

UJehoramu ․․․․․ 913 ․․․․․

U-Ahaziya ․․․․․ 906 ․․․․․

(U-Athaliya) ․․․․․ 905 ․․․․․ UJehu

UJehowashi ․․․․․ 898 ․․․․․

․․․ 876/859 ․․․ UJehowahazi/UJehowashi

U-Amaziya ․․․․․ 858 ․․․․․

․․․․․ 844 ․․․․․ UJerobowamu II

U-Azariya (U-Uziya) ․․․․․ 829 ․․․․․

․ 803/791/791 ․ UZakariya/UShalumi/UMenahemu

․․․ 780/778 ․․․ UPhekaya/UPheka

UJothamu/U-Ahazi ․․․ 777/762 ․․․

․․․․․ 758 ․․․․․ UHosheya

UHezekiya ․․․․․ 746 ․․․․․

․․․․․ 740 ․․․․․ ISamariya liyathunjwa

UManase/U-Amoni/ UJosiya ․․ 716/661/659 ․

UJehowahazi/ UJehoyakimi ․․․ 628/628 ․․․

UJehoyakini/ UZedekiya ․․․ 618/617 ․․․

IJerusalema liyabhujiswa ․․․․․ 607 ․․․․․

[Umbhalo waphansi]

^ par. 66 Ezinye izinsuku ziwukulinganisela konyaka wokuqala ukubusa.

[Isithombe ekhasini 8, 9]

UNahamani wazithoba futhi waphulukiswa ngamandla kaJehova

[Isithombe ekhasini 8, 9]

Kwenzekani ku-Eliya ngesikhathi ‘enyukela emazulwini ngesivunguvungu’?