Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBhayibheli Lingakusiza Uthole Injabulo

IBhayibheli Lingakusiza Uthole Injabulo

IBhayibheli Lingakusiza Uthole Injabulo

NAKUBA iBhayibheli lingeyona incwadi yokwelapha, liyakhuluma ngemiphumela emihle noma emibi imizwelo engaba nayo engqondweni nasemzimbeni womuntu. Lithi: “Inhliziyo ejabulayo ingumuthi omuhle, kodwa umoya omunyu womisa amathambo.” Naku okunye elikushoyo: “Ingabe uzibonise udangele ngosuku losizi? Amandla akho ayoba mancane.” (IzAga 17:22; 24:10) Imizwa yokudangala ingamunca amandla ethu, isenze sizizwe sibuthakathaka, singenamandla singafuni nokulungisa isimo noma ukufuna usizo.

Ukudangala kungathinta nengokomoya lomuntu. Abantu abanomuzwa wokuthi abalutho ngokuvamile baba nomuzwa wokuthi abanakukwazi ukuba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu bathole nezibusiso zakhe. USimone, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, wayengabaza ukuthi “uwuhlobo lomuntu uNkulunkulu angalwamukela.” Kodwa uma sibheka eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, sithola ukuthi uNkulunkulu uyabamukela labo abazama ukumjabulisa.

UNkulunkulu Uyakhathalela Ngempela

IBhayibheli lisitshela ukuthi “uJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.” UNkulunkulu akayedeleli “inhliziyo ephukile nechobozekile,” kodwa uthembisa ‘ukuwuvuselela umoya wabathobekileyo futhi avuselele inhliziyo yabachotshozwayo.’—IHubo 34:18; 51:17; Isaya 57:15.

Ngesinye isikhathi iNdodana kaNkulunkulu, uJesu, yakubona kudingeka ukuba ichazele abafundi bayo ukuthi uNkulunkulu ubona okuhle ezincekwini zaKhe. Ibenzela umzekeliso, yalandisa ukuthi uNkulunkulu uyabona lapho undlunkulu uwela phansi—inyoni abantu abaningi ababengayibheka njengengabalulekile. Yaqokomisa nokuthi uNkulunkulu wazi ngisho nomniningwane omncane ngabantu, ngisho nokuthi zingaki izinwele emakhanda abo. UJesu waphetha umzekeliso wakhe ngokuthi: “Ngakho-ke ningesabi: Nina nibaluleke ukudlula ondlunkulu abaningi.” (Mathewu 10:29-31) * UJesu wabonisa ukuthi kungakhathaliseki ukuthi abantu bazizwa kanjani ngabo siqu, uNkulunkulu uyabazisa abantu abanokholo. Empeleni, umphostoli uPetru usikhumbuza ukuthi “uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.

Hlala Unombono Olinganiselayo

IZwi likaNkulunkulu lithi kumelwe sihlakulele ukulinganisela endleleni esizibheka ngayo. Ephefumulelwe, umphostoli uPawulu wabhala: “Ngomusa ongafanelwe engiwuphiwe ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu ukuba angazicabangi emkhulu kunalokho okudingeke ukuba akucabange; kodwa acabange ukuze abe nengqondo ehluzekile, yilowo nalowo njengoba uNkulunkulu emabele isilinganiso esithile sokholo.”—Roma 12:3.

Yiqiniso, asifuni ukucabanga ukuthi sibakhulu kakhulu size siqhoshe; futhi asifuni ukucabanga ukuthi siphansi kakhulu size sicabange ukuthi asilutho. Kunalokho, umgomo wethu kufanele kube ukuhlakulela umbono onengqondo ngathi ngokwethu, sizazi lapho simandla khona sazi nokulinganiselwa kwethu. Owesifazane othile ongumKristu wakubeka kanje: “Angiyena umuntu omubi; ngingeyena futhi nomuntu oyisimangaliso. Kukhona lapho ngimuhle khona, kukhona futhi lapho ngimubi khona, futhi sonke sinjalo.”

Yiqiniso, ukuba nombono onjalo olinganiselayo akulula. Kungadinga umzamo omkhulu ukuqeda umbono ongafanele ngathi okungenzeka wakheke isikhathi eside. Noma kunjalo, ngosizo lukaNkulunkulu, singakwazi ukushintsha ubuntu bethu nendlela esibheka ngayo ukuphila. Empeleni, yilokho kanye iZwi likaNkulunkulu elisinxusa ukuba sikwenze. Siyafunda: “Nilahle ubuntu obudala obuvumelana nenkambo yenu yokuziphatha yangaphambili futhi obonakaliswayo ngokwezifiso zabo zenkohliso; kodwa . . . kufanele nenziwe basha emandleni ashukumisa ingqondo yenu, futhi nigqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokuthembeka.”—Efesu 4:22-24.

Ngokwenza umzamo wokuguqula ‘amandla ashukumisa ingqondo,’ okungukuthi, ukuthambekela okubusa ingqondo yethu, singakwazi ukushintsha ubuntu bethu siyeke ukuba abantu abanemizwa engemihle kodwa sibe nemizwa efanele. ULena, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, wagcina ebonile ukuthi akukho okuyoshintsha indlela azizwa ngayo ngaphandle kokuba ayeke ukucabanga ukuthi akekho umuntu owayengamthanda noma amsize, noma ukucabanga ukuthi ayikho into eyayingenziwa ukuze ashintshe indlela ayezizwa ngayo. Isiphi iseluleko esisebenzayo esitholakala eBhayibhelini esasiza uLena, uSimone, nabanye ukuba benze izinguquko?

Izimiso ZeBhayibheli Ezisiza Umuntu Ajabule

“Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela.” (IHubo 55:22) Okokuqala futhi okubaluleke kunakho konke ukuthi umthandazo ungasisiza sithole injabulo yangempela. USimone uthi: “Noma nini lapho ngizizwa ngidangele, ngithandaza kuJehova ngicele usizo lwakhe. Njalo nje uye wanginika amandla nesiqondiso.” Lapho umhubi esicela ukuba siphonse umthwalo wethu kuJehova, empeleni usuke esikhumbuza ukuthi akukona nje ukuthi uJehova uyasikhathalela kuphela, kodwa futhi usibheka njengabantu abakufanelekelayo ukuba abasize futhi abasekele. Ngobusuku bangePhasika lika-33 C.E., abafundi bakaJesu babesosizini ngenxa yalokho uJesu ayebatshele kona ngokuhamba kwakhe okwase kusondele. UJesu wabacela ukuba bathandaze kuBaba, wabe esenezela: “Celani niyokwamukela, ukuze injabulo yenu igcwale.”—Johane 16:23, 24.

“Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Njengoba uJesu afundisa, ukupha kuyisihluthulelo sokuthola injabulo yeqiniso ekuphileni. Lapho siwasebenzisa la mazwi ayiqiniso aseBhayibhelini siyogxila kulokho okudingwa abanye abantu kunokugxila ezicini thina esisilela kuzo. Lapho sisiza abanye futhi sibona indlela abalwazisa ngayo usizo lwethu, sithola umuzwa wokwaneliseka. ULena uyaqiniseka ukuthi ukuxoxela omakhelwane bakhe njalo izindaba ezinhle eziseBhayibhelini kumsiza ngezindlela ezimbili. Uthi: “Okokuqala, kunginika uhlobo lwenjabulo nokwaneliseka uJesu akhuluma ngalo. Okwesibili, ngithola abantu abasabela kahle, okungisiza ukuba ngithole injabulo.” Uma sizidela ngokuzithandela, siyolibona iqiniso elishiwo izAga 11:25: “Ophuzisa abanye ngokungagodli naye uyophuziswa ngokungagodli.”

“Zonke izinsuku zohluphekile zimbi; kodwa onenhliziyo enhle unedili njalo.” (IzAga 15:15) Sonke siyazikhethela ukuthi sizibheka kanjani thina nezimo zethu. Singafana nomuntu obheka yonke into ayibone iyimbi futhi azizwe kabuhlungu, noma singakhetha ukucabanga ngendlela enhle, sizizwe ‘sinenhliziyo enhle,’ sijabule njengokungathi sisedilini. USimone uthi: “Ngizama ukuhlala ngicabanga okuhle. Ngizigcina ngimatasa ngesifundo somuntu siqu nenkonzo, futhi ngithandaza njalo. Ngizama nokuzigcina nginabantu abanesimo sengqondo esihle, futhi ngizama ukusiza abanye lapho bedinga usizo.” Ukuba nalesi simo senhliziyo kuletha injabulo yangempela, njengoba nje iBhayibheli lisikhuthaza: “Thokozani ngoJehova nijabule, nina balungileyo; nikhamuluke ngenjabulo, nonke nina eniqotho enhliziyweni.”—IHubo 32:11.

“Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.” (IzAga 17:17) Ukuthululela isifuba sethu kumuntu esimthandayo noma kumeluleki esimethembayo kungasisiza sibhekane nemizwa engemihle futhi siyinqobe ngaphambi kokuba isiqumbe phansi. Ukukhuluma nabanye kungasisiza sibheke izinto ngombono ofanele nolinganiselayo. USimone uyavuma: “Ukukhipha konke okusesifubeni kuyasiza kakhulu. Kudingeka utshele othile ukuthi uzizwa kanjani. Ngokuvamile, yilokho nje okudingekayo, ukuba ukhiphe konke.” Ukwenza kanjalo kuzokusiza ubone ukuthi ayiqiniso kanjani amazwi alesi saga: “Ngukukhathazeka enhliziyweni yomuntu okuyoyibangela ukuba ibhocobale, kodwa yizwi elihle eliyenza ijabule.”—IzAga 12:25.

Lokho Ongakwenza

Siye sacabangela izimiso ezimbalwa kweziningi ezinhle nezisebenzayo eziseBhayibhelini ezingasisiza sinqobe imizwa engemihle futhi sithole injabulo yeqiniso. Uma nawe uhlushwa imizwa yokuzizwa ungabalulekile, sikukhuthaza ukuba ulihlolisise iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Funda ukuhlakulela umuzwa ofanele nonempilo ngawe siqu nangobuhlobo bakho noNkulunkulu. Sethemba ukuthi ngokuqondiswa iZwi likaNkulunkulu, uyokwazi ukuthola injabulo yeqiniso kukho konke okwenzayo.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 6 Le ngxenye yomBhalo idingidwa kakhulu emakhasini 22 no-23.

[Isithombe ekhasini 7]

Ukuphila ngezimiso zeBhayibheli kusiza umuntu ajabule