Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uhlushwa Imizwa Yakho?

Ingabe Uhlushwa Imizwa Yakho?

Ingabe Uhlushwa Imizwa Yakho?

ULENA uye wahlushwa imizwa engemihle ngaye ngokwakhe cishe ukuphila kwakhe konke. Wathi: “Ukuhlukunyezwa ngokobulili iminyaka eminingi ngiseyingane kwakuqeda nya ukuzihlonipha kwami. Ngangizizwa ngingento yalutho.” NoSimone ukhumbula izikhathi zakhe zobusha futhi uthi, “Phakathi ekujuleni ngangizizwa ngingento yalutho futhi ngangikukholelwa lokho.” Kubonakala sengathi baningi abantu namuhla abangajabuli ngenxa yokuququdwa imizwa enjalo. Esinye isithangami sezingcingo eseluleka intsha sithi cishe ingxenye yabantu ebashayela ucingo ithi “inemizwa ebeleselayo yokuzizwa ingelutho.”

Ngokusho kodokotela abathile, umuzwa wokuzinyeza ubangelwa abantu abakwenza uzizwe ungelutho. Umuntu angagcina esecabanga ukuthi akalutho uma ekhacwa njalo, egxekwa kabuhlungu, noma exhashazwa. Kungakhathaliseki ukuthi iyini imbangela, lokhu kungagcina kuthene umuntu amandla, kumbulale nokumbulala. Okunye ukuhlola kwamuva kwezokwelapha kuthole ukuthi abantu abanemizwa engemihle ngabo siqu bathambekele ekutheni bangazethembi futhi bangabathembi nabanye abantu, ngaleyo ndlela balimaze ubuhlobo nobungane babo nabanye abantu. Umbiko walokhu kuhlola uthi: “Empeleni, laba bantu ‘bazidalela’ sona kanye isimo abasesaba kunazo zonke.”

Abantu abazizwa ngaleyo ndlela ngokuvamile basuke behlushwa yilokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘imicabango encisha umuntu ukuthula.’ (IHubo 94:19) Baba nomuzwa wokuthi bona abasoze benza into enhle. Lapho izinto zingahambi kahle, bavele bazisole bona. Ngisho noma abanye bengabancoma ngezinto abazifezile, ngaphakathi kubo abakhululeki njengokungathi kuzovela okuthile okubi ngabo kungekudala. Ngenxa yokuthi bakholelwa ukuthi akufanele bona bajabule, abaningi babo bawela emikhubeni ebalimazayo futhi ababa nomuzwa wokuthi abakwazi ukuyiyeka. ULena, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, waba nenkinga enkulu yokudla ngenxa yokuntula ukuzihlonipha, futhi uyavuma, “Nganginomuzwa wokuthi ayikho into engingayenza ukuze ngilungise isimo.”

Ingabe labo abahlushwa yileyo ‘micabango ebancisha ukuthula’ bayohlala bezizwa ngale ndlela ukuphila kwabo konke? Kukhona yini okungenziwa ukuze kunqotshwe imizwa enjalo? IBhayibheli linezimiso nezeluleko ezisebenzayo esezisize abaningi ukuba bakwazi ukunqoba le nkinga. Iziphi ezinye zalezo zimiso, futhi zibasize kanjani abayizisulu ukuba bathole injabulo ekuphileni? Isihloko esilandelayo sizochaza.