Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kunini Lapho Kufaneleka Khona Ukucasuka?

Kunini Lapho Kufaneleka Khona Ukucasuka?

Kunini Lapho Kufaneleka Khona Ukucasuka?

KUMSHUMAYELI 7:9, iBhayibheli lithi: “Ukucasuka kuhlala esifubeni seziphukuphuku.” Leli vesi libonisa ukuthi akufanele sizwele ngokweqile lapho othile esicasula; kunalokho, kufanele sithethelele.

Kodwa ingabe umShumayeli 7:9 uthi akufanele neze sicasulwe yinoma yini noma yinoma ubani? Ingabe usho ukuthi kufanele sithethelele konke ukoniwa kungakhathaliseki ukuthi kungakanani noma kwenziwe kangaki futhi singenzi lutho ngako? Ingabe kufanele singakhathazeki ngokucasula abanye ngamazwi noma ngezenzo ngoba sazi ukuthi kufanele basithethelele? Akufanele kube njalo.

UJehova uNkulunkulu uwukubonakaliswa kothando, isihe, ukuthethelela nokubekezela. Nokho, kunezindawo eziningi eBhayibhelini lapho kukhulunywa khona ngabantu abamcasula. Lapho isono sisikhulu, wayethatha isinyathelo azijezise izephula-mthetho. Cabanga ngezinye izibonelo.

Izinto Ezicasula UJehova

Ukulandisa okusencwadini yoku-1 AmaKhosi 15:30 kukhuluma ngezono zikaJerobowamu “ona ngazo nabangela ngazo ukuba u-Israyeli one nangokucasula kwakhe acasula ngakho uJehova.” Kweyesi-2 IziKronike 28:25, iBhayibheli lisho lokhu ngenkosi yakwaJuda u-Ahazi: “Wenza izindawo eziphakemeyo zokushunqisela abanye onkulunkulu umusi womhlatshelo, waze wamcasula uJehova uNkulunkulu wokhokho bakhe.” Esinye isibonelo sisencwadini yabaHluleli 2:11-14: ‘U-Israyeli wawela ekwenzeni okubi emehlweni kaJehova nasekukhonzeni oBhali, bamcasula uJehova. Khona-ke intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wamnikela ezandleni zabagcugci.’

Zikhona nezinye izinto ezacasula uJehova ezadinga ukuba athathe isinyathelo esiqinile. Ngokwesibonelo, ku-Eksodusi 22:18-20, siyafunda: “Ungamlondi umthakathikazi. Noma ubani olala nesilwane kumelwe abulawe nakanjani. Ohlabela noma yibaphi abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova kuphela kumelwe anikelwe ekubhujisweni.”

UJehova akazange aqhubeke nokuthethelela izono ezinkulu ezazenziwa ama-Israyeli asendulo ayelokhu emcasule njalo uJehova futhi engaphenduki ngeqiniso. Lapho ama-Israyeli engaphenduki ngeqiniso futhi engathathi izinyathelo ezibonisa ukuthi alalela uJehova, uNkulunkulu wagcina enikele la mahlongandlebe ekubhujisweni. Sonke isizwe sanikelwa kwabaseBhabhiloni ngo-607 B.C.E, saphinde sanikelwa kumaRoma ngo-70 C.E.

Yebo, ziyamcasula uJehova izinto ezimbi ezishiwo futhi zenziwe abantu, futhi uze azibhubhise izephula-mthetho ezingaphenduki ezenze izono ezimbi kakhulu. Ingabe lokho kumenza afanelwe incazelo ekumShumayeli 7:9? Lutho neze. Kuyafaneleka ukuba acasulwe izenzo ezimbi kakhulu futhi wahlulela ngokulunga ngaso sonke isikhathi. IBhayibheli lisho lokhu ngoJehova: “Uphelele umsebenzi wakhe, ngoba zonke izindlela zakhe ziwubulungisa. UNkulunkulu wokuthembeka, okungekho ukungabi nabulungisa kuye; ulungile futhi uqotho yena.”—Duteronomi 32:4.

Izono Ezinkulu Ezenziwa Kwabanye Abantu

Ngaphansi koMthetho uNkulunkulu awunika ama-Israyeli asendulo, kwakuba nemiphumela engathí sina lapho abantu benza izono ezinkulu kwabanye abantu. Ngokwesibonelo, lapho isela lifika endlini ebusuku futhi umninimuzi alibulale, umninimuzi wayengabi necala legazi. Wayeba isisulu esingenacala sobugebengu obukhulu. Ngakho siyafunda: “Uma isela libanjwa oqotsheni ligqekeza futhi lishaywe life, akukho cala legazi [ngomninimuzi].”—Eksodusi 22:2.

Owesifazane odlwenguliwe kuyafaneleka ukuba acasuke kakhulu ngoba ukudlwengula kuyisenzo zobudlova esikhulu kakhulu emehlweni kaNkulunkulu. Ngaphansi koMthetho KaMose, indoda eyayidlwengula owesifazane kwakufanele ife “njengalapho nje umuntu evukela umuntu wakubo ambulale.” (Duteronomi 22:25, 26) Nakuba singasekho ngaphansi koMthetho, lowo Mthetho usenza sibone ukuthi uJehova uzizwa kanjani ngokudlwengula—isenzo esenyanyekayo.

Namuhla, ukudlwengula kuseyisenzo sobudlova esikhulu umuntu ajeza kakhulu ngaso. Kuyafaneleka impela ukuba umuntu odlwenguliwe alubike emaphoyiseni lolu daba. Ngokulubika, labo abanamagunya afanele bangasijezisa isephula-mthetho. Kanti uma kudlwengulwe umntwana, abazali abangase bathathe lezi zinyathelo zomthetho.

Ukoniwa Okungatheni

Nokho, akukhona konke ukoniwa esingakusa kwabomthetho. Ngakho-ke, akufanele sicasulwe amaphushana angatheni enziwa abanye, kodwa kufanele sithethelele. Kufanele sithethelele kaningi kangakanani? Umphostoli uPetru wawubuza uJesu lo mbuzo: “Nkosi, umfowethu kumelwe angone kangaki ngimthethelela? Kuze kube kasikhombisa na?” UJesu waphendula: “Angisho kuwe ukuthi, kuze kube kasikhombisa, kodwa, kuze kube izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.”—Mathewu 18:21, 22.

Ngakolunye uhlangothi, kudingeka siqhubeke sithuthukisa ubuntu bethu bobuKristu ukuze sizame ukunciphisa amathuba okwenza izinto ezizocasula abanye. Ngokwesibonelo, lapho usebenzelana nabanye, ingabe ngezinye izikhathi uyabaphoxaphoxa nje, untule ikhono lokungacasuli, udelele? Ukwenza lezi zinto cishe kuyobacasula abanye. Kunokuba umuntu omphathe kabi omunye asole ocasuliwe ngokuthi uyashesha ukucasuka aze azitshele ukuthi kufanele athethelele, umuntu ocasule omunye kudingeka aqaphele ukuthi nguye kanye obangele lona omunye ukuba acasuke. Lowo ocasule omunye kudingeka asebenzele ekulawuleni izenzo nolimi lwakhe ukuze agweme ukucasula abanye. Ukwenza lo mzamo kuyokwenza zingabi ziningi izimo lapho sibalimaza khona abanye. IBhayibheli liyasikhumbuza: “Kukhona ophahluka njengokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphile lungukuphulukisa.” (IzAga 12:18) Ukuxolisa akuve kusiza ekulungiseni isimo lapho sicasula abanye, ngisho noma singahlosile.

IZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi kufanele “siphishekele izinto ezibangela ukuthula nezinto ezakhayo komunye nomunye.” (Roma 14:19) Lapho sikhuluma ngendlela engacasuli nemnene, sisuke senza okushiwo yilo mBhalo: “Izwi elikhulunywe ngesikhathi esifanele linjengama-apula egolide ezitsheni zesiliva.” (IzAga 25:11) Yeka indlela okuqabula ngayo lokhu! Inkulumo emnene nengacasuli ingashintsha ngisho nabantu abalukhuni: ‘Ulimi olumnene lungaliphula ithambo.’—IzAga 25:15.

Yingakho iZwi likaNkulunkulu liseluleka: “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti, ukuze nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.” (Kolose 4:6) Inkulumo ethi “ayoliswe ngosawoti” isho ukuthi kufanele senze amazwi ethu azwakale kamtoti kwabanye, ngaleyo ndlela sinciphise amathuba okubacasula. Ngamazwi nangezenzo, amaKristu alwela ukusebenzisa isiyalo seBhayibheli: ‘Funani ukuthula nikuphishekele.’—1 Petru 3:11.

Ngakho-ke, kumelwe ukuba umShumayeli 7:9 usho ukuthi kufanele siyeke ukucasulwa izono zabanye ezingatheni. Lezo zono ezingatheni kungenzeka ukuthi zibangelwa ukungapheleli kobuntu noma mhlawumbe zenziwa ngamabomu kodwa akuzona izono ezingathí sina. Kodwa lapho isono sisikhulu kakhulu, kuyezwakala lapho umuntu owoniwe ethukuthela kakhulu futhi ekhetha ukuthatha izinyathelo ezifanele.—Mathewu 18:15-17.

[Isithombe ekhasini 14]

UJehova wanikela ama-Israyeli ekubhujisweni esebenzisa amaRoma ngo-70 C.E.

[Isithombe ekhasini 15]

“Izwi elikhulunywe ngesikhathi esifanele linjengama-apula egolide”