Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Ubavuza Ngokucebile Labo Abagcina Indlela Yakhe

UJehova Ubavuza Ngokucebile Labo Abagcina Indlela Yakhe

Indaba Yokuphila

UJehova Ubavuza Ngokucebile Labo Abagcina Indlela Yakhe

ILANDISWA UROMUALD STAWSKI

Ngesikhathi impi yezwe yesibili iqala ngo-September 1939, zazibuya ngempela enyakatho Poland. Njengoba ngangiwumfana oneminyaka engu-9 onelukuluku lokwazi, ngaya lapho ibambene khona eduze kwasekhaya ngiyobuka. Engakubona kwangishaqisa—kwakusakazeke izidumbu yonke indawo, intuthu ehishayo ivimbanise indawo. Nakuba ngokuyinhloko ngangicabanga ukuthi ngizobuyela kanjani ekhaya ngokuphepha, ngafikelwa imibuzo ethile: “Kungani uNkulunkulu evumela izinto ezimbi kanje zenzeke? Ungasohlangothini lobani?”

NGASEKUPHELENI kwempi, intsha yaphoqelelwa ukusebenzela umbuso waseJalimane. Noma ubani owayenqaba wayebulawa ngokulengiswa emthini noma alengiswe esihlahleni noma ebhulohweni esifubeni sakhe kugaxwe amazwi athi “imbuka” noma athi “umuntu osicekela phansi.” Idolobha lakithi, iGdynia, laliphakathi kwala mazwe alwayo. Ngesinye isikhathi siphumile edolobheni siyofuna amanzi, kwakuqhuma izibhamu namabhomu ngapha nangapha futhi umfowethu omncane uHenryk watholwa yinhlamvu washona. Ngenxa yalezo zimo ezinzima, umama wasihlalisa thina zingane ezine ekamelweni eliphansi kwendlu ukuze silondeke. Njengoba sasihlala lapho, umfowethu oneminyaka emibili, u-Eugeniusz wabulawa uklilo [diphtheria].

Ngaphinde ngazibuza: “Ukuphi uNkulunkulu? Kungani evumela konke lokhu kuhlupheka?” Nakuba ngangingumKatolika oshisekayo futhi ngiya njalo esontweni, imibuzo yami ayiphendulekanga.

Ngamukela Iqiniso LeBhayibheli Ngenhliziyo Yonke

Izimpendulo zemibuzo enganginayo zaqhamuka endaweni engangingayicabangi. Impi yaphela ngo-1945, futhi ngasekuqaleni kuka-1947, omunye woFakazi BakaJehova wafika ekhaya eGdynia. Umama wakhuluma naye lo Fakazi, futhi ngacoshacosha okuthile kwalokho okwakukhulunywa. Engakuzwa kwakuzwakala kunengqondo, ngakho savuma lapho besimemela esifundweni. Nakuba ngangingakawazi kahle wonke amaqiniso aseBhayibhelini, ngemva nje kwenyanga ngajoyina iqembu loFakazi bendawo ngayoshumayeza abanye ngezwe elingcono elingenazo izimpi nobudlova. Kwangijabulisa kakhulu lokhu.

Ngabhapathizwa emhlanganweni wesifunda eSopot ngo-September 1947. Ngonyaka olandelayo ngo-May, ngaqala inkonzo yamaphayona avamile, ngasebenzisa isikhathi sami esiningi ngitshela abanye umyalezo weBhayibheli. Abefundisi bendawo bawuphikisa kakhulu umsebenzi wethu futhi bafaka abantu umoya wokuba babe nobudlova kithi. Ngelinye ilanga, sahlaselwa isixuku esasithukuthele siveva, sasijikijela ngamatshe futhi sasishaya kakhulu. Kwesinye isenzakalo izindelakazi nabefundisi batshela abantu bendawo ukuba basihlasele. Saphephela esiteshini samaphoyisa, kodwa leso sixuku sazungeza isiteshi, sifuna ukusishaya. Ekugcineni, kweza amaphoyisa amaningi asikhipha, asiphelezela.

Ngaleso sikhathi, lalingekho ibandla endaweni. Ngezinye izikhathi sasilala ehlathini. Sasijabula ngokuthi sasikwazi ukushumayela naphezu kwezimo esasibhekene nazo. Namuhla, kunamabandla aqinile kuleyo ndawo.

Inkonzo YaseBethel Nokuboshwa

Ngo-1949, ngaya kohlala noMkhaya WaseBethel eŁódź. Yeka indlela okwakuyilungelo ngayo ukukhonza kuleya ndawo! Okudabukisayo ukuthi angihlalanga isikhathi eside lapho. Ngo-June 1950, kusasele inyanga umsebenzi wethu uvinjelwe ngokomthetho, ngaboshwa kanye nabanye abazalwane baseBethel. Ngayiswa ejele, futhi kwacaca ukuthi ngangizophenywa ngesikhulu isihluku.

Ngenxa yokuthi ubaba wayesebenza emkhunjini owawuya eNew York njalo, amaphoyisa ayenza uphenyo azama ukungenza ngivume ukuthi wayeyinhloli ye-United States. Kwadingeka ngibekezelele ukuphenywa ngesihluku sobulwane. Ngaphezu kwalokho, amaphoyisa amane azama ukungiphoqa ukuba ngifakaze ngokumelene noMfoweth’uWilhelm Scheider owayeqondisa umsebenzi wethu ePoland. Angishaya izithende ngezinduku eziqatha. Njengoba ngangidindilize phansi ngopha, ngizwa nje ukuthi angisakwazi ukubekezelela le mpatho, ngakhala, “Jehova, ngisize!” Abashushisi bami bamangala bayeka ukungishaya. Emizuzwini engemingaki, baphathwa ubuthongo balala. Ngezwa kuthi dwe namandla abuya. Lokhu kwangikholisa ukuthi uJehova usabela ngothando lapho izinceku zakhe zikhala kuye. Kwaqinisa ukholo lwami futhi kwangifundisa ukuba ngimethembe ngokuphelele uNkulunkulu.

Embikweni wokugcina abawubhala, bafaka nobufakazi obungamanga abathi bunikezwe yimi. Lapho ngikhuza ngithi bayangisukela, iphoyisa lathi kimi, “Usuzochaza enkantolo!” Umuntu onobungane enganginaye esitokisini wathi ngingakhathazeki ngoba umbiko wokugcina kufanele uqinisekiswe umshushisi wenkantolo yezempi, futhi lokho kuyonginikeza ithuba lokuveza ukuthi lobo bufakazi bungamanga. Futhi yilokho kanye okwenzeka.

Umsebenzi Wokuhambela Amabandla Nokuphinde Ngiboshwe

Ngadedelwa ngo-January 1951. Ngemva kwenyanga, ngaqala ukukhonza njengombonisi ojikelezayo. Naphezu kokuvinjelwa, ngasebenza nabazalwane abathile ukuze siqinise amabandla sisize nabanye oFakazi ababehlakazwe amaphoyisa ayizinhloli ayefuna ukwazi ngomsebenzi wethu. Sabakhuthaza abafowethu ukuba baqhubeke enkonzweni. Eminyakeni eyalandela, laba bazalwane babasekela ngesibindi ababonisi abajikelezayo futhi benza umsebenzi wokunyathelisa nokushushumbisa izincwadi zeBhayibheli ngomshoshaphansi.

Ngelinye ilanga ngo-April 1951, ngibuya esifundweni, ngaboshwa emgwaqweni amaphoyisa ayizinhloli ayengibeke iso. Ngenxa yokuthi ngenqaba ukuphendula imibuzo yabo, angithatha angisa ejele laseBydgoszcz futhi ngabo lobo busuku aqala ukungiphenya. Angincikisa odongeni izinsuku eziyisithupha nobusuku obuyisithupha ngingatholi lutho oluya ngasethunjini noma amanzi endaweni evimbanise ngogwayi owawubhenywa yila maphoyisa. Angishaya ngomshiza angishisa nangogwayi. Lapho ngiquleka, ayengibhunyela ngamanzi aqhubeke nokungiphenya. Ngacela uJehova ukuba angiphe amandla okukhuthazela, futhi wangisekela.

Nokho, kukhona okuhle okwaba khona ngokuhlala kuleli jele laseBydgoszcz. Ngakwazi ukutshela abantu bakhona iqiniso leBhayibheli, abantu ababengeke bafinyelelwe oFakazi. Ayemaningi ngempela amathuba okushumayela. Ngenxa yesimo seziboshwa esidabukisayo nesinganiki themba, zazizilalelisisa izindaba ezinhle.

Izinguquko Ezimbili Ezibalulekile

Ngemva nje kokudedelwa ngo-1952, ngahlangana noNela, udade oyiphayona elishisekayo. Wayephayona eningizimu yePoland. Kamuva wasebenza “ebhikawozi,” indawo eyimfihlo okwakunyatheliselwa kuyo izincwadi. Lowo msebenzi wawunzima, udinga ukuba umuntu ahlale evule amehlo futhi azidele. Sashada ngo-1954, futhi saqhubeka sisenkonzweni yesikhathi esigcwele kwaze kwaba yilapho kuzalwa indodakazi yethu, uLidia. Sanquma ukuba uNela ayiyeke inkonzo yakhe yesikhathi esigcwele, abuyele ekhaya, futhi anakekele indodakazi yethu ukuze mina ngikwazi ukuqhubeka nomsebenzi wokujikeleza.

Ngalowo nyaka, kwadingeka senze esinye isinqumo esibalulekile. Ngacelwa ukuba ngikhonze njengombonisi wesigodi endaweni eyayihlanganisa ingxenye eyodwa kwezintathu yePoland. Sayicabangela ngomthandazo le ndaba. Ngangazi ukuthi kubaluleke kangakanani ukuqinisa abafowethu abavinjelwe. Abafowethu babeboshwa ngapha nangapha, ngakho babesidinga ngempela isikhuthazo esingokomoya. UNela wangisekela futhi ngasamukela leso sabelo. UJehova wangisiza ukuba ngikhonze njengombonisi wesigodi iminyaka engu-38.

Ngengamela “Amabhikawozi”

Ngalezo zinsuku, ababonisi besigodi babengamela “amabhikawozi,” ayesezindaweni ezicezile. Amaphoyisa ayehlala esilandela, ezama ukuthola ukuthi sizinyathelisa kuphi izincwadi abese ezivala lezo zindawo. Ngezinye izikhathi ayethola, kodwa sasingakuntuli neze ukudla okungokomoya esasikudinga. Kwakusobala ukuthi uJehova wayesinakekela.

Ukuze umuntu acelwe ukuba enze umsebenzi wokunyathelisa onzima noyingozi kangaka, kwakudingeka abe qotho, ahlale evule amehlo, azidele, futhi alalele. Yilezo zimfanelo ezazenza “ibhikawozi” likwazi ukuqhubeka lisebenza ngokuphepha. Kwakunzima nokuthola indawo ekahle yokunyathelisa ngomshoshaphansi. Ezinye izindawo zazibonakala zikahle, kodwa abazalwane bakhona babengebona abantu abaqaphile. Kwezinye izindawo, abazalwane babeba abaqaphile kodwa kube yiyo indawo engaphephile. Abazalwane babezimisele ukuzidela ngendlela engajwayelekile. Ngibahlonipha ngempela bonke abazalwane nodade engaba nelungelo lokusebenza nabo.

Ukuvikela Izindaba Ezinhle

Phakathi naleyo minyaka enzima, sasihlala njalo simangalelwa ngokuthi senza umsebenzi ovukela umbuso nowenqatshelwe bese siyiswa enkantolo. Lokhu kwakuba inkinga ngoba sasingenabo abameli abangasimela. Abanye abameli babesizwela kodwa besaba amehlo abantu, futhi babengafuni ukwenza into ecasula iziphathi-mandla. Nokho, uJehova wayezibona izidingo zethu, futhi ngesikhathi esifanele walungisa izinto ngendlela efanele.

U-Alojzy Prostak, umbonisi ojikelezayo waseKraków, wahlukunyezwa kabi lapho ephenywa kangangokuthi kwadingeka ayiswe esibhedlela sasejele. Ukuma kwakhe aqine naphezu kokuhlukunyezwa engqondweni nasemzimbeni kwenza ezinye iziboshwa ezazisesibhedlela zimhloniphe futhi zimethulele isigqoko. Omunye walezo ziboshwa kwakungummeli uWitold Lis-Olszewski, owahlatshwa umxhwele isibindi soMfoweth’uProstak. Wakhuluma naye izikhathi eziningana futhi wamethembisa, “Ukuphuma kwami nje la sengivunyelwe ukuba ngummeli futhi, ngizobamela oFakazi BakaJehova.” Wakwenza ngempela lokho.

UMnumzane Olszewski wayenethimba lakhe labameli, futhi ukuzimisela kwalo kwasihlaba umxhwele ngempela. Ngesikhathi sisaphikiswa kakhulu, leli thimba lalimelela abafowethu emacaleni angaba ngu-30 ngenyanga—lisebenza isilinganiso secala elilodwa ngosuku! Ngenxa yokuthi kwakudingeka ukuba uMnumzane Olszewski acaciselwe kahle izinto ezithile ngaphambi kwecala, ngabelwa ukuba ngisebenzelane naye. Ngasebenza naye iminyaka engu-7 ngawo-1960 nangawo-1970.

Ngafunda lukhulu ngezomthetho. Ngangivame ukulalela lapho kuqhubeka icala, ngizwe okwakushiwo abameli—okuhle nokubi—izindlela zokuvikela ngomthetho, nobufakazi babafowethu ababebekwe amacala. Konke lokhu kwaba usizo kakhulu ekusizeni abafowethu, ikakhulu labo ababebizwa ukuba bazofakaza, ukuba bazi ukuthi yini okufanele bayisho nokuthi kunini lapho kufanele bathule khona bangasho lutho.

Lapho kunecala eliqhubekayo, uMnumzane u-Olszewski wayevame ukulala emizini yoFakazi BakaJehova. Akukhona ukuthi wayengeke akwazi ukuzikhokhela ehhotela, kodwa njengoba ake asho, “Ngaphambi kokuya ecaleni, ngifuna ukuhogela umoya wenu.” Ngenxa yakhe, sawawina amacala amaningi. Wangimela izikhathi eziningana nami futhi akavumanga ngimkhokhele. Ngesinye isikhathi, wenqaba ukukhokhelwa amacala angu-30 ayesimele kuwo. Kungani enqaba? Wathi: “Ngifuna ukuwusekela umsebenzi wenu, ngisho noma ngiwusekela ngobala.” Empeleni umsebenzi wakhe wawuyosibiza enkulu imali. Iziphathi-mandla zawuphawula zangawuthanda umsebenzi wethimba likaMnumzane Olszewski, kodwa lokho akuzange kumthene amandla angabe esasisiza.

Kunzima ukuchaza ubufakazi obuhle abafowethu ababunikeza phakathi nalawo macala. Abaningi beza bezolalela baqinise abafowethu ababebekwe amacala. Ngesikhathi kunamacala amaningi, ngabala ngathola ukuthi kweza oFakazi abangu-30 000 ngonyaka owodwa bezosekela. Leso kwakuyisixuku esikhulu ngempela soFakazi!

Isabelo Esisha

Ngo-1989 ukuvinjelwa komsebenzi wethu kwase kuphelile. Ngemva kweminyaka emithathu, kwakhiwa ihhovisi legatsha elisha futhi lanikezelwa. Ngacelwa ukuba ngiyosebenza khona eMnyangweni Wokwaziswa Ngezezibhedlela, isabelo engasamukela ngenjabulo. Njengoba sasisebenza sibathathu, sasekela abafowethu ababebhekene nenkinga yegazi futhi sabasiza ukuba bavikele ukuma kwabo okusekelwe kunembeza wabo njengamaKristu.—IzEnzo 15:29.

Mina nomkami siye salijabulela kakhulu ilungelo lokukhonza uJehova enkonzweni yakhe yasobala. UNela uye wangisekela futhi wangikhuthaza njalo. Ngimazisa kakhulu ngoba njalo lapho ngangimatasa ngezabelo zikaNkulunkulu, noma ngisejele, akakaze akhononde ngokuthi angikho ekhaya. Ezikhathini ezinzima, wayekhuthaza abanye kunokuba kube nguye ophela amandla.

Ngokwesibonelo, ngo-1974, ngaboshwa nabanye ababonisi abajikelezayo. Abanye abazalwane abezwa ngalokhu bafuna ukumazisa ngendlela engeke imphathe kabi. Lapho bembona, bathi, “Dade Nela, ungathini uma singathi sikuphathele izindaba ezimbi.” Ekuqaleni, kwaphela nasozwaneni kuye ngoba wayecabanga ukuthi ngifile. Lapho ezwa ukuthi kwakwenzekeni, wakhululeka wabe esethi: “Uyaphila! Phela akaqali ukuboshwa.” Abazalwane bangitshela kamuva ukuthi isimo sakhe sengqondo sabahlaba umxhwele.

Nakuba siye sabhekana nezinto ezibuhlungu, uJehova uye wasibusisa ngokucebile ngoba siye sagcina indlela yakhe. Asive sijabula ngokuthi indodakazi yethu, uLidia, nomyeni wayo, u-Alfred DeRusha, baye bazibonakalisa ukuthi bangumbhangqwana ongamaKristu oyisibonelo. Baye bakhulisa amadodana abo uChristopher noJonathan abayizinceku zikaJehova ezizinikezele, okusenza sijabule nakakhulu. Umfowethu, uRyszard, nodadewethu, u-Urszula nabo bayaqhubeka bengamaKristu athembekile.

UJehova akakaze asishiye, futhi sifuna ukuqhubeka simkhonza ngenhliziyo yonke. Siye sazibonela ngokwethu ukuthi ayiqiniso kangakanani amazwi eHubo 37:34: “Themba uJehova ugcine indlela yakhe, uyokuphakamisa ukuba udle ifa lomhlaba.” Sisilindele ngabomvu leso sikhathi.

[Isithombe ekhasini 17]

Emhlanganweni owaqhutshelwa ebaleni lomzalwane eKraków, ngo-1964

[Isithombe ekhasini 18]

Nginomkami, uNela, nendodakazi yethu, uLidia, ngo-1968

[Isithombe ekhasini 20]

Nginomfana onguFakazi ngaphambi nje kokuba ahlinzwe inhliziyo ngaphandle kwegazi

[Isithombe ekhasini 20]

NginoDkt. Wites, udokotela wabantwana omkhulu ohlinza izinhliziyo engasebenzisi igazi, esibhedlela saseKatowice

[Isithombe ekhasini 20]

NginoNela, ngo-2002