Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova ‘Ungumvuzi Walabo Abamfuna Ngobuqotho’

UJehova ‘Ungumvuzi Walabo Abamfuna Ngobuqotho’

UJehova ‘Ungumvuzi Walabo Abamfuna Ngobuqotho’

“Lowo oza kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.”—HEBHERU 11:6.

1, 2. Kungani ezinye zezinceku zikaJehova kungenzeka zilwe nemizwa engakhi?

 “SEKUYIMINYAKA ecishe ibe ngu-30 nginguFakazi kaJehova, kodwa angikaze ngibe nomuzwa wokuthi ngiyafaneleka,” kuvuma uBarbara. * “Nakuba ngiye ngaphayona futhi ngajabulela namanye amalungelo amaningi, akukho nokukodwa kulokhu okubonakala kwanele ukuba kungenze ngikholelwe ngokusuka enhliziyweni ukuthi ngiyakufanelekela ukubizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.” UKeith uveza imizwa efanayo. Uthi: “Ngezinye izikhathi okwakwenza ngizizwe ngingafaneleki ukuthi izinceku zikaJehova zinezizathu eziningi zokujabula, kodwa mina ngangingajabule. Lokhu kwangenza ngaba nomuzwa wokuthi kukhona okungalungile ngami, umuzwa owamane wenza izinto zaba zimbi nakakhulu.”

2 Eziningi zezinceku zikaJehova ezithembekile zesikhathi esidlule nezamanje, ziye zalwa nemizwa efanayo. Ingabe nawe iyakufikela imizwa enjalo ngezinye izikhathi? Ungase wehlelwe izinkinga eziningi zilandelana, kuyilapho izinto kubonakala ziwahambela kahle amanye amakholwa okanye nawo, engenazinkathazo futhi ejabule. Ngenxa yalokho, ungase ube nomuzwa wokuthi awamukeleki kuJehova futhi awukufanelekeli ukuba akunake. Ungasheshi ukuphetha kanjalo. IBhayibheli liyasiqinisekisa: “[UJehova] akazange akudelele noma akwenyanye ukuhlupheka kohluphekile; akazange abufihle ubuso bakhe kuye, futhi wezwa lapho ekhalela usizo kuye.” (IHubo 22:24) Lawo mazwi ayeprofetha ngoMesiya abonisa ukuthi uJehova akagcini nje ngokubezwa abathembekileyo bakhe kodwa futhi uyabavuza.

3. Kungani singagonyiwe ezingcindezini zalesi simiso sezinto?

3 Akekho ogonyiwe ezingcindezini zalesi simiso sezinto—ngisho nabantu bakaJehova abagonyiwe. Siphila ezweni elibuswa isitha sikaJehova esikhulu, uSathane uDeveli. (2 Korinte 4:4; 1 Johane 5:19) Kunokuba zivikeleke ngokuyisimangaliso, izinceku zikaJehova empeleni yizo uSathane anazo shaqa. (Jobe 1:7-12; IsAmbulo 2:10) Ngakho-ke, kuze kube isikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe, kudingeka ‘sikhuthazele osizini futhi siphikelele emthandazweni,’ siqiniseka ukuthi uJehova uyasikhathalela. (Roma 12:12) Akufanele siwuvumele umcabango wokuthi uJehova uNkulunkulu wethu akasithandi!

Izibonelo Zasendulo Zokukhuthazela

4. Nikeza izibonelo ezimbalwa zezinceku zikaJehova ezithembekile ezakhuthazelela izimo ezicindezelayo.

4 Izinceku zikaJehova eziningi zasendulo zakhuthazelela izimo ezicindezelayo. Ngokwesibonelo, uHana, “wayemunyu emphefumulweni” ngoba engenabantwana—isimo ayesibheka njengesifana nokuthi uNkulunkulu umkhohliwe. (1 Samuweli 1:9-11) Ngenkathi u-Eliya ezingelwa indlovukazi engumbulali uJezebeli, uvalo lwamqeda futhi wathandaza kuJehova: “Kwanele! Manje, Jehova, susa umphefumulo wami, ngoba angingcono kunokhokho bami.” (1 AmaKhosi 19:4) Kumelwe ukuba nomphostoli uPawulu wayekuzwa kahle ukusinda kokungapheleli kwakhe lapho evuma: “Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi.” Wanezela: “Yeka mina muntu wosizi!”—Roma 7:21-24.

5. (a) UHana, u-Eliya, noPawulu bavuzwa kanjani? (b) Iyiphi induduzo esingayithola eZwini likaNkulunkulu lapho silwa nemizwa engakhi?

5 Yebo, siyazi ukuthi uHana, u-Eliya, noPawulu bonke bakhuthazela enkonzweni kaJehova, futhi wabavuza ngokucebile. (1 Samuweli 1:20; 2:21; 1 AmaKhosi 19:5-18; 2 Thimothewu 4:8) Noma kunjalo, balwa nemizwelo ehlukahlukene evamile kubantu, ehlanganisa usizi, ukuphelelwa ithemba, nokwesaba. Ngakho-ke akufanele simangale uma ngezinye izikhathi sifikelwa imizwa engakhi. Nokho, ungenzani uma izinkathazo zokuphila zikwenza uzibuze ukuthi uJehova uyakuthanda yini ngempela? Ungathola induduzo eZwini likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, esihlokweni esandulelayo, sixoxe ngamazwi kaJesu athi uJehova ubale “zona kanye izinwele zekhanda lenu.” (Mathewu 10:30) Lawo mazwi akhuthazayo abonisa ukuthi uJehova unesithakazelo esijulile encekwini yakhe ngayinye. Khumbula nomfanekiso kaJesu wondlunkulu. Uma kungekho nayinye yalezo zinyoni ezincane ewela phansi uJehova angaboni, angakushalazela kanjani-ke ukuhlupheka kwakho?

6. IBhayibheli lingaba kanjani umthombo wenduduzo kulabo abalwa nemizwa engakhi?

6 Kungenzeka yini ngempela ukuba thina bantu abangaphelele sibe yigugu emehlweni oMdali onguMninimandla onke, uJehova uNkulunkulu? Yebo, kungenzeka! Empeleni, kunamavesi amaningi eBhayibhelini asiqinisekisa ngalokhu. Uma sigxila kula mavesi, singananela amazwi omhubi owathi: “Lapho imicabango yami engincisha ukuthula iba miningi ngaphakathi kimi, induduzo yakho yaqala ukuwotawota umphefumulo wami.” (IHubo 94:19) Ake sicabangele amanye ala mazwi aduduzayo aseZwini likaNkulunkulu ayosisiza ukuba sikuqonde nangokwengeziwe ukuthi siyigugu kuNkulunkulu nokuthi uyosivuza uma siqhubeka nokwenza intando yakhe.

“Impahla Ekhethekile” KaJehova

7. Isiphi isiprofetho esikhuthazayo uJehova asinikeza ngoMalaki esizweni esonakele?

7 Isimo sasidabukisa kumaJuda ekhulwini lesihlanu B.C.E. Abapristi babemukela izilwane ezingafaneleki futhi bezinikela njengemihlatshelo e-altare likaJehova. Abahluleli babebonisa ukukhetha. Ubuthakathi, ukuqamba amanga, ukuphamba nokuphinga kwakuyinsakavukela. (Malaki 1:8; 2:9; 3:5) Kulesi sizwe esikonakala kwaso kwakusobala, uMalaki washo isiprofetho esikwenza ubambe ongezansi. Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova wayeyobuyisela abantu bakhe esimweni esamukelekayo. Siyafunda: “‘Ngokuqinisekile bayoba ngabami,’ kusho uJehova wamabutho, ‘mhla ngiveza impahla ekhethekile. Ngiyobabonisa ububele, njengoba nje umuntu ebonisa indodana yakhe emkhonzayo ububele.’”—Malaki 3:17.

8. Kungani uMalaki 3:17 engase asetshenziswe nasesixukwini esikhulu ngomqondo othile?

8 Isiprofetho sikaMalaki siyagcwaliseka namuhla kumaKristu agcotshwe ngomoya, akha isizwe esingokomoya sabangu-144 000. Leso sizwe ngempela “siyimpahla ekhethekile” kuJehova. (1 Petru 2:9) Isiprofetho sikaMalaki singaba esikhuthazayo ‘nasesixukwini esikhulu esimi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sigqoke izembatho ezimhlophe.’ (IsAmbulo 7:4, 9) Lesi sixuku siba umhlambi owodwa nabagcotshiweyo ngaphansi kukaMalusi oyedwa, uJesu Kristu.—Johane 10:16.

9. Kungani abantu bakaJehova ‘beyimpahla ekhethekile’ kuye?

9 UJehova ubabheka kanjani labo abakhetha ukumkhonza? Njengoba kuphawulwe kuMalaki 3:17, ubabheka ngendlela ubaba onothando abheka ngayo indodana yakhe. Phawula nala mazwi amahle achaza ngawo abantu bakhe—“impahla ekhethekile.” Ezinye izinguqulo zihumusha lawo mazwi ngokuthi “abami impela,” “impahla yami eyigugu,” nangokuthi “amagugu ami.” Yini engenza uJehova ababheke njengabakhetheke kangako abantu abamkhonzayo? Okokuqala, unguNkulunkulu onokwazisa. (Hebheru 6:10) Usondela kubantu abamkhonza ngenhliziyo yabo yonke futhi ababheke njengabakhethekile.

10. UJehova ubavikela kanjani abantu bakhe?

10 Ikhona yini impahla onayo oyibheka njengekhethekile? Wenza konke ongakwenza ukuba uyivikele, angithi? UJehova wenza okufanayo ‘nangempahla yakhe ekhethekile.’ Yiqiniso, akabavikeli abantu bakhe kuzo zonke izinhlupheko nezinsizi zokuphila. (UmShumayeli 9:11) Kodwa uJehova angazivikela ngokomoya izinceku zakhe ezithembekile futhi uyozivikela. Uzinika amandla eziwadingayo okubhekana nanoma iziphi izinhlupheko. (1 Korinte 10:13) Yingakho uMose atshela abantu bakaNkulunkulu basendulo, u-Israyeli: “Yibani nesibindi niqine. . . . UJehova uNkulunkulu wakho nguye ohamba nawe. Ngeke akulahle noma akushiye ngokuphelele.” (Duteronomi 31:6) UJehova usebenzelana nabantu bakhe ngendlela ebazuzisayo. ‘Bayimpahla ekhethekile’ kuye.

UJehova “Umvuzi”

11, 12. Ukuqonda uJehova endimeni yakhe njengoMvuzi wethu kusisiza kanjani ukuba silwe nemizwa yokungabaza?

11 Obunye ubufakazi bokuthi uJehova uyazazisa izinceku zakhe ukuthi uyazivuza. Watshela ama-Israyeli: “‘Ngiyanicela ukuba ningivivinye kulesi sici,’ kusho uJehova wamabutho, ‘ukuthi ngeke yini nginivulele amasango ezikhukhula asemazulwini empeleni ngithululele phezu kwenu isibusiso kuze kungabikho ukuswela.’” (Malaki 3:10) Kuyiqiniso ukuthi ekugcineni uJehova uyovuza izinceku zakhe ngokuphila okuphakade. (Johane 5:24; IsAmbulo 21:4) Lo mvuzo ongenakuqhathaniswa nalutho wembula ubukhulu bothando lukaJehova nokuphana kwakhe. Ubonisa nokuthi ubazisa ngempela labo abakhetha ukumkhonza. Ukufunda ukubheka uJehova njengoMvuzi ophanayo kungasisiza silwe nanoma ikuphi ukungabaza ngokuthi siyamukeleka yini kuNkulunkulu. Empeleni, uJehova usikhuthaza ukuba simbheke njengoMvuzi! UPawulu wabhala: “Lowo oza kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.”—Hebheru 11:6.

12 Yebo, sikhonza uJehova ngoba simthanda—asikwenzi nje ngoba ethembisa ukusinika umvuzo. Noma kunjalo, ukugcina ithemba lomvuzo ezinhliziyweni zethu akuyona neze into engafanele noma ewubugovu. (Kolose 3:23, 24) Ngenxa yokuthi uJehova uyabathanda futhi ubazisa kakhulu labo abamfuna ngobuqotho, uthatha isinyathelo kuqala ukuze abavuze.

13. Kungani ilungiselelo lesihlengo liwubufakazi obukhulu kunabo bonke bokuthi uJehova uyasithanda?

13 Inkomba enkulu yokuthi umuntu angaba igugu emehlweni kaJehova, yilungiselelo lesihlengo. Umphostoli uJohane wabhala: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Ilungiselelo lomhlatshelo wesihlengo sikaJesu Kristu liyawuchitha umqondo wokuthi asilutho futhi asithandeki emehlweni kaJehova. Nembala, uma uJehova akhokha inani elikhulu kangaka ngenxa yethu—ukuphila kweNdodana yakhe ezelwe yodwa—ngempela kumelwe ukuthi usithanda ngokujulile.

14. Yini ebonisa indlela uPawulu ayesibheka ngayo isihlengo?

14 Ngakho, uma kungenzeka kukhule kuwe imizwa engakhi, zindla ngesihlengo. Yebo, sibheke njengesipho uJehova asenzele umuntu ngamunye. Yilokho umphostoli uPawulu akwenza. Khumbula ukuthi wathi: “Yeka mina muntu wosizi!” Kodwa wabe eseqhubeka ethi: “Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu,” “eyangithanda futhi yazinikela ngenxa yami.” (Roma 7:24, 25; Galathiya 2:20) UPawulu wayengaziboni engcono kunabanye lapho esho lokhu. Wayemane eqiniseka ukuthi uJehova wayembheka njengomuntu oyigugu. NjengoPawulu, nawe kufanele ufunde ukubheka isihlengo njengesipho uNkulunkulu akwenzele sona. UJehova akayena nje uMsindisi onamandla kodwa futhi unguMvuzi onothando.

Qaphela Amaqhinga KaSathane

15-17. (a) UDeveli usizakala kanjani ngemizwa engakhi? (b) Isiphi isikhuthazo esingasithola kokuhlangenwe nakho kukaJobe?

15 Noma kunjalo, ungase ukuthole kunzima ukukholelwa ukuthi amazwi aphefumulelwe enduduzo aseZwini likaNkulunkulu ayasebenza nakuwe imbala. Ungase ube nomuzwa wokuthi umvuzo wokuphila okuphakade ezweni elisha likaNkulunkulu uyinto engase itholwe abanye, kodwa wena umane nje awuwufanelekeli. Uma uzizwa ngale ndlela, ungenzani?

16 Cishe ujwayelene neseluleko uPawulu asinikeza abase-Efesu: “Gqokani zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu ukuze nikwazi ukumelana ngokuqinile namaqhinga kaDeveli.” (Efesu 6:11) Lapho sicabanga ngamacebo kaSathane, kufika masinyane izinto ezinjengokuthanda izinto ezibonakalayo nokuziphatha okubi, futhi kufanele. Lezi zilingo ziye zabamba abaningi babantu bakaNkulunkulu ezikhathini zasendulo nanamuhla. Nokho, akufanele silithathe kancane elinye iqhinga likaSathane—umzamo wakhe wokwenza abantu bakholelwe ukuthi uJehova uNkulunkulu akabathandi.

17 UDeveli usizakala ngemizwa enjalo lapho ezama ngobuciko ukwenza abantu bafulathele uNkulunkulu. Khumbula amazwi uBhilidadi awasho kuJobe: “Umuntu ofayo angaba kanjani ongenaphutha phambi kukaNkulunkulu, noma kungenzeka kanjani ukuba ozalwa ngowesifazane abe ngohlanzekile? Bheka! Kukhona ngisho nenyanga, kodwa ayikhanyi kakhulu; ngisho nezinkanyezi azizange zibe ezihlanzekile emehlweni akhe. Kangakanani-ke umuntu ofayo, oyimpethu, nendodana yomuntu, eyisibungu!” (Jobe 25:4-6; Johane 8:44) Uyabona yini ukuthi kumelwe ukuba lawo mazwi amqeda amandla kangakanani uJobe? Ngakho ungamvumeli uSathane akuqede amandla. Ngakolunye uhlangothi, waqaphele amasu kaSathane ukuze ube nesibindi namandla okukulwela nakakhulu ukwenza okulungile. (2 Korinte 2:11) Ngokuqondene noJobe, nakuba kwadingeka ukuba alungise umbono wakhe, uJehova wamvuza ngokukhuthazela kwakhe ngokumbuyisela ngokuphindwe kabili konke okwakumlahlekele.—Jobe 42:10.

UJehova “Mkhulu Kunezinhliziyo Zethu”

18, 19. Kukanjani uNkulunkulu ‘emkhulu kunezinhliziyo zethu,’ futhi “wazi zonke izinto” ngayiphi indlela?

18 Kuyavunywa ukuthi kungaba umzukuzuku ukuqeda imizwa yokudangala uma isigxilile. Noma kunjalo, umoya kaJehova ungakusiza ukuba uqhubeke uzigumbuqela ‘izinto ezimbelwe ngokuqinile eziphakanyiswe zamelana nolwazi ngoNkulunkulu.’ (2 Korinte 10:4, 5) Lapho uzwa sengathi imicabango engakhi isifuna ukukugabha, zindla ngamazwi omphostoli uJohane: “Ngalokhu siyokwazi ukuthi sivela eqinisweni, futhi siyoqinisekisa izinhliziyo zethu phambi kwakhe ngokuqondene nanoma yini inhliziyo yethu engase isilahle kuyo, ngoba uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.”—1 Johane 3:19, 20.

19 Asho ukuthini amazwi athi, “uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu”? Ngezinye izikhathi, inhliziyo yethu ingase isilahle, ikakhulukazi lapho sibhekene namaqiniso abuhlungu okungapheleli nokushiyeka kwethu. Noma kungenzeka ukuthi ngenxa yesizinda sethu, sinokuthambekela okungafanele kokucabanga kabi ngathi ngokwethu, ngokungathi akukho lutho thina esingalwenza olungamukeleka kuJehova. Amazwi omphostoli uJohane asiqinisekisa ukuthi uJehova mkhulu kunalokho! Ubona ngale kwamaphutha ethu futhi abone lokho esinamandla okukwenza ngempela. Wazi nezisusa nezinhloso zethu. UDavide wabhala: “Yena uyakwazi ukwakheka kwethu, ekhumbula ukuthi siluthuli.” (IHubo 103:14) Yebo, uJehova usazi kangcono ngaphezu kokuba sizazi thina!

“Umqhele Omuhle” “Nomshuqulo Wobukhosi”

20. Isiprofetho sika-Isaya sokubuyiselwa sembulani ngendlela uJehova abheka ngayo izinceku zakhe?

20 Ngomprofethi u-Isaya, uJehova wanikeza abantu bakhe basendulo ithemba lokubuyiselwa. Njengoba babeyodingiselwa eBhabhiloni, le nduduzo nesiqinisekiso kwakuyilokho kanye laba bantu ababejabhile ababeyokudinga! Lapho ebheka phambili esikhathini abantu bakhe ababeyobuyiselwa ngaso ezweni lakubo, uJehova wathi: “Uyoba ngumqhele omuhle esandleni sikaJehova, nomshuqulo wobukhosi entendeni yesandla sikaNkulunkulu wakho.” (Isaya 62:3) Ngala mazwi, uJehova wabembathisa isithunzi nobuhle abantu bakhe. Wenze okufanayo nangesizwe sakhe esingu-Israyeli ongokomoya namuhla. Kunjengokungathi usiphakamisele phezulu ukuze ubuhle baso bubonwe abantu bonke.

21. Ungaba kanjani nesiqiniseko sokuthi uJehova uyokuvuza ukukhuthazela kwakho ngokwethembeka?

21 Nakuba lesi siprofetho ngokuyinhloko sigcwaliseka okokuqala kwabagcotshiwe, sibonisa isithunzi uJehova asinikeza bonke abamkhonzayo. Ngakho, lapho ukhungethwe imizwa yokungabaza, khumbula ukuthi nakuba ungaphelele, ungaba yigugu ‘njengomqhele omuhle nanjengomshuqulo wobukhosi’ kuJehova. Ngakho, qhubeka ujabulisa inhliziyo yakhe ngokufuna ukwenza intando yakhe ngobuqotho. (IzAga 27:11) Uma wenza kanjalo ungaqiniseka ukuthi uJehova uyokuvuza ukukhuthazela kwakho ngokwethembeka!

[Umbhalo waphansi]

^ par. 1 Amanye amagama ashintshiwe.

Usakhumbula?

• Kukanjani ‘siyimpahla ekhethekile’ kuJehova?

• Kungani kubalulekile ukubheka uJehova njengoMvuzi?

• Yimaphi amaqhinga kaSathane okumelwe siwaqaphele?

• UNkulunkulu “mkhulu kunezinhliziyo zethu” ngayiphi indlela?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 26]

UPawulu

[Isithombe ekhasini 26]

U-Eliya

[Isithombe ekhasini 26]

UHana

[Isithombe ekhasini 28]

IZwi likaNkulunkulu liqukethe amazwi amaningi aduduzayo