Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Uzibalile “Zona Kanye Izinwele Zekhanda Lenu”

UJehova Uzibalile “Zona Kanye Izinwele Zekhanda Lenu”

UJehova Uzibalile “Zona Kanye Izinwele Zekhanda Lenu”

“Ngeke kuwele phansi namunye [undlunkulu] uYihlo angazi. Kodwa zona kanye izinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke.”—MATHEWU 10:29, 30.

1, 2. (a) Kungani uJobe aba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu wayemlahlile? (b) Ingabe amazwi kaJobe ayesho ukuthi wayesefulathele uJehova? Chaza.

 “O NKULUNKULU, ngiyakubiza, kodwa awulokothi uphendule; nalapho ngithandaza, awunaki. Ungiphatha ngesihluku; ungishushisa ngamandla akho onke.” Lawo mazwi akhulunywa umuntu owayesezinsizini ezinzima, futhi kwakufanele! Wayelahlekelwe yikho konke ayeziphilisa ngakho, inhlekelele eyisigubhukane yayibulele izingane zakhe, manje wayesephethwe isifo esasimwohloza. Lo muntu igama lakhe uJobe, futhi okuhlangenwe nakho kwakhe okubuhlungu kulotshwe eBhayibhelini ukuze kusizuzise.—Jobe 30:20, 21, Today’s English Version.

2 Amazwi kaJobe angenza kubonakale sengathi wayesefulathele uNkulunkulu, kodwa akunjalo. UJobe wayemane ekhuluma okusekujuleni kwenhliziyo yakhe ecindezelekile. (Jobe 6:2, 3) Wayengazi ukuthi nguSathane owayebangela izinhlupheko zakhe, ngakho wafika esiphethweni esiyiphutha sokuthi uNkulunkulu wayemshiyile. Ngesinye isikhathi, uJobe waze wathi kuJehova: “Ubufihlelani ubuso bakho futhi ungibheke njengesitha sakho?” *Jobe 13:24.

3. Lapho sehlelwa ubunzima, yimiphi imicabango engase isifikele?

3 Namuhla, abantu bakaJehova abaningi babhekana nobunzima obungapheli ngenxa yezimpi, izinxushunxushu zombangazwe noma zomphakathi, izinhlekelele zemvelo, ukuguga, ukugula, ububha, nokuvinjelwa ohulumeni. Cishe nawe ubhekene nezinhlupheko zohlobo oluthile. Ngezinye izikhathi ungase ucabange ukuthi uJehova ukufihlela ubuso bakhe. Uwazi kahle amazwi akuJohane 3:16: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa.” Noma kunjalo, lapho uhlupheka futhi kungabonakali khambi, ungase uzibuze: ‘Ingabe mina uNkulunkulu uyangithanda ngempela? Uyabona yini ukuthi ngibhekene nani? Uyangikhathalela yini?’

4. Isiphi isimo esasiqhubeka uPawulu okwadingeka ukuba asikhuthazelele, futhi isimo esinjalo singasithinta ngaziphi izindlela thina?

4 Cabanga ngalokho okwenzeka kumphostoli uPawulu. Wabhala: “Nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba liqhubeke lingishaya.” Wabe esenezela: “Ngayincenga kathathu iNkosi ukuba lisuke kimi.” UJehova wakuzwa ukuncenga kwakhe. Noma kunjalo, wambonisa ukuthi wayengayikungenela amnikeze ikhambi eliyisimangaliso. Kunalokho, uPawulu kwakuyodingeka ancike emandleni kaNkulunkulu ukuba amsize abekezelele “iva enyameni” yakhe. * (2 Korinte 12:7-9) NjengoPawulu, kungenzeka ubhekene nobunzima obuthile obungapheli. Mhlawumbe uyazibuza, ‘Ingabe iqiniso lokuthi uJehova ubonakala engakenzi lutho ngokuhlupheka kwami lisho ukuthi akasiboni isimo sami noma ukuthi akanandaba nami?’ Impendulo ingucha ocacile! Ukuthi uJehova uyikhathalela ngokujulile inceku yakhe ngayinye kugcizelelwa yilokho uJesu akutshela abaphostoli bakhe ngemva nje kokubakhetha. Ake sibone ukuthi amazwi akhe angasikhuthaza kanjani thina namuhla.

“Ningesabi”—Ngani?

5, 6. (a) UJesu wabasiza kanjani abaphostoli ukuba bangakwesabi ababeyobhekana nakho esikhathini esizayo? (b) UPawulu wabonisa kanjani ukuthi wayeqiniseka ngokuthi uJehova uyamkhathalela?

5 Abaphostoli bathola amandla angavamile kuJesu, kuhlanganise ‘negunya phezu kwemimoya engcolile, ukuze bayixoshe futhi belaphe yonke inhlobo yesifo nayo yonke inhlobo yobuthakathaka.’ Kodwa lokhu akuzange kusho ukuthi ukuphila kwabo kwakungeke kube nezinhlupheko nobunzima. Ngokuphambene, uJesu wachaza ngokuningiliziwe ezinye zezinto ezaziyobehlela. Nokho, wabakhuthaza: “Ningabesabi labo ababulala umzimba kodwa bengenakuwubulala umphefumulo; kodwa kunalokho yesabani lowo ongabhubhisa kokubili umphefumulo nomzimba eGehena.”—Mathewu 10:1, 16-22, 28.

6 Ukuze asize abaphostoli bakhe baqonde ukuthi kungani kwakungamelwe besabe, uJesu waqhubeka wanikeza imifanekiso emibili. Wathi kubo: “Ondlunkulu ababili abathengiswa yini ngohlamvu lwemali lwenani elincane? Nokho ngeke kuwele phansi namunye wabo uYihlo angazi. Kodwa zona kanye izinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Ngakho-ke ningesabi: Nina nibaluleke ukudlula ondlunkulu abaningi.” (Mathewu 10:29-31) Phawula ukuthi uJesu wahlanganisa ukungesabi lapho sibhekene nobunzima nokuqiniseka ngokuthi uJehova uyasikhathalela njengabantu ngabanye. Kubonakala sengathi umphostoli uPawulu wayenalokho kuqiniseka. Wabhala: “Uma uNkulunkulu engakithi, ubani oyomelana nathi? Yena ongazange agodle ngisho neNdodana yakhe siqu kodwa wayinikela ngenxa yethu sonke, kungani engeke futhi asinike kanye nayo ngomusa zonke ezinye izinto?” (Roma 8:31, 32) Kungakhathaliseki ukuthi iziphi izinselele obhekana nazo, ungaqiniseka ukuthi uJehova uyakukhathalela nawe uma nje uhlala uqotho kuye. Lokhu kuzokucacela ngokwengeziwe lapho sihlaziya iseluleko uJesu asinika abaphostoli bakhe.

Inani Likandlunkulu

7, 8. (a) Ondlunkulu babebhekwa kanjani osukwini lukaJesu? (b) Cishe siyini isizathu sokusebenzisa kukaMathewu 10:29 isinciphiso segama lesiGreki elisho “ondlunkulu”?

7 Imifanekiso uJesu ayisho iyichaza kahle indlela uJehova akhathalela ngayo inceku yakhe ngayinye. Cabanga kuqala ngendaba yondlunkulu. Osukwini lukaJesu, ondlunkulu babedliwa, kodwa ngenxa yokuthi babewusongo ezivunweni, babebhekwa ikakhulukazi njengohlupho. Ondlunkulu babebaningi futhi beshibhile kangangokuthi wawungathenga ababili ngemali engaphansi kwamasenti angu-30 anamuhla. Uma leyo mali iphindwe kabili yayingathenga ondlunkulu abahlanu, hhayi abane—owesihlanu eyibhansela, kunjengokungathi wawungabalulekile neze!—Luka 12:6.

8 Cabanga futhi ngokuthi ingakanani le nyoni evamile. Uma uqhathaniswa nezinye izinyoni eziningi, undlunkulu mncane impela ngisho noma usukhule ngokugcwele. Nokho, igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ondlunkulu” kuMathewu 10:29 empeleni lisho ondlunkulu abancane. Ngokusobala uJesu wayefuna abaphostoli bakhe bacabange ngenyoni eyayingabalulekile neze. Njengoba incwadi ethile okubhekiselwa kuyo isho, “uJesu ugagula inyoni encane kakhulu aze asebenzise nesinciphiso sayo!”

9. Iliphi iphuzu elinamandla elivezwa umfanekiso kaJesu wondlunkulu?

9 Umfanekiso kaJesu wondlunkulu uveza iphuzu elinamandla: Lokho okubonakala kungelutho kubantu kubalulekile kuJehova uNkulunkulu. UJesu wabuye wagcizelela leli qiniso ngokunezela ukuthi kwawona lowo ndlunkulu omncane wawungeke ‘uwele phansi’ uJehova engaboni. * Sisobala isifundo esikulo mfanekiso. Uma uJehova uNkulunkulu enaka ngisho nenyoni encane kunazo zonke futhi engabalulekile neze, uyokhathazeka kakhulu kangakanani ngokuhlupheka komuntu okhethe ukumkhonza!

10. Isho ukuthini inkulumo ethi: “Zona kanye izinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke”?

10 Enezela emfanekisweni wakhe ophathelene nondlunkulu, uJesu wathi: “Zona kanye izinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke.” (Mathewu 10:30) Le nkulumo emfushane kodwa enohlonze icacisa iphuzu lomfanekiso kaJesu ngondlunkulu. Ake ucabange: Izinwele zekhanda elivamile lomuntu cishe zingu-100 000. Ngokuvamile, unwele ngalunye lubonakala lufana nsé nolunye, futhi alukho olubonakala lufanelekela ukunakisiswa. Nokho, uJehova uNkulunkulu ubona unwele ngalunye futhi alubale. Njengoba lokhu kunjalo, ukhona yini umniningwane wokuphila kwethu uJehova angeke awazi? Ngokuqinisekile uJehova uqonda indlela inceku yakhe ngayinye eyakheke ngayo. Ngempela, “ubona lokho inhliziyo eyikho.”—1 Samuweli 16:7.

11. UDavide wakuzwakalisa kanjani ukuqiniseka kwakhe ngokuthi uJehova uyamkhathalela yena luqobo?

11 UDavide owayedlule ebunzimeni obuningi, wayeqiniseka ukuthi uJehova uyamqaphela. Wabhala: “O Jehova, ungihlolisisile, futhi uyangazi. Wena ngokwakho usuyakwazi ukuhlala kwami phansi nokusukuma kwami. Ucabangelé umcabango wami ukude.” (IHubo 139:1, 2) Nawe ungaqiniseka ngokuthi uJehova uyakwazi. (Jeremiya 17:10) Ungasheshi ucabange ukuthi awulutho ukuba ubonwe amehlo kaJehova abona yonke indawo!

“Faka Izinyembezi Zami Egabheni Lakho Lesikhumba”

12. Sazi kanjani ukuthi uJehova ububona bonke ubunzima abantu bakhe ababhekene nabo?

12 UJehova akazi nje inceku yakhe ngayinye kodwa wazi nabo bonke ubunzima ebhekene nabo. Ngokwesibonelo, lapho ama-Israyeli ecindezelwe njengezigqila, uJehova wathi kuMose: “Ngokuqinisekile ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yalabo ababacindezela ngomsebenzi; ngoba ngibazi kahle ubuhlungu ababuzwayo.” (Eksodusi 3:7) Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi lapho sikhuthazelela uvivinyo oluthile, uJehova uyakubona okwenzekayo futhi uyakuzwa nokukhala kwethu! Ngokuqinisekile akakushalazeli ukuhlupheka kwethu.

13. Yini ebonisa ukuthi uJehova uyazwelana ngempela nezinceku zakhe?

13 Ukuthi uJehova uyabanakekela labo abanobuhlobo naye kubonakala futhi emizweni ayenayo ngama-Israyeli. Yize ngokuvamile ukuhlupheka kwawo kwakubangelwa inkani yawo, u-Isaya wabhala ngokuqondene noJehova: “Phakathi nakho konke ukucindezeleka kwabo wayecindezelekile naye.” (Isaya 63:9) Njengenceku kaJehova ethembekile, ungaqiniseka-ke ukuthi lapho uzwa ubuhlungu, noJehova uyabuzwa. Ingabe lokhu akukushukumiseli ukuba ubhekane nobunzima ngesibindi futhi uqhubeke wenza konke okusemandleni akho ukuba umkhonze?—1 Petru 5:6, 7.

14. IHubo 56 laqanjwa ngaphansi kwaziphi izimo?

14 Ukuqiniseka kweNkosi uDavide ukuthi uJehova uyayikhathalela futhi uyazwelana nayo kuvezwa iHubo 56, uDavide aliqamba ngesikhathi ebalekela inkosi engumbulali uSawule. UDavide wabalekela eGati, kodwa lapho amaFilisti embona ukuthi ungubani wesaba ukuthi hleze athunjwe. Wabhala: “Izitha zami bezilokhu zinginqakula usuku lonke. Ngoba baningi abalwa nami ngokuqhosha.” Ngenxa yobucayi besimo sakhe, uDavide waphendukela kuJehova. Wathi: “Usuku lonke balokhu bekhinyabeza izindaba zami; yonke imicabango yabo ingeyokungenza okubi.”—IHubo 56:2, 5.

15. (a) UDavide wayesho ukuthini lapho ecela uJehova ukuba afake izinyembezi zakhe egabheni lesikhumba noma encwadini? (b) Lapho sikhuthazelela isimo esivivinya ukholo lwethu, yini esingaqiniseka ngayo?

15 Khona-ke, njengoba kulotshwe kumaHubo 56:8, uDavide ube esesho la mazwi athakazelisayo: “Wena ngokwakho ukulobe phansi ukuba kwami umbaleki. Faka izinyembezi zami egabheni lakho lesikhumba. Azikho yini encwadini yakho?” Yeka incazelo ethinta inhliziyo yokunakekela kukaJehova ngesisa! Lapho sicindezelekile, singase simkhalele izinyembezi uJehova. Ngisho nomuntu owayephelele uJesu wakhala izinyembezi. (Hebheru 5:7) UDavide wayeqiniseka ukuthi uJehova wayembona nokuthi wayeyolukhumbula usizi lwakhe, ngokungathi wayelondoloza izinyembezi zakhe egabheni lesikhumba noma eziloba encwadini. * Mhlawumbe unomuzwa wokuthi izinyembezi zakho zingacishe zigcwale lelo gabha noma ukuthi zingagcwala amakhasi amaningi aleyo ncwadi. Uma kunjalo, duduzeka. IBhayibheli liyasiqinisekisa: “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.”—IHubo 34:18.

Yiba Umngane KaNkulunkulu Osondelene Naye

16, 17. (a) Sazi kanjani ukuthi uJehova akazishalazeli izinkinga abantu bakhe ababhekana nazo? (b) Yini uJehova ayenzile ukuze abantu bakwazi ukusondelana naye?

16 Iqiniso lokuthi uJehova uzibalile ‘zona kanye izinwele zamakhanda ethu’ lisinikeza umqondo othile ngokuthi uNkulunkulu esinelungelo lokumkhulekela uqaphela futhi akhathalele kangakanani. Nakuba kudingeka silinde kuze kufike izwe elisha elithenjisiwe ukuze kuphele bonke ubuhlungu nokuhlupheka, uJehova kwamanje ubenzela into emangalisayo abantu bakhe. UDavide waloba: “Ukusondelana noJehova kungokwabamesabayo, nesivumelwano sakhe, ukuba abenze basazi.”—IHubo 25:14.

17 “Ukusondelana noJehova.” Phela, kubonakala kuyinto ekude ukucabanga ukuthi abantu abangaphelele bangakwazi ukusondelana naye! Nokho, uJehova umema labo abamesabayo ukuba babe izimenywa etendeni lakhe. (IHubo 15:1-5) UJehova uzenzelani izimenywa zakhe? Wenza ukuba zazi isivumelwano sakhe, njengokusho kukaDavide. UJehova uzithululela isifuba sakhe, embule “imfihlo” yakhe kubaprofethi, ukuze zazi ukuthi ziyini izinjongo zakhe nokuthi yini okumelwe ziyenze ukuze ziphile ngokuvumelana nazo.—Amose 3:7.

18. Sazi kanjani ukuthi uJehova ufuna sibe nobuhlobo obuseduze naye?

18 Ngempela, kuyakhuthaza ukwazi ukuthi thina bantu abangaphelele singaba abangane abasondelene noPhezukonke, uJehova uNkulunkulu. Empeleni, usikhuthaza ukuba sisondelane naye. IBhayibheli lithi: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) UJehova ufuna sibe nobuhlobo obuseduze naye. Empeleni, usezithathile kakade izinyathelo zokwenza ukuba ubuhlobo obunjalo bube khona. Umhlatshelo wesihlengo kaJesu uye wasivulela indlela yokuba sakhe ubungane noNkulunkulu uMninimandla onke. IBhayibheli lithi: “Kepha thina, sinothando, ngoba yena wasithanda kuqala.”—1 Johane 4:19.

19. Ukukhuthazela kungabuqinisa kanjani ubuhlobo bethu noJehova?

19 Lobo buhlobo obuseduze buyaqina lapho sikhuthazela ngaphansi kwezimo ezinzima. Umfundi uJakobe wabhala: “Vumelani ukukhuthazela kuphelelise umsebenzi wako, ukuze nibe abaphelele nabaphilile ezicini zonke, abangantuli lutho.” (Jakobe 1:4) Yimuphi “umsebenzi” ofezwa ukukhuthazelela ubunzima? Khumbula “iva enyameni” kaPawulu. Ukukhuthazela kwafezani endabeni yakhe? UPawulu wathi ngezinhlupheko zakhe: “Ngakho-ke, ngokuthokoza okukhulu ngingamane ngiziqhayise ngokuqondene nobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami njengetende. Ngakho-ke ngiyajabula ngobuthakathaka, ngokwethukwa, ngokuswela, ngokushushiswa nangobunzima, ngenxa kaKristu. Ngoba lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.” (2 Korinte 12:9, 10) UPawulu wafunda ukuthi uJehova wayeyomnika amandla awadingayo—amnike “amandla angaphezu kwavamile” uma kudingeka—ukuze akhuthazele. Ukwazi lokho, kwamsondeza kuKristu nakuJehova uNkulunkulu.—2 Korinte 4:7; Filipi 4:11-13.

20. Yini esenza siqiniseke ukuthi uJehova uyosisekela futhi asiduduze lapho sibhekene nobunzima?

20 Mhlawumbe uJehova uye wazivumela izinhlupheko zakho ukuba ziqhubeke. Uma kunjalo, khumbula isithembiso asenze kulabo abamesabayo: “Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.” (Hebheru 13:5) Ungakuthola lokho kusekelwa nenduduzo. UJehova ubale ‘zona kanye izinwele zekhanda lakho.’ Ubona ukukhuthazela kwakho. Uyabuzwa ubuhlungu bakho. Ukukhathalela ngobuqotho. Akasoze ‘akhohlwe umsebenzi wakho nothando owalubonisa kulo igama lakhe.’—Hebheru 6:10.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 2 UDavide olungileyo namadodana kaKhora athembekile bake bawasho amazwi athi awafane nalawa.—IHubo 10:1; 44:24.

^ par. 4 IBhayibheli alisho ukuthi laliyini ngempela “iva enyameni” kaPawulu. Kungenzeka kwakuwukugula okuthile emzimbeni, njengenkinga yamehlo. Noma kungenzeka inkulumo ethi “iva enyameni” yayibhekisela kubaphostoli bamanga nabanye ababebubekela inselele ubuphostoli nenkonzo yakhe.—2 Korinte 11:6, 13-15; Galathiya 4:15; 6:11.

^ par. 9 Ezinye izazi zisikisela ukuthi ukuwela kukandlunkulu phansi kungase kubhekisele kokunye ngaphandle nje kokufa kwawo. Bathi ibinzana lolimi lokuqala lingase libhekisele ekuhlaleni phansi kwale nyoni ifuna ukudla. Uma kunjalo, lokhu kungasho ukuthi uNkulunkulu le nyoni akayiboni nje kuphela lapho ifa kodwa uyibona futhi ayinakekele nasemisebenzini yayo yansuku zonke.—Mathewu 6:26.

^ par. 15 Ezikhathini zasendulo, amagabha esikhumba ayenziwa ngezikhumba ezishukiwe zezimvu, izimbuzi, nezinkomo. La magabha ayesetshenziselwa ukugcina ubisi, ibhotela, ushizi noma amanzi. Izikhumba zokugcina amafutha noma iwayini zazishukwa kakhulu kunalezi.

Usakhumbula?

• Iziphi izinto ezingabangela umuntu ukuba abe nomuzwa wokuthi uNkulunkulu umshiyile?

• Isiphi isifundo esisithola emfanekisweni kaJesu wondlunkulu nowokubalwa kwezinwele zekhanda lethu?

• Kusho ukuthini ukufakwa kwezinyembezi zomuntu ‘egabheni lesikhumba’ likaJehova noma “encwadini” yakhe?

• Singakwazi kanjani “ukusondelana noJehova”?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 22]

Kungani uJehova engazange asuse “iva enyameni” kaPawulu?

[Isithombe ekhasini 23]

Singafundani emfanekisweni kaJesu wondlunkulu?

[Umthombo]

© J. Heidecker/VIREO

[Isithombe ekhasini 25]

Ngokufunda iBhayibheli njalo, singathola isiqiniseko sokuthi uNkulunkulu usikhathalela ngabanye