Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amaphuzu Avelele Encwadi YeziKronike Zokuqala

Amaphuzu Avelele Encwadi YeziKronike Zokuqala

IZwi LikaJehova Liyaphila

Amaphuzu Avelele Encwadi YeziKronike Zokuqala

SEKUPHELE iminyaka engaba ngu-77 amaJuda abuyela ezweni lawo evela ekudingisweni eBhabhiloni. Ithempeli elakhiwe kabusha uMbusi uZerubhabhele selineminyaka engu-55 likhona. Isizathu esiyinhloko sokubuyela kwamaJuda eJerusalema sasiwukuba abuyisele ukukhulekela kweqiniso. Nokho, abantu abakushisekeli ukukhulekelwa kukaJehova. Badinga isikhuthazo esiphuthumayo, futhi incwadi yeBhayibheli yeziKronike Zokuqala inikeza lokho kanye.

Ngaphandle kwemibhalo yezinhlu zozalo, incwadi yeziKronike Zokuqala ikhuluma ngezenzakalo ezenzeka phakathi neminyaka engaba ngu-40, kusukela ekufeni kweNkosi uSawule kuya ekufeni kweNkosi uDavide. Kuthiwa ngu-Ezra umpristi owabhala le ncwadi ngo-460 B.C.E. IziKronike Zokuqala ziyasithakazelisa ngoba zisenza siqonde ukukhulekela okwakwenziwa ethempelini nemininingwane ephathelene nohlu lozalo lukaMesiya. Njengoba le ncwadi iyingxenye yeZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, isigijimi sayo siqinisa ukholo lwethu futhi sithuthukisa ukuqonda kwethu iBhayibheli.—Hebheru 4:12.

UMBHALO OBALULEKILE WAMAGAMA ABANTU

(1 IziKronike 1:1–9:44)

Uhlu lozalo oluningiliziwe oluhlanganiswa u-Ezra lubalulekile okungenani ngezizathu ezintathu: ukuqinisekisa ukuthi ngamadoda agunyaziwe kuphela aba abapristi, ukusiza ekwabeni amafa ezizwe nokulondoloza umbhalo wohlu lozalo oluholela kuMesiya. Izinhlu zozalo zisiza amaJuda ukuba azi okhokho bawo kuze kuyofika emuva kumuntu wokuqala. Kunezizukulwane eziyishumi kusukela ku-Adamu kuya kuNowa, futhi kunezinye eziyishumi ukuya ku-Abrahama. Ngemva kohlu lwamadodana ka-Ishmayeli, amadodana esancinza sika-Abrahama uKetura namadodana ka-Esawu, ukulandisa kugxila ohlwini lwezizukulwane zamadodana ka-Israyeli angu-12.—1 IziKronike 2:1.

Izizukulwane zikaJuda kukhulunywa ngazo ngokuningiliziwe ngoba ziwuhlu lozalo lobukhosi lweNkosi uDavide. Kunezizukulwane ezingu-14 kusukela ku-Abrahama kuya kuDavide, futhi kunezinye ezingu-14 ukuya esikhathini sokudingiselwa eBhabhiloni. (1 IziKronike 1:27, 34; 2:1-15; 3:1-17; Mathewu 1:17) U-Ezra ube esebhala uhlu lwezizukulwane zezizwe zakwa-Israyeli ezisempumalanga yeJordani, bese lulandelwa uhlu lozalo lwamadodana kaLevi. (1 IziKronike 5:1-24; 6:1) Kube sekulandela uhlu lozalo olufushanisiwe lwezinye zezizwe ezisentshonalanga yoMfula iJordani nohlu oluningiliziwe lozalo lukaBhenjamini. (1 IziKronike 8:1) Kubhalwe nohlu lwamagama ezakhamuzi zokuqala ezahlala eJerusalema ezabuya ekuthunjweni eBhabhiloni.—1 IziKronike 9:1-16.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

1:18—Kwakungubani uyise kaShela—uKayinani noma u-Arpakishade? (Luka 3:35, 36) Ngu-Arpakishade owayenguyise kaShela. (Genesise 10:24; 11:12) Kungenzeka ukuthi igama elithi “Kayinani” elikuLuka 3:36 lakheka ngokubizwa kabi kwelithi “amaKhaledi.” Uma lokhu kuyiqiniso, umbhalo wokuqala kungenzeka wawufundeka kanje, “indodana ka-Arpakishade umKhaledi.” Noma kungenzeka ukuthi amagama athi Kayinani nelithi Arpakishade angamagama omuntu oyedwa. Phawula ukuthi inkulumo ethi “indodana kaKayinani” ayitholakali kweminye imibhalo yesandla.—Luka 3:36, umbhalo waphansi we-Reference Bible.

2:15—Ingabe uDavide wayeyindodana kaJese yesi-7? Cha. UJese wayenamadodana angu-8, futhi uDavide wayenguthunjana. (1 Samuweli 16:10, 11; 17:12) Kusobala ukuthi enye yamadodana kaJese yafa ingenabantwana. Ngenxa yokuthi yayingeke iluthinte uhlu lozalo, u-Ezra waleqa igama layo.

3:17—Kungani uLuka 3:27 ethi uSheyalitiyeli uyindodana kaNerayi kanti empeleni uyindodana kaJekoniya? UJekoniya wayenguyise kaSheyalitiyeli. Nokho, kubonakala sengathi uNerayi waganisela uSheyalitiyeli indodakazi yakhe. ULuka wabhekisela kumkhwenyana kaNerayi njengendodana yakhe njengoba nje enza nasendabeni kaJosefa, embiza ngokuthi indodana kaHeli, uyise kaMariya.—Luka 3:23.

3:17-19—Babehlobene kanjani uZerubhabhele, uPhedaya noSheyalitiyeli? UZerubhabhele wayeyindodana kaPhedaya, umfowabo kaSheyalitiyeli. Nokho, ngezinye izikhathi iBhayibheli libiza uZerubhabhele ngendodana kaSheyalitiyeli. (Mathewu 1:12; Luka 3:27) Mhlawumbe lokhu kungenxa yokuthi uPhedaya wafa futhi uSheyalitiyeli wakhulisa uZerubhabhele. Noma kungenzeka ukuthi uSheyalitiyeli wafa engenamntwana, ngakho uPhedaya wangena umkaSheyalitiyeli, futhi uZerubhabhele waba izibulo kulowo mshado.—Duteronomi 25:5-10.

5:1, 2—Kwakusho ukuthini kuJosefa ukuthola ilungelo lokuba izibulo? Kwakusho ukuthi uJosefa wayezothola izingxenye ezimbili zefa. (Duteronomi 21:17) Ngakho, waba nguyise wezizwe ezimbili—esakwa-Efrayimi nesakwaManase. Amanye amadodana ka-Israyeli ayengoyise besizwe esisodwa vó.

Izifundo Esizitholayo:

1:1–9:44. Izinhlu zozalo lwabantu bangempela zifakazela ukuthi lonke ilungiselelo lokukhulekela kweqiniso lisekelwe eqinisweni, hhayi enganekwaneni.

4:9, 10. UJehova wawuphendula umthandazo osuka enhliziyweni kaJabezi wokwandisa indawo yakhe ngokuthula ukuze ikwazi ukuhlalisa abantu abengeziwe abesaba uNkulunkulu. Nathi kudingeka sikuthandazele ngokusuka ezinhliziyweni ukwanda njengoba sihlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokwenza abafundi.

5:10, 18-22. Ngezinsuku zeNkosi uSawule, izizwe ezisempumalanga yeJordani zanqoba amaHagiri ngisho noma inani lamaHagiri laliphindwe kabili kunelalezi zizwe. Lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi amaqhawe alezi zizwe ayethembele kuJehova futhi acela usizo lwakhe. Masithembele kuJehova ngokuphelele njengoba siqhubeka nempi yethu engokomoya silwa nezitha ezinamandla kunathi.—Efesu 6:10-17.

9:26, 27. Abalindisango abangamaLevi babenesikhundla esifuna ukwethembeka okukhulu. Babephathiswe isihluthulelo somnyango wezindawo ezingcwele zethempeli. Usuku ngalunye babevula amasango ngokwethembeka. Nathi sinikezwe umthwalo wemfanelo wokufinyelela abantu ensimini yethu futhi sibasize bazokhulekela uJehova. Akufanele yini sizibonakalise sithembekile futhi sinokwethenjelwa njengoba nje kwenza abalindisango abangamaLevi?

UDAVIDE UBUSA NJENGENKOSI

(1 IziKronike 10:1–29:30)

Ukulandisa kuqala ngendaba yokufa kweNkosi uSawule namadodana akhe amathathu lapho kulwiwa namaFilisti eNtabeni iGilibowa. UDavide, indodana kaJese, ubekwa ukuba abuse isizwe sakwaJuda. Amadoda avela kuzo zonke izizwe eza eHebroni futhi ambeka ukuba abuse wonke u-Israyeli. (1 IziKronike 11:1-3) Ngokushesha ngemva kwalokho, unqoba iJerusalema. Kamuva, ama-Israyeli aletha umphongolo wesivumelwano eJerusalema “ngokuhlokoma kwenjabulo nangokushaywa kophondo . . . ebetha ngokuzwakalayo ngezinsimbi zomculo ezinezintambo nangamahabhu.”—1 IziKronike 15:28.

UDavide uveza isifiso sakhe sokwakhela uNkulunkulu weqiniso indlu. UJehova uligodlela uSolomoni lelo lungelo, kodwa wenza isivumelwano soMbuso noDavide. Njengoba uDavide eqhubeka nomkhankaso wakhe wokulwa nezitha zika-Israyeli, uJehova umenza anqobe izizwe eziningi. Ukubalwa kwabantu okungagunyaziwe kubangela ukufa kwabantu abangu-70 000. Ngemva kokuthola isiqondiso sengelosi sokuba akhele uJehova i-altare, uDavide uthenga indawo ku-Orinani umJebusi. UDavide uqala ‘ukulungiselela izinto eziningi kakhulu’ ukuze kuleyo ndawo kwakhiwe indlu kaJehova ‘enhle ngokwedlulele.’ (1 IziKronike 22:5) UDavide uhlela izinkonzo zamaLevi, ezichazwe encwadini yeziKronike Zokuqala ngokuningilizwe ngaphezu kwanoma iyiphi enye eBhayibhelini. Inkosi nabantu balinikelela kakhulu ithempeli. Ngemva kokubusa iminyaka engu-40, uDavide uyafa ‘anelisekile yizinsuku, ingcebo nenkazimulo; uSolomoni indodana yakhe uqala ukubusa esikhundleni sakhe.’—1 IziKronike 29:28.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

11:11—Kungani kuthiwa kwabulawa abantu abangu-300 hhayi abangu-800 njengoba ukulandisa okufanayo okukweyesi-2 Samuweli 23:8 kubonisa? Inhloko yamaqhawe amathathu kaDavide kwakunguJashobeyamu noma uJoshebi-bashebeti. Amanye amaqhawe amabili kwakungu-Eleyazare noShamumaha. (2 Samuweli 23:8-11) Isizathu sokuba kube nomehluko kulokhu kulandisa okubili kungenzeka siwukuthi kubhekisela ezenzweni ezihlukene ezenziwa umuntu oyedwa.

11:20, 21—Sasiyini isikhundla sika-Abhishayi uma eqhathaniswa namadoda kaDavide amathathu anamandla? U-Abhishayi wayengeyona enye yala madoda amathathu anamandla ayekhonza uDavide. Nokho, njengoba kuboniswe kweyesi-2 Samuweli 23:18, 19, wayeyinhloko yamaqhawe angu-30 futhi wayevelele kunawo. Idumela lika-Abhishayi lalithi alifane nelamadoda anamandla amathathu avelele ngoba wenza isenzo sobuqhawe esifana nesenziwa uJashobheyamu.

12:8—Ubuso bamaqhawe akwaGadi babufana kanjani ‘nobuso bezingonyama’? La maqhawe ayesohlangothini lukaDavide ehlane. Izinwele zawo zase zikhulile zaba zinde. Njengoba izinwele zawo zase zikhule zafana nomhlwenga, zaziwenza abonakale njengezingonyama ezinolaka.

13:5—Uyini ‘umfula waseGibhithe’? Abanye baye bacabanga ukuthi le nkulumo ibhekisela embaxeni yoMfula iNayile. Nokho, abaningi bayiqonda ngokuthi ibhekisele “esigodini sesifufula saseGibhithe”—isihosha eside esiwumngcele oseningizimu-ntshonalanga yeZwe Lesithembiso.—Numeri 34:2, 5; Genesise 15:18.

16:30—Kusho ukuthini ukuba “sezinhlungwini ezinzima” ngenxa kaJehova? Igama elithi ‘izinhlungu’ elisetshenziswe lapha ngokomfanekiso, libhekisela ekwesabeni uJehova nokumhlonipha ngokujulile.

16:1, 37-40; 21:29, 30; 22:19—Iliphi ilungiselelo lokukhulekela elahlala lisebenza kwa-Israyeli kusukela ngesikhathi uMphongolo ulethwa eJerusalema kwaze kwabe yilapho sekwakhiwe ithempeli? Lapho uDavide eletha uMphongolo eJerusalema futhi ewubeka ngaphakathi kwetende ayelenzile, kwase kuphele iminyaka eminingi uMphongolo ungahlali etabernakele. Ngemva kokuba usuyiswe eJerusalema, uMphongolo wahlala kulelo tende. Itabernakele laliseGibheyoni, lapho umPristi Ophakeme uZadoki nabafowabo babenza khona imihlatshelo ngendlela okwakuyalezwe ngayo eMthethweni. Leli lungiselelo laqhubeka kwaze kwaqedwa ithempeli eJerusalema. Lapho ithempeli seliphelile, itabernakele lasuswa eGibheyoni layiswa eJerusalema, futhi uMphongolo wesivumelwano wabekwa eNgcwelengcwele yethempeli.—1 AmaKhosi 8:4, 6.

Izifundo Esizitholayo:

13:11. Kunokuba sithukuthele futhi sisole uJehova lapho imizamo yethu ingaphumeleli, kumelwe sihlolisise isimo, sizame ukubona imbangela yokungaphumeleli. Akungabazeki ukuthi uDavide wenza lokho. Wafunda ephutheni lakhe futhi kamuva waphumelela ukuletha uMphongolo eJerusalema, ngoba wasebenzisa indlela efanele. *

14:10, 13-16; 22:17-19. Kufanele sithandaze njalo kuJehova futhi sicele isiqondiso sakhe ngaphambi kokwenza noma yini ezothinta ingokomoya lethu.

16:23-29. Ukukhulekelwa kukaJehova kufanele kuze kuqala ekuphileni kwethu.

18:3. UJehova uyazigcwalisa izithembiso zakhe. NgoDavide, wagcwalisa isithembiso sakhe sokunika inzalo ka-Abrahama lonke izwe laseKhanani, “kusukela emfuleni waseGibhithe kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula i-Ewufrathe.”—Genesise 15:18; 1 IziKronike 13:5.

21:13-15. UJehova wayala ingelosi ukuba iqede isifo ngoba uyabazwela abantu bakhe abahluphekayo. Ngempela, “sikhulu kakhulu isihe sakhe.” *

22:5, 9; 29:3-5, 14-16. Nakuba engazange ayalwe ukuba akhe ithempeli likaJehova, uDavide wabonisa umoya wokupha. Ngani? Ngoba wayeqaphela ukuthi konke ayenakho kwakungenxa yobuhle bukaJehova. Imizwa efanayo yokwazisa kufanele isishukumisele ukuba sibe nomoya wokupha.

24:7-18. Ilungiselelo lokuhlukaniswa kwabapristi ngezigaba ezingu-24 elamiswa uDavide lalisasebenza nangesikhathi ingelosi kaJehova ibonakala kuZakariya, uyise kaJohane uMbhapathizi, futhi imazisa ukuthi wayezozalelwa uJohane. Njengoba uZakariya ayeyilungu ‘lesigaba sika-Abhiya,’ ngaleso sikhathi kwakuyithuba lakhe lokukhonza ethempelini. (Luka 1:5, 8, 9) Ukukhulekela kweqiniso kwakwenziwa abantu bangempela hhayi basezinganekwaneni. Sithola izibusiso ngokubambisana ngobuqotho ‘nenceku ethembekileyo neqondayo’ maqondana nokukhulekelwa kukaJehova okuhlelekile namuhla.—Mathewu 24:45.

Khonza UJehova “Ngomphefumulo Ojabulayo”

IziKronike Zokuqala azikhulumi nje kuphela ngezinhlu zozalo. Zilandisa nangokuletha kukaDavide umphongolo wesivumelwano eJerusalema, ukunqoba kwakhe okukhulu, ukulungiselela ukwakhiwa kwethempeli, kanye nokumisa izigaba zabapristi abangamaLevi ababezokhonza ethempelini. Ngokuqinisekile, konke lokhu okulandiswa u-Ezra encwadini yeziKronike Zokuqala kumelwe ukuba kwawazuzisa ama-Israyeli, kwawasiza ukuba avuselele intshiseko yawo yokukhulekela uJehova ethempelini.

Yeka isibonelo esihle esabekwa uDavide sokugcina ukukhulekelwa kukaJehova kuyinto eza kuqala ekuphileni kwakhe! Kunokuba azifunele amalungelo akhethekile, uDavide wayefuna ukwenza intando kaNkulunkulu. Sikhuthazwa ukuba sisisebenzise iseluleko sakhe sokukhonza uJehova “ngenhliziyo ephelele nangomphefumulo ojabulayo.”—1 IziKronike 28:9.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 2 Ukuze uthole ezinye izifundo eziphathelene nomzamo kaDavide wokuhambisa uMphongolo eJerusalema, bheka INqabayokulinda ka-May 15, 2005, amakhasi 16-19.

^ par. 6 Ukuze uthole ezinye izifundo ezihlobene nokubala kukaDavide abantu okungagunyaziwe, bheka INqabayokulinda ka-May 15, 2005, amakhasi 16-19.

[Ishadi/Izithombe ekhasini 8-11]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

4026 B.C.E. U-Adamu Izizukulwane ezisuka ku-Adamu

kuya kuNowa (iminyaka engu-1 056)

Iminyaka engu-130

 

USeti

 

105

 

U-Enoshe

 

90

 

UKhenani

 

70

 

UMahalalele

 

65

 

UJarede

 

162

 

U-Enoke

 

65

 

UMethusela

 

187

 

ULameka

 

182

 

2970 B.C.E. UNowa 2970 B.C.E. kuzalwa uNOWA

Izizukulwane ezisuka kuNowa

kuya ku-Abrahama (iminyaka

Iminyaka engu-502 engu-952)

 

UShemi

UZAMCOLO 2370 B.C.E.

100

 

U-Arpakishade

 

35

 

UShela

 

30

 

U-Ebhere

 

34

 

UPhelege

 

30

 

URehu

 

32

 

USerugi

 

30

 

UNahori

 

29

 

UThera

 

130

 

2018 B.C.E. U-Abrahama 2018 B.C.E. kuzalwa u-ABRAHAMA

Kusukela ku-Abrahama kuya

kuDavide: izizukulwane

Iminyaka engu-100 ezingu-14 (iminyaka engu-911)

 

U-Isaka

 

60

 

UJakobe

 

cishe engu-88

 

UJuda

 

 

UPherezi

 

 

UHezironi

 

 

URamu

 

 

U-Aminadaba

 

 

UNaheshoni

 

 

USalima

 

 

UBhowazi

 

 

U-Obede

 

 

UJese

 

 

1107 B.C.E. kuzalwa uDAVIDE