Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bazali—Nizifunela Ikusasa Elinjani Izingane Zenu?

Bazali—Nizifunela Ikusasa Elinjani Izingane Zenu?

BazaliNizifunela Ikusasa Elinjani Izingane Zenu?

“Nina zinsizwa nani futhi zintombi . . . Mabadumise igama likaJehova.”—IHUBO 148:12, 13.

1. Abazali bakhathazeka ngani ngezingane zabo?

 BAKHONA yini abazali abangakhathazeki ngekusasa lezingane zabo? Kusukela ekuzalweni kosana—noma nangaphambi kokuba luzalwe—abazali baqala ukukhathazeka ngenhlalakahle yalo. Ingabe luzophila kahle? Ingabe luzokhula kahle? Njengoba ingane ikhula, kuba nezinye izinto abakhathazeka ngazo. Ngokuvamile, abazali bazifunela okungcono kakhulu izingane zabo.—1 Samuweli 1:11, 27, 28; IHubo 127:3-5.

2. Kungani abazali abaningi namuhla benesifiso esikhulu sokuba izingane zabo ziphile ukuphila okuhle lapho sezikhulile?

2 Nokho, ezweni lanamuhla, kuyinselele ngabazali ukuba banikeze izingane zabo okungcono kakhulu. Abazali abaningi baye bakhahlamezwa izikhathi ezinzima—izimpi, izinxushunxushu zezombangazwe, ubunzima bezomnotho, ukuhlukumezeka ngokomzimba nangokomzwelo nokunye. Ngakho baye bafise ngobuqotho ukuba izingane zabo zingabhekani nezimo ezifana nezabo. Emazweni adla izambane likapondo, abazali bangase babone izingane zabangane babo nezezihlobo zabo zithuthuka emisebenzini futhi zibonakala ziphumelela ekuphileni. Ngakho, bazizwa bephoqelekile ukuba benze konke okusemandleni abo ukuze baqiniseke ukuthi nezabo izingane zijabulela ukuphila okuthe ukunethezeka nokulondekile—ziphile kahle—lapho sezikhulile.—UmShumayeli 3:13.

Ukukhetha Ukuphila Okuhle

3. AmaKristu aye akhetha ukwenzani?

3 Njengabalandeli bakaJesu Kristu, amaKristu aye akhetha ukunikezela ukuphila kwawo kuJehova. Aye awathatha ngokungathí sina la mazwi kaJesu: “Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa usuku nosuku angilandele njalo.” (Luka 9:23; 14:27) Yebo, ukuphila komKristu kuhilela ukuzidela. Noma kunjalo, akusho ukuphila kobuphofu noma kosizi. Kunalokho, kuwukuphila okujabulisayo nokwanelisayo—ukuphila okuhle—ngoba kuhilela ukupha, futhi njengoba nje uJesu asho, “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

4. Yini uJesu akhuthaza abalandeli bakhe ukuba bayiphishekele?

4 Abantu esikhathini sikaJesu babephila ngaphansi kwezimo ezinzima kakhulu. Ngaphandle komsebenzi wokuziphilisa, kwakudingeka babekezelele ukubusa konya kwamaRoma nomthwalo ocindezelayo wabaholi benkolo abazenzisayo bangaleso sikhathi. (Mathewu 23:2-4) Noma kunjalo, abaningi abezwa ngoJesu bayiyeka ngokuzithandela iminako yabo—ngisho nemisebenzi yabo—baba abalandeli bakhe. (Mathewu 4:18-22; 9:9; Kolose 4:14) Ingabe labo bafundi babezichaya engozini futhi befaka ikusasa labo engozini? Phawula amazwi kaJesu: “Wonke umuntu oshiye izindlu noma abafowabo noma odadewabo noma uyise noma unina noma abantwana noma amasimu ngenxa yegama lami uyokwamukela okuphindwe kaningi futhi azuze ngefa ukuphila okuphakade.” (Mathewu 19:29) UJesu waqinisekisa abalandeli bakhe ukuthi uYise wasezulwini wayezazi izidingo zabo. Ngakho wabakhuthaza: “Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa.”—Mathewu 6:31-33.

5. Abanye abazali bazizwa kanjani ngesiqinisekiso sikaJesu sokuthi uNkulunkulu uyozinakekela izinceku zakhe?

5 Izinto azihlukile kangako namuhla. UJehova uyazazi izidingo zethu futhi labo ababeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwabo, ikakhulukazi labo abaphishekela inkonzo yesikhathi esigcwele, banesiqiniseko esifanayo sokuthi uyobanakekela. (Malaki 3:6, 16; 1 Petru 5:7) Nokho, abanye abazali bamanqikanqika kule ndaba. Bangathanda ukubona izingane zabo zithuthuka enkonzweni kaJehova, mhlawumbe ngokuhamba kwesikhathi zingenele inkonzo yesikhathi esigcwele. Ngakolunye uhlangothi, lapho becabangela izimo zezomnotho nomsebenzi ezweni lanamuhla, banomuzwa wokuthi kubalulekile ukuba intsha ithole imfundo enhle kuqala ukuze ibe nezincwadi ezidingekayo zokuthola umsebenzi omuhle noma okungenani ibe nokuthile engathembela kukho uma kudingeka. Abazali abanjalo bacabanga ukuthi imfundo enhle ngokuvamile iwukuba nemfundo ephakeme.

Ukulungiselela Ikusasa

6. Inkulumo ethi “imfundo ephakeme” isetshenziswe ngamuphi umqondo kulesi sihloko?

6 Isimiso semfundo siyehluka emazweni ngamazwe. Ngokwesibonelo, e-United States izikole zomphakathi zinikeza imfundo eyisisekelo yeminyaka engu-12. Ngemva kwalokho, abafundi bangakhetha ukuya eyunivesithi noma ekolishi eminye iminyaka emine noma ngaphezulu bathole iziqu ze-bachelor noma bafundele imisebenzi enjengokuba udokotela, ummeli, unjiniyela nokunye. Yileyo mfundo yaseyunivesithi esikhuluma ngayo kulesi sihloko lapho sisebenzisa inkulumo ethi “imfundo ephakeme.” Ngakolunye uhlangothi, kunezikole zobuciko nezemisebenzi yezandla, ezinezifundo ezithatha isikhathi esifushane kodwa ezinikeza isitifiketi noma i-diploma yomsebenzi othile.

7. Abafundi babhekana naziphi izingcindezi ezikoleni zamabanga aphakeme?

7 Ukuthambekela okukhona namuhla ukuba izikole zamabanga aphakeme zisize abafundi ukuba balungele imfundo ephakeme. Ukuze zenze lokhu, izikole eziningi zamabanga aphakeme zigxila kakhulu ezifundweni zezolwazi zisize abafundi ukuba bathole imiphumela emihle eyobavumela ukuba baye emayunivesithi esikhundleni sokugxila ezifundweni ezihlomisela abafundi umsebenzi. Namuhla abafundi balezo zikole bacindezelwa othisha, abeluleki, nabanye abafundi ukuba bazibekele umgomo wokubhalisa emayunivesithi aphambili, lapho kwethenjwa ukuthi bayothola khona iziqu ezizobavulela iminyango yemisebenzi eholela kahle.

8. Ikuphi ukukhetha abazali abangamaKristu ababhekene nakho?

8 Khona-ke, kufanele benzeni abazali abangamaKristu? Yiqiniso, bafuna izingane zabo zenze kahle esikoleni futhi zifunde amakhono adingekayo ukuze zikwazi ukuziphilisa esikhathini esizayo. (IzAga 22:29) Kodwa ingabe kufanele bamane bavumele izingane zabo zikhukhulwe umoya wokuncintisana ukuze zithuthuke futhi ziphumelele ngokwezinto ezibonakalayo? Bazibekela imigomo enjani izingane zabo, kungaba ngamazwi noma ngesibonelo sabo? Abanye abazali basebenza kanzima futhi bonge imali ukuze bakwazi ukuyisa izingane zabo ezikoleni zemfundo ephakeme lapho kufika isikhathi. Abanye bazimisele ukungena ezikweletini ukuze bafeze leyo njongo. Nokho, izindleko zesinqumo esinjalo azihileli imali kuphela. Ziyini izindleko zokuphishekela imfundo ephakeme namuhla?—Luka 14:28-33.

Izindleko Zokuphishekela Imfundo Ephakeme

9. Yini engase ishiwo ngezindleko zemfundo ephakeme namuhla?

9 Lapho sicabanga ngezindleko, ngokuvamile siye sicabange ngezindleko zezimali. Kwamanye amazwe, uhulumeni uyayixhasa imfundo ephakeme, okwenza ukuba abafundi abayifanelekelayo bangakhokhi imali yesikole noma yezifundo. Nokho, ezindaweni eziningi imfundo ephakeme imba eqolo futhi imali yakhona yenyuswa njalo. Isihloko se-New York Times esiveza izimvo zabafundi sithi: “Imfundo ephakeme yayivame ukubhekwa njengevula amathuba. Manje iyindlela yokuqinisekisa ukuthi kuhlale kunegebe phakathi kwalabo abacebile nabantulayo.” Ngamanye amazwi, imfundo ephakeme yezinga elihle iya ngokuya iba into yezingquphunga nabasezikhundleni, abafuna ukuba izingane zabo ziyithole ukuze baqinisekise ukuthi nazo ziyoba ezicebile futhi zifinyelele izikhundla eziphakeme zaleli zwe. Ingabe yilokho abazali abangamaKristu okufanele bakukhethele izingane zabo?—Filipi 3:7, 8; Jakobe 4:4.

10. Imfundo ephakeme ihlobene kanjani eduze nokuthuthukisa lesi simiso sezinto?

10 Ngisho nasezindaweni lapho imfundo ephakeme itholakala mahhala khona, ingase ihambisane nemibandela ebophayo. Ngokwesibonelo, i-Wall Street Journal ibika ukuthi kwelinye izwe laseNingizimu-mpumalanga Asia, uhulumeni “unesimiso sokugqugquzela izikole ukuba zikhuphulele izingane phezulu esiqongweni.” ‘Isiqongo’ sisho ukuya ezikoleni ezidume umhlaba wonke—o-Oxford no-Cambridge eNgilandi, nezikole ezikuyi-Ivy League e-United States nezinye. Kungani lo hulumeni uzikhandla kangaka? Umbiko uthi: “Kwenzelwa ukufukula umnotho wezwe.” Imfundo ingase itholakale mahhala, kodwa izindleko ezikhokhwa yilezi zingane ziwukuphilela ukuthuthukisa lesi simiso samanje sezinto. Nakuba izwe likufuna kakhulu ukuphila okunjalo, ingabe yilokho abazali abangamaKristu abakufunela izingane zabo?—Johane 15:19; 1 Johane 2:15-17.

11. Imibiko ibonisani mayelana nokusetshenziswa kabi kotshwala nokuziphatha okubi kobulili kwabafundi basemayunivesithi?

11 Akugcini lapho. Kunanethonya lasesikoleni. Amayunivesithi namakolishi adume ngokuziphatha okubi—ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa notshwala, ukuziphatha okubi kobulili, ukukhohlisa, ukufikiswa ngamaqoqo, kuningi nje. Cabanga ngokusetshenziswa kabi kotshwala. Ubika ngenkinga yokuzitika ngotshwala, okungukuthi, ukuphuzela ukudakwa nje kuphela, umagazini i-New Scientist uthi: “Amaphesenti angaba ngu-44 [abafundi baseyunivesithi e-United States] azitika ngotshwala okungenani kanye ngemva kwamasonto amabili.” Inkinga efanayo ivamile nasentsheni yase-Australia, eBrithani, eRussia nakwezinye izindawo. Uma kuziwa ekuziphatheni okubi kobulili, indaba esematheni kubafundi namuhla ukuzitholela umuntu ozozijabulisa naye okwalolo suku—okungahlanganisa ukuqabulana noma ukuya ocansini—okwenziwa abantu abaqalayo ukubonana bengahlose ngisho nokukhulumisana lokhu kamuva. Ucwaningo lubonisa ukuthi abafundi abangamaphesenti angu-60 kuya kwangu-80 bahileleka ekuziphatheni kwalolu hlobo. Omunye umcwaningi uthi: “Uma ungumfundi wasekolishi ophile kahle, uyakwenza lokhu.”—1 Korinte 5:11; 6:9, 10.

12. Iziphi izingcindezi abafundi basekolishi abachayeke kuzo?

12 Ngaphezu kokuchayeka emathonyeni amabi, kunanezingcindezi zomsebenzi wesikole nezivivinyo. Kulindeleke ukuba abafundi batadishe futhi benze umsebenzi wabo ukuze baphumelele ezivivinyweni zabo. Abanye kungase kudingeke ukuba okungenani babe netoho abalenzayo ngesikhathi befunda. Konke lokhu kudla isikhathi esiningi kakhulu namandla abo. Uzosithathaphi-ke isikhathi namandla okwenza imisebenzi engokomoya? Lapho izingcindezi zibhokile, yini abayoyidedela? Ingabe izithakazelo zoMbuso zisazoza kuqala, noma ziyobekelwa eceleni? (Mathewu 6:33) IBhayibheli likhuthaza amaKristu: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo, nizithengisisela ithuba, ngoba izinsuku zimbi.” (Efesu 5:15, 16) Yeka ukuthi kudabukisa kanjani ukuthi abanye baye balulaxaza ukholo ngoba bengasenaso isikhathi namandla noma ngenxa yokuhileleka ekuziphatheni okungavunyelwa imiBhalo lapho besekolishi!

13. Imiphi imibuzo abazali abangamaKristu okufanele bayicabangele?

13 Yebo, ukuziphatha okubi, ukungabi nasimilo nezingcindezi akutholakali emakolishi noma emayunivesithi kuphela. Nokho, intsha eningi yezwe ibheka konke ukuziphatha okunjalo njengengxenye yemfundo, futhi ayiboni lutho olubi ngako. Ingabe abazali abangamaKristu kufanele bachaye izingane zabo ethonyeni elinjalo leyo minyaka emine noma mhlawumbe ngaphezulu bebe besazi lesi simo? (IzAga 22:3; 2 Thimothewu 2:22) Ingabe ingozi engaba khona ayilutho uma iqhathaniswa nezinzuzo ingane engase izithole? Okubaluleke nakakhulu, izingane zifundani mayelana nezinto okufanele zize kuqala ekuphileni kwazo? * (Filipi 1:10; 1 Thesalonika 5:21) Abazali kumelwe bayicabangele ngokungathí sina nangomthandazo le mibuzo kanye nengozi yokuthumela izingane zabo esikoleni esikude kwelinye idolobha noma izwe.

Zingenzani Okunye Esikhundleni Semfundo Ephakeme?

14, 15. (a) Naphezu kombono othandwayo, isiphi iseluleko seBhayibheli esisebenzayo namuhla? (b) Imiphi imibuzo intsha engazibuza yona?

14 Namuhla, umbono othandwayo uwukuthi ukuze abantu abasha baphumelele, kufanele nakanjani bathole imfundo yaseyunivesithi. Nokho, esikhundleni sokuba alandele umbono othandwayo, amaKristu alalela isiyalo seBhayibheli: “Yekani ukulolongwa nifane nalesi simiso sezinto, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” (Roma 12:2) Iyini intando kaNkulunkulu ngabantu bakhe, abasha nabadala, kule ngxenye yokugcina yesikhathi sokuphela? UPawulu wakhuthaza uThimothewu: “Hlala usangulukile kuzo zonke izinto, ukhuthazele ngaphansi kokubi, wenze umsebenzi womvangeli, uyifeze ngokugcwele inkonzo yakho.” Lawo mazwi ngokuqinisekile asebenza kithi sonke namuhla.—2 Thimothewu 4:5.

15 Kunokuba sibanjwe umoya waleli zwe wokuthanda izinto ezibonakalayo, sonke kudingeka ‘sihlale sisangulukile’—sizazi ukuthi simiphi ngokomoya. Uma ungumuntu osemusha, zibuze: ‘Ingabe ngenza konke okusemandleni ami ukuba “ngifeze inkonzo yami,” ukuze ngizenze ngikufanelekele ukuba isikhonzi seZwi likaNkulunkulu? Ngihlela ukwenzani ukuze ngiphishekele inkonzo yami “ngokugcwele”? Ingabe ngiye ngakucabangela ukwenza inkonzo yesikhathi esigcwele ibe umsebenzi wokuphila kwami?’ Imibuzo enzima le, ikakhulukazi lapho ubona enye intsha ihileleka eminakweni yobugovu, ‘ifuna izinto ezinkulu’ ecabanga ukuthi ziyoyilethela ikusasa eliqhakazile. (Jeremiya 45:5) Ngakho-ke, ngokuhlakanipha abazali abangamaKristu baqeqesha izingane zabo futhi bazinikeze isizinda esingokomoya kusukela ziseyizinsana.—IzAga 22:6; UmShumayeli 12:1; 2 Thimothewu 3:14, 15.

16. Abazali abangamaKristu bangazinikeza kanjani izingane zabo ngokuhlakanipha isizinda esingokomoya esifanele?

16 Umfana omdala kubafana abathathu abanomama oseneminyaka eminingi eyisikhonzi sesikhathi esigcwele uyakhumbula: “Umama wayebaqaphelisisa abangane bethu. Sasingajwayelani nezingane esifunda nazo kodwa sasijwayelana kuphela nabasebandleni ababenemikhuba emihle ngokomoya. Wayebamema njalo abantu abasenkonzweni yesikhathi esigcwele—izithunywa zevangeli, ababonisi abajikelezayo, izikhonzi zaseBethel namaphayona—ukuba beze ekhaya sizojabulela ubudlelwane nabo. Ukuzwa okuhlangenwe nakho kwabo nokubona injabulo yabo kwasiza ekugxiliseni ezinhliziyweni zethu isifiso sokungenela inkonzo yesikhathi esigcwele.” Yeka ukuthi kujabulisa kanjani namuhla ukubabona bobathathu laba bafana besenkonzweni yesikhathi esigcwele—omunye ukhonza eBethel, omunye uphuma eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo, kanti omunye uyaphayona!

17. Isiphi isiqondiso abazali abangasinikeza izingane lapho zikhetha izifundo nomsebenzi ezizowufundela? (Bheka ibhokisi ekhasini 29.)

17 Ngaphezu kokunikeza izingane zabo isizinda esingokomoya esiqinile, abazali kumelwe basheshe futhi ukuzinikeza isiqondiso esifanele ekukhetheni izifundo nomsebenzi ezingawuphishekela. Insizwa ethile, manje esikhonza eBethel, ithi: “Abazali bami bobabili baphayona ngaphambi nangemva kokushada futhi benza konke okusemandleni abo ukuba badlulisele umoya wokuphayona kuwo wonke umkhaya. Noma nini lapho sikhetha izifundo esikoleni noma senza izinqumo ezaziyothinta ikusasa lethu, babesikhuthaza njalo ukuba sikhethe okuyosinikeza ithuba elingcono kakhulu lokuthola itoho futhi siphayone.” Esikhundleni sokukhetha izifundo eziyofuna ziphethe ngokuya eyunivesithi, abazali nezingane kudingeka bacabangele izifundo eziwusizo ekuphishekeleni inkonzo engokwasezulwini. *

18. Intsha ingase icabangele maphi amathuba omsebenzi?

18 Ucwaningo lubonisa ukuthi emazweni amaningi kunesidingo esikhulu sabantu abazokwenza imisebenzi yezandla bafeze nezinye izinkonzo ezibalulekile, hhayi abaneziqu zaseyunivesithi. I-USA Today ibika ukuthi “izisebenzi ezingamaphesenti angu-70 emashumini eminyaka ezayo ngeke zidinge iziqu zasekolishi zeminyaka emine, kunalokho zizodinga iziqu ezingaphansi kunalokho umuntu angazithola ekolishi elivamile noma isitifiketi somsebenzi wohlobo oluthile.” Amakolishi amaningi anjalo anikeza izifundo zesikhashana zomsebenzi wasehhovisi, ukukhanda izimoto, ukulungisa ama-computer, ukufaka amapayipi amanzi, ukulungisa izinwele neminye imisebenzi eminingi. Ingabe le misebenzi mihle? Ngokuqinisekile! Mhlawumbe ayinalo udumo ngokwendlela abanye abangase bayibheke ngayo, kodwa inikeza umuntu ithuba lokuyihlela ngendlela ezovumelana naye, ithuba elidingwa kakhulu yilabo abamsebenzi wabo wangempela uwukukhonza uJehova.—2 Thesalonika 3:8.

19. Iyiphi indlela eqinisekile yokuthola injabulo nokwaneliseka ekuphileni?

19 IBhayibheli liyanxusa: “Nina zinsizwa nani futhi zintombi . . . Mabadumise igama likaJehova, ngoba igama lakhe lodwa liphakeme ngokungenakufinyelelwa. Isithunzi sakhe singaphezu komhlaba nezulu.” (IHubo 148:12, 13) Uma uqhathaniswa nezikhundla nemivuzo enikezwa yileli zwe, akungabazeki ukuthi umsebenzi wokukhonza uJehova isikhathi esigcwele uyindlela eqiniseke kakhulu yokuthola injabulo nokwaneliseka ekuphileni. Cabanga ngalesi siqinisekiso seBhayibheli: “Isibusiso sikaJehova—yiso esicebisayo, futhi akenezeli ubuhlungu kanye naso.”—IzAga 10:22.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 13 Ukuze uthole ukulandisa kwalabo abaye bazisa imfundo engokwasezulwini ngaphezu kwemfundo yaseyunivesithi, bheka INqabayokulinda ka-October 15, 1982, amakhasi 3-7 [ngesiNgisi, May 1, 1982, amakhasi 3-6]; April 15, 1979, yesiNgisi, amakhasi 5-10; i-Phaphama! yesiNgisi ka-June 8, 1978, ikhasi 15; neka-February 8, 1975, amakhasi 3-6 [ngesiNgisi, August 8, 1974, amakhasi 3-7].

^ par. 17 Bheka i-Phaphama! ka-October 8, 1998, “Ukufuna Ukuphila Okulondekile,” amakhasi 4-6, neka-May 8, 1989 yesiNgisi, “Imuphi Umsebenzi Okumelwe Ngiwukhethe?” amakhasi 12-14, noma isihloko esifanayo encwadini enyatheliswa oFakazi BakaJehova ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, amakhasi 174-179.

Ingabe Ungachaza?

• AmaKristu athembelaphi ukuze athole ikusasa elilondekile?

• Iziphi izinselele abazali abangamaKristu ababhekene nazo mayelana nekusasa lezingane zabo?

• Yini okumelwe icatshangelwe lapho kubalwa izindleko zokuphishekela imfundo ephakeme?

• Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ukuba ziphishekele umsebenzi wokukhonza uJehova?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi ekhasini 29]

Imfundo Ephakeme Izuzisa Ngani?

Abantu abaningi abaya eyunivesithi baphokophele ukuzuza iziqu ezizobavulela amasango okuthola imisebenzi ekhokhela kahle nezinzile. Nokho, imibiko yohulumeni ibonisa ukuthi yingxenye eyodwa kwezine kuphela yalabo abaya eyunivesithi ethola iziqu phakathi neminyaka eyisithupha—inani eliphansi ngokudabukisayo. Ake sithi uyazithola lezo ziqu, ingabe zisho ukuthi uzothola umsebenzi ongcono? Phawula lokho okushiwo ucwaningo nokuhlola kwamuva.

“Ukuya eHarvard noma eDuke [amayunivesithi] ngeke kukunikeze umsebenzi ongcono neholo elihle ngokuzenzakalelayo. . . . Kuncane kabi izinkampani ezikwaziyo ngabantu abasebasha abafuna umsebenzi. Iziqu ongazithola eyunivesithi ekuyi-Ivy League zingase zihlabe umxhwele. Kodwa okubaluleke kakhulu yilokho umuntu akwaziyo noma angakwazi ukukwenza.”—Newsweek, November 1, 1999.

“Nakuba umsebenzi ovamile namuhla ufuna amakhono athé xaxa kunasesikhathini esidlule . . . , amakhono adingekayo kule misebenzi yilawo ongawathola ezikoleni zamabanga aphakeme—izibalo, ikhono lokufunda nokubhala ongakuzuza usebangeni 7 . . . , akuwona amakhono asekolishi noma eyunivesithi. . . . Akudingekile ukuba abafundi baye ekolishi noma eyunivesithi ukuze bathole umsebenzi omuhle, kodwa kudingeka bawafunde kahle amakhono atholakala ezikoleni zamabanga aphakeme.”—American Educator, Spring 2004.

“Amakolishi namayunivesithi amaningi awahambisani nezidingo zangempela zezwe ekulungiseleleni abafundi ukuba basebenze lapho beqeda izifundo zabo. Izikole zokufundela umsebenzi . . . ziqhibuka ngapha nangapha. Isibalo sababhalisa kuzo siye sanda ngamaphesenti angu-48 kusukela ngo-1996 kuya ku-2000. . . . Ngakolunye uhlangothi, iziqu zasekolishi ezimba eqolo futhi ezidla isikhathi ziye zaqhubeka ziphelelwa inzuzo.”—Time, January 24, 2005.

“Izinhlelo zoMnyango Wezabasebenzi wase-United States zonyaka ka-2005 zinikeza isithombe esishaqisayo sokuthi okungenani ingxenye eyodwa kwezintathu yabo bonke abathole iziqu zeminyaka emine emakolishi ngeke iyithole imisebenzi eyifundele.”—The Futurist, July/August 2000.

Ngenxa yakho konke lokhu, abafundisi abaningi ngokwengeziwe bayingabaza kakhulu inzuzo yemfundo ephakeme namuhla. “Sifundisa abantu izinto abangeke bazisebenzise,” kubalisa umbiko we-Futurist. Ngokuphambene, phawula lokho iBhayibheli elikushoyo ngoNkulunkulu: “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo. O ukube ubuyoyilalela nokuyilalela imiyalo yami! Khona-ke ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula, nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle.”—Isaya 48:17, 18.

[Isithombe ekhasini 26]

Babekela eceleni iminako yabo balandela uJesu

[Isithombe ekhasini 31]

Abazali abangamaKristu ngokuhlakanipha bazinikeza ziseyizinsana izingane zabo isizinda esingokomoya esiqinile