Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe ‘Ucebile KuNkulunkulu’?

Ingabe ‘Ucebile KuNkulunkulu’?

Ingabe ‘Ucebile KuNkulunkulu’?

PHAKATHI kwemifanekiso eminingi eshukumisa ingqondo eyashiwo uJesu Kristu, kunomunye okhuluma ngomnikazi wezwe ocebile. Njengoba ayezama ukuzakhela ikusasa elilondekile neliqinisekile, lo mnikazi wezwe wahlela ukuzakhela izinqolobane ezinkulu. Nokho, emfanekisweni kaJesu, le ndoda ibizwa ngokuthi ‘umuntu ongenangqondo.’ (Luka 12:16-21) Izinguqulo eziningana zeBhayibheli zisebenzisa ngisho negama elithi “isiwula.” Kungani yabizwa kabi kangaka?

Kusobala ukuthi ngesikhathi le ndoda ecebile ihlela ayizange imcabange uNkulunkulu; futhi ayizange idumise uNkulunkulu ngokuthi wayenze izwe lakhiqiza. (Mathewu 5:45) Kunalokho, yaziqhayisa: “Mphefumulo, unezinto eziningi ezinhle ezibekelelwe iminyaka eminingi; khululeka, udle, uphuze, uzijabulise.” Yebo, yayicabanga ukuthi izithelo zomsebenzi wayo zazizoba “njengodonga oluvikelayo.”—IzAga 18:11.

Exwayisa ngomoya onjalo wokuzidla, umfundi uJakobe wabhala: “Minani, nina enithi: ‘Namuhla noma kusasa sizoya kulo muzi futhi sizochitha unyaka khona, futhi sizoqhuba ibhizinisi sithole imbuyiselo,’ nibe ningazi ukuthi ukuphila kwenu kuyoba yini kusasa. Ngoba niyinkungu ebonakala isikhashana bese inyamalala.”—Jakobe 4:13, 14.

Ngokuvumelana nalawo mazwi, indoda ecebile esemfanekisweni kaJesu yatshelwa: “Muntu ongenangqondo, ngalobu busuku bayawufuna umphefumulo wakho kuwe. Khona-ke, ubani ozothola izinto ozibekelele?” Njengenkungu enyamalalayo, le ndoda ecebile yayizofa engafezekanga amaphupho ayo. Ingabe siyasithola isifundo? UJesu wathi: “Kunjalo ngomuntu oziqongelelela umcebo kodwa engacebile kuNkulunkulu.” Ingabe wena ‘ucebile kuNkulunkulu’?