Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyasiqaphela Isibonakaliso Sokuba Khona KukaJesu?

Ingabe Uyasiqaphela Isibonakaliso Sokuba Khona KukaJesu?

Ingabe Uyasiqaphela Isibonakaliso Sokuba Khona KukaJesu?

AKEKHO umuntu ofuna ukugula abangwe nezibi noma ukuzithola esesiphihlini senhlekelele. Ukuze agweme izingozi ezinjalo, umuntu ohlakaniphile uyaziqaphela izimpawu zengozi abese enza ngendlela efanele. UJesu Kristu wachaza isibonakaliso esithile okudingeka sisiqaphele. Lokho ayekhuluma ngakho kwakuyokwenzeka emhlabeni wonke futhi kuthinte sonke isintu. Nawe nomkhaya wakho kuyanithinta.

UJesu wakhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu oyosusa ububi wenze umhlaba ube ipharadesi. Abafundi bakhe bafuna ukwazi ukuthi lowo Mbuso uyofika nini. Babuza: “Siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?”—Mathewu 24:3.

UJesu wayazi ukuthi ngemva kokufa nokuvuka kwakhe, kwakuyodlula iminyaka eminingi ngaphambi kokuba abekwe esihlalweni sobukhosi ezulwini njengeNkosi enguMesiya abuse isintu. Njengoba abantu babengeke bambone lapho ebekwa, uJesu wanikeza isibonakaliso esasiyokwenza abalandeli bakhe bakwazi ukuqaphela ‘ukuba khona’ kwakhe kanye ‘nesiphelo sesimiso sezinto.’ Lesi sibonakaliso sinezici eziningana, uma zizonke ezakha uphawu, noma inkomba—isibonakaliso sokuba khona kukaJesu.

Ngamunye wabalobi bamaVangeli, uMathewu, uMarku noLuka, wayibhala ngokucophelela impendulo kaJesu. (Mathewu, izahluko 24 no-25; Marku, isahluko 13; Luka, isahluko 21) Abanye abalobi beBhayibheli banezela imininingwane kulesi sibonakaliso. (2 Thimothewu 3:1-5; 2 Petru 3:3, 4; IsAmbulo 6:1-8; 11:18) Ngenxa yobuningi bayo, ngeke sikwazi ukuxoxa ngayo yonke, kodwa sizoxoxa ngezici ezinhlanu eziyinhloko zesibonakaliso esashiwo uJesu. Uzobona ukuthi lokhu kuyakuthinta futhi kubalulekile kuwe.—Bheka ibhokisi elisekhasini 6.

“Inkathi Yezigigaba Ezashintsha Umlando”

“Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso.” (Mathewu 24:7) Umagazini waseJalimane i-Spiegel ubika ukuthi ngaphambi kuka-1914 abantu “babebona ikusasa liqhakazile, futhi kuzoba nenkululeko, intuthuko nokuchuma okwengeziwe.” Kwabe sekushintsha konke. “Impi eyaqala ngo-August 1914 yaphela ngo-November 1918 yayiyisenzakalo esethusayo. Yashintsha umlando, yahlukanisa [inkathi] endala nentsha,” kusho umagazini i-GEO. Amasosha angaphezu kwezigidi ezingu-60 asemazwekazini amahlanu alwa kuleyo mpi enonya. Ngokwesilinganiso, usuku ngalunye kwakufa amasosha angaba ngu-6 000. Kusukela kuleyo mpi, izazi-mlando zesizukulwane ngasinye ezinemibono ehlukahlukene ephathelene nezombusazwe ziye zabheka “iminyaka yango-1914 kuya ku-1918 njengeyinkathi yezigigaba ezashintsha umlando.”

IMpi Yezwe I yaphoqelela izinguquko ezingenakuhlehliswa emphakathini wesintu, futhi ngemva kwayo isintu sase sisezinsukwini zokugcina zalesi simiso sezinto. Lonke lelo khulu leminyaka laba nezimpi ezengeziwe nobuphekula. Iminyaka yokuqala yaleli khulu leminyaka isenjalo. Ngaphandle kwempi, kukhona nezinye izici zesibonakaliso ezibonakalayo.

Indlala, Izifo Eziwumshayabhuqe Nokuzamazama Komhlaba

“Kuyoba khona ukusweleka kokudla.” (Mathewu 24:7) Phakathi nempi yezwe yokuqala, indlala yahlasela iYurophu, futhi iye yahlupha isintu kusukela ngaleso sikhathi. Isazi-mlando u-Alan Bullock sabhala ukuthi ngo-1933 eRussia nase-Ukraine “izindimbane ezikhungethwe indlala zazizulazula emaphandleni . . . Eceleni kwemigwaqo kwakunezingqumbi zezidumbu.” Ngo-1943 intatheli uT. H. White yabona abantu behlaselwe indlala esifundazweni saseHenan, eChina. Yabhala: “Lapho kunendlala, cishe yonke into iphenduka ibe into edliwayo futhi ingase igxotshwe, idliwe, umuntu athole amandla kuyo. Kodwa ukuze abantu bacabange ukudla into abebelokhu beyibheka njengengadliwa, kudingeka besabe ukufa.” Ngokudabukisayo, emashumini eminyaka edlule indlala iye yaba yinto yamihla yonke e-Afrika. Nakuba umhlaba ukhiqiza ukudla okunganela wonke umuntu, i-UN Food and Agriculture Organization ilinganisela ukuthi abantu abayizigidi ezingu-840 emhlabeni wonke abanakho ukudla okwanele.

“Ezindaweni ngezindawo kube khona izifo eziwumshayabhuqe.” (Luka 21:11) “Ngo-1918, umkhuhlane waseSpain wabulala abantu abalinganiselwa phakathi kwezigidi ezingu-20 nezingu-50, okuyinani elingaphezu kwelababulawa i-Black Death noma abafa empini yezwe yokuqala,” kubika i-Süddeutsche Zeitung. Kusukela ngaleso sikhathi, uquqaba lwabantu luye lwahlaselwa izifo ezinjengomalaleveva, ingxibongo, isifo sofuba, uvendle nesifo sohudo. Futhi umhlaba wonke ushaqekile njengoba ingculaza ibhebhetheka. Manje kunesimo esixakayo ngoba kukhona izifo eziphikelelayo kanti ngesikhathi esifanayo ezokwelapha sezithuthuke ngezinga elimangalisayo. Le ndida, isintu esasingayazi ngaphambili, yenza kucace ukuthi lezi yizikhathi ezihlukile.

‘Ukuzamazama komhlaba.’ (Mathewu 24:7) Phakathi neminyaka eyikhulu edlule, ukuzamazama komhlaba kuye kwabulala amakhulu ezinkulungwane zabantu. Ngokusho komthombo othile, kusukela ngo-1914 kuye kwaba nokuzamazama komhlaba okulinganiselwa ku-18 unyaka ngamunye okunamandla okonakalisa izakhiwo nokuqhekeza umhlaba. Ukuzamazama okubulala abantu abengeziwe, okunamandla okubhidliza izakhiwo, kuye kwenzeka cishe kanye ngonyaka. Naphezu kwentuthuko kwezobuchwepheshe, isibalo sabantu abafayo sisalokhu siphakeme ngoba amadolobha amaningi akhula ngokushesha akhiwe phezu kwezimfa ezisongqimbeni lomhlaba.

Izindaba Ezimnandi!

Iningi lezici zesibonakaliso sezinsuku zokugcina libangela ukucindezeleka. Kodwa uJesu wakhuluma nangezindaba ezimnandi.

“Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.” (Mathewu 24:14) Umsebenzi owaqalwa uJesu ngokwakhe—ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso—wawuyokwenziwa ngezinga elikhulu ezinsukwini zokugcina. Nembala lokhu kuyenzeka. OFakazi BakaJehova bashumayela isigijimi seBhayibheli futhi bafundisa abantu abathandayo ukuba bakusebenzise ekuphileni kwansuku zonke lokho abakufundayo. Manje, oFakazi abangaphezu kwezigidi eziyisithupha bashumayela emazweni angu-235 ngezilimi ezingaphezu kuka-400.

Phawula ukuthi uJesu akazange athi ukuphila kwakuyoma nsí ngenxa yezimo zezwe ezibangela usizi. Akashongo futhi ukuthi izwe lonke liyokhungathwa isici esisodwa sesibonakaliso. Kunalokho, wabikezela izenzakalo eziningana ezaziyohlangana zakhe isibonakaliso esibonakala nomaphi emhlabeni.

Uma ungagxili esenzakalweni esisodwa, uyakubona yini okwenzeka kuyo yonke indawo, isibonakaliso esiyinhlanganisela esithinta umhlaba wonke? Lokhu okwenzekayo kuyakuthinta wena nomkhaya wakho. Singase sibuze: Kodwa kungani bembalwa kangaka abantu abakunakayo lokhu?

Abantu Bazicabangela Bona Kuqala

“Akubhukudwa Lapha,” “Qaphela Ingozi,” “Nciphisa Ijubane.” Lezi ezinye zezimpawu nezixwayiso esiye sizibone kodwa ezivame ukushaywa indiva. Ngani? Sithonywa kalula yilokho esibona kuzosiza thina. Ngokwesibonelo, singase sibone kudingeka sishayele ngejubane eleqile kwelivunyelwa umthetho, noma singase sifise kakhulu ukubhukuda lapho kwenqatshelwe khona. Kodwa ukuzishaya indiva izimpawu kuwubuwula.

Ngokwesibonelo, izikhukhula zeqhwa ezintabeni ze-Alps zase-Austria, eFrance, e-Italy naseSwitzerland ngezinye izikhathi zibulala izihambi ezibuka amazwe ezingazinaki izixwayiso ezithi mazintweze emizileni ephephile kuphela. Ngokwe-Süddeutsche Zeitung, izihambi eziningi ezingazinaki lezo zixwayiso zithi, Uma kungekho ngozi, akukho bumnandi. Ngokudabukisayo, ukungazinaki izixwayiso kungaba nemiphumela ebuhlungu.

Iziphi izizathu ezenza abantu basishaye indiva isibonakaliso esachazwa uJesu? Kungenzeka baphuphuthekiswe ukuhaha, bathuntubezwe ukungabi nandaba, bakhinyabezwe ukuba manqikanqika, baxhakathiswe ukulandela inqubo efanayo njalo noma balawulwa ukwesaba ukulahlekelwa udumo. Kungenzeka yini ukuthi nawe okunye kwalokhu kukwenza ungasinaki isibonakaliso sokuba khona kukaJesu? Ngeke yini kwaba ukuhlakanipha kakhudlwana ukusiqaphela lesi sibonakaliso bese wenza ngendlela efanele?

Ukuphila Emhlabeni Oyipharadesi

Inani elandayo labantu liyasinaka isibonakaliso sokuba khona kukaJesu. UKristian, insizwa eshadile yaseJalimane, uyabhala: “Lezi yizikhathi zosizi. Akungabazeki ukuthi siphila ‘ezinsukwini zokugcina.’” Yena nomkakhe bachitha isikhathi esiningi bexoxa nabanye ngoMbuso KaMesiya. UFrank naye uhlala kulelo zwe. Yena nomkakhe bakhuthaza abanye ngezindaba ezinhle eziseBhayibhelini. UFrank uthi: “Ngenxa yesimo sezwe, abantu abaningi namuhla bakhathazekile ngekusasa. Sizama ukubakhuthaza ngeziprofetho zeBhayibheli zomhlaba oyipharadesi.” Ngakho uKristian noFrank bayasiza ekugcwalisekeni kwesinye isici sesibonakaliso sikaJesu—ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso.—Mathewu 24:14.

Lapho izinsuku zokugcina zifika emvuthwandaba, uJesu uyosisusa sonke lesi simiso esidala nabantu abasisekelayo. UMbuso KaMesiya uyobe usuqala ukubusa emhlabeni oyokwenziwa iPharadesi njengoba kwabikezelwa. Isintu ngeke sisagula noma sife, futhi abafileyo bayovuswa baphile emhlabeni. Lawa amathemba ajabulisayo alindele labo abasiqaphelayo isibonakaliso sezikhathi. Bekungeke yini kube inkambo yokuhlakanipha ukufunda okwengeziwe ngalesi sibonakaliso nalokho umuntu okumelwe akwenze ukuze asinde ekupheleni kwalesi simiso? Ngokuqinisekile wonke umuntu kufanele abheke lokhu njengendaba ephuthuma kakhulu.—Johane 17:3.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]

UJesu wabikezela izenzakalo eziningana ezaziyohlangana zakhe isibonakaliso esibonakala nomaphi emhlabeni

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]

Uyakubona yini okwenzeka kuyo yonke indawo, isibonakaliso esiyinhlanganisela esithinta umhlaba wonke?

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 6]

IZIMPAWU EZIBONAKALISA IZINSUKU ZOKUGCINA

Izimpi eziningi kakhulu.—Mathewu 24:7; IsAmbulo 6:4

Indlala.—Mathewu 24:7; IsAmbulo 6:5, 6, 8

Izifo eziwumshayabhuqe.—Luka 21:11; IsAmbulo 6:8

Ukwanda kokwephulwa komthetho.—Mathewu 24:12

Ukuzamazama komhlaba.—Mathewu 24:7

Izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.—2 Thimothewu 3:1

Ukuthanda imali ngokwedlulele.—2 Thimothewu 3:2

Ukungalaleli abazali.—2 Thimothewu 3:2

Ukungabi nothando.—2 Thimothewu 3:3

Ukuthanda injabulo kunoNkulunkulu.—2 Thimothewu 3:4

Ukungazithibi.—2 Thimothewu 3:3

Ukungakuthandi okuhle.—2 Thimothewu 3:3

Ukungayinaki ingozi eseduze.—Mathewu 24:39

Abahleki bosulu abaphika ubufakazi bokuthi lezi izinsuku zokugcina.—2 Petru 3:3, 4

Ukushunyayelwa koMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke.—Mathewu 24:14

[Imithombo Yezithombe ekhasini 5]

WWI soldiers: From the book The World War—A Pictorial History, 1919; poor family: AP Photo/Aijaz Rahi; polio victim: © WHO/P. Virot