Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isibonelo Sabazali Bami Sangiqinisa

Isibonelo Sabazali Bami Sangiqinisa

Indaba Yokuphila

Isibonelo Sabazali Bami Sangiqinisa

ILANDISWA UJANEZ REKELJ

Kwakungunyaka ka-1958. Mina nomkami uStanka sasiphezulu eKarawanken esezintabeni ze-Alps emngceleni weYugoslavia ne-Austria, sizama ukubalekela e-Austria. Kwakuyingozi lokhu ngoba amasosha ahlomile asemngceleni waseYugoslavia ayengahleki evimba noma ubani ozama ukweqa. Njengoba sasiqhubeka sihamba sazithela onqenqemeni lwewa. Sasiqala ngqá ukubona lolu hlangothi lwezintaba zase-Austria. Saya ngasempumalanga saze safika emthambekeni onamadwala nomgubane. Sazibophela kuseyili sashushuluza siqonde phansi singazi ukuthi iyozala nkomoni.

AKE nginixoxele ukuthi kwenzeka kanjani ukuba sibe kulesi simo nendlela isibonelo sokwethembeka sabazali bami esangikhuthaza ngayo ukuba ngihlale ngiqotho kuJehova ezikhathini zobunzima.

Ngakhulela eSlovenia, namuhla eyizwe elincane eliseYurophu Ephakathi. ISlovenia isengxenyeni yezintaba zase-Alps eziseYurophu, iphahlwe i-Austria ngasenyakatho, i-Italy ngasentshonalanga, iCroatia ngaseningizimu neHungary ngasempumalanga. Nokho, ngesikhathi kuzalwa abazali bami uFranc noRozalija Rekelj, iSlovenia yayiyingxenye yoMbuso Wase-Austro-Hungary. Ekupheleni kweMpi Yezwe I, iSlovenia yaba ingxenye yombuso omusha obizwa ngokuthi uMbuso wamaSerb, wamaCroat nowamaSlovene. Ngo-1929 igama laleli zwe lashintshwa kwaba iYugoslavia, ngokwezwi nezwi okusho ukuthi “iNingizimu Slavia.” Ngazalwa ngawo lowo nyaka ngo-January 9 emaphethelweni edolobhana lasePodhom, eduze kweChibi iBled elihle kakhulu.

Umama wakhuliswa amaKatolika ashisekayo. Ubab’ omncane wakhe wayengumpristi futhi obabekazi bakhe abathathu babeyizindelakazi. Wayenesifiso esikhulu sokuba nelakhe iBhayibheli ukuze alifunde futhi aliqonde. Ubaba wayengayithandi kangako inkolo. Wayekuzonda ukuzigaxa kwenkolo eMpini Yezwe I yango-1914 kuya ku-1918.

Ukufunda Iqiniso

Sekudlule isikhashana impi iphelile, umzala kamama, uJanez Brajec nomkakhe u-Ančka, baba abaFundi beBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo. Ngaleso sikhathi babehlala e-Austria. Cishe kusukela ngo-1936 kuye phambili, u-Ančka wayevakashela umama kaningi. Wamnika iBhayibheli, angachithanga sikhathi ukulifunda, kuhlanganise namakhophi e-Nqabayokulinda nezinye izincwadi zeBhayibheli zesiSlovenia. Ekugcineni, uJanez no-Ančka babuyela eSlovenia ngenxa yokuthi ngo-1938 uHitler wadla i-Austria. Ngiyakhumbula ukuthi babewumbhangqwana ofundile nonokuqonda futhi bemthanda ngempela uJehova. Babevame ukuxoxa nomama ngamaqiniso eBhayibheli, ngakho washukumiseleka ukuba anikezele ukuphila kwakhe kuJehova. Wabhapathizwa ngo-1938.

Kwaba undabuzekwayo endaweni yangakithi lapho umama eyeka ukulandela amasiko angekho eBhayibhelini, njengokugubha uKhisimusi; wayeka ukudla amasoseji egazi; kwaba kubi nakakhulu ngesikhathi eshisa zonke izithombe zenkolo esasinazo. Zisuka amadaka nje washushiswa. Obabekazi bakhe abayizindelakazi baqiniseka ukuthi bambhalela incwadi bezama ukumshintsha abuyele kuMariya nasesontweni. Nokho, lapho umama ebaphendula ecela ukuba bamphendule imibuzo ethile yeBhayibheli, akayitholanga impendulo evela kubo. Nomkhulu wami wamphikisa kakhulu. Wayengeyona indoda embi ngempela, kodwa wacindezelwa kakhulu izihlobo nomphakathi. Ngenxa yalokho, washisa izincwadi zeBhayibheli zikamama izikhathi eziningana, kodwa akalithintanga iBhayibheli. Wamncenga emncengile ukuba abuyele esontweni. Waze wamsikaza nangommese. Kodwa ubaba wamtshela ngokuqondile umkhulu ukuthi ngeke asibekezelele leso senzo.

Ubaba waqhubeka esekela ilungelo likamama lokufunda iBhayibheli nokuzenzela izinqumo ezindabeni zenkolo. Ngo-1946 naye wabhapathizwa. Ukubona indlela uJehova amqinisa ngayo umama ukuba amelele iqiniso ngesibindi naphezu koshushiso, nokubona indlela uJehova amvuza ngayo ngokholo lwakhe kwangishukumisela ukuba nami ngifune ukuba nobuhlobo noNkulunkulu. Ngazuza kakhulu nasemkhutsheni kamama wokungifundela ngokuzwakalayo iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini.

Umama wayeba nezingxoxo ezithatha isikhathi eside nodadewabo, uMarija Repe, futhi ekugcineni mina nomam’ ncane uMarija sabhapathizwa ngosuku olulodwa phakathi no-July 1942. Umzalwane weza wazosinikeza inkulumo emfushane, ngemva kwayo sabhapathizwa ekhaya kubhavu omkhulu wokhuni.

Umsebenzi Ophoqelelwe Phakathi NeMpi Yezwe II

Ngo-1942, phakathi neMpi Yezwe II, izwe laseJalimane nelase-Italy adla iSlovenia ahlukaniselana ngayo neHungary yanikwa ingxenye ethile. Abazali bami benqaba ukujoyina i-Volksbund, inhlangano yabantu yobuNazi. Mina-ke ngenqaba ukuthi “Heil Hitler” esikoleni. Kusobala ukuthi uthisha wami wangimpimpa kuziphathi-mandla.

Safakwa esitimeleni sayiswa enqabeni ethile eduze kwedolobhana laseHüttenbach, eBavaria, eyayisetshenziswa njengekamu lomsebenzi ophoqelelwe. Ubaba wenza amalungiselelo okuba ngisebenze futhi ngihlale nombhaki wendawo nomkhaya wakhe. Phakathi nalesi sikhathi, ngafunda ukubhaka, okwaba usizo kakhulu kamuva. Ngokuhamba kwesikhathi, wonke umndeni wakithi (kuhlanganise umam’ ncane uMarija nomkhaya wakhe) wayiswa ekamu eGunzenhausen.

Lapho impi iphela ngangizohamba neqembu elithile ngiye kubazali bami. Ngobusuku bangaphambi kohambo kwafika ubaba ngingamlindele. Angazi ukuthi kwakuyokwenzekani kimi ukube ngangihambe nalelo qembu njengoba lalingabazisa. Nalapha, ngakubona ukunakekela kukaJehova kothando njengoba asebenzisa abazali bami ukuba bangivikele futhi bangiqeqeshe. Mina nobaba sahamba izinsuku ezintathu ukuze siyohlangana nomkhaya wakithi. Ngo-June 1945 safika sonke ekhaya.

Ngemva kwempi, kwabusa amaKhomanisi eYugoslavia eholwa uMongameli uJosip Broz Tito. Ngenxa yalokho, oFakazi BakaJehova baqhubeka bethwele kanzima.

Ngo-1948 saba nesidlo nomzalwane ophuma e-Austria. Wayelandelwa amaphoyisa nomaphi lapho ayeya khona bese kuboshwa abazalwane abavakashele. Nobaba waboshelwa ukumhlalisa ekhaya nokungambiki emaphoyiseni, futhi wadonsa iminyaka emibili ejele ngenxa yalokho. Kwakuyisikhathi esinzima kakhulu lesi kumama, hhayi kuphela ngoba ubaba wayengekho, kodwa nangenxa yokuthi wayazi ukuthi maduze mina nomfowethu omncane sase sizobhekana nokuvivinywa kokungathathi-hlangothi.

Isigwebo Sami Ejele LaseMakedoniya

Ngo-November 1949, ngabizelwa empini. Ngahamba ngayochaza ukwenqaba kwami ukuya empini ngenxa kanembeza. Iziphathi-mandla azifunanga ukungilalela ngakho zangifaka esitimeleni kanye namasosha abuthelwe impi saya eMakedoniya, ngalé kweYugoslavia.

Iminyaka emithathu yonke ngangingaxhumani nabasekhaya noma nabazalwane futhi ngangingenancwadi, ngisho neBhayibheli leli. Kwakunzima kakhulu. Into eyangiqinisa ukuzindla ngoJehova nangesibonelo seNdodana yakhe, uJesu Kristu. Isibonelo sabazali bami naso sangiqinisa. Ngaphezu kwalokho, ukuthandaza njalo ngicela amandla kwangisiza ngangalilahla ithemba.

Ngokuhamba kwesikhathi, ngayiswa ejele lase-Idrizovo, eduze kwaseSkopje. Kuleli jele, iziboshwa zazenza imisebenzi yezandla neminye ehlukahlukene. Ekuqaleni, umsebenzi wami kwaba ukuhlanza nokuhambisa izinto zisuka kwelinye ihhovisi ziya kwelinye. Nakuba kwakunesiboshwa esasivame ukungihlukumeza esasikade siyilungu lamaphoyisa omshoshaphansi, ngangizwana nabo bonke abanye—onogada, iziboshwa, ngisho nophethe ifektri yasejele.

Kamuva ngezwa kuthiwa kudingeka umbhaki. Ngemva kwezinsukwana, umphathi weza ezobiza amagama ethu ukuze athole ukuthi obani ababengekho. Njengoba ayehamba phambi kwethu wafike wama phambi kwami wangibuza, “Ungumbhaki?” Ngavuma. Wabe esethi: “Kusasa ekuseni uye ebhikawozi.” Lesiya siboshwa esasingiphatha kabi sase sigcina ngokudlula nje ngasebhikawozi kodwa ayikho into esasingangenza yona. Ngasebenza lapho kusukela ngo-February kuya ku-July 1950.

Ngabe sengiyiswa ekamu elibizwa ngokuthi iVolkoderi, eningizimu yeMakedoniya, eduze kweLake Prespa. Njengoba idolobha lase-Otešovo laliseduze ngangikwazi ukubhalela abasekhaya izincwadi. Ngangisebenza nezinye iziboshwa sakha umgwaqo, kodwa esikhathini esiningi ngangisebenza njengombhaki, okwenza izinto zaba lula kakhulu. Ngo-November 1952 ngadedelwa.

Abazalwane basale bakha ibandla ePodhom ngesikhathi ngingekho. Ekuqaleni, leli bandla laliqhuba imihlangano endaweni yezivakashi eSpodnje Gorje. Kamuva, ubaba wavula ikamelo ekhaya ukuze imihlangano yebandla iqhutshelwe khona. Ekubuyeni kwami eMakedoniya ngakujabulela ukuhlanganyela kanye nalo. Saphinde saxhumana noStanka engangimbone ngaphambi kokuba ngiboshwe. Ngo-April 24, 1954 sashada. Nokho, le nkululeko kwakungeyesikhashana.

Isigwebo Sami EMaribor

Ngo-September 1954, ngabuye ngabizelwa empini. Kulokhu, ngagwetshwa iminyaka engaphezu kwemithathu nengxenye ejele laseMaribor, elisemaphethelweni empumalanga yeSlovenia. Lapho sengikwazi, ngathenga amaphepha nemisizi. Ngaqala ukubhala konke engangikukhumbula—imiBhalo, izingcaphuno ze-Nqabayokulinda namaphuzu akwezinye izincwadi zobuKristu. Ngangifunda amaphuzu engangiwabhalile, nginezele amanye encwadini yami njengoba ngangilokhu ngiwakhumbula. Ekugcineni, yagcwala incwadi yami futhi yangisiza ukuba ngigxile eqinisweni futhi ngihlale ngiqinile ngokomoya. Ukuthandaza nokuzindla kwangisiza kakhulu ukuba ngihlale ngiqinile ngokomoya, kwangenza ngaba nesibindi nakakhulu lapho ngitshela abanye iqiniso.

Ngaleso sikhathi, ngangivunyelwe ukuthola incwadi eyodwa ngenyanga nokuvakashelwa imizuzu engu-15 kuphela. UStanka wayehamba ngesitimela ubusuku bonke ukuze afike ejele kusesekuseni, ngemva kwalokho abuyele emuva ngalo lolo suku. Kwakungikhuthaza kakhulu ukuvakasha kwakhe. Ngabe sengizama iqhinga lokuthola iBhayibheli. Mina noStanka sasihlala etafuleni sibhekane, siqashwe unogada. Kwathi lapho unogada esabheke lé, ngafaka incwadi esikhwameni sikaStanka. Kuleyo ncwadi ngangicela ukuba angiphathele iBhayibheli mhla ebuya ezongivakashela.

UStanka nabazali bami babona ukuthi kuyingozi kakhulu lokhu, ngakho badabula ingxenye yemiBhalo YamaKristu YesiGreki bafaka amakhasi ayo esinkweni. Ngakwazi ukuthola iBhayibheli engangilidinga kakhulu. Benza okufanayo nangamakhophi e-Nqabayokulinda, uStanka ayewabhala ngesandla. Kwakuthi nje lapho ngiwathola ngizibhalele awami bese ngilahla akaStanka ukuze kuthi uma kuba khona owatholayo angazi ukuthi ngiwatholephi.

Ngenxa yokushumayela ngingaphezi, ezinye iziboshwa zazilokhu zingikhuza zithi ngizongena enkingeni. Kwenzeka-ke ngesinye isikhathi ngixoxa kamnandi ngeBhayibheli nesinye isiboshwa, sezwa kukhala izihluthulelo, kwangena unogada. Ngavele ngabona ukuthi lingishonele, ngizovalelwa ngedwa esitokisini. Kodwa unogada wayengezelanga lokho. Wayezwe ingxoxo yethu futhi wayefuna ukuhlanganyela kuyo. Esethole izimpendulo zemibuzo yakhe, wahluthulela wahamba.

Ngenyanga yokugcina ngisejele, isikhulu esasiphathiswe ukuhlunyeleliswa kwezimilo zeziboshwa sangitusa ngokulimelela ngokuzimisela iqiniso. Ngaba nomuzwa wokuthi imizamo yami yokwenza igama likaJehova laziwe yayivuzwa. Ngo-May 1958, ngaphinde ngadedelwa ejele.

Sabalekela E-Austria, Kamuva Sayiswa E-Australia

Umama washona ngo-August 1958. Wayesegulile impela yena. Kwathi ngo-September 1958, ngabizelwa empini okwesithathu. Ngalobo busuku, mina noStanka senza isinqumo esinqala esaholela ekweqeni umngcele amaphaphu ephezulu njengoba ngichaze ekuqaleni. Asitshelanga muntu. Sapakisha ojosaka ababili sathatha noseyili saphuma ngefasitela saqonda emngceleni wase-Austria ongasentshonalanga yeMount Stol. Kwabonakala sengathi uJehova wayesenzela indlela yokuphunyula ngoba wayebona ukuthi kwase kwanele.

Iziphathi-mandla zase-Austria zasithumela ekamu lababaleki eduze kwaseSalzburg. Phakathi nezinyanga eziyisithupha silapho, sasihlale sinoFakazi bendawo, ngakho sasisincane kakhulu isikhathi esasisichitha ekamu. Abanye ekamu babemangala ngendlela esashesha ngayo ukuba nabangane. Sakwazi ukuya emhlanganweni wokuqala. Futhi sakwazi ukushumayela ngokokuqala ngqá endlini ngendlu sikhululekile. Kwaba nzima kakhulu lapho sekudingeka sishiye laba bangane bethu abathandekayo.

Iziphathi-mandla zase-Austria zasinika ithuba lokuthuthela e-Australia. Sasingakaze sicabange ukuthi sasingaya kude kangaka. Sahamba ngesitimela saya eGenoa, e-Italy, sabe sesigibela umkhumbi oya e-Australia. Sagcina sizinze edolobheni laseWollongong, eNew South Wales. Yazalelwa lapha indodana yethu uPhilip, ngo-March 30, 1965.

Ukuhlala e-Australia kuye kwasivulela amathuba amaningi enkonzo, kuhlanganise nethuba lokushumayeza abantu abasuka ezindaweni ngaphambili ezazibizwa ngokuthi iYugoslavia. Asive sizazisa izibusiso zikaJehova, ezihlanganisa nesokumkhonza njengomkhaya onobunye. UPhilip nomkakhe uSusie, bajabulela ilungelo lokukhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova lase-Australia, futhi bake bakhonza iminyaka emibili ehhovisi legatsha laseSlovenia.

Naphezu kwezinselele eziza nokuguga nezinkinga zempilo, mina nomkami sisayijabulela inkonzo yethu kuJehova. Angive ngisazisa isibonelo esihle sabazali bami! Namanje sisangiqinisa, singisiza ukuba ngenze okwashiwo umphostoli uPawulu: “Jabulani ethembeni. Khuthazelani osizini. Phikelelani emthandazweni.”—Roma 12:12.

[Isithombe ekhasini 16, 17]

Abazali bami ngasekupheleni kwawo-1920

[Isithombe ekhasini 17]

Umama, ngakwesokudla, no-Ančka, owamfundisa iqiniso

[Isithombe ekhasini 18]

Nginomkami uStanka sisanda kushada

[Isithombe ekhasini 19]

Ibandla elaliqhubela imihlangano ekhaya ngo-1955

[Isithombe ekhasini 20]

Nginomkami, nendodana yami uPhilip, nomkayo uSusie