Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bajabulisa Izinhliziyo Zabazali Babo

Bajabulisa Izinhliziyo Zabazali Babo

Bajabulisa Izinhliziyo Zabazali Babo

“NDODANA yami, uma inhliziyo yakho iye yahlakanipha, inhliziyo yami iyojabula, yebo eyami.” (IzAga 23:15) Ngempela, abazali abangamaKristu bayajabula lapho izingane zabo zizuza ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu. NgoMgqibelo, ngo-September 10, 2005, iqembu labantu abangu-6 859 abaphuma ezizweni ezihlukahlukene laba khona ngesikhathi ikilasi le-119 le-Watchtower Bible School of Gilead lithweswa iziqu. Izinhliziyo zabo bonke ababekhona zazichichima injabulo, ikakhulu ezabazali balabo abangu-56 ababethweswa iziqu.

UDavid Walker, osenesikhathi eside eyilungu lomkhaya waseBethel wase-United States, wavula isimiso ngomkhuleko osuka enhliziyweni. Usihlalo, uDavid Splane oyilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, wabe eseqala isimiso sokuthweswa iziqu ngokuthi kubazali: “Kufanele sinincome ngokusuka enhliziyweni. Izimfanelo eniye nazihlakulela emadodaneni nasemadodakazini enu ziye zawashukumisela ukuba angenele inkonzo yezithunywa zevangeli.” Kungenzeka ukuthi labo bazali babekhathazekile, njengoba amadodana namadodakazi abo ayesezohamba aye ezabelweni ezikude. Nokho, uMfoweth’ uSplane wabaqinisekisa: “Ningakhathazeki ngabantwana benu. UJehova angabanakekela kangcono kakhulu kunani.” Wabe esethi: “Cabangani ngezinto ezinhle ezizofezwa amadodana namadodakazi enu. Abantu abahluphekayo bazothola induduzo yeqiniso ngokokuqala ngqa ekuphileni kwabo.”

Indlela Yokuqhubeka Nilethela Abanye Injabulo

Usihlalo wethula izikhulumi ezine. Esokuqala kwaba uRalph Walls oyilungu leKomiti Yegatsha yase-United States owaxoxa ngesihloko esithi “Gcinani Amehlo Enu Evulekile.” Wagcizelela ukuthi ubumpumputhe obungokomoya bubi kakhulu kunobumpumputhe obungokoqobo. Amalungu ebandla laseLawodikeya langekhulu lokuqala aba izimpumputhe ngokomoya. AmaKristu akulelo bandla ayeyizimpumputhe anikezwa usizo, kodwa kungcono kakhulu ukuzivikela kulobo bumpumputhe ngokugcina amehlo ethu angokomoya evulekile. (IsAmbulo 3:14-18) Isikhulumi sathi: “Gcinani amehlo enu evulekile, futhi nibheke amadoda aholayo ngendlela uJehova awabheka ngayo.” Abathweswa iziqu akufanele bakhathazeke ngokweqile uma kunezinkinga ebandleni. INkosi uJesu Kristu iyaziqaphela zonke lezo zinto. Izoqikelela ukuthi izinto zisingathwa ngesikhathi esifanele.

Isikhulumi esalandela, uSamuel Herd oyilungu leNdikimba Ebusayo waphendula umbuzo othi “Ingabe Nikulungele?” Njengoba nje umuntu othatha uhambo ephatha izingubo azidingayo, nabathweswa iziqu kumelwe njalo bagqoke izimfanelo zobuntu obusha. Kumelwe babe nesihawu esifana nesikaJesu. Ngesikhathi onochoko ethi kuye: “Uma nje uthanda, ungangenza ngihlanzeke,” uJesu wathi: “Ngiyathanda. Hlanzeka.” (Marku 1:40-42) Isikhulumi sabe sesithi: “Uma nifuna ngempela ukusiza abantu, niyoyithola indlela yokwenza lokho.” Incwadi yabaseFilipi 2:3 itshela amaKristu ukuba abheke ‘abanye njengabakhulu.’ UMfoweth’ uHerd wathi: “Ukuba othobekile enhliziyweni kubaluleke ngaphezu kokuba nolwazi. Labo eniyohlangana nabo enkonzweni kuhlanganise nabafowenu nodadewenu ebandleni bayozuza olwazini lwenu kuphela uma nithobekile.” Waphetha ngokuthi uma abathweswe iziqu beqhubeka begqoka uthando lobuKristu, bakulungele ukuya ezabelweni zabo, futhi ngokuqinisekile bayophumelela.—Kolose 3:14.

UMark Noumair, omunye wabafundisi baseGileyadi, wavusa ilukuluku lokuzwa inkulumo yakhe ngesihloko esithi, “Ingabe Niyoqhubeka Nikubonisa?” Ini? Wayesho ukubonisa ukubonga kwethu ngobuhle bukaJehova. IHubo 103:2 lithi: “Mbonge uJehova mphefumulo wami, ungazikhohlwa zonke izenzo zakhe.” Ama-Israyeli abonisa ukuntula ukubonga ngemana elawagcina ephila, alibiza ngokuthi ‘isinkwa esidelelekile.’ (Numeri 21:5) Njengoba isikhathi sihamba, ukubaluleka kwemana akuzange kushintshe, kodwa aphelelwa ukulazisa. Lo mfundisi wathi: “Uma nikhohlwa imisebenzi kaJehova bese nikuthatha kalula ukukhonza kwenu kwamanye amazwe, lokho kuyoyithinta indlela enibheka ngayo umsebenzi eniwunikwe uJehova.” IHubo 103:4 lithi uJehova ‘unithwesa umqhele womusa wothando.’ Abathweswa iziqu bazowubona umusa wothando kaNkulunkulu emabandleni abo amasha.

Omunye ofundisa eGileyadi, uLawrence Bowen, waxoxa ngesihloko esithi “Ingabe Ziyonifica?” Wathi amalungu ekilasi laseGileyadi le-119 aye azikhandla ukuze abe izithunywa zevangeli eziphumelelayo. Kodwa manje, kudingeka anamathele kuJehova nasemsebenzini awabele wona. Encwadini yesAmbulo 14:1-4, abangu-144 000 bachazwa ngokuthi “baqhubeka belandela iWundlu kungakhathaliseki ukuthi liyaphi.” Bonke abakulelo qembu banamathela ngobuqotho kuJehova naseNdodaneni yakhe kungakhathaliseki ukuthi babhekene nakuphi ukulingwa, futhi bayawufinyelela umgomo wabo. Isikhulumi sathi: “Kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, nathi sinamathela ngobuqotho kuJehova nasemsebenzini asabele wona.” Ngokwenza lokho, abathweswa iziqu ‘bazoficwa’ izibusiso zikaJehova.—Duteronomi 28:2.

Bathela Izithelo Enkonzweni Yabo

Ngazo zonke izimpelasonto ngesikhathi ikilasi lisaqhubeka, abafundi babeya enkonzweni yasensimini. Njengoba uWallace Liverance, obhalisa abafundi esikoleni, akhuluma nabo esimisweni, kwaba sobala ukuthi babephumelele. Bashumayela izindaba ezinhle okungenani ngezilimi eziyishumi futhi baqala izifundo zeBhayibheli eziningana. Omunye umbhangqwana owawuseGileyadi waqala isifundo seBhayibheli nendoda engumShayina. Ngemva kokuyivakashela kabili, wayibuza ukuthi yayizizwa kanjani ngokufunda ngoJehova. Yavula iBhayibheli layo yabe isiwucela ukuba ufunde uJohane 17:3. Yayinomuzwa wokuthi isendleleni eya ekuphileni.

U-Anthony Morris oyilungu leNdikimba Ebusayo wabe esexoxa nabazalwane abathathu abangamalungu amaKomiti Amagatsha eCôte d’Ivoire, eDominican Republic nase-Ecuador. La bazalwane baqinisekisa abathweswe iziqu ngokuthi amaKomiti Amagatsha abalindele ngokulangazela futhi azobasiza ukuba bajwayele izabelo zabo.

Ngokulandelayo, uLeonard Pearson oyilungu lomkhaya waseBethel wase-United States waxoxa namalungu amathathu amaKomiti Amagatsha avela eDemocratic Republic of the Congo, ePapua New Guinea nase-Uganda. La bazalwane bakhuthaza abathweswa iziqu ukuba bahlanganyele ngokugcwele enkonzweni yasensimini. Omunye umbhangqwana oyizithunywa zevangeli osuneminyaka engaphezu kwengu-21 ukhonza eCongo uye wasiza abantu abangu-60 ukuba bazinikezele futhi babhapathizwe. Manje lowo mbhangqwana uqhuba izifundo zeBhayibheli nabantu abangu-30, abangu-22 kubo baba khona emihlanganweni yebandla. Njengoba ukuvuna okungokomoya kukukhulu kangaka, manje isikhathi esihle sokukhonza njengesithunywa sevangeli.

Ukufakaza Unomuzwa Wokuphuthuma

UGerrit Lösch oyilungu leNdikimba Ebusayo wanikeza inkulumo yokugcina. Isihloko sakhe sasithi “Ukukhuluma NgoNkulunkulu Nokufakaza NgoJesu Ngosuku LweNkosi.” Amagama athi “fakaza,” “ofakazi” nelithi “ukufakaza” avela izikhathi ezingu-19 encwadini yesAmbulo. Ngakho, uJehova usitshela ngokusobala ngomsebenzi okumelwe wenziwe abantu bakhe. Kufanele sibunikeze nini lobu bufakazi? Phakathi ‘nosuku lweNkosi.’ (IsAmbulo 1:9, 10) Lolo suku lwaqala ngo-1914, luyaqhubeka kuze kube sesikhathini sethu, futhi lusaqhubekela phambili. Ngokwencwadi yesAmbulo 14:6, 7, umsebenzi wokushumayela ngoNkulunkulu usekelwa izingelosi. IsAmbulo 22:17 sibonisa ukuthi umthwalo wemfanelo wokuqondisa lo msebenzi wokufakaza ngoJesu uphathiswe insali yamaKristu agcotshiwe. Kodwa sonke kumelwe silisebenzise kahle lelo lungelo. Evesini 20, uJesu uthi: “Ngiyeza masinyane.” UMfoweth’ uLösch wanxusa bonke ababekhona: “Bizani abantu ukuba ‘beze bazothatha amanzi okuphila ngesihle.’ UJesu uyeza masinyane. Ingabe sikulungele?”

UFred Rusk, osefundise eSikoleni SaseGileyadi iminyaka engu-11, waphetha ngomkhuleko wokubonga uJehova owathinta izinhliziyo zabo bonke ababekhona. Kwaba isiphetho esifanelekayo sosuku olwaluyisenzakalo esijabulisa kakhulu.

[Ibhokisi ekhasini 13]

IMINININGWANE YEKILASI

Inani lamazwe amelelwe: 10

Inani lamazwe ababelwe kuwo: 25

Inani labafundi: 56

Isilinganiso seminyaka yobudala: 32,5

Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 16,4

Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 12,1

[Isithombe ekhasini 15]

Ikilasi Le-119 Elithweswa Iziqu E-Watchtower Bible School of Gilead

Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesokunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.

(1) Helgesen, S.; Daugaard, H.; Pierluissi, A.; Joseph, I.; Racanelli, C. (2) Byrge, T.; Butler, D.; Freedlun, J.; Nuñez, K.; Pavageau, C.; Doumen, T. (3) Camacho, O.; Lindqvist, L.; Broomer, A.; Wessels, E.; Burton, J.; Woodhouse, O.; Doumen, A. (4) Tirion, A.; Connally, L.; Fournier, C.; Gil, A.; Johnsson, K.; Hamilton, L. (5) Byrd, D.; Scribner, I.; Camacho, B.; Laschinski, H.; Hallahan, M.; Libuda, O. (6) Joseph, A.; Lindqvist, M.; Helgesen, C.; Nuñez, D.; Scribner, S.; Fournier, J. (7) Pierluissi, F.; Pavageau, T.; Broomer, C.; Racanelli, P.; Butler, T.; Woodhouse, M.; Libuda, J. (8) Laschinski, M.; Freedlun, S.; Burton, I.; Tirion, M.; Byrd, M.; Byrge, J. (9) Wessels, T.; Hallahan, D.; Connally, S.; Gil, D.; Daugaard, P.; Hamilton, S.; Johnsson, T.