Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Baqale Babazonda, Kamuva Babathanda

Baqale Babazonda, Kamuva Babathanda

Baqale Babazonda, Kamuva Babathanda

EMINYAKENI embalwa edlule, uSantiago nomkakhe, uLourdes, bathuthela edolobheni elihle iHuillcapata, ePeru, ukuze bayohlanganyela nabantu bakuleyo ndawo isigijimi sethemba esitholakala eBhayibhelini. Nokho, kungakabiphi kwafika umfundisi owayevela eCuzco futhi waqoqela ndawonye izakhamuzi zaleli dolobha. Lo mfundisi wazixwayisa ngokuthi ukuba khona koFakazi BakaJehova kwakuzoletha isishayo esibulalayo nokukhithika okukhulu okwakuzobulala izinkomo kubhubhise nezilimo.

Abaningi basikholelwa lesi “siprofetho,” kwaphela isikhathi esingaphezu kwengxenye yonyaka kungekho muntu kulelo dolobha ovumayo ukufundelwa iBhayibheli uSantiago noLourdes. Isikhulu sedolobha uMiguel, esingumphathi obekwe umbuso, sajaha uSantiago noLourdes emgwaqweni, sibajikijela ngamatshe. Kodwa njalo babeziphatha ngokuthula, ngendlela yobuKristu.

Ngokuhamba kwesikhathi, abathile kulelo dolobha bamukela isifundo seBhayibheli. Ngisho noMiguel washintsha isimo sakhe sengqondo. Waqala ukufunda noSantiago, wayeka ukuphuza ngokweqile waba umuntu onokuthula. Ekugcineni uMiguel, umkakhe namadodakazi akhe amabili balamukela iqiniso leBhayibheli.

Namuhla, kunebandla loFakazi BakaJehova elichumayo kuleli dolobha. UMiguel uyajabula ukuthi iningi lamatshe ajikijela ngawo uSantiago noLourdes labageja, futhi uyawazisa lo mbhangqwana ngesibonelo sawo esihle sokuba nokuthula.

[Izithombe ekhasini 32]

Isimo sengqondo sokuba nokuthula sikaSantiago noLourdes (ngenhla) sabangela ukuba uMiguel (ongakwesokudla) ashintshe