Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

IHubo 102:26 lithi umhlaba namazulu “kuyoshabalala.” Ingabe lokhu kusho ukuthi iplanethi ewuMhlaba iyobhujiswa?

Lapho umhubi ethandaza kuJehova wathi: “Kudala wabeka izisekelo zomhlaba ngokwawo, futhi amazulu awumsebenzi wezandla zakho. Kona kuyoshabalala, kodwa wena uyoqhubeka umile; konke kuyoguga njengengubo nje. Njengengubo nje uyobeka okunye esikhundleni sako, futhi kuyophelelwa isikhathi sako.” (IHubo 102:25, 26) Umongo ubonisa ukuthi la mavesi awakhulumi ngokubhujiswa komhlaba, kodwa akhuluma ngobuphakade bukaNkulunkulu. Umongo ubuye ubonise isizathu esenza leli qiniso elibalulekile libe yinduduzo ezincekwini zikaNkulunkulu.

Umhubi, okungenzeka usekudingisweni eBhabhiloni, uqala ngokuchaza izinhlupheko zakhe. Ulila ngokuthi ukuphila kwakhe kudlula ngokushesha “njengomusi nje.” Ukukhathazeka kakhulu kuyamgulisa kwenze amathambo akhe ‘ashise bhé njengeziko.’ Uphele amandla, ‘womile njengezimila,’ futhi uzizwa enesizungu “njengenyoni engayodwa phezu kophahla.” Izinhlupheko zakhe sezimenze waba nenhliziyo emnyama, futhi uyalila nsuku zonke. (IHubo 102:3-11) Noma kunjalo, umhubi akakalilahli ithemba. Kungani? Kungenxa yalokho uJehova athembise ukukwenza ngeZiyoni, noma iJerusalema.

Nakuba iZiyoni libhujisiwe, uJehova uthembise ukuthi lizovuselelwa. (Isaya 66:8) Ngakho egcwele ithemba, umhubi utshela uJehova: “Uyoba nesihe ngeZiyoni, ngoba kuyinkathi yokuba nomusa kulo, ngoba isikhathi esimisiwe sesifikile. Ngoba ngokuqinisekile uJehova uyolakha iZiyoni.” (IHubo 102:13, 16) Umhubi ube esephinde ekhuluma ngokwakhe ukuhlupheka. Uthi uma iJerusalema eliyincithakalo lingabuye livuselelwe ngamandla kaNkulunkulu, uJehova angakwazi kahle ukumhlenga kulesi simo esinzima akuso. (IHubo 102:17, 20, 23) Kukhona nokunye okwenza umhubi amethembe ngokuphelele uJehova. Yikuphi lokho? Iqiniso lokuthi uNkulunkulu unobuphakade.

Kuvele kucace kakhulu ukuthi uJehova uhlala kuze kube phakade uma eqhathaniswa nokuphila komhubi okufushane. Uthi kuJehova: “Iminyaka yakho isezizukulwaneni zonke.” (IHubo 102:24) Uqhubeka athi: “Kudala wabeka izisekelo zomhlaba ngokwawo, futhi amazulu awumsebenzi wezandla zakho.”—IHubo 102:25.

Nakuba kunjalo, ubudala bomhlaba namazulu abunakuqhathaniswa nobuphakade bukaJehova. Umhubi uyanezela: “[Umhlaba namazulu] kona kuyoshabalala, kodwa wena uyoqhubeka umile.” (IHubo 102:26) Umhlaba uqobo lwawo namazulu kungashabalala. Yiqiniso, uJehova washo kwenye indawo eBhayibhelini ukuthi kuyohlala phakade. (IHubo 119:90; UmShumayeli 1:4) Kodwa kona kwakungabhujiswa ukube lokho kwakuyinjongo kaNkulunkulu. UNkulunkulu uhlukile, akanakufa. Indalo ilokhu ‘imile’ ngenxa nje yokuthi uNkulunkulu uyayigcina. (IHubo 148:6) Ngakho-ke uma uJehova ebengayeka ukuvuselela indalo, ‘ibiyoguga njengengubo nje.’ (IHubo 102:26) Njengoba umuntu ephila isikhathi eside kunezingubo azigqokayo nendalo kaJehova ibiyoguga—ukube wakhetha ukuba kube njalo. Nokho siyazi ngokufunda kweminye imiBhalo ukuthi lena akuyona intando yakhe. IZwi likaNkulunkulu lisiqinisekisa ngokuthi uJehova ufuna umhlaba namazulu angokoqobo kuhlale phakade.—IHubo 104:5.

Kuyaduduza ukwazi ukuthi uJehova uyozigcwalisa zonke izithembiso zakhe. Kungakhathaliseki ukuthi sibhekana naziphi izilingo, lapho sikhala kuye, singaqiniseka ngokuthi “uyophendukela emthandazweni walabo abaphundlwe konke, angawudeleli umthandazo wabo.” (IHubo 102:17) Yebo, isiqinisekiso esisencwadini yeHubo 102 sokuthi uJehova uyohlale esisekela siqine ukudlula lo mhlaba esihamba kuwo.