Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Ubuhle Obuyobunqoba Ngayo Ububi

Indlela Ubuhle Obuyobunqoba Ngayo Ububi

Indlela Ubuhle Obuyobunqoba Ngayo Ububi

INkosi uDavide yayiyindoda elungile. Yayimthanda kakhulu uNkulunkulu, ilangazelela ubulungisa futhi ibakhathalela ngothando abahluphekayo. Nokho, yona le nkosi elungile yaphinga noBhati-sheba, umfazi wenye yamadoda ayo ayizethenjwa. Kamuva lapho uDavide ethola ukuthi wayemkhulelisile lo mfazi, wahlela ukuba kubulawe umyeni wakhe. Wabe eseshada noBhati-sheba ezama ukufihla izono zakhe.—2 Samuweli 11:1-27.

KUSOBALA ukuthi abantu bangakwazi ukwenza okuhle kakhulu. Pho kungani benza ububi obukhulu kangaka? IBhayibheli liveza izizathu eziningana ezibalulekile. Lembula nendlela uNkulunkulu ayobususa ngayo phakade ububi esebenzisa uKristu Jesu.

Ukuthambekela Ebubini

INkosi uDavide uqobo lwayo yabonisa enye imbangela yezenzo ezimbi. Ngemva kokuba izono zayo zidaluliwe, ayizange isole muntu ngezenzo zayo. Ngakho, idabukile yabhala: “Bheka! Ngazalwa ngezinseka nginesiphambeko, umama wangikhulelwa esonweni.” (IHubo 51:5) Kwakungeyona neze injongo kaNkulunkulu ukuba omama bazale abantwana ababezokona. Nokho, lapho u-Eva kamuva no-Adamu bekhetha ukuhlubuka kuNkulunkulu, balahlekelwa amandla okuzala abantwana abaphelele. (Roma 5:12) Njengoba uhlanga lwabantu abangaphelele lwalanda, kwabonakala ukuthi “ukuthambekela kwenhliziyo yomuntu kubi kusukela ebusheni bakhe kuqhubeke.”—Genesise 8:21.

Uma lokhu kuthambekela ebubini kungalawulwa, kungaholela emikhubeni elimazayo iBhayibheli eliyibiza ngokuthi “imisebenzi yenyama” ‘ewubufebe, ubutha, ukuxabana, umhawu, isifuthefuthe sentukuthelo, imibango, ukuhlukana, amahlelo, umona,’ neminye. (Galathiya 5:19-21) INkosi uDavide yanqotshwa ubuthakathaka benyama yafeba, okwabangela inhlekelele. (2 Samuweli 12:1-12) Le nkosi yayingamelana nokuthambekela kwayo ekuziphatheni okubi. Kodwa ngokuqhubeka ekhanuka uBhati-sheba, uDavide walandela inkambo kamuva eyachazwa umfundi uJakobe: “Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa yisifiso sakhe siqu. Khona-ke isifiso, lapho sesakhekile, sizala isono; isono, lapho sesifeziwe, siveza ukufa.”—Jakobe 1:14, 15.

Ukubulala inqwaba yabantu, ukudlwengula nokucekela phansi impahla okukhulunywe ngakho esihlokweni esandulele kuyizibonelo zezinto ezimbi kakhulu ezenzekayo lapho abantu bevumela izifiso ezingalungile ukuba zilawule izenzo zabo.

Ububi Bubangelwa Ukungazi

Okuhlangenwe nakho komphostoli uPawulu kugcizelela isizathu sesibili esenza abantu benze okubi. Ngesikhathi efa, uPawulu wayesenedumela lokuba indoda emnene nenothando. Wayezikhandle ngokungenabugovu ekukhonzeni abafowabo nodadewabo abangamaKristu. (1 Thesalonika 2:7-9) Nokho, ngesikhathi esabizwa ngokuthi uSawulu, ‘wayesonga futhi eshabashekela ukubulala’ lona kanye leli qembu. (IzEnzo 9:1, 2) Kungani uPawulu avuna izenzo ezimbi ezenziwa kumaKristu okuqala waze futhi wahlanganyela kuzo? Uthi: “Ngoba ngangingazi.” (1 Thimothewu 1:13) Yebo, ngaphambili uPawulu ‘wayenentshiseko ngoNkulunkulu; kodwa hhayi ngokolwazi olunembile.’—Roma 10:2.

NjengoPawulu, baningi abantu abaqotho abaye benza izenzo ezimbi ngoba bentula ulwazi olunembile ngentando kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, uJesu waxwayisa abalandeli bakhe: “Ihora liyeza lapho wonke umuntu onibulalayo eyocabanga ukuthi wenzé inkonzo engcwele kuNkulunkulu.” (Johane 16:2) OFakazi BakaJehova banamuhla bayakubona ukuba yiqiniso kwamazwi kaJesu. Emazweni amaningi baye bashushiswa baze ngisho babulawa abantu abathi bakhonza uNkulunkulu. Kusobala ukuthi leyo ntshiseko engafanele ayimjabulisi uNkulunkulu weqiniso.—1 Thesalonika 1:6.

Umsunguli Wobubi

UJesu wabonisa isizathu esiyinhloko sokuba khona kobubi. Ekhuluma nabaholi benkolo ababefuna ukumbulala, wathi: “Nina nivela kuyihlo uDeveli, futhi nifisa ukwenza izifiso zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kusukela ekuqaleni.” (Johane 8:44) Ngenxa yobugovu, uSathane wayenga u-Adamu no-Eva ukuba bahlubuke kuNkulunkulu. Lokho kuhlubuka kwaletha isono nokufa kuso sonke isintu.

Isimo sengqondo sikaSathane sokubulala sabonakala ngokwengeziwe kulokho akwenza kuJobe. Ngesikhathi uJehova emvumela ukuba avivinye ubuqotho bukaJobe, uSathane akazange aneliswe ukuphuca uJobe yonke into ayenayo. Wabangela nokufa kwabantwana bakhe abayishumi. (Jobe 1:9-19) Emashumini eminyaka amuva, isintu siye sabona ukwanda okuphawulekayo kobubi ngenxa yokungapheleli kwabantu nokungazi nangenxa yokwanda kwethonya likaSathane ekuphileni kwabantu. IBhayibheli lembula ukuthi uDeveli “waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.” Sona leso siprofetho sabikezela ngokunembile ukuthi ukuba kwakhe lapha emhlabeni kwakuzobangela ‘umaye’ ongakaze ube khona. Nakuba uSathane engenakukwazi ukuphoqa abantu ukuba benze izinto ezimbi, uyingcweti ‘yokudukisa umhlaba wonke owakhiwe.’—IsAmbulo 12:9, 12.

Ukuqeda Ukuthambekela Ebubini

Ukuze ububi bususwe ngokuphelele esintwini, kumelwe kuqedwe ukuthambekela ebubini umuntu azalwa nakho, ukuntula ulwazi olunembile nethonya likaSathane. Okokuqala, kungaqedwa kanjani enhliziyweni yomuntu ukuthambekela kwakhe esonweni azalwa nakho?

Akekho udokotela ohlinzayo noma umuthi owenziwe umuntu ongenza lo msebenzi omkhulu kangaka. Nokho, uJehova uNkulunkulu uye walungiselela ikhambi lokususa isono esizuzwe njengefa nokungapheleli kubo bonke abazimisele ukulamukela. Umphostoli uJohane wabhala: “lgazi likaJesu . . . lisihlanza kuso sonke isono.” (1 Johane 1:7) Lapho umuntu ophelele uJesu enikela ngokuzithandela ngokuphila kwakhe, “wathwala izono zethu emzimbeni wakhe esigxotsheni, ukuze sihlukane nezono futhi siphilele ukulunga.” (1 Petru 2:24) Ukufa kukaJesu komhlatshelo kwakuzosusa imiphumela yesenzo esibi sika-Adamu. UPawulu uthi uKristu Jesu waba “yisihlengo esihambelanayo sabo bonke.” (1 Thimothewu 2:6) Yebo, ukufa kukaKristu kwavula ithuba lokuba sonke isintu siphinde sithole ukuphelela okwalahlwa u-Adamu.

Nokho, ungase ubuze, ‘Uma ukufa kukaJesu okwenzeka eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule kwenza ukuba isintu siphinde sithole ukuphelela, kungani ububi nokufa kusalokhu kukhona?’ Ukuthola impendulo yalowo mbuzo kungasiza ekuqedeni imbangela yesibili yobubi—ukungazazi komuntu izinjongo zikaNkulunkulu.

Ulwazi Olunembile Lwenza Ubuhle Buchume

Ukuthola ulwazi olunembile ngalokho uJehova noJesu abakwenzayo manje ukuze baqede ububi kungavimbela umuntu oqotho ekubeni avune izenzo ezimbi engaqondile, noma okubi nakakhulu, ukuba ‘empeleni alwe noNkulunkulu.’ (IzEnzo 5:38, 39) UJehova uNkulunkulu uzimisele ukungazinaki izono ezenziwa ngokungazi esikhathini esidlule. Ekhuluma e-Athene, umphostoli uPawulu wathi: “UNkulunkulu uye wangazinaka izikhathi zokungazi okunjalo, nokho manje utshela isintu ukuba sonke kuyo yonke indawo siphenduke. Ngoba umise usuku ajonge ukwahlulela ngalo umhlaba owakhiwe ngokulunga ngomuntu ammisile, futhi unikeze isiqinisekiso kubo bonke abantu njengoba eye wamvusa kwabafileyo.”—IzEnzo 17:30, 31.

UPawulu wayezibonele ngawakhe ukuthi uJesu wayevusiwe kwabafileyo, ngoba nguJesu ovusiwe ngokwakhe owakhuluma noPawulu futhi wamnqanda ekushushiseni kwakhe amaKristu okuqala. (IzEnzo 9:3-7) Ngokushesha lapho uPawulu esethole ulwazi olunembile ngezinjongo zikaNkulunkulu, washintsha waba umuntu olungile ngempela olingisa uKristu. (1 Korinte 11:1; Kolose 3:9, 10) Ngaphezu kwalokho, uPawulu wazishumayela ngentshiseko “lezi zindaba ezinhle zombuso.” (Mathewu 24:14) Phakathi neminyaka ecishe ibe ngu-2 000 kusukela uJesu afa futhi wavuka, uye wakhetha esintwini labo, njengoPawulu, abayobusa naye eMbusweni wakhe.—IsAmbulo 5:9, 10.

Phakathi nekhulu leminyaka elidlule kuze kube manje, oFakazi BakaJehova baye bawufeza ngentshiseko umyalo kaJesu: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (Mathewu 28:19, 20) Laba abasilalelayo lesi sigijimi banethemba lokuphila phakade emhlabeni lapho sekubusa uhulumeni kaKristu wasezulwini. UJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Ukusiza othile ukuba athole lolu lwazi kuyinto enhle kakhulu umuntu olungile angayenzela omunye.

Labo abazamukelayo lezi zindaba ezinhle zoMbuso babonisa izimfanelo ‘ezinjengothando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba,’ naphezu kobubi obubazungezile. (Galathiya 5:22, 23) Belingisa uJesu, ‘ababuyiseli muntu okubi ngokubi.’ (Roma 12:17) Ngokomuntu ngamunye, bazama ‘ukuqhubeka benqoba okubi ngokuhle.’—Roma 12:21; Mathewu 5:44.

Ekugcineni Ububi Buyoqedwa

Ngamandla abo, abantu abasoze bakwazi ukumnqoba umgqugquzeli oyinhloko wobubi, uSathane uDeveli. Nokho, maduze uJehova uzosebenzisa uJesu ukuba achoboze ikhanda likaSathane. (Genesise 3:15; Roma 16:20) UJehova uzoqondisa uKristu Jesu nokuba ‘achoboze aqede’ zonke izimiso zezombusazwe, eziningi zazo eziye zabangela ububi obuningi kakhulu kuwo wonke umlando. (Daniyeli 2:44; UmShumayeli 8:9) Phakathi nalolu suku lokwahlulela oluzayo, bonke labo “abangazilaleli izindaba ezinhle mayelana neNkosi yethu uJesu . . . bayothola isijeziso sokwahlulelwa esiwukubhujiswa okuphakade.”—2 Thesalonika 1:8, 9; Zefaniya 1:14-18.

Lapho nje uSathane nalabo abamsekelayo sebesusiwe, uJesu uzobasiza esezulwini abasindile ukuba babuyisele umhlaba esimweni owawuyiso ekuqaleni. Ngaphezu kwalokho, uKristu uyovusa bonke abakufanelekelayo ukuthola ithuba lokuphila emhlabeni obuyiselwe. (Luka 23:32, 39-43; Johane 5:26-29) Ngokwenza kanjalo, uyoqeda neminye imiphumela yobubi isintu esiye sabhekana nayo.

UJehova ngeke abaphoqelele abantu ukuba balalele izindaba ezinhle maqondana noJesu. Nokho, unikeza abantu ithuba lokungenisa ulwazi oluholela ekuphileni. Kubalulekile ukuba manje ulisebenzise ngokunenzuzo leli thuba! (Zefaniya 2:2, 3) Uma wenza kanjalo, uyofunda indlela yokubhekana ngokuphumelelayo nanoma ibuphi ububi obuwohloza ukuphila kwakho. Uyobona nendlela uKristu ayohola ngayo ekuqedeni ububi ekugcineni.—IsAmbulo 19:11-16; 20:1-3, 10; 21:3, 4.

[Isithombe ekhasini 5]

USawulu wazivuna izenzo ezimbi ngenxa yokuthi wayentula ulwazi olunembile

[Isithombe ekhasini 7]

Ukusiza othile ukuba angenise ulwazi olunembile ngoNkulunkulu kuyinto enhle kakhulu umuntu olungile angayenzela omunye