Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ubuhle Busitshekelwa Ububi

Ubuhle Busitshekelwa Ububi

Ubuhle Busitshekelwa Ububi

NAMUHLA emhlabeni, kungase kubonakale sengathi bambalwa abantu abanomoya wokuzidela. Nokho, bakhona abasafisa “ukuletha ubungcono”—ukwenzela abanye izinto ezinhle ngandlela-thile. Unyaka ngamunye, abantu abangenakubalwa banikela ngezinkulungwane zezigidi zamaRandi ezinhlanganweni ezinikeza usizo. Ngokwesibonelo, eBrithani, iminikelo ethunyelwa kulezo zinhlangano yafinyelela inani eliphakeme lamaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-84 ngo-2002. Kusukela ngo-1999, abantu abayishumi abanomusa futhi abaphanayo baye banikela noma bathembisa ukunikela ngemali engaphezu kwamaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-246 ukuze kusizwe abahluphekayo.

Eminye imisebenzi emihle eye yafezwa abezinhlangano ezinikeza usizo ihlanganisa ukukhokhela imikhaya ehola kancane izindleko zezokwelapha, ukufundisa izingane zabazali abangabodwa, ukuxhasa ngokwezimali ukugoma emazweni asathuthuka, ukupha izingane izincwadi zokuqala zokufunda, ukupha abalimi basemazweni ampofu imfuyo nokunikela ngezimpahla zokusiza labo abayizisulu zezinhlekelele ezingokwemvelo.

Lezi zinto ezibalwe ngenhla zingamaqiniso abonisa ukuthi abantu bangakwazi ukwenzela abanye okuhle. Nakuba kunjalo, kuyadabukisa ukuthi kunabantu abenza izinto ezimbi kakhulu.

Ububi Buyanda

Selokhu kwaphela iMpi Yezwe II, kuye kwaba nezenzakalo ezilotshiwe ezingaba ngu-50 zokuqothulwa kohlanga nokubulawa kwabantu abaningi okwagqugquzelwa ezombusazwe. Iphephabhuku i-American Political Science Review, lithi: “Kulezi zenzakalo kuye kwafa abantu okungenani abayizigidi ezingu-12 nezakhamuzi eziningi kakhulu ezingaba izigidi ezingu-22, futhi lezi zisulu zingaphezu kwabantu ababulawa ezimpini zasekhaya nezihilela amanye amazwe kusukela ngo-1945.”

Ngasekupheleni kwekhulu lama-20, abantu abayizigidi ezingu-2,2 babulawa eCambodia ngenxa yezombusazwe. Inzondo phakathi kwamaqembu ezizwe ezihlukene eRwanda iye yaholela ekufeni kwamadoda, abesifazane nezingane abangaphezu kuka-800 000. Ukubulala okubangelwa yinkolo nezombusazwe eBosnia kuye kwaphumela ekufeni kwabantu abangaphezu kuka-200 000.

Ephawula izenzo ezimbi zamuva nje, unobhala-jikelele weZizwe Ezihlangene ngo-2004 wathi: “E-Iraq, sibona izakhamuzi zibulawa ngesihluku, kuyilapho izisebenzi zomnyango wosizo, izintatheli nezinye izakhamuzi zithunjwa futhi zibulawa ngendlela yobulwane. Ngesikhathi esifanayo, siye sabona iziboshwa zase-Iraq zihlukunyezwa ngendlela ehlazisayo. EDarfur, sibona bonke abantu bephoqelelwa ukuba bashiye imizi yabo, bese icekelwa phansi, kuyilapho abesifazane bedlwengulwa ngenhloso. Enyakatho ye-Uganda, sibona izingane zicwiywa futhi ziphoqelelwa ukuba zibe nengxenye ezenzweni zonya ezihlasimulisayo. EBeslan, siye sabona kuthunjwa izingane futhi zibulawa ngesihluku.”

Ngisho nasemazweni okuthiwa athuthukile, ubugebengu obubangelwa ubandlululo bubonakala banda. Ngokwesibonelo, i-Independent News yabika ngo-2004 ukuthi iBrithani iye yaba “nokwanda okuphindwe kayishumi nanye kwezisulu zokuhlaselwa noma zokuhlukunyezwa okubangelwa ubandlululo eshumini leminyaka eledlule.”

Kungani abantu abakwaziyo ukwenza okuhle kakhulu benza ububi obungaka? Ingabe siyoke siphile ezweni elingenabubi? Njengoba isihloko esilandelayo sibonisa, iBhayibheli linezimpendulo ezigculisayo zale mibuzo eyindida.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]

COVER: Mark Edwards/Still Pictures/Peter Arnold, Inc.