Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukufuna Ukulunga Kuyosivikela

Ukufuna Ukulunga Kuyosivikela

Ukufuna Ukulunga Kuyosivikela

“Ngakho, qhubekani nifuna kuqala . . . nokulunga [kukaNkulunkulu].”—MATHEWU 6:33.

1, 2. UmKristu othile osemncane wathatha siphi isinqumo, futhi ngani?

INTOKAZI engumKristu e-Asia yayingunobhala ehhovisi elithile likahulumeni. Yayiqotho, ifika ngesikhathi emsebenzini futhi ikhuthele. Nokho, lo msebenzi wawuyitoho nje, ngakho kwafika isikhathi sokuba kubukezwe isikhundla sayo. Isikhulu salowo mnyango satshela le ntokazi ukuthi sasizoyiqasha ngokugcwele futhi siyikhuphulele esikhundleni esiphakeme kunalesi kuphela uma ingavuma ukushendeza naso. Yenqaba yaphetha, ngisho noma lokhu kwakuyosho ukulahlekelwa umsebenzi.

2 Ingabe le ntokazi engumKristu yayenza ngokungacabangi? Cha, yayinamathelisisa kula mazwi kaJesu: “Ngakho-ke, qhubekani nifuna kuqala . . . nokulunga [kukaNkulunkulu].” (Mathewu 6:33) Kuyo, ukulandela izimiso zokulunga kwakubaluleke ngaphezu kokuthola umsebenzi ngokuziphatha kabi ngokobulili.—1 Korinte 6:18.

Ukubaluleka Kokulunga

3. Kuyini ukulunga?

3 Elithi “ukulunga” lisikisela isimo sokuziphatha okuqotho nokwethembeka. EBhayibhelini, amagama esiGreki nesiHebheru anomqondo wokuba “oqondile” noma “oqotho.” Akukhona ukuzibona ulungile, uzahlulela ngezindinganiso zakho. (Luka 16:15) Yindaba yokuba oqondile ngokwezindinganiso zikaJehova. Kuwukulunga kukaNkulunkulu.—Roma 1:17; 3:21.

4. Kungani ukulunga kubalulekile kumKristu?

4 Kungani ukulunga kubalulekile? Ngenxa yokuthi uJehova, ‘uNkulunkulu olungile,’ ubabonisa umusa abantu bakhe lapho benza ukulunga. (IHubo 4:1; IzAga 2:20-22; Habakuki 1:13) Noma ubani owenza ukungalungi akakwazi ukuba nobuhlobo obuseduze naye. (IzAga 15:8) Yingakho umphostoli uPawulu anxusa uThimothewu: “Balekela izifiso zobusha, kodwa phishekela ukulunga,” kanye nezinye izimfanelo ezibalulekile. (2 Thimothewu 2:22) Yingakho futhi uPawulu afaka ‘nesivikelo sesifuba sokulunga’ lapho ebala izingxenye ezihlukahlukene zesembatho sethu esingokomoya sokuzivikela.—Efesu 6:14.

5. Izidalwa ezingaphelele zingakufuna kanjani ukulunga?

5 Yebo, akekho umuntu olunge ngomqondo ophelele. Kunefa bonke abantu abalizuzayo ku-Adamu, elibenza bonke babe yizoni, abangalungile, kwasekuzalweni kwabo. Noma kunjalo uJesu wathi kufanele sifune ukulunga. Kungenzeka kanjani lokho? Kungenzeka ngoba uJesu wanikela ngokuphila kwakhe okuphelele njengesihlengo sethu, futhi uma sibonisa ukholo kulowo mhlatshelo, uJehova uzimisele ukusithethelela izono zethu. (Mathewu 20:28; Johane 3:16; Roma 5:8, 9, 12, 18) Ngaleso sizathu, lapho sifunda izindinganiso zikaJehova zokulunga futhi senza konke okusemandleni ethu ukuba sizigcine—sithandazele usizo lokunqoba ubuthakathaka bethu—uJehova uyakwamukela ukukhulekela kwethu. (IHubo 1:6; Roma 7:19-25; IsAmbulo 7:9, 14) Yeka ukuthi kududuza kangakanani lokho!

Ukulunga Ezweni Elingalungile

6. Kungani izwe laliyindawo eyingozi kumaKristu okuqala?

6 Lapho abafundi bakaJesu bethola umyalo wokuba ofakazi bakhe “ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba,” babhekana nesimo esinzima. (IzEnzo 1:8) Yonke insimu ababeyabelwe ‘yayisemandleni omubi,’ uSathane. (1 Johane 5:19) Izwe lalingenwe umoya omubi awugqugquzelayo, futhi amaKristu ayeyochayeka ethonyeni lawo elonakalisayo. (Efesu 2:2) Izwe laliyindawo eyingozi kuwo. Ayeyokwazi ukukhuthazela futhi agcine ubuqotho bawo kuphela ngokufuna kuqala ukulunga kukaNkulunkulu. Amaningi akhuthazela, kodwa ambalwa aphambukiswa “endleleni yokulunga.”—IzAga 12:28; 2 Thimothewu 4:10.

7. Imiphi imithwalo yemfanelo eyenza kudingeke ukuba umKristu amelane namathonya onakalisayo?

7 Ingabe izwe liphephe kakhudlwana kumaKristu namuhla? Lutho neze! Lonakele ngaphezu kokuba lalinjalo ekhulwini lokuqala. Ngaphezu kwalokho, uSathane ujikijelwe emhlabeni futhi ulwa impi enesihluku ngokumelene namaKristu agcotshiwe, “abaseleyo benzalo [yowesifazane], abagcina imiyalo kaNkulunkulu futhi benomsebenzi wokufakaza ngoJesu.” (IsAmbulo 12:12, 17) Uhlasela nanoma ibaphi abasekela leyo “nzalo.” Noma kunjalo, amaKristu awakwazi ukuzifihla ezweni. Nakuba engeyona ingxenye yalo, kumelwe aphile kulo. (Johane 17:15, 16) Kumelwe futhi ashumayele kulo ukuze afune abantu abanokuthambekela okufanele abafundise ukuba babe abafundi bakaKristu. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Ngakho-ke, njengoba amaKristu engenakuwagwema ngokuphelele amathonya onakalisayo aleli zwe, kudingeka amelane nawo. Ake sicabangele amane kulawo mathonya.

Ugibe Lokuziphatha Okubi

8. Kungani ama-Israyeli aphendukela ekukhulekeleni onkulunkulu babakwaMowabi?

8 Ngasekupheleni kofuduko lwawo lweminyaka engu-40 ehlane, ama-Israyeli amaningi aphambuka endleleni yokulunga. Kwase kukaningi ebona uJehova ewakhulula, futhi ayesezongena eZweni Lesithembiso. Kodwa, ngaso leso sikhathi esibucayi, aphendukela ekukhonzeni onkulunkulu babakwaMowabi. Kwenzekani? Anqotshwa “isifiso senyama.” (1 Johane 2:16) Ukulandisa kuthi: “Abantu baqala ukuziphatha kabi namadodakazi akwaMowabi.”—Numeri 25:1.

9, 10. Isiphi isimo esikhona namuhla esenza kubaluleke ukuba sihlale njalo sikhumbula ukuthi izifiso ezimbi zenyama zinethonya elonakalisayo?

9 Leso senzakalo sibonisa indlela abantu abangaqaphile abangonakaliswa ngayo izifiso zenyama ezimbi. Senza kahle uma sifunda kulokhu, ikakhulukazi njengoba iningi labantu selibheka ukuziphatha okubi njengendlela yokuphila eyamukelekayo. (1 Korinte 10:6, 8) Umbiko wase-United States uthi: “Kwaze kwaba ngawo-1970 umthetho ungakuvumeli ukukipita kuzo zonke izifunda zaseMelika. Manje sekuyinsakavukela. Kubo bonke abantu abashada okokuqala, abangaphezu kwesigamu basuke beqale ngokukipita.” Ukukipita neminye imikhuba yokuziphatha okuxekethile njengako ayitholakali ezweni elilodwa kuphela. Igcwele umhlaba wonke, futhi kuyadabukisa ukuthi amanye amaKristu aye awulandela lo mkhuba—aze alahlekelwa nawukuma kwawo ebandleni lobuKristu.—1 Korinte 5:11.

10 Ngaphezu kwalokho, kubonakala sengathi inkulumo-ze ethuthukisa ukuziphatha okubi ikuyo yonke indawo. Amabhayisikobho nezinhlelo zethelevishini zisikisela ukuthi kwamukeleka ngokuphelele ukuba intsha ihileleke ebulilini ngaphambi komshado. Ubungqingili buvezwa buyinto engokwemvelo. Izinhlelo eziningi zibonisa ubulili ingcaca. Izithombe eziveza ubulili obuyingcaca zitholakala kalula nakuyi-Internet. Ngokwesibonelo, umlobeli wephephandaba elithile wabika ukuthi indodana yakhe eneminyaka engu-7 yafika ekhaya ivela esikoleni yamxoxela ngelikhulu isasasa ukuthi umngane wayo esikoleni uthole ingosi ye-Internet ebonisa abesifazane abanqunu benza izenzo zobulili. Uyise wethuka kwaphela nasozwaneni, kodwa zingaki izingane ezizithela ezingosini ezinjalo nokho zingabatsheli abazali? Ngaphezu kwalokho, bangaki abazali abakwaziyo okuqukethwe imidlalo ye-video izingane zabo eziyidlalayo? Imidlalo eminingi ethandwayo ibonisa ukuziphatha okubi okunyantisayo, kanye nobudemoni nobudlova.

11. Umkhaya ungavikeleka kanjani ekuziphatheni okubi kwezwe?

11 Umkhaya ungamelana kanjani “nokuzijabulisa” okunjalo okonakele? Ngokufuna kuqala ukulunga kukaNkulunkulu, wenqabe ukuhileleka kunoma yikuphi ukuziphatha okubi. (2 Korinte 6:14; Efesu 5:3) Abazali abazengamela ngokufanele izinto ezenziwa izingane zabo futhi abagxilisa ezinganeni zabo ukuthanda uJehova nemithetho yakhe yokulunga bayaziqinisa ukuba zigweme izithombe ezingcolile, imidlalo ye-video engcolile, amabhayisikobho angcolile, nezinye izilingo ezingalungile.—Duteronomi 6:4-9. *

Ingozi Yokucindezela Komphakathi

12. Iyiphi inkinga eyavela ekhulwini lokuqala?

12 Lapho uPawulu eseListra e-Asia Minor, waphulukisa umlisa othile ngokuyisimangaliso. Ukulandisa kuthi: “Izixuku, zibona lokho uPawulu ayekwenzile, zaphakamisa amazwi azo, zithi ngolimi lwesiLikawoniya: ‘Onkulunkulu sebeye baba njengabantu futhi behlele kithi!’ Babiza uBarnaba ngokuthi uZeyusi, uPawulu bambiza ngokuthi uHermesi, njengoba kwakunguye owayehola ekukhulumeni.” (IzEnzo 14:11, 12) Kamuva zona lezo zixuku zafuna ukubulala uPawulu noBarnaba. (IzEnzo 14:19) Ngokusobala, laba bantu babeyizisulu zokucindezela komphakathi. Kubonakala sengathi lapho abathile kuleso sifunda beba ngamaKristu, abazange bakulahle ukuthambekela kwabo ekukholelweni ezeni. Encwadini yakhe ayilobela amaKristu aseKolose, uPawulu waxwayisa ‘ngokukhulekela izingelosi.’—Kolose 2:18.

13. Imaphi amanye amasiko okudingeka umKristu awagweme, futhi angawatholaphi amandla okwenza kanjalo?

13 Namuhla, amaKristu eqiniso ngokufanayo kudingeka agweme imikhuba eyamukelwa abaningi esekelwe emibonweni yamanga engokwenkolo engqubuzana nezimiso zobuKristu. Ngokwesibonelo, kwamanye amazwe imikhosi eminingi eyisiko ehlobene nokuzalwa nokufa isekelwe emangeni athi sinomoya ongafi lapho thina sifa. (UmShumayeli 9:5, 10) Kunamazwe okuyisiko kuwo ukusika izitho zobulili zamantombazane. * Lona umkhuba ononya, ongadingeki futhi ongahambisani nokunakekela kothando abazali abangamaKristu okufanele bakunikeze izingane zabo. (Duteronomi 6:6, 7; Efesu 6:4) AmaKristu angamelana kanjani nokucindezela komphakathi futhi alahle imikhuba enjalo? Ngokuthembela kuJehova ngokuphelele. (IHubo 31:6) UNkulunkulu olungile uyobaqinisa futhi abanakekele labo abathi kuye ngenhliziyo yabo yonke: “Wena uyisiphephelo sami nenqaba yami, uNkulunkulu wami, engiyothembela kuye.”—IHubo 91:2; IzAga 29:25.

Ungamkhohlwa UJehova

14. Isiphi isixwayiso uJehova asinika ama-Israyeli ngaphambi nje kokuba angene eZweni Lesithembiso?

14 Ngaphambi nje kokuba ama-Israyeli angene eZweni Lesithembiso, uJehova wawaxwayisa ukuba angamkhohlwa. Wathi: “Ziqaphele ukuba ungamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wakho bese ungayigcini imiyalo yakhe nezinqumo zakhe zokwahlulela nezimiso zakhe engikuyala ngazo namuhla; funa udle uzanelise, wakhe izindlu ezinhle uhlale kuzo, umhlambi wakho wezinkomo nomhlambi wakho wezimvu wande, likwandele nesiliva negolide, nakho konke okungokwakho kwande; inhliziyo yakho iphakame bese ukhohlwa uJehova uNkulunkulu wakho.”—Duteronomi 8:11-14.

15. Singaqiniseka kanjani ukuthi asimkhohlwa uJehova?

15 Kungenzeka okufanayo yini nanamuhla? Yebo kungenzeka uma singazihlelile kahle izinto eziza kuqala. Nokho, uma sifuna kuqala ukulunga kukaNkulunkulu, ukukhulekela okuhlanzekile kuyoba into ebaluleke kunakho konke ekuphileni. Njengoba uPawulu asikhuthaza, ‘siyothenga ithuba’ futhi senze inkonzo yethu sinomuzwa wokuphuthuma. (Kolose 4:5; 2 Thimothewu 4:2) Nokho, uma ukuya emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini kungabalulekile kangako kithi ngaphezu kokungcebeleka noma kokuthola izindlela zokuzijabulisa, singamkhohlwa uJehova ngomqondo wokumbeka endaweni yesibili ekuphileni kwethu. UPawulu wathi ezinsukwini zokugcina, abantu bayoba “abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:4) AmaKristu aqotho ayazihlola njalo ukuze aqiniseke ukuthi awathonyiwe ukucabanga kwalolo hlobo.—2 Korinte 13:5.

Qaphela Umoya Wokuzibusa

16. Imuphi umoya omubi owaboniswa u-Eva nabathile osukwini lukaPawulu?

16 E-Edene, uSathane waphumelela ukuvusela u-Eva isifiso sobugovu sokuzibusa. U-Eva wafuna ukuzenzela izinqumo zokulungile nokungalungile. (Genesise 3:1-6) Ekhulwini lokuqala, abanye ebandleni laseKorinte babenomoya ofanayo wokuzibusa. Bacabanga ukuthi babazi kangcono kunoPawulu, futhi ebabhinqa, wababiza ngokuthi abaphostoli abahle kakhulu.—2 Korinte 11:3-5; 1 Thimothewu 6:3-5.

17. Singakugwema kanjani ukuba nomoya wokuzibusa?

17 Ezweni namuhla, abaningi ‘banenkani, bakhukhumele,’ futhi amanye amaKristu aye athonywa yileyo ndlela yokucabanga. Amanye aze ngisho aba abaphikisi beqiniso. (2 Thimothewu 3:4; Filipi 3:18) Uma kuziwa ekukhulekeleni okuhlanzekile, kubalulekile ukuba sibheke kuJehova ukuze asiqondise nokuba sibambisane ‘nenceku ethembekileyo neqondayo’ kanye nabadala bebandla. Leyo yindlela yokufuna ukulunga, futhi isivikela ekubeni nomoya wokuzibusa. (Mathewu 24:45-47; IHubo 25:9, 10; Isaya 30:21) Ibandla labagcotshiweyo ‘liyinsika nozime lweqiniso.’ NguJehova osinikeze lona ukuze lisivikele futhi lisiqondise. (1 Thimothewu 3:15) Ukuqaphela indima yalo ebalulekile kuyosisiza ukuba ‘singenzi lutho ngokuzazisa’ njengoba sizithoba entandweni kaJehova elungile.—Filipi 2:2-4; IzAga 3:4-6.

Yibani Abalingisi BakaJesu

18. Sikhuthazwa ukuba silingise uJesu ngaziphi izindlela?

18 IBhayibheli laprofetha lokhu ngoJesu: “Ukuthandile ukulunga futhi uyabuzonda ububi.” (IHubo 45:7; Hebheru 1:9) Yeka isibonelo esihle sokusilingisa! (1 Korinte 11:1) UJesu akazange nje agcine ngokwazi izindinganiso zikaJehova eziqondile; wazithanda. Ngakho lapho uSathane emlinga ehlane, uJesu akazange ananaze ekwenqabeni kwakhe ukuphambuka “endleleni yokulunga.”—IzAga 8:20; Mathewu 4:3-11.

19, 20. Imiphi imiphumela emihle yokufuna ukulunga?

19 Yiqiniso, izifiso ezingalungile zenyama zingase zibe namandla. (Roma 7:19, 20) Noma kunjalo, uma ukulunga kuyigugu kithi, kuyosiqinisa ukuba simelane nobubi. (IHubo 119:165) Uthando olujulile ngokulunga luyosivikela lapho siyengelwa ukwenza okubi. (IzAga 4:4-6) Khumbula, noma nini lapho sinqotshwa isilingo, senza uSathane anqobe. Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukumelana naye futhi senze uJehova anqobe!—IzAga 27:11; Jakobe 4:7, 8.

20 Ngenxa yokuthi afuna ukulunga, amaKristu eqiniso ‘agcwele isithelo sokulunga, esiza ngoJesu Kristu, kube udumo nenkazimulo kuNkulunkulu.’ (Filipi 1:10, 11) Agqoka “ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokuthembeka.” (Efesu 4:24) AngawakaJehova futhi aphilela ukukhonza yena, hhayi ukuzijabulisa wona. (Roma 14:8; 1 Petru 4:2) Yilokho okubusa imicabango nezenzo zawo. Yeka indlela ayijabulisa ngayo inhliziyo kaYise osezulwini!—IzAga 23:24.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 11 Ukusikisela okuwusizo abazali abangakusebenzisa ukuze bavikele umkhaya emathonyeni amabi kutholakala encwadini ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 13 Lo mkhuba ubizwa ngokuthi ukusoka abesifazane.

Ungachaza?

• Kungani kubalulekile ukufuna ukulunga?

• UmKristu ongaphelele angakufuna kanjani ukulunga?

• Iziphi ezinye zezinto ezisezweni umKristu okudingeka azigweme?

• Ukufuna ukulunga kusivikela kanjani?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 26]

Izwe laliyindawo eyingozi kubalandeli bakaJesu

[Isithombe ekhasini 27]

Ukufundisa izingane ukuthanda uJehova kuyoziqinisa ukuba zigweme ukuziphatha okubi

[Isithombe ekhasini 28]

Amanye ama-Israyeli amkhohlwa uJehova ngemva kokuba esechumile eZweni Lesithembiso

[Isithombe ekhasini 29]

NjengoJesu, amaKristu ayakuzonda ukungalungi