Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukukhulisa Izingane Eziyisishiyagalombili Ngezindlela ZikaJehova Kwakuyinselele Kodwa Kujabulisa

Ukukhulisa Izingane Eziyisishiyagalombili Ngezindlela ZikaJehova Kwakuyinselele Kodwa Kujabulisa

Indaba Yokuphila

Ukukhulisa Izingane Eziyisishiyagalombili Ngezindlela ZikaJehova Kwakuyinselele Kodwa Kujabulisa

ILANDISWA UJOYCELYN VALENTINE

Ngo-1989 umyeni wami waya kwelinye izwe eyosebenza. Wathembisa ukuthumela imali ukuze nginakekele izingane zethu ezingu-8. Kwadlula amasonto, kwadlula izinyanga, lutho umyeni wami. Ngangilokhu ngiziduduza ngokuthi, ‘Kuzothi nje lapho izinto sezimhambela kahle, abuye ekhaya.’

NJENGOBA ngangingenamali yokunakekela izingane zami, ngakhathazeka kakhulu. Ngangiqwasha ubusuku bonke, ngizibuza, ‘Kodwa umyeni wami angayenza kanjani into enje emkhayeni wakhe?’ Ekugcineni ngalamukela iqiniso elibuhlungu lokuthi umyeni wami wayesishiyile. Sekudlule iminyaka engu-16 futhi akakabuyi. Ngenxa yalokho, ngiye ngakhulisa izingane zami ngingedwa. Kube nzima kakhulu ukukwenza lokhu, kodwa ukubona izingane zami ziphila ngezindlela zikaJehova kuye kwangijabulisa kakhulu. Nokho, ngaphambi kokuba nginixoxele ukuthi sakwazi kanjani ukuqhubeka siphila njengomkhaya, ake nginixoxele ngokukhula kwami.

Ukufuna Isiqondiso SeBhayibheli

Ngazalwa ngo-1938 esiqhingini saseJamaica esiseCaribbean. Nakuba ubaba ayengasonti, wayezibheka njengendoda eyesaba uNkulunkulu. Ebusuku wayevame ukungicela ukuba ngimfundele eBhayibhelini incwadi yamaHubo. Ngenxa yalokho amahubo amaningi ngase ngiwazi ngekhanda. Umama yena wayesonta esontweni lendawo, futhi ngezinye izikhathi wayehamba nami siye enkonzweni.

Kulezo zinkonzo, safundiswa ukuthi uNkulunkulu uthatha abantu abalungile abayise ezulwini, ababi abashise phakade esihogweni. Safundiswa nokuthi uJesu unguNkulunkulu nokuthi uyazithanda izingane. Kwakungidida kakhulu lokhu futhi ngamesabisa okwengonyama uNkulunkulu. Ngangizibuza, ‘Kwenzeka kanjani ukuthi uNkulunkulu osithandayo azwise abantu ubuhlungu ngokubashisa emlilweni?’

Isihogo sasingethusa kakhulu. Ngokuhamba kwesikhathi ngafunda ngeposi izifundo zeBhayibheli zeSonto lamaSabatha. Leli sonto lalifundisa ukuthi abantu ababi ngeke bahlushwe phakade, kunalokho, bayoshiswa babe umlotha. Lokhu kwezwakala kunengqondo, ngakho-ke ngaqala ukuya ezinkonzweni zabo. Kodwa izimfundiso zabo zazingixaka, kanti-ke nengangikufunda akuzange kulungise imibono yami eyiphutha ngokuziphatha.

Ngaleyo minyaka abantu babazi ukuthi ubufebe abulungile. Kodwa mina nabanye sasikholelwa ukuthi izifebe abantu abalala nabantu abaningi. Ngakho, uma abantu ababili bethembekile komunye nomunye babengaba nobuhlobo bobulili noma bengashadile. (1 Korinte 6:9, 10; Hebheru 13:4) Ngenxa yalokho ngaba nezingane eziyisithupha ngingashadile.

Ukuthuthuka Ngokomoya

Ngo-1965, uVaslyn Goodison no-Ethel Chambers bathuthela endaweni yangakithi ebizwa ngokuthi iBath. Babengamaphayona, noma izikhonzi zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova, futhi ngolunye usuku baxoxa nobaba futhi wavuma ukufundelwa iBhayibheli. Kwakuthi uma befika ngikhona ekhaya baxoxe nanami. Nakuba nganginezinsolo ezinkulu ngoFakazi BakaJehova, nganquma ukutadisha iBhayibheli nabo ngenzela nje ukubabonisa ukuthi basephutheni.

Ngangibabuza imibuzo eminingi phakathi nesifundo bayiphendule yonke ngeBhayibheli. Ngosizo lwabo, ngafunda ukuthi abafile abezwa lutho futhi abahlushwa esihogweni. (UmShumayeli 9:5, 10) Ngafunda nangethemba lokuphila phakade emhlabeni ePharadesi. (IHubo 37:11, 29; IsAmbulo 21:3, 4) Nakuba ubaba ayeka ukufunda, mina ngaqala ukuya emihlanganweni yebandla yoFakazi BakaJehova. Indlela enokuthula nehlelekile imihlangano eyayiqhutshwa ngayo yangenza ngafunda okwengeziwe ngoJehova. Ngaya nasemihlanganweni yesifunda neyesigodi, imibuthano emikhulu ehlelwa oFakazi. Lolu lwazi lweBhayibheli lwenza ngaba nesifiso esijulile sokukhulekela uJehova ngendlela eyamukelekayo. Nokho, kukhona okwakuyisithiyo.

Ngaleso sikhathi ngangihlalisene nendoda eyayingubaba wezingane ezintathu kweziyisithupha. Ngafunda eBhayibhelini ukuthi uNkulunkulu uyakulahla ukuba nobuhlobo bobulili nomuntu ongashadile naye, futhi unembeza wami waqala ukungihlupha. (IzAga 5:15-20; Galathiya 5:19) Njengoba uthando lwami ngeqiniso lwalukhula, ngafisa kakhulu ukuvumelanisa ukuphila kwami nomthetho kaNkulunkulu. Ekugcineni ngenza isinqumo. Ngatshela umasihlalisane wami ukuthi kumelwe akhethe ukuthi sishade noma sihlukane. Nakuba umasihlalisane wami ayengavumelani nezinkolelo zami, sashada ngokomthetho ngo-August 15, 1970, sekudlule iminyaka emihlanu ngaqala ukukhuluma noFakazi. Ngo-December 1970, ngabonakalisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo lwamanzi.

Angisoze ngalukhohlwa usuku engaqala ngalo ukushumayela. Ngangethukile ngingazi ukuthi ngizoyiqala kanjani ingxoxo yeBhayibheli. Empeleni, ngajabula lapho umninikhaya endlini yokuqala ebonga. Nokho, kwahamba kwahamba kwaba ngcono. Ngangizizwa ngijabule ekupheleni kosuku ngokuthi ngangikwazile ukuxoxa kafushane nabantu abaningana ngeBhayibheli futhi ngabashiyela izincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini.

Ukugcina Umkhaya Uqinile Ngokomoya

Ngo-1977 sase sinezingane ezingu-8. Ngangizimisele ukwenza konke okusemandleni ukusiza umkhaya wami ukhonze uJehova. (Joshuwa 24:15) Ngakho ngazikhandla ngiqhuba isifundo somkhaya njalo. Ngezinye izikhathi ngangisiqhuba ngozela ngenxa yokukhathala, ngiye ngobuthongo enye yezingane isafunda isigaba bese kudingeka zingivuse. Kodwa ukukhathala akuzange kusenze ukuba singalitadishi iBhayibheli njengomkhaya.

Ngangivame nokuthandaza njalo nezingane zami. Kwathi nje lapho sezikhule ngokwanele, ngazifundisa ukuba zizithandazele. Ngangiqikelela ukuthi zonke ziyathandaza ngaphambi kokuba zilale. Izingane ezazisencane kakhulu ukuthi zingathandaza ngangithandaza nazo ngazinye.

Ekuqaleni umyeni wami wayengafuni ngiye nezingane esifundweni. Nokho, ukucabanga ukuthi kwakuzomelwe asale nezingane uma ngisesifundweni kwenza wangaphikisa kangako. Wayethanda kabi ukuhamba ebusuku ayovakashela abangane bakhe, kodwa wayengakuthandi neze ukuyovakasha nezingane ezingu-8! Kwahamba kwahamba waqala ukungisiza lapho ngilungisa izingane ukuze zilungele ukuya eHholo LoMbuso.

Izingane zasheshe zakujwayela ukuya kuyo yonke imihlangano yebandla nokuya ensimini. Lapho izikole zivaliwe zaziya ensimini namaphayona ebandla, noma izikhonzi zesikhathi esigcwele. Lokhu kwazisiza ukuba zibe nothando olujulile ngebandla nangomsebenzi wokushumayela.—Mathewu 24:14.

Izikhathi Ezivivinyayo

Ukuze sithi ukusimama ngokwezimali, umyeni wami wayevame ukuhamba ayosebenza kwelinye izwe. Wayehamba isikhathi eside kodwa adamane abuye. Nokho, ngo-1989, wahamba amalombo. Njengoba ngishilo ekuqaleni, ukuhamba komyeni wami kwangibulala nya. Ngangikhala njalo ebusuku ngithandaze ngokusuka enhliziyweni ngicele induduzo namandla okukhuthazela kuJehova, futhi ngabona ukuthi uyayiphendula imithandazo yami. ImiBhalo enjengo-Isaya 54:4 neyoku-1 Korinte 7:15 yanginika ukuthula kwengqondo namandla okuqhubeka nokuphila. Izihlobo nabangane ebandleni lobuKristu bangisekela ngokomzwelo nangezinto ezibonakalayo. Angive ngimbonga uJehova nabantu bakhe ngokungisiza.

Sabhekana nokunye ukuvivinywa. Enye yamadodakazi ami yasuswa ekuhlanganyeleni ngenxa yokuziphatha okungqubuzana nemiBhalo. Ngizithanda kakhulu zonke izingane zami, kodwa kwakumelwe ngibe qotho kuJehova. Ngakho ngaphandle kokuyekethisa, mina nezinye izingane senza ngokwesiqondiso seBhayibheli endabeni yokusebenzelana nabantu abasusiwe. (1 Korinte 5:11, 13) Abantu abangazazi izimiso zethu basigxeka kakhulu. Nokho, ngemva kokuba indodakazi yami ibuyiselwe, umyeni wayo wangitshela ukuthi ukumelela kwethu izimiso zeBhayibheli siqine kwakumhlabe umxhwele. Naye manje ukhonza uJehova nomkhaya wakhe.

Ukubhekana Nezinkinga Zemali

Ngesikhathi umyeni wami esishiya, ngangingenawo umsebenzi oqondile, ngakho sasingenamali njengoba ayengasondli. Lesi simo sasifundisa ukuba saneliswe ukuphila okulula nokukhathalela kakhulu ingcebo engokomoya kunokuphishekela izinto ezibonakalayo. Izingane zafunda ukuthandana nokusizana futhi zazwana kakhulu. Lapho ezindala ziqala ukusebenza, zanakekela ezisencane ngokuzithandela. Inkosazane yami, uMarseree wasiza udadewabo omncane uNicole ngokumqhuba aze aqede isikole. Ngaphezu kwalokho, ngakwazi ukuvula isitodlwana. Imadlana engangiyithola yangisiza ukuba ngikwazi ukuciciyela.

UJehova akakaze asishiye. Ngesinye isikhathi ngatshela omunye udade ukuthi ngenxa yesimo sezimali sasingeke sikwazi ukuya emhlanganweni wesigodi. Waphendula: “Dade Val, uma uzwa ukuthi kunomhlangano, vele wenze amalungiselelo okuhamba! UJehova uzoyenza indlela.” Ngasithatha iseluleko sakhe. Nangempela uJehova wenza indlela futhi namanje usaqhubeka esinakekela. Asikaze siphuthe emhlanganweni wesifunda noma wesigodi ngoba singenamali.

Ngo-1988, iSiphepho uGilbert sashaya iJamaica sayicoboshisa, ngakho sabalekela endaweni ephephile. Kusathe gozololo, mina nendodana yami sahamba sayohlola ukuthi ungakanani umonakalo odalekile ekhaya. Njengoba sasivundulula, ngabona into engafuna ukuhamba nayo. Kwathi kusenjalo sasuka futhi isiphepho, kodwa ngayinkonkoshela leyo nto. “Mama, ake uyeke leyo thelevishini. UngumkaLoti yini kanti?” (Luka 17:31, 32) Lawo mazwi endodana yami angivusa emaqandeni. Ngayilahla phansi leyo TV eyayimanzi nte, futhi sobabili sabalekela endaweni ephephile.

Ngiyethuka namanje uma ngicabanga ukuthi ngacishe ngafa ngenxa nje ye-TV. Kodwa kuyangithokozisa ukucabanga ngamazwi endodana yami abonisa ukuphaphama ngokomoya. Ngenxa yemfundo yeBhayibheli eyayiyithole ebandleni lobuKristu, yakwazi ukungisiza ngigweme ukulimala emzimbeni nangokomoya.

Leso siphepho sabhidliza indlu salimaza nempahla eyayiphakathi, futhi sasishiya siphele amandla. Kwabe sekufika abafowethu abangamaKristu, basikhuthaza ukuba sibhekane nokulahlekelwa, sethembe uJehova futhi siqhubeke simatasa enkonzweni, futhi basisiza saphinde sayakha indlu. Wasithinta kakhulu umsebenzi wothando nokuzidela owenziwa amavolontiya angoFakazi aseJamaica nakwamanye amazwe.

Ukubeka UJehova Kuqala

Ngemva kokuqeda isikole, ingane yami yesibili, uMelaine yakhonza njengephayona. Yabe seyamukela isimemo sokuyokhonza njengephayona kwelinye ibandla, okwasho ukuthi kwakuzodingeka iyeke umsebenzi wayo. Nakuba lowo msebenzi wawusisiza kakhulu ekhaya, saba nethemba lokuthi uJehova uyosinakekela uma nje ngamunye wethu ebeka izithakazelo zoMbuso kuqala. (Mathewu 6:33) Kamuva, u-Ewan, indodana yami, naye wathola isimemo sokuyokhonza njengephayona. Wayesinakekela ngokwezimali, kodwa samcela ukuba asamukele leso simemo futhi samfisela isibusiso sikaJehova. Angikaze ngizenqabele izingane zami ukuba zandise inkonzo yazo yoMbuso, futhi thina esasisala ekhaya asikaze sintule. Kunalokho, siye sajabula kakhulu, futhi ngezinye izikhathi, siye sakwazi ukusiza abathile abantulayo.

Kungijabulisa kakhulu namuhla ukubona izingane zami ‘zihamba eqinisweni.’ (3 Johane 4) Enye yamadodakazi ami, uMelaine, ikhonza nomyeni wayo ongumbonisi wesifunda. Indodakazi yami u-Andrea nomyeni wayo bangamaphayona akhethekile futhi ihamba nomyeni wayo lapho ebambele umbonisi wesifunda. Indodana yami u-Ewan nomkayo bangamaphayona akhethekile futhi yona ingumdala. Enye indodakazi yami u-Ava-Gay, ikhonza nomyeni wayo ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseJamaica. UJennifer, uGenieve noNicole bekanye nabayeni babo nezingane zabo bangamalungu akhuthele emabandleni abakuwo. Mina ngihlala noMarseree futhi sobabili siseBandleni LasePort Morant. Ngibusiswe kakhulu ngoba zonke izingane zami ezingu-8 ziyaqhubeka zikhulekela uJehova.

Ngenxa yokuguga senginezinkinga zempilo. Nginesifo sokuqaqamba kwamalunga (rheumatoid arthritis), kodwa ngisakujabulela ukukhonza njengephayona. Nokho, ukuhamba kule ndawo yethu enamagquma kwake kwaba inkinga esikhathini esidlule. Kwakuba nzima ukuya enkonzweni. Ngabe-ke sengizama ukuhamba ngebhayisikili futhi ngathola ukuthi lingcono kunokuzihambela ngezinyawo. Ngakho ngathenga ibhayisikili eliyisekeni ngaqala ukulisebenzisa. Ekuqaleni izingane zami zaziphatheka kabi ukubona umama wazo ohlushwa isifo sokuqaqamba kwamalunga egibele ibhayisikili. Kodwa kwakuzijabulisa ukungibona ngiqhubeka ngishumayela ngendlela engithanda ngayo.

Kungijabulisa kakhulu ukubona abantu engabafundela benza iqiniso leBhayibheli libe elabo. Ngithandaza njalo kuJehova ngimcela ukuba asize wonke amalungu omkhaya wami ukuba ahlale ethembekile kuye kulesi sikhathi sokuphela kuze kube phakade. Ngiyambonga ngiyamdumisa uJehova, ‘uMuzwi womthandazo’ oMkhulu ngokungisiza ngikwazi ukubhekana ngokuphumelelayo nenselele yokukhulisa izingane zami ezingu-8 ngezindlela zakhe.—IHubo 65:2.

[Isithombe ekhasini 10]

Nginezingane zami, abakhwenyana nomakoti kanye nabazukulu bami

[Isithombe ekhasini 12]

Sengihamba ngebhayisikili ukuze ngikwazi ukufeza inkonzo yami