Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Yeka Ukuthi Lihle Kanjani Nezwi Ngesikhathi Salo Esifanele!”

“Yeka Ukuthi Lihle Kanjani Nezwi Ngesikhathi Salo Esifanele!”

“Yeka Ukuthi Lihle Kanjani Nezwi Ngesikhathi Salo Esifanele!”

PHAKATHI nomhlangano woFakazi BakaJehova othatha usuku lonke, uKim wazama kakhulu ukulalelisisa nokuthatha amaphuzu ebe ezama nokugcina indodakazi yakhe eneminyaka emibili nengxenye ihlezi ithule. Ngemva komhlangano, udade othile owayehlezi emgqeni owodwa nabo wancoma uKim nomyeni wakhe ngendlela ababeyiqaphe ngayo indodakazi yabo phakathi nesimiso. Lawo mazwi asho lukhulu kuKim kangangokuba nakuba sekudlule iminyaka, uthi: “Uma ngizizwa ngikhathele emhlanganweni, ngicabanga amazwi aloya dade. Amazwi akhe anomusa asangikhuthaza ukuba ngiqhubeke ngiqeqesha indodakazi yethu.” Yebo, amazwi afike ngesikhathi angamkhuthaza kakhulu umuntu. IBhayibheli lithi: “Yeka ukuthi lihle kanjani nezwi ngesikhathi salo esifanele!”—IzAga 15:23.

Nokho, abanye bethu bangase bakuthole kunzima ukuncoma abanye. Ngezinye izikhathi, uma sazi ukuthi thina ngokwethu siyasilela kungase kube nzima nakakhulu ukubancoma abanye. Omunye umKristu uthi: “Kimina kuba sengathi ngimi esihlabathini esithambile. Lapho ngincoma abanye kuba sengathi ngiyabakhuphula mina ngibe ngibisha.” Izinto ezifana namahloni, ukungazethembi noma ukwesaba ukuthi abantu bangase bakuqonde kabi zingenza kube nzima ukuncoma abanye. Ngaphezu kwalokho, uma sasinganconywa kangako noma singatuswa nhlobo ngesikhathi sisakhula, kungase kube nzima ngathi ukuncoma abanye.

Nokho, ukwazi ukuthi ukuncoma kungase kube nomphumela omuhle kulowo oncomayo nakonconywayo kungase kusishukumisele ukwenza konke okusemandleni ukuncoma ngesikhathi esifanele. (IzAga 3:27) Kodwa-ke buhle buni obuba khona ngokuncoma abanye? Kafushane nje ake sibheke obunye babo.

Ubuhle Bokuncoma

Ukuncoma okufanele kungenza umuntu onconywayo abe nokuzethemba. U-Elaine, inkosikazi engumKristu uthi, “Uma abantu bengincoma, ngiba nomuzwa wokuthi bayangethemba.” Yebo, ukuncoma umuntu ozenyezayo kungamnikeza isibindi sokubhekana nezingqinamba futhi ngenxa yalokho ajabule. Abasha bayazuza kakhulu lapho benconywa ngokuhle abakwenzile. Omunye osemusha oweve eshumini nambili ovumayo ukuthi eminye imicabango yakhe siqu iyamdikibalisa uthi, “Njalo nje ngizama ngakho konke okusemandleni ukujabulisa uJehova, kodwa ngezinye izikhathi ngiba nomuzwa wokuthi noma yini engiyenzayo ayanele. Lapho othile engincoma, ngiba nomuzwa wenjabulo enkulu ngaphakathi.” Siqinisile impela isaga seBhayibheli: “Izwi elikhulunywe ngesikhathi esifanele linjengama-apula egolide ezitsheni zesiliva.”—IzAga 25:11.

Ukuncoma kungashukumisa futhi kukhuthaze umuntu. Esinye isikhonzi sesikhathi esigcwele sithi, “Ukunconywa kungikhuthaza ukuba ngizikhandle futhi ngithuthukise izinga lenkonzo yami.” Omunye umama onezingane ezimbili uthi lapho amanye amalungu ebandla encoma izingane zakhe ngezimpendulo zazo, ziye zifune ukuphendula nakakhulu. Yebo, ukunconywa kungakhuthaza abasebasha ukuba bathuthuke ekuphileni kwabo kobuKristu. Empeleni, sonke siyakudinga ukuqinisekiswa ukuthi siyaziswa futhi siyigugu. Leli zwe eligcwele izingcindezi lingasenza sikhathale, sidangale. Umdala ongumKristu uthi, “Ngezinye izikhathi lapho ngidumazekile, ukunconywa kuvele kube yiyona nto engiyidingayo.” No-Elaine uthi, “Ngezinye izikhathi ngiba nomuzwa wokuthi uJehova ungibonisa ngamazwi abanye abantu ukuthi uyajabula ngami.”

Ukunconywa kungakwenza uzizwe wamukelekile kwabanye abantu. Ukuncoma ngeqiniso kubonisa ukucabangela futhi kwenza umuntu azizwe eneme, elondekile futhi aziswa. Kuwubufakazi bokuthi sibathanda ngempela abafowethu abangamaKristu nokuthi siyabazisa. Umama ogama lakhe linguJosie uthi: “Ngaphambili kwakudingeka ngilimelele iqiniso ngenxa yokuba semkhayeni ohlukene ngokwenkolo. Ngaleso sikhathi, ukunconywa abantu abavuthiwe ngokomoya kwenza ngazimisela kakhulu ngangadikila.” Yebo, “singamalungu elinye nelinye.”—Efesu 4:25.

Ukufuna amathuba okuncoma kusisiza ukuba sibone okuhle kwabanye. Sibheka okuhle kwabanye, hhayi ubuthaka babo. Umdala ongumKristu ogama lakhe linguDavid uthi, “Ukwazisa lokho abanye abakwenzayo kuyosisiza ukuba sibancome njalo.” Ukuhlale sikhumbula indlela uJehova neNdodana yakhe abangazigodli ngayo ekutuseni abantu abangaphelele kuyosishukumisela ukuba nathi singazigodli ekutuseni abanye.—Mathewu 25:21-23; 1 Korinte 4:5.

Abafanelekela Ukunconywa

Ngenxa yokuthi uJehova uNkulunkulu unguMdali, nguyena okufanelekela kunabo bonke abantu ukudunyiswa. (IsAmbulo 4:11) Nakuba engadingi amazwi ethu ukuze azethembe noma ashukumiseleke, lapho sidumisa uJehova ngobuhle bakhe nangomusa wakhe wothando, usondelana nathi sibe nobuhlobo naye. Ukudumisa uNkulunkulu kwenza sibheke izinto esizifezile ngendlela enokulinganisela nokuzithoba futhi kwenze sivume ukuthi siphumelela ngenxa kaJehova. (Jeremiya 9:23, 24) UJehova unikeza bonke abantu abalifanelekelayo ithuba lokuphila phakade, futhi leso esinye sezizathu ezisishukumisela ukuba simdumise. (IsAmbulo 21:3, 4) Inkosi yasendulo uDavide yayilangazelela ‘ukudumisa igama likaNkulunkulu nokumphakamisa ngokubonga.’ (IHubo 69:30) Kwangathi nathi singalangazelela okufanayo.

Abantu esikhulekela uJehova kanye nabo bayakufanelekela ukunconywa. Lapho sibancoma sisuke senza ngokuvumelana nomyalo kaNkulunkulu ‘wokucabangelana ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle.’ (Hebheru 10:24) Umphostoli uPawulu wayeyisibonelo kule ndaba. Wabhalela ibandla laseRoma: “Okokuqala, ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Kristu ngokuphathelene nani nonke, ngoba ukholo lwenu kukhulunywa ngalo kulo lonke izwe.” (Roma 1:8) Nomphostoli uJohane wancoma uGayu owayengumKristu kanye naye ngesibonelo sakhe esihle kakhulu ‘sokuhamba eqinisweni.’—3 Johane 1-4.

Namuhla, lapho omunye umKristu eyisibonelo ngokubonisa imfanelo ethile efana nekaKristu, enikeza inkulumo elungiselelwe kahle, noma enikeza impendulo eqotho emhlanganweni, siba nethuba elihle kakhulu lokubonisa lowo mKristu ukuthi siyamazisa. Singayincoma nengane ezama ukubheka imiBhalo phakathi nomhlangano webandla. U-Elaine, okukhulunywe ngaye ngaphambidlana, uthi: “Sineziphiwo ezingafani. Ngokuvula amehlo sibone lokho omunye akwenzayo, sibonisa ukuthi siyazazisa iziphiwo ezihlukahlukene abantu bakaNkulunkulu abanazo.”

Ekhaya

Kuthiwani ngokutshela amalungu emikhaya yethu ukuthi siyawazisa? Kudinga isikhathi, umzamo nothando ukuze indoda nomkayo banakekele umkhaya wabo ngokomoya, ngokomzwelo nangezinto ezibonakalayo. Bayakudinga ngempela ukunconywa izingane zabo nabo bancomane. (Efesu 5:33) Ngokwesibonelo, lapho iZwi likaNkulunkulu likhuluma ngomfazi onekhono, lithi: “Amadodana akhe asukumile athi uyajabula; umnikazi wakhe uyasukuma amdumise.”—IzAga 31:10, 28.

Izingane nazo ziyakudinga ukunconywa. Kuyadabukisa ukuthi akuve kulula ngabanye abazali ukutshela izingane zabo ukuthi balindeleni kuzo, kodwa kuyaqabukela bezincoma ngemizamo yazo yokubahlonipha nokubalalela. (Luka 3:22) Lapho ingane iqale isencane ukunconywa lokho ngokuvamile kwenza ingane izizwe ithandwa futhi ilondekile.

Kuyiqiniso ukuthi kudingeka ukuba umuntu enze umzamo ukuze ancome abanye, kodwa asive sizuza ngokwenza lokho. Eqinisweni sithola injabulo enkulu lapho sibancoma ngokungagodli labo abakufanelekelayo.—IzEnzo 20:35.

Yamukela Ukunconywa Futhi Uncome Ngomoya Omuhle

Nokho, ukunconywa kungase kube uvivinyo kwabanye. (IzAga 27:21) Ngokwesibonelo, kungase kwenze abantu abanokuthambekela kokuziqhayisa bazizwe bephakeme kunabanye. (IzAga 16:18) Ngakho kumelwe siqaphele. Umphostoli uPawulu wanikeza lesi siyalo esibonisa ukuthobeka: “Ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu ukuba angazicabangi emkhulu kunalokho okudingeke ukuba akucabange; kodwa acabange ukuze abe nengqondo ehluzekile, yilowo nalowo njengoba uNkulunkulu emabele isilinganiso esithile sokholo.” (Roma 12:3) Ukuze usize abathile ukuba bangangeni ogibeni lokuqhosha, kungase kube ukuhlakanipha ukungancomi ubuhle babo noma ukuhlakanipha kwabo. Kunalokho, kufanele sazise izenzo zabo ezinhle.

Lapho sincoma abanye futhi samukela ukunconywa ngomoya omuhle, singakheka. Singase sishukumiseleke ukuba siqaphele ukuthi konke okuhle esikwenzile kungenxa kaJehova. Ukunconywa kungase futhi kusikhuthaze ukuba siqhubeke siziphatha ngendlela efanele.

Sonke singabancoma abantu abakufanelekelayo ukunconywa futhi sibancome ngobuqotho. Lapho sincoma othile, bukhulu ubuhle okungenzeka siyabenza kuye.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 18]

Incwadi Eyamthinta Inhliziyo

Omunye umbonisi ojikelezayo ulukhumbula kahle usuku yena nomkakhe bebuyela lapho babehlala khona ngemva kokuba senkonzweni ngosuku olwalubanda kakhulu. Uthi: “Umkami wayegodole kakhulu, ezizwa edumazekile, futhi wangitshela ukuthi uzizwa sengathi ngeke esakwazi ukuqhubeka. Wathi: ‘Cabanga nje ukuthi kungaba mnandi kanjani ukuba senkonzweni yesikhathi esigcwele ebandleni, sihlale endaweni eyodwa futhi nathi sibe nezethu izifundo zeBhayibheli.’ Ngangilokhu ngikuhlehlisa ukwenza isinqumo, ngathi sizoqhubeka kuze kuphele isonto, bese sibona ngaleso sikhathi ukuthi uzizwa kanjani. Uma isonto laliphela esazizwa ngendlela efanayo, ngangiyoyihlonipha imizwa yakhe. Ngalo lolo suku sadlula eposini futhi sathola incwadi evela ehhovisi legatsha ibhalelwe yena. Leyo ncwadi yayimncoma kakhulu ngemizamo ayenzayo enkonzweni yasensimini nokukhuthazela kwakhe, ithi impela kuyaqondakala ukuthi kungase kube nzima ukulala emibhedeni engafani masonto onke. Lawo mazwi okumncoma amthinta ngokujulile kangangokuthi akaphindanga wakhuluma ngokuyeka umsebenzi wokujikeleza. Empeleni, ngezikhathi ezithile lapho ngifuna ukuyeka uye wangikhuthaza kakhulu.” Lo mbhangqwana waba semsebenzini wokujikeleza iminyaka ecishe ibe ngu-40.

[Isithombe ekhasini 17]

Ubani ebandleni okulo okufanelekelayo ukunconywa?

[Isithombe ekhasini 19]

Izingane ziyakujabulela ukuthandwa nokunconywa