Yenza Ukuzindla Kujabulise
Yenza Ukuzindla Kujabulise
KWABANYE abantu umqondo wokuzindla uyethusa. Bangase babheke ukuzindla njengomsebenzi onzima odinga ukujula kakhulu ngomqondo. Abantu abanjalo bangase babe nanomuzwa wecala ngenxa yokudebeselela ukuzindla, ikakhulu lapho befunda ngokubaluleka kwako. (Filipi 4:8) Nokho, ukucabangisisa buthule ngamaqiniso esiwafunde ngoJehova, izimfanelo zakhe ezinhle, izinto ezimangalisayo azifezile, izimfuneko zakhe nangenjongo yakhe ekhazimulayo kungaba indlela ejabulisa kakhulu yokusebenzisa isikhathi futhi kufanele kube yiyo. Kungani?
UJehova uNkulunkulu unguMbusi Ophakeme wendawo yonke futhi umatasa ukuze afeze injongo yakhe ephakeme. (Johane 5:17) Ngisho noma kunjalo, uyayikhathalela imicabango umkhulekeli wakhe ngamunye ayicabanga buthule. Umhubi uDavide wayekwazi lokhu futhi ephefumulelwe uNkulunkulu wabhala: “O Jehova, ungihlolisisile, futhi uyangazi. Wena ngokwakho usuyakwazi ukuhlala kwami phansi nokusukuma kwami. Ucabangelé umcabango wami ukude.”—IHubo 139:1, 2.
Ekuqaleni, othile angase abheke la mazwi omhubi ngendlela engafanele. Angase acabange, “Nakuba uNkulunkulu ‘ekude,’ uyayiqaphela yonke imicabango emibi efikayo engqondweni yami.” Ngempela, ukukuqaphela lokho kuyasizuzisa. Kungasisiza ukuba silwe nemicabango engalungile futhi lapho siba naleyo micabango kumelwe siyivume kuNkulunkulu, siqiniseka ngokuthi uzosithethelela ngesisekelo sokholo lwethu emhlatshelweni kaJesu wesihlengo. (1 Johane 1:8, 9; 2:1, 2) Nokho, ngesikhathi esifanayo kufanele sikhumbule ukuthi uJehova uhlolisisa okuhle kubakhulekeli bakhe. Uyaqaphela lapho sicabanga ngendlela ebonisa ukuthi siyamazisa.
Ungase ubuze, “Ingabe ngempela uJehova uyayiqaphela yonke imicabango emihle yezigidi zabakhulekeli bakhe?” Impela kunjalo. UJesu wagcizelela isithakazelo uJehova anaso kithi lapho ethi uJehova ukhathalela ngisho nondlunkulu abancane, futhi wabe esenezela: “Nina nibaluleke ngaphezu kondlunkulu abaningi.” (Luka 12:6, 7) Ondlunkulu abakwazi ukucabanga ngoJehova. Ngakho uma ebakhathalela, yeka ukuthi kumelwe ukuba usikhathalela futhi uthola injabulo enkulu kangakanani lapho ngamunye wethu ecabanga ngaYe! Yebo, njengoDavide singathandaza ngokuqiniseka: ‘Ukuzindla kwenhliziyo yami makujabulise phambi kwakho, Jehova Dwala lami noMkhululi wami.’—IHubo 19:14.
Obunye ubufakazi bokuthi uJehova ukukhathalela ngempela ukuzindla kwabakhulekeli bakhe abaqotho butholakala emazwini aphefumulelwe abhalwa umprofethi uMalaki. Ekhuluma ngosuku lwethu, wabikezela: “Ngaleso sikhathi abamesabayo uJehova bakhuluma omunye komunye, yilowo nalowo nomngane wakhe, uJehova waqhubeka enakile futhi elalele. Kwalotshwa incwadi yenkumbulo phambi kwakhe yalabo abamesabayo uJehova nalabo abacabanga ngegama lakhe.” (Malaki 3:16) Ukuzikhumbuza ukuthi uJehova uyaqhubeka “enakile” lapho sicabanga ngaye empeleni kungenza ukuzindla ngaye kujabulise. Ngakho, kwangathi singananela amazwi omhubi owabhala: “Ngokuqinisekile ngizozindla ngawo wonke umsebenzi wakho, futhi ngizozikhathaza ngezenzo zakho.”—IHubo 77:12.