Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Abasemadolobheni AseBolivia Acezile Bezwa Izindaba Ezinhle

Abasemadolobheni AseBolivia Acezile Bezwa Izindaba Ezinhle

Abasemadolobheni AseBolivia Acezile Bezwa Izindaba Ezinhle

SIHLANGANA ebhishi cishe singabantu abangu-20 sisonke, futhi sibheke phambili ukuhambela amadolobhana angenhla nomfula. Sisezansi ne-Andes, lapho umfula iBeni ugelezela ethafeni elibanzi lesifunda sase-Amazon. Yinhle ngokumangalisayo le ndawo.

Nokho, thina asizona izivakashi ezizobuka indawo. Abanye bahlala khona lapha; abaningi bavela emadolobheni athe ukuqhela ukuze bazohlala lapha eRurrenabaque. Leli yidolobha elincane elihle elinezihlahla eziqhakaza izimbali. Linezindlu ezifulelwe ngotshani nemigwaqo ethulile, eba nomsindo kuphela uma kwenzeka kudlula isithuthuthu esithutha abantu. Siyokwenzani kula madolobhana?

Okwenzeka lapha kuyefana nokwenzeka kwezinye izingxenye eziningi zaseBolivia. OFakazi BakaJehova abavela amadolobheni nabavela kwamanye amazwe bayisa izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kula madolobha amancane.—Mathewu 24:14.

IBolivia imaphakathi nendawo neNingizimu Melika. Leli zwe likhulu ngokuphindwe kabili uma liqhathaniswa nelaseFrance, kodwa linabantu abangaba amaphesenti ayishumi kwabaseFrance. Iningi labantu baseBolivia lihlala emadolobheni amakhulu nasemadolobheni amancane anezimayini ezindaweni eziphakeme kakhulu, noma emapulazini ezolimo. Nokho, ezindaweni ezishisayo ezingamathafa, amadolobha ahlukaniswe odedangendlale bamahlathi.

Ngawo-1950 nangawo-1960, izithunywa zevangeli ezinesibindi, ezinjengoBetty Jackson, u-Elsie Meynberg, uPamela Moseley noCharlotte Tomaschafsky, zahola emsebenzini wokushumayela emadolobheni amaningi acezile. Zafundisa abantu abaqotho iqiniso leBhayibheli futhi zasiza ekumisweni kwamabandla amancane. Phakathi nawo-1980 nawo-1990, oFakazi BakaJehova banda ngokuphindwe kasithupha, ikakhulu emadolobheni. Manje sekunamabandla kuzo zonke izindawo. Ungawathola ezifundeni ezicebile ezinabantu abasebenza emabhilidini amade, abahlala ezithabathabeni zikanokusho bathenge izinto zabo ezitolo ezinkulu. Kodwa akhona amabandla nasezindaweni ezisemaphandleni lapho abantu behlala emaqhugwaneni odaka, bathenge ezimakethe futhi bagqoke izingubo zomdabu ezimibalabala. Noma kunjalo, yini engenziwa ukuze kusizwe abantu abengeziwe abahlala kulezi zindawo ezicezile ukuba bazi uJehova?

Ukudela Impilo Elula Yasedolobheni

Phakathi neminyaka engu-20 edlule, abantu abaningi abahlala emadolobheni ezimayini aseBolivia nasemaphandleni baye bathutha ngobuningi baya emadolobheni amakhulu. Akuvamile ukuba abantu benze okuhlukile—basuke emadolobheni amakhulu bathuthele emaphandleni. Emadolobheni amaningi amancane yinye kuphela indawo yokushaya ucingo futhi ugesi uba khona amahora ambalwa ngosuku. OFakazi abahlala kula madolobha amancane bangase babone abanye oFakazi emihlanganweni yesigodi eba kanye kuphela ngonyaka, futhi ukuya kule mihlangano kungase kubize kakhulu, kube ingozi futhi kukhathaze. Izikole ezikulezi zindawo zinikeza imfundo eyisisekelo kuphela. Pho yini lena eshukumisa oFakazi BakaJehova abaningi ukuba basuke emadolobheni amakhulu bathuthele emadolobheni amancane?

ULuis usanda kuthi: “Nganginethuba lokusebenza edolobheni elikhulu laseLa Paz. Kodwa selokhu kwathi nhlo abazali bami baye benza umsebenzi wokwenza abafundi wakhanga kakhulu. Ngakho ngenza izifundo zokwakha ezithatha isikhathi esifushane. Ngesikhathi ngivakashe eRurrenabaque, ngaphawula indlela abantu abathanda ngayo ukulalela izindaba ezinhle. Lapho ngibona ukuthi bayindlala abazalwane kule ndawo, ngaba nomuzwa wokuthi kumelwe ngize ngizosiza. Njengamanje ngiqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-12. Ngokwesibonelo, ngifunda nombhangqwana osemusha onezingane ezine. Indoda yayivame ukudakwa futhi igembula, kodwa manje ayisazenzi zonke lezo zinto futhi isiqale ukuxoxela abangane bayo lokho ekufundayo ngoJehova. Ihlala ilungiselele. Uma kudingeka ingabi khona ekhaya izinsuku ezintathu noma ezine iyogawula ehlathini iphatheka kabi ngoba ayifuni ukulahlekelwa. Uma ngibona wonke umkhaya uphelele emihlanganweni yobuKristu, ngiye ngibe nomuzwa wokuthi ngenza kahle ngokuza lapha, angizisoli nakancane.”

UJuana ungumzali ongayedwa. Uthi: “Ngangisebenza emakhishini eLa Paz. Ngesikhathi indodana yami isencane, ngangenela inkonzo yesikhathi esigcwele ngiphayona edolobheni. Ngesikhathi ngivakashe eRurrenabaque, ngabona ukuthi ngingakhiqiza kakhudlwana uma ngingathuthela lapha. Ngakho sathutha futhi ngathola umsebenzi ofanayo wokusebenza emakhishini. Ekuqaleni, kwakunzima ukubekezelela ukushisa nezinambuzane. Kodwa sesineminyaka engu-7 silapha. Ngiqhuba izifundo zeBhayibheli eziningi isonto ngalinye futhi abafundi abaningi babonisa ukwazisa ngokuza emihlanganweni.” UJuana nendodana yakhe baphakathi kwalaba abazogibela isikebhe baye ngenhla nomfula. Zicabange uhamba nabo. Woza-ke.

Ukuya Ngenhla Nomfula

Injini idumela phezulu njengoba siyodabula phakathi kwezintaba. Izinyoni ezingopholi zibanga umsindo zibonisa nje ukuthi azisifuni la. Amanzi anodaka aphuma ezintabeni ashwibeka kakhulu njengoba umshayeli wesikebhe ewushayela ngobunyonico udabula umsinga wamanzi. Sifika kuleli dolobha elincane sezibuya inhlazane. Njengoba sesifikile sihlangatshezwa umdala weBandla LaseRurrenabaque, futhi usibonisa indawo esizoshumayela kuyo.

Abantu bakule ndawo basamukela ngomoya omuhle, futhi sixoxa nabo ngaphansi komthunzi wesihlahla, noma ngaphakathi endlini eyakhiwe ngoqalo yafulelwa ngamahlamvu esundu. Kungakabiphi sithola umbhangqwana osemusha umatasa ugaya umoba emshinini owakhiwe ngokhuni osetshenziswa endaweni. Amanzi omoba agobhozela endishini eyenziwe ngethusi. Kamuva uzowabilisa la manzi kuze kube yilapho eshintsha eba utiligi onombala onsundu bese uwuthengisa edolobheni. Uyasingenisa futhi ubuze imibuzo eminingi yeBhayibheli.

Sikhuphuka njalo senyuse umfula, sishumayele emadolobhaneni ahlukahlukene. Abaningi bayakujabulela okushiwo iBhayibheli ngokuphela kokugula nokufa. (Isaya 25:8; 33:24) Ngenxa yokuntuleka kwemithola-mpilo nezibhedlela kule ndawo, imikhaya eminingi isike yabhekana nobuhlungu bokushonelwa umntwana. Kunzima ukuphila lapha ngoba abantu baziphilisa ngezinto abazifuyile nangokudoba. Ngakho abaningi siyabathakazelisa isithembiso sikaNkulunkulu esisencwadini yeHubo 72 esikhuluma ngohulumeni oyobuqeda nya ubumpofu. Nakuba besithanda isigijimi sethu, ucabanga ukuthi abantu abathakazelayo abahlala ezindaweni eziceze kanje bangawenza umzamo wokuza emihlanganweni yobuKristu? Yayibakhathaza kakhulu leyo ndaba o-Eric noVicky, izikhonzi zesikhathi esigcwele eSanta Rosa, okuyindawo eqhele ngamahora amathathu esifundeni sase-Amazon uma uhamba ngemoto.

Bazoza Yini Emihlanganweni Abantu Abathakazelayo?

U-Eric no-Vicky basuka eCalifornia e-U.S.A., eminyakeni engu-12 edlule baya eBolivia. Umbonisi ojikelezayo wasikisela ukuba bathuthele eSanta Rosa. UVicky uthi: “Zimbili izingcingo kuleli dolobha futhi ayikho i-Internet. Ziningi izilwane zasendle. Sivamile ukubona izingwenya, izintshe nezinyoka ezinkulu lapho sihamba ngesithuthuthu siya ezindaweni ezingaphandle. Nokho, abantu yibona abathakazelisa ukudlula izilwane. Sitadisha iBhayibheli nabakwaVaca, umbhangqwana osemusha onezingane ezincane ezine. Lo mkhaya uhlala endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-26 edolobheni. Umyeni wayeyisidakwa, kodwa manje useshintshile. Masonto onke, uza nawo wonke umkhaya wakhe eHholo LoMbuso kanye nodadewabo omncane. Inkosikazi yakhe nomntwana wabo omncane bahlala endaweni yokubeka imithwalo ebhayisikilini lakhe elikhulu. Ingane eneminyaka engu-9 ihamba nodadewabo omncane ngelinye ibhayisikili, bese eneminyaka engu-8 ihamba ngelinye. Bahamba amahora amathathu.” Lo mkhaya umthanda ngempela uJehova futhi wenza umzamo omkhulu ukuze ube nebandla.

Ngezinyanga nje ezingu-18, abathathu baye bakufanelekela ukubhapathizwa, futhi abangaba ngu-25 bayeza eHholo LoMbuso elisha laseSanta Rosa. Nakuba kunenqwaba yabantu abafuna ukutadisha iBhayibheli, abaningi kudingeka babhekane nezithiyo ezinkulu ukuze bakwazi ukukhonza uJehova.

Inselele Yokwenza Imishado Ibe Ngokomthetho

UMarina no-Osni, izithunywa zevangeli ezikhonza edolobheni elicezile eliseduze nomngcele weBrazil neBolivia, bathi abantu abaningi lapha bathatha umshado njengento engaqedwa noma nini. Bathandana nalo babuye bathandane nalowaya. U-Osni uthi: “Le nkinga yenza bangathuthuki ngokomoya. Lapho abantu befuna ukuba amaKristu eqiniso, kuba inkiyankiya yenkinga futhi kubize kakhulu. Abanye kudingeka bahlukane nabantu abebethandana nabo futhi bashade noyedwa ngokomthetho. Noma kunjalo, ngenxa yokubona ukuthi ukubhalisa umshado ngendlela efanele kuyimfuneko esemiBhalweni, abanye baye basebenza kanzima ngempela ukuze bathole imali edingekayo yokubhalisa umshado.”—Roma 13:1, 2; Hebheru 13:4.

UMarina uxoxa ngokwenzeka kuNorberto. “Wayeke wakipita nabesifazane abaningana, kulokhu wakipita nowesifazane owayengumbhaki. Lona wesifazane wayemncane kuNorberto ngeminyaka engaba ngu-35 futhi enendodana ayithola kwenye indoda, kodwa uNorberto wayikhulisa njengeyakhe. Njengoba lo mfanyana ayekhula, uNorberto wafuna ukuba yisibonelo esihle kuye. Ngakho, lapho uFakazi efika ebhikawozi ethi ulethe isifundo seBhayibheli samahhala, uNorberto wasamukela nakuba ayengakwazi ukufunda futhi eseneminyaka engaphezu kwengu-70 ubudala. Lapho uNorberto nesithandwa sakhe befunda ngezimfuneko zikaJehova, bashada ngokomthetho futhi babhapathizwa ngemva kwalokho. Loya mfanyana ungumKristu osemusha okahle kakhulu—njengoba nje usingayise wakhe ayefisa. UNorberto wafunda ukufunda futhi useke wanikeza ngisho nezinkulumo emihlanganweni yebandla. Nakuba impilo ingasavumi kahle ngenxa yokuguga, uyisikhonzi esishisekayo sezindaba ezinhle.”

Umoya KaJehova Ubanika Amandla

UJesu watshela abalandeli bakhe bokuqala: “Nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, futhi nizoba ofakazi bami . . . nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzEnzo 1:8) Yeka indlela okukhuthaza ngayo ukubona umoya kaNkulunkulu ushukumisa amadoda nabesifazane abangamaKristu ukuba baye ezindaweni ezikude kakhulu! Ngokwesibonelo, ngo-2004 amaKristu ashisekayo angaba ngu-30 amukela izabelo zesikhashana zokuba amaphayona akhethekile ezindaweni ezicezile. Ayasazisa isibonelo sabantu bakwamanye amazwe abangaba ngu-180 abaye beza eBolivia bazokhonza njengamaphayona, ababonisi bezifunda, izikhonzi zokuzithandela zaseBethel, noma izithunywa zevangeli. Abamemezeli boMbuso baseBolivia abangu-17 000 baqhubela abantu abathakazelayo izifundo zeBhayibheli ezingaba ngu-22 000.

Bonke laba bazalwane bayajabula ngokuthi baholwa umoya kaJehova. Ngokwesibonelo, uRobert noKathy bamukela isabelo sokuyokhonza eCamiri njengezithunywa zevangeli. Le ndawo ingasemfuleni futhi iphakathi kwamagquma amahle aluhlaza. Selokhu kwathi nhlo, ibilokhu iyindawo ecezile. URobert uthi: “Kubonakala sengathi safika kahle ngoba eminyakeni emibili nje kuphela, abantu abangaba ngu-40 sebengabamemezeli bezindaba ezinhle.”

Isidakwa Esigembulayo Siyalalela

Abantu abaningi bendawo zibahlaba umxhwele izinguquko ezenziwa yilabo abatadisha iBhayibheli. Ngokwesibonelo, ngolunye usuku eminyakeni engaba mine edlule, indoda eyisidakwa egama layo lingu-Ariel yayilele iphethwe ibhabhalazi. Nakuba yayaziwa kakhulu ngokugembula kwayo, yayihlala ikhathazekile; ikhathazwa izikweletu, umshado wayo owawubonakala ungachitheka noma nini namadodakazi ayo eyayingawanakekeli. Njengoba u-Ariel ayelele ecabanga, kwangqongqoza omunye woFakazi BakaJehova emnyango. U-Ariel wamlalelisisa umzalwane echaza imiBhalo. Wabuyela embhedeni, kodwa kulokhu esefunda incwadi ethile ekhuluma ngokuphila komkhaya okujabulisayo, iPharadesi nokukhonza uNkulunkulu. Kamuva wavuma ukufundelwa iBhayibheli.

Ngesikhathi izithunywa zevangeli zifika eCamiri, umka-Ariel, u-Arminda, naye wayefundelwa—kodwa engenamdlandla. Wathi: “Ngingazama noma yini ukuze nje ngiyekise umyeni wami utshwala. Kodwa kufana nokuthela amanzi emhlane wedada. Umyeni wami ungowokudatshukelwa nje.” Nokho, wasijabulela isifundo seBhayibheli kunalokho ayekulindele. Ungakapheli nonyaka wabhapathizwa washumayeza nomndeni wakubo. Kungakabiphi, izihlobo zakhe eziningana zazinikezela kuJehova.

Kwakunzima ngo-Ariel ukuyeka ukuphuza, ukubhema nokugembula. Kodwa izinto zashintsha lapho emema bonke abangane bakhe eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu. Nakhu ayekunqumile: “Umngane wami ongeke eze, kuyaphela okusihlanganisile. Abazoza ngizobafundela iBhayibheli.” Waziqala kanjalo izifundo zeBhayibheli ezintathu. Ngisho nangaphambi kokuba abe ilungu lebandla, u-Ariel wafundela isihlobo sakhe esathuthuka saze sabhapathizwa ngosuku naye abhapathizwa ngalo. U-Arminda uthi: “U-Ariel usengomunye umuntu.”

URobert uthi: “Mhla sigcina ukubala, amalungu angu-24 alo mndeni ayeya njalo emihlanganweni. Ayishumi abhapathiziwe, kanti angu-8 angabamemezeli abangabhapathiziwe. Abanye abantu ababona indlela ubuntu bawo obushintshe ngayo, baqala ukutadisha iBhayibheli futhi beza emihlanganweni yebandla. Esifundweni kwakuba nabantu abayikhulu; manje sekuba nabangu-190. Mina noKathy siqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaba ngu-30 futhi bonke abantu esibafundelayo bayeza emihlanganweni. Asive sikujabulela ukuba lapha.”

Okwenzeka emadolobheni aseBolivia acezile kumane nje kuwukubuthwa okuncane kwabantu okuyinto eyenzeka emhlabeni wonke eyabikezelwa kuyisAmbulo isahluko 7, esikhuluma ngokubutha okuyokwenzeka phakathi ‘nosuku lweNkosi,’ kubuthwa labo abayosinda osizini olukhulu. (IsAmbulo 1:10; 7:9-14) Akukaze kwenzeke emlandweni wesintu ukuba kube nezigidi zezizwe ezikhulekela ukuphela kukaNkulunkulu weqiniso ngobunye. Yeka ubufakazi obuvusa amadlingozi bokuthi sekuseduze ukugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu!

[Isithombe ekhasini 9]

UBetty Jackson

[Isithombe ekhasini 9]

UPamela Moseley

[Isithombe ekhasini 9]

U-Elsie Meynberg

[Isithombe ekhasini 9]

UCharlotte Tomaschafsky, ngakwesokudla

[Isithombe ekhasini 10]

U-Eric noVicky beza lapha bezokhonza ngenxa yokuthi kwakudingeka abamemezeli boMbuso abengeziwe

[Isithombe ekhasini 10]

Isonto ngalinye, umkhaya wakwaVaca uhamba amahora amathathu ngamabhayisikili uya eHholo LoMbuso

[Isithombe ekhasini 11]

Abantu bendawo abahlala eduze komfula iBeni bayazilalelisisa izindaba ezinhle

[Isithombe ekhasini 12]

URobert noKathy bakhonza njengezithunywa zevangeli eCamiri