Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Siyamdinga UMesiya?

Ingabe Siyamdinga UMesiya?

Ingabe Siyamdinga UMesiya?

UNGAWUBUZA kufanele lo mbuzo, “Ingabe siyamdinga uMesiya?” Yebo, kunengqondo ukuzibuza ukuthi uMesiya angakuthinta ngempela yini ukuphila kwakho.

Abathile abanemibono oyihloniphayo bangase bakuqinisekise ngokuthi impendulo yalowo mbuzo icacile futhi isobala: Umdinga ngempela uMesiya, njengoba nje kunjalo ngawo wonke umuntu. Isazi somthetho wamaJuda sekhulu lokuqala sabhala lokhu ngoMesiya: “Kungakhathaliseki ukuthi ziningi kangakanani izithembiso zikaNkulunkulu, ziye zaba nguYebo [ngaye].” Ngakho sagcizelela indima ebalulekile kaMesiya enjongweni yoMdali yokubusisa zonke izizwe zomhlaba. (2 Korinte 1:20) Indima kaMesiya ibaluleke kangangokuthi iziprofetho zeBhayibheli zigxile ekufikeni nasekuphileni kwakhe kwasemhlabeni. Encwadini esisetshenziswe izigidi zabantu phakathi neminyaka engu-70 edlule, uHenry H. Halley wathi: “IThestamente Elidala labhalwa ukuze livuse ilukuluku futhi licabe indlela yokuZa [kukaMesiya].” Kodwa ingabe kuyadingeka ukuba eze? Kungani kufanele ube nesithakazelo?

Igama elithi “Mesiya” empeleni lisho “Ogcotshiweyo” futhi liyefana nelaziwa kabanzi elithi “Kristu.” Lo Muntu, i-Encyclopædia Britannica, uHlelo luka-1970, embiza ngokuthi “umhlengi omkhulu kunabo bonke” kwakumelwe eze ngenxa yezenzo zokungahloniphi zombhangqwana wokuqala, u-Adamu no-Eva. Wawudalwe uphelele, unethemba elijabulisayo lokuphila phakade ePharadesi, kodwa walilahla lelo themba. Ingelosi eyahlubuka, kamuva eyaziwa ngokuthi uSathane uDeveli, yasikisela ukuthi uMdali wawo wayenesandla esiqine kakhulu futhi wawungaphila kangcono uma ungazinqumela ngokwawo okuhle nokubi.—Genesise 3:1-5.

U-Eva wakhohliswa futhi wawakholelwa lawo manga. Ebheka ubuhlobo bakhe nomkakhe njengobubaluleke ngaphezu kokuba qotho kuNkulunkulu, u-Adamu wasekela lokho kuhlubuka okwakuqalwe uDeveli. (Genesise 3:6; 1 Thimothewu 2:14) Ngezenzo zabo, benza okungaphezu kokulahlekelwa ithemba lokuphila phakade endaweni eyiPharadesi. Badlulisela enzalweni yabo eyayingakazalwa isono nomphumela waso, ukufa.—Roma 5:12.

Ngokushesha uMdali wethu, uJehova, wenza indlela yokulungisa imiphumela emibi yochungechunge lwezenzakalo ezaqala ngokuhlubuka. Wayezokwenza ukubuyisana esebenzisa lokho kamuva okwakuzoba isimiso esingokomthetho eMthethweni KaMose—iso ngeso. (Duteronomi 19:21; 1 Johane 3:8) Kwakumelwe kusetshenziswe lesi simiso ukuze noma imuphi umuntu onesono oyinzalo ka-Adamu no-Eva athole ukuphila phakade emhlabeni oyipharadesi, njengoba uMdali wesintu ayehlosile. Lokhu kusiholela kuMesiya.

Lapho egweba uDeveli, uJehova uNkulunkulu wathi esiprofethweni sokuqala seBhayibheli: “Ngizobeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyokulimaza ekhanda wena uyoyilimaza esithendeni.” (Genesise 3:15) Esinye isazi seBhayibheli saphawula ukuthi “indaba yezithembiso eziphathelene noMesiya etholakala emiBhalweni iqala [ngala] mazwi.” Esinye saphawula ukuthi uMesiya uyithuluzi likaNkulunkulu “eliyolungisa wonke umonakalo wesintu,” lisilethele nezibusiso.—Hebheru 2:14, 15.

Nokho, kungenzeka unomuzwa wokuthi isintu manje asibusisiwe neze. Kunalokho, uhlanga lwesintu lusobishini lokuphelelwa ithemba futhi ludangele. Ngakho, i-World Book Encyclopedia ithi “amaJuda amaningi asalindele ukuza kukaMesiya” alindele nokuthi “uyolungisa konke okubi futhi anqobe izitha zawo.” Nokho, iBhayibheli lithi uMesiya sewafika. Ingabe sikhona isizathu sokukukholelwa lokho okushiwo iBhayibheli? Isihloko esilandelayo sizophendula.