Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuhamba Endleleni Yokukhanya Okwandayo

Ukuhamba Endleleni Yokukhanya Okwandayo

Ukuhamba Endleleni Yokukhanya Okwandayo

“Indlela yabalungileyo injengokukhanya okukhulu okuqhubeka kukhanya ngokwengeziwe kuze kube semini enkulu.”—IZAGA 4:18.

1, 2. Yini eye yenzeka kubantu bakaNkulunkulu ngenxa yokwanda kokukhanya okungokomoya okuvela kuJehova?

UBANI omunye ongawuchaza kangcono umphumela wokuphuma kwelanga ebumnyameni basebusuku ngaphezu kwalowo kanye onguMthombo wokukhanya, uJehova uNkulunkulu? (IHubo 36:9) UNkulunkulu uthi: ‘Lapho ukusa kubamba imikhawulo yomhlaba, umhlaba uyaziguqula njengobumba ngaphansi kophawu, futhi izinto zonke zima njengokungathi zembesiwe.’ (Jobe 38:12-14) Njengoba ilanga liya ngokuphakama, ukuma komhlaba kuqala ukucaca, njengobumba oluthambile olushintshayo lapho lugxivizwa ngophawu.

2 UJehova unguMthombo wokukhanya okungokomoya futhi. (IHubo 43:3) Nakuba izwe lilokhu lisebumnyameni obukhulu, uNkulunkulu weqiniso uqhubeka ekhanyisela abantu bakhe. Uba yini umphumela? IBhayibheli liyaphendula: “Indlela yabalungileyo injengokukhanya okukhulu okuqhubeka kukhanya ngokwengeziwe kuze kube semini enkulu.” (IzAga 4:18) Ukukhanya okwandayo okuvela kuJehova kulokhu kukhanyisa indlela yabantu bakhe. Kubenza bathuthuke ekuhlelweni kwenhlangano, ezimfundisweni nasekuziphatheni.

Ukukhanyiselwa Kuholela Ekuthuthukisweni Kokuhleleka Kwenhlangano

3. U-Isaya 60:17 uthembisani?

3 Esebenzisa umprofethi u-Isaya, uJehova wabikezela: “Esikhundleni sethusi ngiyoletha igolide, esikhundleni sensimbi ngiyoletha isiliva, esikhundleni sokhuni, ithusi, futhi esikhundleni samatshe, insimbi.” (Isaya 60:17) Njengoba nje ukufaka into esezingeni eliphezulu esikhundleni sento esezingeni eliphansi kusho intuthuko, oFakazi BakaJehova baye bathuthuka ekuhlelweni kwabo njengenhlangano phakathi naso sonke lesi “siphelo sesimiso sezinto,” noma ‘izinsuku zokugcina.’—Mathewu 24:3; 2 Thimothewu 3:1.

4. Yiliphi ilungiselelo elaqala ukusebenza ngo-1919, futhi lazuzisa kanjani?

4 Ngasekuqaleni kwezinsuku zokugcina, amabandla abaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngaleso sikhathi, ayekhetha abadala nezinceku ezikhonzayo ngentando yeningi. Nokho, abanye abadala babengenawo ngempela umoya wobuvangeli. Abanye babengagcini ngokungafuni ukwenza umsebenzi wokushumayela bona ngokwabo kodwa futhi babeyekisa nabanye ukuwenza. Ngakho, ngo-1919 kwamiswa isikhundla esisha somthwalo wemfanelo ebandleni ngalinye—esomqondisi wenkonzo. Umqondisi wenkonzo wayengakhethwa yibandla ngentando yeningi, kunalokho wayemiswa ngokwasezulwini yihhovisi legatsha labantu bakaNkulunkulu. Imithwalo yakhe yemfanelo yayihlanganisa ukuhlela umsebenzi wokushumayela, ukwaba amasimu nokukhuthaza abanye ukuba bahlanganyele enkonzweni yasensimini. Phakathi neminyaka eyalandela, kwaba nomfutho omkhulu emsebenzini wokushumayela ngoMbuso.

5. Iyiphi intuthuko eyenzeka ngawo-1920?

5 Isikhuthazo esithi: “Memezelani, memezelani, memezelani iNkosi nombuso wayo,” esanikezwa ngo-1922 emhlanganweni wabaFundi BeBhayibheli owawuseCedar Point, e-Ohio, e-U.S.A., safaka umdlandla kuwo wonke umuntu emabandleni. Ngo-1927 inkonzo yasensimini yayisihleleke kangangokuthi usuku lwangeSonto lwabekwa njengolufaneleka kakhulu ukwenza ngalo umsebenzi wokushumayela endlini ngendlu. Kungani kwakhethwa lolo suku? Ngoba iSonto kwakuyilona suku iningi labantu elalingasebenzi ngalo. OFakazi BakaJehova namuhla babonisa umoya ofanayo ngokuzama ukuhambela abantu ngezikhathi okungenzeka kakhulu ukuthi basemakhaya ngazo, njengezimpelasonto nakusihlwa.

6. Yiliphi izwi lesinqumo elamukelwa ngo-1931, futhi lokho kwawuthonya kanjani umsebenzi wokumemezela uMbuso?

6 NgeSonto ntambama, ngo-July 26, 1931, ukwamukelwa kwezwi lesinqumo kuqala emhlanganweni owawuseColumbus, e-Ohio, e-U.S.A., kamuva nasemhlabeni wonke, kwenza kwaba nomfutho omkhulu emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Ingxenye yaleli zwi lesinqumo yayithi: “Siyizinceku zikaJehova uNkulunkulu ezithunywe ukuba zenze umsebenzi ngegama lakhe, futhi zilalele umyalo wakhe wokuba zikhulume ngobufakazi obuphathelene noJesu Kristu, zazise abantu ukuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso onguMninimandla onke; ngakho-ke silamukela ngenjabulo igama eliye laqanjwa yiNkosi uNkulunkulu uqobo, futhi sifisa ukwaziwa futhi sibizwe ngegama elithi ofakazi bakaJehova.” (Isaya 43:10) Yeka indlela lelo gama elisha elaliwuchaza ngokucace ngayo umsebenzi oyinhloko walabo ababizwa ngalo! Yebo, uJehova wayenomsebenzi afuna ukuba zonke izinceku zakhe ziwenze. Cishe wonke umuntu wasabela ngesasasa elikhulu!

7. Yiluphi ushintsho olwaqala ngo-1932, futhi ngani?

7 Abadala abaningi bazinikela ngokuthobeka emsebenzini wokushumayela. Nokho, kwezinye izindawo abadala ababekhethiwe baphikisana kakhulu nokuthi wonke umuntu ebandleni kufanele ahlanganyele enkonzweni yasensimini. Nokho, kwakuseduze ukuba izinto ziphinde zithuthukiswe. Ngo-1932 amabandla athola isiqondiso nge-Nqabayokulinda sokuba ayeke ukuvotela abadala nezinceku ezikhonzayo. Kunalokho, kwase kufanele avotele ikomiti yenkonzo eyakhiwe amadoda angokomoya awenzayo umsebenzi wokushumayela obala. Ngakho, umsebenzi wokwengamela ibandla waphathiswa kuphela labo ababehlanganyela ngenkuthalo enkonzweni, futhi umsebenzi waqhubekela phambili.

Ukukhanya Okwengeziwe Kuholela Entuthukweni Eyengeziwe

8. Iyiphi intuthuko eyenzeka ngo-1938?

8 Ukukhanya ‘kwakuqhubeka kukhanya ngokwengeziwe.’ Ngo-1938 inqubo yokuvota yayekwa ngokuphelele. Zonke izinceku emabandleni kwase kufanele zimiswe ngokwasezulwini ngokuqondisa ‘kwenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45-47) Cishe wonke amabandla oFakazi BakaJehova alwamukela ngenhliziyo emhlophe lolu shintsho, futhi umsebenzi wokushumayela waqhubeka uthela.

9. Ngo-1972, kwaqalwa liphi ilungiselelo, futhi kungani lokho kwakuyintuthuko?

9 Kusukela ngo-October 1, 1972, kwenziwa olunye futhi ushintsho ekuqondisweni kwamabandla. Kwaqalwa ilungiselelo lokuba amabandla oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke aqondiswe yindikimba yabadala, kunokuba kube yinceku noma umbonisi webandla oyedwa oqondisayo. Leli lungiselelo elisha liye lawakhuthaza kakhulu amadoda avuthiwe ukuba azame ukufanelekela ukuhola ebandleni. (1 Thimothewu 3:1-7) Ngenxa yalokho, abazalwane abengeziwe baye bathola okuhlangenwe nakho ekusingatheni imithwalo yemfanelo yebandla. Yeka indlela abaye baba usizo ngayo ekwaluseni abaningi abasanda kwamukela amaqiniso eBhayibheli!

10. Yiliphi ilungiselelo elaqalwa ngo-1976?

10 Amalungu eNdikimba Ebusayo ahlelwa akha amakomiti ayisithupha, futhi kusukela ngo-January 1, 1976, yonke imisebenzi yenhlangano neyamabandla emhlabeni wonke yaqondiswa yila makomiti. Yeka isibusiso okuye kwaba yiso ukuba zonke izici zomsebenzi woMbuso ziqondiswe ‘abeluleki abaningi’!—IzAga 15:22; 24:6.

11. Iyiphi intuthuko eyenzeka ngo-1992, futhi ngani?

11 Ngonyaka ka-1992 kwaba nenye futhi intuthuko, engase ifaniswe nalokho okwenzeka ngemva kokuba ama-Israyeli nabanye bebuye ekudingisweni eBhabhiloni. Ngaleso sikhathi, amaLevi ayekhonza ethempelini ayenganele. Ngakho amaNethini angewona ama-Israyeli anikwa umsebenzi othé xaxa ukuze asize amaLevi. Ngokufanayo, ukuze kusizwe isigaba senceku ethembekileyo neqondayo ekusingatheni umsebenzi waso owandayo, ngo-1992 abathile ‘bezinye izimvu’ bathola imithwalo yemfanelo yenkonzo eyengeziwe. Bamiswa njengabasizi bamakomiti eNdikimba Ebusayo.—Johane 10:16.

12. UJehova uye wakumisa kanjani ukuthula njengababonisi bethu?

12 Uye waba yini umphumela wakho konke lokhu? UJehova uthi: “Ngiyomisa ukuthula kube ababonisi bakho nokulunga kube ngababi bemisebenzi yakho.” (Isaya 60:17) Namuhla kukhona “ukuthula” phakathi kwezinceku zikaJehova, futhi ukuthanda ‘ukulunga’ kuye kwaba ‘umabi wemisebenzi’ wazo. Lolu thando yilona oluziqhubayo ekukhonzeni uNkulunkulu. Zihleleke kahle ukuze zenze umsebenzi wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi.—Mathewu 24:14; 28:19, 20.

UJehova Ukhanyisa Indlela Ngokuqondene Nezimfundiso

13. Ngawo-1920, uJehova wayikhanyisa kanjani indlela yabantu bakhe ngokuqondene nezimfundiso?

13 Kancane kancane uJehova ukhanyisa indlela yabantu bakhe nangokuqondene nezimfundiso. Isibonelo salokhu sikusAmbulo 12:1-9. La mavesi akhuluma ngabalingiswa abathathu abangokomfanekiso—“owesifazane” okhulelwe obe esebeletha, “udrako” ‘nendodana, owesilisa.’ Uyazi yini ukuthi ngamunye umelelani? Bachazwa esihlokweni esithi “Ukuzalwa Kwesizwe,” kuyi-Nqabayokulinda yesiNgisi ka-March 1, 1925. Leso sihloko sasiza abantu bakaNkulunkulu baziqonda kangcono iziprofetho eziphathelene nokuzalwa koMbuso, kwabacacela ukuthi kukhona izinhlangano ezimbili ezihlukene—ekaJehova nekaSathane. Kwabe sekuthi ngo-1927/28, abantu bakaNkulunkulu baqaphela ukuthi ukugubha uKhisimusi nezinsuku zokuzalwa kungqubuzana nemiBhalo base bekuyeka.

14. Yiziphi izimfundiso ezacaciswa ngawo-1930?

14 Phakathi nawo-1930 kwanikezwa ukukhanya okwengeziwe mayelana nezimfundiso ezintathu. Kwase kuyiminyaka abaFundi BeBhayibheli bazi ukuthi “isixuku esikhulu” esikusAmbulo 7:9-17 sihlukile kwabangu-144 000, abayobusa noKristu njengamakhosi nabapristi. (IsAmbulo 5:9, 10; 14:1-5) Nokho, ukuthi singobani lesi sixuku esikhulu kwakungacacile. Njengoba nje ukukhanya okwandayo ekuseni kwenza izinto ebezingacacile zibonakale ukuma nombala wazo, ngo-1935 kwachazwa ukuthi isixuku esikhulu yilabo abasinda “osizini olukhulu,” benethemba lokuphila phakade emhlabeni. Kamuva ngawo lowo nyaka kwacaciswa indaba eyayithinta izingane zesikole zoFakazi BakaJehova emazweni amaningi. Ngesikhathi kudlondlobala ukushisekela ubuzwe emhlabeni wonke, oFakazi baqaphela ukuthi ukushayela ifulege indesheni kungaphezu kokuba yinkambiso nje. Ngonyaka olandelayo, kwachazwa enye imfundiso yeqiniso ewukuthi uKristu wafela esigxotsheni, hhayi esiphambanweni.—IzEnzo 10:39.

15. Ubungcwele begazi bagcizelelwa nini futhi kanjani?

15 Phakathi neMpi Yezwe II, kwakuyinto evamile ukuba amasosha alimele ampontshelwe igazi. Ngemva nje kwayo kwaba nokukhanya okwengeziwe ngobungcwele begazi. INqabayokulinda yesiNgisi ka-July 1, 1945, yakhuthaza “bonke abakhulekeli bakaJehova abafuna ukuphila phakade ezweni lakhe elisha lokulunga ukuba bahloniphe ubungcwele begazi futhi bagcine imithetho kaNkulunkulu yokulunga ephathelene nale ndaba ebaluleke kakhulu.”

16. Yakhululwa nini INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ngesiNgisi, futhi yiziphi izici zayo ezimbili ezivelele?

16 Ngo-1946 kwabonakala isidingo senguqulo entsha yeBhayibheli eyasebenzisa ucwaningo lwamuva futhi eyayinganindiwe yizimfundiso ezisekelwe emasikweni eLobukholwa. Ukuhunyushwa kwale nguqulo kwaqala ngo-December 1947. Ngo-1950 kwakhululwa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiNgisi. Kusukela ngo-1953 kwakhululwa imiqulu emihlanu yemiBhalo YesiHebheru ngesiNgisi ngezikhathi ezihlukahlukene. Umqulu wokugcina wakhululwa ngo-1960, esikhathini esingaphezudlwana kweminyaka engu-12 kusukela kwaqala umsebenzi wokuhumusha. Ngo-1961 kwakhululwa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ephelele ewumqulu owodwa. Le nguqulo esitholakala ngezilimi eziningi inezici ezithile ezivelele. Isebenzisa igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, elikhishiwe kwezinye izinguqulo. Ngaphezu kwalokho, ukuhumusha kwayo imibhalo yokuqala ngokwezwi nezwi kuye kwaba isisekelo sentuthuko eqhubekayo ekuqondeni iqiniso likaNkulunkulu.

17. Yikuphi ukukhanya okwengeziwe okwatholakala ngo-1962?

17 Ngo-1962 kwacaciswa ‘amagunya aphakeme’ akumaRoma 13:1 nezinga umKristu okufanele azithobe ngalo kuwo. Ukucwaningisisa isahluko 13 samaRoma nemiBhalo enjengoThithu 3:1, 2 neyoku-1 Petru 2:13, 17, kwacaca ukuthi inkulumo ethi ‘amagunya aphakeme’ ayibhekiseli kuJehova uNkulunkulu noJesu Kristu, kunalokho ibhekisela kuziphathimandla ezingohulumeni babantu.

18. Yimaphi amanye amaqiniso acaciswa ngawo-1980?

18 Eminyakeni eyalandela, indlela yabalungileyo yaqhubeka ikhanya ngokwengeziwe. Ngo-1985 kwakhanyiswa ukuthi kusho ukuthini ukuba umuntu kuthiwe ulungile “kube ukuphila” nokuba kuthiwe ulungile ukuba abe umngane kaNkulunkulu. (Roma 5:18; Jakobe 2:23) Ngo-1987 kwachazwa ngokuningiliziwe lokho okushiwo yiJubili lamaKristu.

19. UJehova uye wabanikeza kanjani abantu bakhe ukukhanya okungokomoya okwengeziwe eminyakeni yamuva?

19 Ngo-1995 ukuhlukaniswa ‘kwezimvu ezimbuzini’ kwaqondwa ngokucace kakhudlwana. Ngo-1998 umbono wethempeli kaHezekeli, ogcwalisekayo kumanje, wachazwa ngokuningiliziwe. Ngo-1999 kwacaciswa ukuthi ‘ukuma kwesinengiso endaweni engcwele’ kwenzeka nini futhi kanjani. (Mathewu 24:15, 16; 25:32) Kwabe sekuthi ngo-2002 kwaqondwa ngokwengeziwe lokho okushiwo ukukhulekela uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso.”—Johane 4:24.

20. Yisiphi esinye isici abantu bakaNkulunkulu abaye bathuthuka kuso?

20 Ngaphezu kwentuthuko ngokuhlelwa kwenhlangano nangezimfundiso, kuye kwaba nentuthuko mayelana nokuziphatha kobuKristu. Ngokwesibonelo, ngo-1973 kwabonakala ukuthi ukubhema ‘kuwukungcolisa inyama’ futhi kwakufanele kubhekwe njengokona okungathí sina. (2 Korinte 7:1) Ngemva kweminyaka eyishumi, INqabayokulinda yesiNgisi ka-July 15, 1983 (ngesiZulu eka-January 1, 1984) yacacisa ukuma kwethu mayelana nokusebenzisa izibhamu. Lezi ngezinye nje zezibonelo zokukhanya okwandayo esikhathini sethu.

Qhubeka Uhamba Endleleni Yokukhanya Okwandayo

21. Yisiphi isimo sengqondo esiyosisiza ukuba siqhubeke sihamba endleleni yokukhanya okwandayo?

21 Omunye umzalwane osenesikhathi eside engumdala uyavuma: “Ukwamukela ushintsho futhi uzivumelanise nalo kungaba nzima.” Yini eye yamsiza ukuba ayamukele yonke intuthuko aye wayibona eminyakeni engu-48 engummemezeli woMbuso? Uyaphendula: “Isihluthulelo ukuba nesimo sengqondo esifanele. Uma wenqaba ukwamukela intuthuko uyasala njengoba inhlangano iqhubekela phambili. Uma kubonakala kunzima ukwamukela izinguquko ezithile, ngizindla ngamazwi uPetru awasho kuJesu: ‘Nkosi, ubani esizoya kuye? Nguwe onamazwi okuphila okuphakade.’ Ngibe sengizibuza, ‘Ngizohamba ngiyephi—le ebumnyameni bezwe?’ Lokhu kuyangisiza ngibambelele ngiqinise enhlanganweni kaNkulunkulu.”—Johane 6:68.

22. Ukuhamba ekukhanyeni kusizuzisa kanjani?

22 Izwe elisizungezile lisesigayegayeni sobumnyama ngempela. Njengoba uJehova eqhubeka ekhanyisela abantu bakhe, igebe phakathi kwabo nabasezweni lilokhu likhula. Kusenzelani lokhu kukhanya? Njengoba nje ukukhanyisa isikhisi endleleni emnyama kungasisusi leso sikhisi, ukukhanya kweZwi likaNkulunkulu akuzisusi izingibe. Nokho, ngokuqinisekile ukukhanya kukaNkulunkulu kuyasisiza ukuba sizigweme ukuze sikwazi ukuqhubeka sihamba endleleni yokukhanya okwandayo. Ngakho-ke, masiqhubeke silinaka izwi likaJehova lesiprofetho, “ngokungathi isibani esikhanya endaweni emnyama.”—2 Petru 1:19.

Uyakhumbula?

• Iyiphi intuthuko ekuhlelweni kwenhlangano uJehova aye wayilethela abantu bakhe?

• Ukukhanya okwengeziwe kuye kwaletha yiphi intuthuko ezimfundisweni?

• Yiziphi izinguquko wena ozibonile, futhi yini ekusizile ukuba uzamukele?

• Kungani ufuna ukuqhubeka uhamba endleleni yokukhanya okwandayo?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 27]

Umhlangano waseCedar Point, e-Ohio, wafaka abaFundi BeBhayibheli umdlandla wokwenza umsebenzi kaNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 29]

“INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki” eyakhululwa uN. H. Knorr ngo-1950

[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]

© 2003 BiblePlaces.com