Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Usho Ukuthini Unxantantu Onsomi?”

“Usho Ukuthini Unxantantu Onsomi?”

“Usho Ukuthini Unxantantu Onsomi?”

“EZINSUKWINI ezimbalwa ezidlule, ngithole ikhophi ye-Nqabayokulinda komunye woFakazi BakaJehova,” kubhala isisebenzi sikahulumeni esisebenza emnyango wezobulungisa eSeoul, eRiphabhuliki yaseKorea. Saqhubeka: “Ngenkathi ngiwufunda, ngathola amaqiniso athile mayelana nokushushiswa koFakazi BakaJehova ngesikhathi kubusa amaNazi namaKhomanisi. Kodwa nginombuzo. Isithombe esisesembozweni sibonisa oFakazi BakaJehova begqoke amabhantshi anonxantathu onsomi ngakwesobunxele futhi ophendukezelwe. Usho ukuthini unxantantu onsomi?”

Ngesikhathi iJalimane ibuswa amaNazi, oFakazi BakaJehova benqaba ukuphakamisa uHitler, futhi bahlala bengathathi hlangothi kwezombusazwe nakwezempi. Ngakho, amaNazi abashushisa ngonya, abangaba ngu-12 000 badonsa izigwebo ezingefani emajele nasemakamu okuhlushwa. Kwafa abangaba ngu-2 000, abangamakhulu kubo babulawa.

Wawusho ukuthini unxantathu onsomi owawusezingutsheni zabo zasejele? Incwadi i-Anatomy of the SS State iyachaza: “Izigaba ezihlukahlukene zeziboshwa zasemakamu [amaNazi] zazinophawu olukhethekile oluzihlukanisayo. Isimiso esasisebenza kabanzi esaqala ngaphambi kwempi sasihilela ukuthungela unxantathu kuyiyunifomu yesiboshwa ngasinye, bese umbala uxhomeka esigabeni saleso naleso siboshwa: iziboshwa zezombusazwe, zazifakwa obomvu; ezingoFakazi BakaJehova, onsomi; eziyingozi emphakathini, omnyama; izigebengu, oluhlaza okotshani; ezingongqingili, obomvana; ebezizama ukuthuthela kwamanye amazwe, oluhlaza okwesibhakabhaka. Iziboshwa ezingamaJuda zazithungelwa unxantathu ophuzi phezu kukanxantathu onombala bese kwakheka uphawu olunjenge-Star of David olunezinhlangothi eziyisithupha.”

Encwadini yakhe ethi Holocaust Politics uProfesa John K. Roth wabhala: “Uma abantu yonke indawo bekhumbula isifundo sikanxantathu onsomi sokumelela okulungile, lokho kungasinqanda ekubangeleni inhlekelele esikhathini esizayo futhi kungasiqondisa ukuba siziphathe ngendlela eyokwenza ukuba bonke abantu basihloniphe kakhulu.” OFakazi BakaJehova baye benza i-video eyathola umklomelo ethi Jehovah’s Witnesses Stand Firm Against Nazi Assault. Kungani ungaceli omunye woFakazi BakaJehova akuhlelele ukuba uyibuke le video?